Indlela Ukholo Olungabasiza Ngayo Abagulayo
UKULANDISA okuseBhayibhelini kokuphulukisa ngokuyisimangaliso kusiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uyayikhathalela inhlala-kahle yethu, futhi kubonisa amandla akhe okuphilisa. Njengoba lokhu kuphulukisa ngokuyisimangaliso kwamkhazimulisa uNkulunkulu futhi kwaletha injabulo enkulu kangaka, kungokunengqondo ukubuza, Ingabe isipho sokuphilisa ngomoya ongcwele sisasebenza?
Impendulo yalowombuzo ingucha—futhi isizathu singase sibamangaze abanye. Lokho kuphulukisa ngokuyisimangaliso ekhulwini lokuqala leminyaka kuye kwayifeza injongo yakho. I-Illustrated Bible Dictionary iphawula lokhu ngokunembile: “Injongo yezimangaliso zokuphilisa yayingokwenkolo, yayingekhona ukwelapha.” Yiziphi ezinye zezinjongo ezingokwenkolo ezafezwa yilezozimangaliso?
Phakathi kokunye, izimangaliso zikaJesu zokuphilisa zafeza injongo yokumveza ukuthi unguMesiya. Futhi ngemva kokufa kwakhe, zasiza ekuboniseni ukuthi isibusiso sikaNkulunkulu sasiphezu kwebandla lobuKristu elalisanda kumiswa. (Mathewu 11:2-6; Heberu 2:3, 4) Ngaphezu kwalokho, zabonisa ukuthi isithembiso sikaNkulunkulu sokuphilisa isintu ezweni elisha siyogcwaliseka. Zaqinisa ukholo lwethu ekutheni siyofika ngempela isikhathi lapho ‘kungekho owakhe khona oyothi: Ngiyagula; abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.’ (Isaya 33:24) Lapho lezinjongo zangekhulu lokuqala leminyaka sezifeziwe, izimangaliso azibange zisadingeka.
Kuyaphawuleka ukuthi abafundi bakaJesu bekhulu lokuqala leminyaka baba nezifo ezingazange zelashwe ngokuyisimangaliso. Lokhu kungobunye ubufakazi bokuthi umsebenzi kaJesu wokuphilisa ngokuyisimangaliso kanye nalowo wabaphostoli wawuklanyelwe ukufundisa amaqiniso abalulekile, hhayi ukunikeza izinkonzo zokwelapha. Lapho etusa ikhambi lokwelapha ukugula okuvamile kukaThimothewu, uPawulu watusa ukuba asebenzise iwayini, hhayi ukuphilisa. UPawulu, owazenza izimangaliso zokuphilisa, akazange alithole ikhambi ‘leva enyameni’ elalilokhu ‘limmukula.’—2 Korinte 12:7; 1 Thimothewu 5:23.
Lapho abaphostoli befa, isipho sokuphilisa saphela. UPawulu ngokwakhe wabonisa ukuthi lokhu kwakuyokwenzeka. Efanisa ibandla lobuKristu nomntwana, uPawulu wathi: “Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthé sengiyindoda, ngayeka okobuntwana.” Iphuzu lalomfanekiso wakhe laliwukuthi izipho zokwenza izimangaliso zomoya zaziyingxenye yokucathula kwebandla lobuKristu. Lezizipho ‘zazingezobuntwana.’ Ngakho, wathi: “[Zi]yakukhawuka [izipho zokwenza izimangaliso].”—1 Korinte 13:8-11.
Ingabe Ukholo Lungasiza Lapho Sehlelwa Ukugula?
Nokho, ngisho nakuba singathembeli ekuphiliseni, ngokuqinisekile kufanelekile ukuthandaza kuNkulunkulu sicele usizo lapho sehlelwa ukugula. Futhi ngokuqinisekile akukho lutho olungalungile ngokuthi abanye basicelele emthandazweni. Kodwa imithandazo kumelwe ibonise ukubhekana namaqiniso futhi ivumelane nentando kaNkulunkulu. (1 Johane 5:14, 15) Akukho lapho iBhayibheli lisiyala khona ukuba sithandazele ukuphiliswa.a Kunalokho, sithandazela ukusekela kukaJehova kothando phakathi nokulingwa okubangelwa ukugula.
IBhayibheli libonisa lokho abathembekile abangase bakuthandazele lapho begula uma lithi: “UJehova uyakumphasa ecansini egula; wena uyakuguqula ukhukho lwakhe ekuguleni kwakhe.” (IHubo 41:3) Ukuzindla ngeZwi likaNkulunkulu kuyobasiza labo abagula ngokomzwelo. Umhubi wabhala: “Umusa wakho, Jehova, wangiphasa. Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.”—IHubo 94:18, 19; bheka no–63:6-8.
Ngaphezu kwalokho, sidinga ukubonisa ukulinganisela okuhle ezindabeni zempilo, futhi iBhayibheli liyaseluleka ngalokhu. Kungcono kakhulu ukuphila ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli kunokusebenzisa kabi izidakamizwa, ukubhema, ukuphuza ngokweqile, noma ukudla kakhulu bese kuthi lapho kusigulisa, ngenxa yokungabi nathemba siphendukele ekuphiliseni. Ukuthandazela ukuba kwenzeke isimangaliso lapho umuntu ehlaselwa ukugula akuyithathi indawo yokuziphatha ngokuhlakanipha ukuze siphephe ekuguleni okungase kugwenywe, njengokudla ukudla okunomsoco uma kukhona noma ukufuna usizo lwezokwelapha olufanele uma kunokwenzeka.
IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba sihlakulele izimo zengqondo ezinempilo ezingasizuzisa empilweni yethu engokomzimba. Incwadi yezAga iyeluleka: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama, kepha umhawu ungukubola kwamathambo.” “Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.” (IzAga 14:30; 17:22) Ukuthandazela ukuba umoya ongcwele usenze sibe nokuzola nenjabulo kungaba nemiphumela enenzuzo empilweni yethu engokomzimba.—Filipi 4:6, 7.
Kuthiwani Ngokuphilisa?
Yebo, ngisho nakuba umuntu ephila ukuphila okunempilo kuye ngalokho isimo sakhe esikuvumelayo, ukugula kungase kugadle. Kuthiwani uma kunjalo? Ingabe kukhona okungalungile ngokuya kumphilisi ngethemba lokuthi uzophiliswa? Yebo, kukhona. Abaphilisi banamuhla akuvamile ukuba baphilise ngaphandle kwenkokhelo. Futhi ukuchitha imali kumphilisi kuyilapho leyomali ibingasetshenziswa ekutholeni usizo lwezokwelapha kungasho ukulahlekelwa okukhulu. Ngaphandle kwalokho, kungani ubanikeza imali abantu abazuza ngokukhohliseka kalula kwabantu?
Abanye bangase baphikise ngokuthi: ‘Ngokuqinisekile, kumelwe ukuba ukuphilisa kubalulekile ngandlela-thile uma ngisho namaphesenti amancane alabo abayayo “kubaphilisi” elapheka.’ Kodwa kunempikiswano yokuthi abaphilisi bangamelapha yini ngempela umuntu angaphinde agule. IEncyclopædia Britannica ithi: “Kuye kwenziwa ukuhlola ngokuphathelene nezici eziningi ezingaziwa ekuphiliseni kulandelwa izinqubo ezingaguquki.”
Ngisho nakuba likhona inani elincane elibonakala lelapheka, lokhu akubona ubufakazi bokusebenza komoya ongcwele. ENtshumayelweni yaseNtabeni, uJesu wathi: “Abaningi bayakuthi kimi ngalolosuku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina-benzi bokubi.” (Mathewu 7:22, 23) UJesu wathi futhi abathile, nakuba bengavunyelwa uNkulunkulu, babeyodonsela ukunakekela kubo ngokwabo ngezibonakaliso: “Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.” (Mathewu 24:24) Ngokuqinisekile, abaphilisi banamuhla bangahlanganiswa kulabo lamazwi asebenza kubo, kanye nezintshumayelo zabo ezivusa imizwelo, ukuhlala njalo befuna imali, kanye nokuphilisa ngokuyisimangaliso abathi bayakwenza.
Abanjalo abalandeli ezinyathelweni zikaJesu. Khona-ke, balandela bani? Umphostoli uPawulu usinikeza uphawu lapho ethi: “USathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya. Ngakho akuyinto enkulu, uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga ezikuphela kwazo kuyakuba-njengokwemisebenzi yazo.” (2 Korinte 11:14, 15) Uma abaphilisi behluleka ukwenza ukuphilisa abathi bayakwenza, khona-ke bangabakhohlisi, balandela indlela kaSathane, “odukisa izwe lonke.” (IsAmbulo 12:9) Kodwa kuthiwani, uma ezimweni ezimbalwa, bekwazi ukuphilisa? Akunakwenzeka yini ukuthi “imisebenzi” yabo “yamandla” yenziwa ngamandla kaSathane namademoni akhe? Yebo, kumelwe ukuba kunjalo!
Isikhathi Sokuphilisa Kwangempela
Ukuphulukisa ngokuyisimangaliso kukaJesu kwakwenziwa ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu. Kwabonisa injongo yakhe yokuxazulula zonke izinkinga zempilo zomuntu ngesikhathi sakhe esifanele. UJehova uthembisa ‘ukuphulukisa izizwe.’ (IsAmbulo 22:2) Futhi ngeke agcine ngokwelapha izifo kuphela kodwa uyoqeda nokufa. UJohane uchaza ukuthi uJesu wayezele “ukuba yilowo nalowo okholwa [nguye] angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Yeka ukuphilisa lokho okuyoba yikho! UJesu uyophinda futhi enze ukuphulukisa okunjengalokho okulotshwe eBhayibhelini kodwa ngezinga elikhulu kakhulu. Uyovusa ngisho nabafileyo! (Johane 5:28, 29) Kuyokwenzeka nini lokhu?
Ezweni elisha likaNkulunkulu, lelo, ngokuvumelana nabo bonke ubufakazi, eseliseduze. Lelozwe elisha, eliyolethwa ngemva kokuba ububi balesimiso sezinto sebususwe phakade, liyoba isibusiso sangempela esintwini esinezinhliziyo ezilungile. Liyoba izwe elingenakho ukuhlupheka. “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” (IsAmbulo 21:4) Yeka umehluko kulokho esikubonayo okusizungezile namuhla!
Ngakho-ke, lapho ugula, thandaza kuNkulunkulu ukuba akusekele. Futhi kungakhathaliseki ukuthi uyagula noma uphilile, funda indlela ukuphila phakade ngaphandle kokugula okuyoba khona ngayo. Yakha ukholo lwakho kulesethembiso sikaNkulunkulu esinokwethenjelwa ngokufunda eBhayibhelini izindima eziningi ezikhuluma ngaso. Funda indlela okuseduze ngayo ukuba ifezeke injongo kaNkulunkulu ngokuqondene nalokhu ngokuvumelana nesimiso sakhe siqu sezikhathi. Ungangabazi, ngoba iZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa: “Uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:8.
[Umbhalo waphansi]
a Abanye bacabanga ukuthi amazwi akuJakobe 5:14, 15 aphathelene nokuphilisa. Kodwa umongo ubonisa ukuthi uJakobe lapha ukhuluma ngokugula okungokomoya. (Jakobe 5:15b, 16, 19, 20) Weluleka abantu abaye baba buthakathaka okholweni ukuba bacele usizo kubadala.
[Isithombe ekhasini 7]
Ukuphilisa ngokuyisimangaliso kukaJesu kwayifeza injongo yako
[Isithombe ekhasini 8]
UJesu uyoziphinda futhi azandise izimangaliso zokuphilisa