Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 2/15 kk. 5-8
  • Ukuthandazela—Ingabe Kuyalimaza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthandazela—Ingabe Kuyalimaza
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUHLOBANA OKUNGOKWENKOLO
  • UKUPHILISA OKWENZIWA UJESU
  • KUNGANI KUNOMEHLUKO?
  • ISIZATHU SOKUPHILISA KUKAJESU
  • IMPENDULO ENGCONO
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayabaphulukisa Abantu Ngokubathandazela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indlela Ukholo Olungabasiza Ngayo Abagulayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ingabe UNkulunkulu Uyakuvumela Ukuphilisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • ‘Ukuphulukisa Ngokuyisimangaliso’ Namuhla—Ingabe Kuvela KuNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 2/15 kk. 5-8

Ukuthandazela—Ingabe Kuyalimaza

ABATHANDAZI bayachaza ukuthi amandla abo okuphilisa awasebenzi kuzo zonke izimo. Njengoba kungabonwa, lokhu kuye kwaholela ezinkingeni. Uma umuntu ogulayo ethembele ngokuphelele kumthandazi, nesimangaliso esilindelekile singenzeki, ngezinye izikhathi imiphumela iye yaba engathi sína. Kwezinye izimo, abantu baye babulawa izifo ezingabe mhlawumbe zalapheka ngenye indlela.

Ngokunokwenzeka benalokhu engqondweni, abathandazi abaningi manje batusa ukuba “iziguli” zibe zilokhu zithintana nodokotela bazo nakuba ziza kubo ukuba zizothandazelwa. Bathi babheka udokotela njengomngane, hhayi imbangi, emsebenzini wokuphilisa. Abanye odokotela banikeza ukuncoma okuqaphile kuloluhlobo lokuthandazela, ngenxa yezinzuzo zengqondo ezingenzeka ezigulini zabo.

UDr. William A. Nolan, ngemva kokuhlola okude ngokuthandazela, waphawula enye inkinga. Elandela okuhlukahlukene kwalokhu okuthiwa ukuphilisa, wathola ukudumala okukhulu. Abantu babeye batshelwa noma bazenza ukuba bakholelwe, ukuthi baphilisiwe. Kodwa kamuva isifo sasisekhona. Ezinye izifo zazizimbi kunangaphambili. Abantu abaningi bazizwa bekhohlisiwe.

Ake sithi, umuntu ulandela iseluleko sokuqhubeka ethintana nodokotela wakhe; futhi mhlawumbe lowomuntu wayekulungele ukuthi ukusinda okulindelwe kungase kungenzeki. Ingabe kungebe okusizayo ukuya kumthandazi—ngoba kungenzeka kulunge? Ukuphendula lokhu, sidinga ukubheka izici ezingokwenkolo.

UKUHLOBANA OKUNGOKWENKOLO

Ukuthandazela kunokuhlobana okungamandla nenkolo. Abavangeli nabakamoya banomuzwa wokuthi imisebenzi yabo ‘ibuyisela abantu kuKristu.’ Ingabe kunjalo?

Kuyaqashelwa ukuthi phakathi nezinkonzo zabo abantu bangase “bakhulume ngezilimi,” noma ba“vukwe umoya,” njengoba besho—okungukuthi, bafikelwa ukuquleka okuthile bangakwazi nokunyakaza kodwa bebona okwenzekayo. Okuthakazelisayo, izinto ezinjalo ziyefana nesimo nokuquleka okuphuphisayo okuhilela labo abangabaphilisi bezinye izinkolo, abalumbi nezangoma.

Kuyiqiniso, abanye “abelaphi abanamandla angaphezu kwawemvelo” banomuzwa wokuthi ukwelapha kwabo kwehlukile enkolweni. Kodwa izinqubo zabo nokuhlangenwe nakho kwabo ngokuvamile kuyefana nokwabaphilisi benkolo. Futhi okungenani abanye banesizinda somoya noma mhlawumbe ulwazi lwezenkolo lwenhlakanipho yaseMpumalanga.

Ingabe lemininingwane ibalulekile kulelikhulu lama-20 elinabantu abayekelelayo? Yebo, leyomininingwane ibaluleke kakhulu, uma siyisebenzisa njengesisekelo sokulinganisa ukuphilisa okwenziwa uJesu Kristu nabaphostoli bakhe ezinsukwini zokuqala zobuKristu. Yini esiyiphawulayo uma sicabangela lokhu kuphilisa?

UKUPHILISA OKWENZIWA UJESU

Ngokuqondene nokuphilisa okwenziwa uJesu, kwakungekho “ukuhlinza kwamandla angewona awemvelo” noma “ukuvukwa umoya.” Futhi akazange anikeze izintshumayelo zamadlingozi okuvukwa umoya ngaphambi kokuphilisa kwakhe. Lokho akwenza kwakungenamcikilisho. Wayengase athinte ogulayo, noma ogulayo athinte yena, noma ngezinye izikhathi amane akhulume nogulayo. Futhi babesinda.—Math. 8:14, 15; Luka 8:43-48; 17:12-19.

