IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Indlela Yokujabulela Ukuphila Komkhaya Okuthokozisayo
UYE waqaphela yini ukuthi iZwi likaNkulunkulu lingakusiza ukuba ujabulele ukuphila komkhaya okujabulisayo? Uma iseluleko elisinikezayo emalungwini omkhaya sisetshenziswa, izinzuzo ziyoba zinkulu. Ingabe uyindoda? Uma kunjalo, cabangela lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo kuwe.
YETHEMBEKA KUMKAKHO
“Madoda, thandani omkenu,” kukhuthaza iBhayibheli. “Thokoza ngomkakho futhi uthole injabulo ngentombi owayishada. . . . Kungani kumelwe unikeze uthando lwakho komunye wesifazane? Kungani kumelwe ukhethe ubuhle bomfazi wenye indoda?”—Efesu 5:25, 28; IzAga 5:18-20, Today’s English Version.
Uma indoda iyolalela iseluleko esinjalo seBhayibheli, kuyonezela enjabulweni yomkhaya. Futhi, umkayo uyokhuthazwa ukuba naye asebenzise iseluleko seBhayibheli. Yini leyo abafazi abakhuthazwa ukuba bayenze?
HLONIPHA INDODA YAKHO
“Umfazi makahloniphe indoda yakhe,” kusho iZwi likaNkulunkulu. (Efesu 5:33) Ukwehluleka kwabafazi ukulalela lesiseluleko kuyimbangela eyinhloko yokuba amadoda athile acasukele abafazi bawo. Umfazi ubonisa inhlonipho ngokusekela izinqumo zendoda yakhe nangokubambisana ngomphefumulo wonke nayo. Ngokufeza indima yakhe ayabelwe yiBhayibheli ‘njengomsizi nomphelelisi’ wendoda yakhe, wenza kube lula ngendoda yakhe ukuba imthande.—Genesise 2:18.
Lapho abantwana bezalwa emkhayeni, kumelwe bakhuliswe kanjani? Isiphi iseluleko iZwi likaNkulunkulu elisinikeza abazali?
NIKEZA ABANTWANA ISIKHATHI NESIYALO
Njengabazali, nidinga ukuzidela ngokwenu ngenxa yabantwana benu, nichithe isikhathi esiningi ninabo futhi nibanikeze isiyalo esiphilile esivela eZwini likaNkulunkulu. (Duteronomi 11:19) Ingxenye yeseluleko kumelwe ibe uhlobo oluthile lokuqondisa. “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana,” kuchaza iBhayibheli, kodwa “induku yokulaya iyabudedisela kude naye.” Ukunikeza isiyalo, ngisho noma kuhlanganisa ukushaya, kuwubufakazi bothando lobuzali, njengoba iBhayibheli lisho: “Oyithandayo [indodana yakhe] uyayilaya ngesineke.”—IzAga 22:15; 13:24; 23:13, 14; Efesu 6:4.
Indlela abantwana abaziphatha ngayo futhi ixhomeke ikakhulukazi ekutheni umkhaya ungojabulayo yini noma cha. Yini iZwi likaNkulunkulu elibakhuthaza ukuba bayenze?
LALELA ABAZALI BAKHO
IBhayibheli lithi: “Bantwana, kuwumthwalo wenu wemfanelo wobuKristu ukulalela abazali benu, ngoba lokhu kuyinto elungele ukwenziwa.” Kungokungathi sína kangakanani lokhu? Isaga seBhayibheli siyabonisa, ngokuthi: “Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni, lidliwe ngamazinyane okhozi.” Njengoba ungabona, ukulalela nokuhlonipha abazali bakho kuyinto engathi sína kakhulu kuNkulunkulu.—Efesu 6:1, TEV; IzAga 30:17.
Ingabe uyakufuna ngempela ukujabulela ukuphila komkhaya okuthokozisayo? Ungakwazi. Akuyona imfihlo ukuthi kutholakala kanjani. UMdali womkhaya ulungiselele incazelo noma ukuqondisa, kokwenza ukuphila komkhaya kuphumelele. Uma ilungu ngalinye lomkhaya liyofunda futhi lisebenzise iseluleko sikaNkulunkulu, lokho ngokuqinisekile kuyobangela injabulo emkhayeni.