Ukuphilisa okwenziwa uJesu kwakungekhona okokuthonya ingqondo. Isandla esishwabene asinakuphiliswa ngaleyo ndlela, kodwa wabelapha ubuhlungu obunjalo. Wayekwazi ukwelapha ‘zonke izifo nabo bonke ubuthakathaka.’ Wavusa ngisho nabafileyo. (Math. 4:23; Luka 6:6-11; 8:49-56) Babungekho ubungcono bokucatshangelwa nje, futhi wayengahluleki. Amazwi anjengo“kudumazeka” noma “ukukhohliseka” awazange abe khona ngokuphathelene nokuphilisa kukaJesu. Ngisho nezitha zakhe zavuma ukuthi lokho kwenzeka. (Joh. 11:47, 48) Kungani kukhona umehluko phakathi kwalokho nokwamanje?

KUNGANI KUNOMEHLUKO?

Njengoba kunokuvumelana okubanzi—kwabathandazi abaningi—ukuthi ukuphilisa kukaJesu kwakuvela kuNkulunkulu, ingabe kusho ukuthi abaphilisi banamuhla bahlangene nomthombo ohlukile wamandla? Lokho kunokwenzeka, ikakhulukazi uma sicabangela ukuhlobana kwabathandazi abathile nemimoya nokulumba. Futhi kusobala ukuthi, ngokuqondene nalemikhuba, iBhayibheli liyasixwayisa: “Makungafunyanwa kuwe . . . umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana.”—Dut. 18:10, 11.

Lokhu akuyona inzondo ngenkolo. Kunalokho, kuyasivikela ekonakalisweni amandla omoya ababi—amademoni—lawo aye amelana nezithakazelo ezingcono zesintu ngaso sonke isikhathi. Ukuthandazela kwesimanje, nokuhlangana kwakho nokulumba, kwehluke impela ekuphiliseni okwenziwa uJesu Kristu, njengoba wayegwema njalo amathonya anjalo. Noma yini eyenziwa ngaphansi kwethonya lalamandla iyoholela ngokungenakugwenywa ezimweni eziningi zoku“dumazeka” noku“khohliseka.”

Leliphuzu maqondana nomthombo ohlukile wamandla liya liba sobala uma siqaphela ukuthi akukho sizathu sokulindela ukuthi uhlobo olufanayo lokuphilisa okwenziwa uJesu ukuba kungenziwa nanamuhla. Umsebenzi wokuphilisa kaJesu nabaphostoli bakhe wagcwalisa injongo yawo.

ISIZATHU SOKUPHILISA KUKAJESU

Lapho umngane kamphostoli uPawulu uThimothewu egula, uPawulu akancomanga ukuba abekwe izandla kodwa ukusetshenziswa kwewayini njengomuthi. (1 Thim. 5:23) Ngani? Ngoba amaKristu okuqala awazange abheke isipho sokuphilisa njengohlobo lokwelapha. Futhi kwakungesikho ukuthunywa kwabo ukunakekela impilo engokwenyama yesintu emuva lé.

NjengoJesu, babengabashumayeli. KuPontiyu Pilatu, uJesu wachaza injongo yakhe eyinhloko ekuphileni lapho ethi: “Ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.”—Joh. 18:37.

Kungani, pho, aphilisa? Khona, kanye nezinye izimangaliso, kwakuyisibonakaliso. Kwakubonisa ukuthi isigijimi sobuKristu sasivela kuNkulunkulu ngempela, sasiyi“qiniso.” Umphostoli uPawulu ubonisa lokhu lapho ebhala: “Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na?—Okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo, uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobonhlobo.” (Heb. 2:3, 4) Ngakho-ke, into ebalulekile kwakuyisigijimi sosindiso, hhayi izimangaliso. Izimangaliso zazimane zifakazela iqiniso lesigijimi. Lapho lokho sekubonakele neqiniso lokuthi uNkulunkulu wayesebenzisa ibandla lobuKristu, izipho ezimangalisayo zomoya, kuhlanganise nokuphilisa, zazingasadingekile.—1 Kor. 12:27–13:8.

Kodwa kuthiwani ngezimangaliso ezenziwa namuhla ngegama likaJesu? UJesu ngokwakhe wathi abaningi babeyothi kuye: “Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?” Impendulo kaJesu yathini? “Sukani kimi nina benzi bokubi.” UJesu akaphikanga ukuthi imisebenzi yamandla yayiyokwenziwa. Kodwa yayingenakwenziwa ngegunya lakhe, ‘ngegama lakhe.’ Yayiyokwenziwa ngamanye amandla athile; ngakho-ke, ayemabi.—Math. 7:21-23.

Ngakolunye uhlangothi, uJesu wathi ngomsebenzi wabalandeli bakhe beqiniso: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke.” Wathi futhi: “Hambani nenze izizwe zonke abafundi . . . nibafundise.” Yebo, ubufakazi namuhla babuzoba ukushumayela nokufundisa, hhayi izimangaliso ezinjengokuphilisa.—Math. 24:14; 28:19, 20.

IMPENDULO ENGCONO

Ngakho-ke, nakuba izinzuzo ezinokwenzeka zokuya kumthandazi zingabazeka, izingozi zingokoqobo. Kunengozi yokuzihilela emademonini, nokuba ubhekwe uJesu njengophakathi kwa“benzi bokubi.” Ngokungaphezulu, kunengozi yokulahlekelwa empendulweni engcono kakhulu yenkinga yokugula komuntu kunokuthandazelwa.

Kunempendulo engcono—impendulo kaNkulunkulu uqobo, esichazelwa yona eBhayibhelini. Lencwadi ephefumlelwe ayithembisi ukusinda manje ekuguleni. Kodwa iyalunikeza usizo ezindabeni zempilo. Ukulandela iseluleko seBhayibheli ekuhlanzekeni ngokwenyama nangokuziphatha kuyosisiza ukuba sigweme izifo eziningi, kuhlanganise nesifo sokubhajwa esandile namuhla nekhensa ebangelwa ukubhema. Ukulalela iseluleko salo kuyosisiza ukuba sigweme ukugula kokucindezeleka okuningi okungase kulethwe umhawu, umona nokuthukuthela.—IzAga 14:29, 30; 2 Kor. 7:1; Gal. 5:19-23.

Ngokungaphezulu, umphostoli uPawulu usibonisa indlela yokwethembela ngokugcwele kuNkulunkulu ezikhathini zosizi, njengokugula. Lokhu kususa ukukhathazeka okukhulu futhi kulethe “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke.” Ukuthula kwengqondo okunjalo kuletha izinzuzo ezingokwengqondo ngokuqinisekile ezikhathini zokugula, ngaphandle kokuba umuntu athembele ekuthandazelweni.—Fil. 4:6, 7.

Ngaphezu kwalokhu, iBhayibheli lisivusa amadlingozi ngokuchaza izimo eziyoba khona emhlabeni kabanzi ngemva kokuba uMbuso, uhulumeni wasezulwini owashunyayelwa uJesu, usuye wasisusa ngokuphelele isimiso sezinto sanamuhla esinobugovu nobudlova. Lezizincazelo zijabulisa kakhulu uma siqonda ukuthi isikhathi sokwenzeka kwazo siseduze.

Umphostoli uPetru wathi izimangaliso zikaJesu zaziyi“zibonakaliso” ne“zimangaliso.” (IzE. 2:22) Zaziyi“zibonakaliso” zeqiniso lesigijimi sikaJesu, futhi zaziyi“zimangaliso” zalokho uJehova uNkulunkulu ayeyomnika amandla okuba akwenzele isintu uma umbuso kaNkulunkulu wenza intando yaKhe ukuba yenziwe emhlabeni wonke. Cabanga ngomsebenzi wokuphilisa nokubuyisela oyokwenziwa lapho!

Ichaza umphumela walomsebenzi wokuphilisa wesikhathi esizayo, incwadi yesAmbulo ithi: UNkulunkulu “azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” Lesi isithembiso esinokwethenjwa. Akunakuba khona ukudumazeka noma ukukhohliseka, ngoba uNkulunkulu ngokwakhe uthi: “Loba, ngokuba lawamazwi athembekile, aqinisile.”—IsAm. 21:4, 5.

Ingabe uyakhathazeka ngenkinga yokugula nokufa? Abaningi bethu banjalo. Khona-ke, kungani ungahloli lezizithembiso zikaNkulunkulu? Uyozithola zinokwethenjelwa futhi zanelisa kangcono kunokuthandazelwa.

[Ibhokisi ekhasini 6]

Ukuphilisa kukaJesu—

• ngokusobala kwakuvela kuNkulunkulu

• kwakuphumelela ngokuphelele kuzo zonke izimo

• ngokuvamile kwakungenamicikilisho

• kwakuvunywa njengokuphumelelayo ngisho nayizitha zakhe

• kwakuhloswe ukubonisa ubuqiniso besigijimi sosindiso

[Ibhokisi ekhasini 7]

Ukuphilisa kukaJesu—

• KWAKUNGAHLANGENE nemimoya noma ukulumba

• KWAKUNGAHAMBISANI nezintshumayelo zokuvukwa amadlingozi omoya

• KWAKUNGEKHONA okokuthonyeka kwengqondo noma indlela yokwelapha

• KWAKUNGEYONA ingxenye ebaluleke kakhulu yenkonzo yakhe

• AKUBIKEZELWANGA ukuthi kulingiswe osukwini lwethu

[Isithombe ekhasini 5]

Kunomehluko phakathi kokuphilisa uJesu akwenza nokuthandazela kwanamuhla

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela