Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • es26 kk. 108-118
  • Novemba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Novemba
  • Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
  • Izihlokwana
  • ISonto, Novemba 1
  • UMsombuluko, Novemba 2
  • ULwesibili, Novemba 3
  • ULwesithathu, Novemba 4
  • ULwesine, Novemba 5
  • ULwesihlanu, Novemba 6
  • UMgqibelo, Novemba 7
  • ISonto, Novemba 8
  • UMsombuluko, Novemba 9
  • ULwesibili, Novemba 10
  • ULwesithathu, Novemba 11
  • ULwesine, Novemba 12
  • ULwesihlanu, Novemba 13
  • UMgqibelo, Novemba 14
  • ISonto, Novemba 15
  • UMsombuluko, Novemba 16
  • ULwesibili, Novemba 17
  • ULwesithathu, Novemba 18
  • ULwesine, Novemba 19
  • ULwesihlanu, Novemba 20
  • UMgqibelo, Novemba 21
  • ISonto, Novemba 22
  • UMsombuluko, Novemba 23
  • ULwesibili, Novemba 24
  • ULwesithathu, Novemba 25
  • ULwesine, Novemba 26
  • ULwesihlanu, Novemba 27
  • UMgqibelo, Novemba 28
  • ISonto, Novemba 29
  • UMsombuluko, Novemba 30
Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
es26 kk. 108-118

Novemba

ISonto, Novemba 1

Ngeke ngihlale ngicasukile kuze kube phakade.—Jer. 3:12.

Abadala bazama ukulingisa uJehova ngokuba nozwela njengoba besiza umuntu osusiswe ebandleni. Ngokwesibonelo, uJehova akazange alinde abantu bakhe bakwa-Israyeli wasendulo abanenkani ukuba baphenduke kuqala ngaphambi kokuba azame ukubasiza. Kunalokho, wathatha isinyathelo sokubasiza ngisho nangaphambi kokuba babonise izimpawu zokuphenduka. UJehova wabonisa ukuthi unozwela ngokutshela umprofethi uHoseya ukuba abuyelane nomkakhe owayesaqhubeka nokwenza isono esikhulu. (Hos. 3:1; Mal. 3:7) Belingisa uJehova, abadala abangamaKristu bafuna ngempela ukuba umuntu owonile abuyele ebandleni, futhi abakwenzi kube umqansa ukuba enze kanjalo. Emfanekisweni kaJesu wendodana yolahleko, ubaba “wagijima wayanga ngothando [indodana yakhe] wayiqabula.” (Luka 15:20) Phawula ukuthi ubaba akazange alindele ukuba indodana yakhe kube yiyona emncenga ukuba ayithethelele. Kunalokho, wathatha isinyathelo njengoba kungenza noma yimuphi ubaba onothando. w24.08 28 ¶7-8

UMsombuluko, Novemba 2

Ngakho, uma noma ubani kini engenakho ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, . . ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokuthola iphutha.—Jak. 1:5; mbhw.

Njengoba amazwi ombhalo wosuku wanamuhla ebonisa, uJehova akancishani ngokuhlakanipha kwakhe. Ukupha abanye ngesandla esivulekile. Phawula nokuthi lapho uJehova esipha ukuhlakanipha kwakhe, usipha “ngaphandle kokusola,” noma “ngaphandle kokuthola iphutha.” Akalokothi asenze sizizwe kabi ngokuvuma ukuthi sidinga isiqondiso sakhe. Empeleni, usinxusa ukuba sikufune. (IzAga 2:​1-6) Kuthiwani ngathi? Singakwazi yini ukulingisa uJehova ngokuthi sizuzise nabanye ngokuhlakanipha esinakho? (IHu. 32:8) Abantu bakaJehova banamathuba amaningi okudlulisela kwabanye lokho abakufundile. Ngokwesibonelo, sivame ukuqeqesha abasanda kuqala ukushumayela enkonzweni yasensimini. Ngesineke, abadala basiza izinceku ezikhonzayo nabazalwane ababhapathiziwe ukuba bafunde ukuthi bangazenza kanjani izabelo zabo ebandleni. Labo abangomakadebona emsebenzini wokwakha nokulungisa izakhiwo zenhlangano basiza ekuqeqesheni labo abanolwazi oluncane. w24.09 28-29 ¶11-12

ULwesibili, Novemba 3

Nathandeka kakhulu kithi.—1 Thes. 2:8.

Bazalwane, ukuze nifanelekele ukukhonza njengabadala, kumele ‘ningasoleki,’ okusho ukuba nedumela elihle ebandleni ngenxa yokuthi akekho umuntu onesizathu sokukusola ngokuziphatha kwakho. (1 Thim. 3:2) Ngaphezu kwalokho, kufanele nibe nedumela elihle nakubantu bangaphandle. Abantu abangebona oFakazi bangase bakugxeke ngenxa yezinkolelo zakho zobuKristu, kodwa akufanele babe nesizathu esizwakalayo sokungabaza ukwethembeka kwakho noma indlela oziphatha ngayo. (Dan. 6:​4, 5) Zibuze, ‘Nginedumela elihle yini ebandleni nasemphakathini?’ Uma ungumuntu “othanda ubuhle,” ubheka okuhle kwabanye futhi ubancome ngenxa yezimfanelo zabo ezinhle. (Thithu 1:8) Uyakujabulela nokwenzela abanye izinto ezinhle, ngisho nokwenza izinto okungalindelekile ukuba uzenze. Kungani kubaluleke kangaka ukuba abadala babe nale mfanelo? Ngenxa yokuthi basebenzisa isikhathi sabo esiningi belusa ibandla futhi benza nezabelo. (1 Pet. 5:​1-3) Noma kunjalo, injabulo oyithola ngokukhonza abanye inkulu ukwedlula noma yikuphi ukuzidela okwenzayo.—IzE. 20:35. w24.11 20-21 ¶3-5

ULwesithathu, Novemba 4

Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.—IzE. 20:35.

Izinceku ezikhonzayo zenza umsebenzi obalukele kakhulu emabandleni. Kusobala ukuthi la madoda athembekile ayeyigugu kumphostoli uPawulu. Ngokwesibonelo, ngesikhathi ebhalela amaKristu aseFilipi ngokukhethekile wabingelela izinceku ezikhonzayo kanye nabadala. (Fil. 1:1) Kungakhathaliseki ukuthi basebasha noma sebekhulile, abazalwane abaningi ababhapathiziwe bayakujabulela ukuba yizinceku ezikhonzayo. Ngokwesibonelo, uDevan wayeneminyaka engu-18 lapho eba inceku ekhonzayo. Kanti umzalwane okuthiwa uLuis waba inceku ekhonzayo eseyihlanganisile iminyaka engu-50. Lokho akusho kuveza indlela yena nabanye abaningi abazizwa ngayo. Wathi, “Kuyilungelo elikhulu kimi ukukhonza njengenceku ekhonzayo ikakhulukazi uma ngicabanga ngothando olukhulu abafowethu nodadewethu abangibonise lona ebandleni!” Uma ungumzalwane obhapathiziwe kodwa ungakabi inceku ekhonzayo, ungazibekela yini umgomo wokuba inceku ekhonzayo? w24.11 14 ¶1-3

ULwesine, Novemba 5

O Jehova, ngiyakuncenga, . . . [khumbula] indlela . . . [engenze ngayo] okuhle emehlweni akho.—2 AmaKh. 20:3.

Lapho eneminyaka engu-39, uHezekiya iNkosi yakwaJuda wathola ukuthi unesifo esibulalayo. Umprofethi u-Isaya watshela uHezekiya umyalezo ovela kuJehova othi wayezofa ngenxa yesifo esasimphethe. (2 AmaKh. 20:1) Kwakubonakala lingekho ithemba ngoHezekiya. Ngenxa yalezi zindaba ezibuhlungu, uHezekiya wakhala kakhulu. Wathandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni. UJehova wamzwela uHezekiya lapho ezwa umthandazo wakhe futhi embona ekhala, wathi kuye: “Ngiwuzwile umthandazo wakho. Ngizibonile izinyembezi zakho. Ngizokwelapha ekuguleni kwakho.” Esebenzisa u-Isaya, uJehova wambonisa isihe, wathembisa ukwenezela iminyaka ekuphileni kwakhe nokusindisa iJerusalema esandleni sama-Asiriya. (2 AmaKh. 20:​4-6) Ingabe uphethwe yisifo esingalapheki? Thandaza kuJehova umtshele indlela ozizwa ngayo, ngisho noma ukhala njengoba uthandaza. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi “uYise wesihe, uNkulunkulu wenduduzo yonke” uyosiduduza kulo lonke uvivinyo esibhekene nalo.—2 Kor. 1:​3, 4. w24.12 24 ¶15-17

ULwesihlanu, Novemba 6

Nginethemba kuNkulunkulu, okuyithemba nalaba bantu abalilangazelelayo, lokuthi kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.—IzE. 24:15.

Kuyojabulisa ngempela ukwamukela abantu abayobe bevusiwe! Cabanga nangokuthi uyokujabulela kangakanani ukufunda okwengeziwe ngoJehova ngokuhlola izinto eziningi azidalile. (IHu. 104:24; Isaya 11:9) Okuhle nakakhulu ukuthi kuyojabulisa kakhulu ukukhonza uJehova ngaphandle kokuhlushwa umuzwa wecala! Ingabe ubuyokhetha ‘ukujabula isikhashana esonweni’ kunokukhetha ukujabulela lezi zibusiso zesikhathi esizayo? (Heb. 11:25) Lutho neze! Noma yikuphi ukuzidela okumele sikwenze manje akulutho uma kuqhathaniswa nalezi zibusiso. Khumbula ukuthi iPharadesi lasemhlabeni ngeke lihlale liyithemba lesikhathi esizayo. Liyogcina lifikile, siphile kulo usuku nosuku. Konke lokhu kuyokwenzeka ngoba uJehova wasithanda kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ukuba isifele! w25.01 29 ¶12

UMgqibelo, Novemba 7

Sifushane yini isandla sikaJehova?—Num. 11:23.

Phakathi kwabantu abanokholo okukhulunywa ngabo encwadini yamaHebheru, omunye wabo uMose owayenokholo olumangalisayo. (Heb. 3:​2-5; 11:​23-25) Ukholo lukaMose aluzange lumdumaze ngoba ngokuyisimangaliso uNkulunkulu wapha abantu ukudla namanzi ukuze baqhubeke bephila ehlane. (Eks. 15:​22-25; IHu. 78:​23-25) Nokho, nakuba uMose ayenokholo oluqinile, ngemva kwesikhathi esingangonyaka ama-Israyeli ekhululwe ngokuyisimangaliso, wazibuza ukuthi kazi uJehova wayezokwazi yini ukunika abantu bakhe inyama. KuMose kwakubonakala kungenakwenzeka ukuba uJehova anike lezo zigidi zabantu ababesehlane inyama eyayizokwanela wonke umuntu. Ephendula, uJehova wabuza uMose: “Sifushane yini isandla sikaJehova?” (Num. 11:​21-23) Ngamanye amazwi, uJehova wayebuza uMose ukuthi, ‘Ingabe ngempela ucabanga ukuthi ngeke ngikwazi ukwenza lokhu engithi ngizokwenza?’ w25.03 26 ¶1-2

ISonto, Novemba 8

[UNkulunkulu] akayekanga nokujezisa izwe lasendulo.—2 Pet. 2:5.

Ingabe kufanele sibheke ukulandisa kukaZamcolo njengokufanekisela okuyokwenzeka esikhathini esizayo? Cha. Kungani? Yingoba awukho umBhalo osho kanjalo. UJesu wafanisa izinsuku zikaNowa nesikhathi ayephila kuso, kodwa akashongo ukuthi uZamcolo wawufanekisela okwakuyokwenzeka esikhathini esizayo, wayengasho ukuthi isici ngasinye sasifanekisela okuyokwenzeka; akazange asho nokuthi ukuvalwa komnyango womkhumbi kwakufanekisela okuthile. (Math. 24:​37-39) Wasabela kanjani uNowa lapho ezwa umyalezo kaJehova oyisixwayiso? Wabonisa ukuthi unokholo ngokwakha umkhumbi. (Heb. 11:7; 1 Pet. 3:20) Ngendlela efanayo, abantu abezwa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kufanele bakusebenzise abakufundayo. (IzE. 3:​17-20) UPetru wabiza uNowa ngokuthi “umshumayeli wokulunga.” Namuhla sinengxenye emsebenzini wokushumayela womhlaba wonke, senza konke esingakwenza ukuze lo msebenzi siwenze ngentshiseko. Noma kunjalo, akunakwenzeka ukuba sishumayeze wonke umuntu izindaba ezinhle emhlabeni ukuphela kungakafiki. w24.05 9-10 ¶3-5

UMsombuluko, Novemba 9

Labo abesaba uJehova uyabadumisa.—IHu. 15:4.

Kufanele sibheke izindlela esingababonisa ngazo umusa nenhlonipho abangani bakaJehova. (Roma 12:10) Kanjani? Enye indlela, esekelwe kumaHubo 15:​4, ukuthi umuntu oyisimenywa etendeni likaJehova “akasephuli isithembiso sakhe, ngisho noma sizomlimaza.” Ukwephula izithembiso zethu kungabazwisa ubuhlungu ngempela abanye. (Math. 5:37) Ngokwesibonelo, uJehova ulindele ukuba izimenywa zakhe zigcine isifungo ezasenza ngesikhathi zishada. Uyajabula nalapho abazali benza konke abangakwenza ukuze bafeze izithembiso abazithembise izingane zabo. Uthando esinalo ngoNkulunkulu nangomakhelwane luzosenza senze konke esingakwenza ukuze sigcine izithembiso zethu. Enye indlela esidumisa ngayo abangani bakaNkulunkulu ukuba singenise izihambi futhi sibe nesandla esivulekile. (Roma 12:13) Ukuchitha isikhathi nabafowethu nodadewethu sizijabulisa kusisiza sisondelane nakakhulu nabo noJehova. Ngaphezu kwalokho, lapho singenisa izihambi silingisa uJehova. w24.06 12 ¶15-16

ULwesibili, Novemba 10

Uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule?—IHu. 8:4.

UJehova ulambulela abantu abathobekile iqiniso. (Math. 11:25) Ngokuthobeka savuma ukusizwa ukuba sifunde iqiniso. (IzE. 8:​30, 31) Noma kunjalo, kumele siqaphele ukuba singaqhoshi. Ukuzazisa kungasenza sicabange ukuthi imibono yethu ihlakaniphe njengezimiso zeBhayibheli neziqondiso ezivela enhlanganweni kaJehova. Ukuze sihlale sithobekile, kudingeka sikhumbule ukuthi asilutho uma siqhathaniswa nendlela uJehova amkhulu ngayo. (IHu. 8:​3, 4) Singathandazela nokuba uJehova asisize sithobeke kakhudlwana futhi sifundiseke. UJehova uzosisiza sihloniphe imibono yakhe etholakala eZwini lakhe nasenhlanganweni yakhe kunemibono yethu. Lapho ufunda iBhayibheli, bheka amaphuzu akhuluma ngendlela uJehova athanda ngayo ukuthobeka nazonda ngayo ukuqhosha, ukuzikhukhumeza nokuzidla. Qikelela ukuthi uhlala uthobekile uma uthola ilungelo lenkonzo elikwenza uvelele. w24.07 10 ¶8-9

ULwesithathu, Novemba 11

Omncane uyoba yinkulungwane umuntukazana abe yisizwe esinamandla. Mina Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.—Isaya 60:22.

Kusukela ngo-1919, uJesu uye wasebenzisa iqembu elincane lamadoda agcotshiwe ukuze ahlele umsebenzi wokushumayela, anike nabalandeli bakhe ukudla okungokomoya. (Luka 12:42) Kusobala ukuthi uJehova uyawubusisa umsebenzi waleli qembu. (Isaya 65:​13, 14) Ukube besingahlelekile, besingeke sikwazi ukwenza umsebenzi uJesu asabele wona. (Math. 28:​19, 20) Ngokwesibonelo, cabanga nje ukube kuthiwa amasimu ebengahleliwe; wonke umuntu ubengashumayela noma kuphi lapho ethanda khona. Amanye amasimu abengashunyayelwa ngokuphindaphindiwe eshunyayezwa abamemezeli abahlukahlukene, kuyilapho amanye amasimu engashunyayelwa nhlobo. Zikhona yini ezinye izindlela ozicabangayo esizuza ngazo ngenxa yokuthi sihlelekile? Lokho uJesu akwenza ngesikhathi esemhlabeni kuyisibonelo salokho akwenzayo namuhla ukuze asigcine sihlelekile. w24.04 8-9 ¶2-4

ULwesine, Novemba 12

Uma ushintsha wenze okuhle, ngeke yini uphinde uboniswe umusa? Kodwa uma ungashintsheli ekwenzeni okuhle, isono sicuthe emnyango, sifuna ukukubusa.—Gen. 4:7.

UKhayini wayeyindodana yokuqala ka-Adamu no-Eva. Wazuza isono kubazali bakhe. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lithi ngaye: “Imisebenzi yakhe yayimibi.” (1 Joh. 3:12) Mhlawumbe yingakho uJehova ‘engazange neze amamukele uKhayini nomnikelo wakhe’ lapho enza umhlatshelo. Kunokuba ashintshe izindlela zakhe, “uKhayini wathukuthela kakhulu futhi wadangala.” Yini uJehova abe eseyenza? Wakhuluma noKhayini. (Gen. 4:​3-7) Phawula ukuthi uJehova wakhuluma naye ngendlela enomusa, wamnika ithemba, wamxwayisa nangezingozi zesono. Ngokudabukisayo, uKhayini akazange alalele. Akamvumelanga uJehova ukuba amsize aphenduke. Ngenxa yokuthi uKhayini akamlalelanga uNkulunkulu, ingabe uJehova wayeka ukuzama ukusiza ezinye izoni ukuba ziphenduke? Lutho neze! w24.08 10 ¶8

ULwesihlanu, Novemba 13

[Khetha] ukuphila ukuze uphile.—Dut. 30:19.

Isizwe sakwa-Israyeli sasilindele ikusasa elihle. Ngesibusiso sikaJehova, ama-Israyeli ayengaphila isikhathi eside ezweni ayewathembise ukuwanika lona. Lalingeve lilihle lelo zwe, likhiqiza inala yokudla! UMose wabachazela lona wathi: “Amadolobha amakhulu namahle ongazange uwakhe, izindlu ezigcwele zonke izinhlobo zezinto ezinhle ongazisebenzelanga, imithombo ongayimbanga, namasimu amagilebhisi nezihlahla zeminqumo ongakutshalanga.” (Dut. 6:​10, 11) UMose wabuye wawaxwayisa ama-Israyeli. Ukuze aqhubeke ephila ezweni lawo elithelayo kwakudingeka alalele imiyalo kaJehova. Wawakhuthaza ukuba ‘akhethe ukuphila’ ngokuba alalele uJehova futhi ‘anamathele kuye.’ (Dut. 30:20) Kodwa ama-Israyeli awamlalelanga uJehova. Ngakho, ngokuhamba kwesikhathi uNkulunkulu wavumela abase-Asiriya futhi kamuva nabaseBhabhiloni ukuba bawanqobe bawayise ekudingisweni.—2 AmaKh. 17:​6-8, 13, 14; 2 IziKr. 36:​15-17, 20. w24.11 9 ¶5-6

UMgqibelo, Novemba 14

Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile emdonsa.—Joh. 6:44.

Abantu abaningi abathi bangamaKristu bakholelwa ukuthi bayosindiswa uma nje ‘bekholwa [nguJesu]’ futhi bembheka njengomsindisi wabo. (Joh. 6:​29, King James Version) Nokho, abaningi ababeseGalile ababekholelwa kuJesu bamlahla. Kungani? Abaningi ababesesixukwini uJesu asipha ukudla babekujabulela ukumlandela, uma nje ebanika lokho ababekufuna. Into nje ababeyifuna ukuba abelaphe ngokuyisimangaliso, abanike ukudla kwamahhala, noma abatshele izinto abathanda ukuzizwa. Kodwa, uJesu wabonisa ukuthi kwakulindeleke okungaphezu kwalokho kubalandeli bakhe beqiniso. Akezanga emhlabeni ukuze nje anelise izifiso zabantu ezingokwenyama. Kwakudingeka bamukele isimemo sakhe esithi ‘wozani’ kimi ngokuthi bamukele futhi balalele konke ayebafundisa kona.—Joh. 5:40. w24.12 12 ¶12-13

ISonto, Novemba 15

Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla.—Efe. 5:25.

Yini engasiza umyeni ayeke ukuhlukumeza umkakhe nokumlulaza? Angalwela ukulingisa uJesu. Indlela ayephatha ngayo abafundi bakhe iyisibonelo sendlela umyeni okufanele aphathe ngayo umkakhe. Cabanga ngalokho abayeni abangakufunda endleleni uJesu aphatha ngayo abaphostoli bakhe nasendleleni ayekhuluma ngayo nabo. UJesu wayebahlonipha abaphostoli bakhe futhi wayehlale ebabonisa umusa. Wayengalokothi abaphathe ngokhahlo noma azenze ingqongqo kubo. Akazange asebenzise amandla akhe ukuze abenze bamesabe noma abenze bazizwe bebuthaka. Kunalokho, wazithoba wabakhonza. (Joh. 13:​12-17) Wathi kubafundi bakhe: ‘Fundani kimi, ngoba ngimnene futhi ngithobekile, nizothola ukuqabuleka.’ (Math. 11:​28-30) Phawula ukuthi uJesu wayemnene. Umuntu omnene akekho buthaka. Kunalokho, uyakwazi ukuzithiba. Lapho echukuluzwa, uhlale ezolile futhi uyakwazi ukulawula imizwa yakhe. w25.01 10 ¶10-11

UMsombuluko, Novemba 16

Noma yini oyenzayo yenzele uJehova.—IzAga 16:3.

Njengoba ukuphela kwaleli zwe elibi kusondela, singalindela ukuba izimo zomnotho zibe zimbi nakakhulu. Izinxushunxushu zezepolitiki, izimpi, izinhlekelele zemvelo noma izifo ezintsha eziwumshayabhuqe kungasifaka ezindlekweni ebesingazilindele noma kusenze silahlekelwe umsebenzi, impahla yethu noma imizi yethu. Yini engasisiza ukuba senze izinqumo ezibonisa ukuthi sithembele kuJehova? Isinyathelo esiyinhloko nesiwusizo ukuba utshele uJehova izinto ezikukhathazayo. Mcele akuphe ukuhlakanipha okudingayo ukuze wenze izinqumo ezihlakaniphile, akwenze uzole ukuze ugweme ‘ukuhlala ukhathazekile’ ngesimo obhekene naso. (Luka 12:​29-31) Mcele akusize waneliswe yizinto ozidingayo. (1 Thim. 6:​7, 8) Cwaninga ezincwadini zethu ngokuthi ungabhekana kanjani ngokuphumelelayo nezinkinga zezimali. Abantu abaningi abasizile amavidiyo nezihloko ezitholakala ku-jw.org/zu ezikhuluma ngezinkinga zezimali. w25.03 28-29 ¶10-11

ULwesibili, Novemba 17

UNkulunkulu ungibonisile ukuthi akekho umuntu okufanele ngithi kuye ungcolile noma akahlanzekile.—IzE. 10:28.

Sase sifikile isikhathi sokuba abeZizwe abangasokile nabo babe abantu bakaNkulunkulu. Umphostoli uPetru wabelwa ukuba ayoshumayeza uKorneliyu ongoweZizwe, owayezoba phakathi kwabeZizwe bokuqala ababezoba amaKristu. Ngokuvamile, amaJuda ayekugwema ukuzihlanganisa nabeZizwe, ngakho akumangazi ukuthi uPetru wayedinga usizo lokulungiselela isabelo sakhe. Lapho uPetru eseyiqonda intando kaNkulunkulu ngale ndaba, wawulungisa umbono wakhe. Ngakho, lapho kuthunyelwa ukuba alandwe ‘akalanga.’ (IzE. 10:​28, 29) Washumayeza uKorneliyu nomndeni wakhe futhi babhapathizwa. (IzE. 10:​21-23, 34, 35, 44-48) Eminyakeni ethile kamuva, uPetru wakhuthaza amaKristu akanye nawo ukuba ‘acabange ngokuvumelana.’ (1 Pet. 3:​8, mbhw.) Njengabantu bakaJehova, singacabanga ngokuvumelana ngokulingisa indlela uJehova acabanga ngayo njengoba iboniswe eZwini lakhe. w25.03 9-10 ¶7-8

ULwesithathu, Novemba 18

Ningadukiswa yizimfundiso ezihlukahlukene nezingaziwa.—Heb. 13:9.

Indlela leli zwe elicabanga ngayo nemibono yalo kuya ngokuya kuqhela endleleni engenaphutha uNkulunkulu abheka ngayo izinto. (IzAga 17:15) Ngakho kumele sithuthukise ikhono lethu lokubona nokwenqaba imibono abaphikisi abayisebenzisayo ukuze basidikibalise noma baze basiyekise ngisho nokukhonza uJehova. Senza kahle ngokusinakisisa iseluleko umphostoli uPawulu asinika amaKristu angamaHebheru, ukuba sizabalazele ukuvuthwa ngokomoya. Lokho kuhlanganisa ukuthola ulwazi olujulile ngamaqiniso eBhayibheli nokucabanga njengoJehova. Lokho siyaqhubeka sikwenza ngisho nangemva kokuzinikezela nokubhapathizwa. Kungakhathaliseki ukuthi sesinesikhathi esingakanani siseqinisweni, sonke kumele sifunde futhi sitadishe iZwi likaNkulunkulu njalo. (IHu. 1:2) Ukuba nesimiso esihle sesifundo somuntu siqu kuzosisiza siqinise ukholo lwethu—okuyimfanelo uPawulu akhuluma kakhulu ngayo encwadini ayeyibhalele amaHebheru: ukholo.—Heb. 11:​1, 6. w24.09 10 ¶7-8

ULwesine, Novemba 19

Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.—Jak. 4:8.

Uma uJehova engokoqobo kithi, ngeke kube nzima ukuhlale sithembekile kuye. Kwakunjalo nangoJosefa. Wakwenqaba ngokuphelele ukuziphatha kabi ngokocansi. UNkulunkulu wayengokoqobo kuye futhi wayengafuni ukumdumaza. (Gen. 39:9) Ukuze uJehova abe ngokoqobo kithi, kudingeka sibe nesikhathi sokuthandaza nesokutadisha iZwi lakhe. Uma senza kanjalo ubungani bethu naye buyokhula. Uma nathi njengoJosefa sinobungani obuseduze noJehova, ngeke sifune ukwenza noma yini ezomdumaza. Labo abakhohlwayo ukuthi uJehova unguNkulunkulu ophilayo bangaqhela kalula kuye. Cabanga ngalokho okwenzeka kuma-Israyeli ngesikhathi esehlane. Ayazi ukuthi uJehova ukhona, kodwa aqala ukungabaza ukuthi uzowanakekela. (Eks. 17:​2, 7) Ngemva kwalokho avukela uNkulunkulu. Ngokuqinisekile, sifuna ukugwema ukulingisa ukungalaleli kwawo, okuyisibonelo esiyisixwayiso kithi.—Heb. 3:12. w24.06 24 ¶14-15

ULwesihlanu, Novemba 20

Amehlo kaJehova akwabalungile, nezindlebe zakhe ziyalalela lapho bekhalela usizo.—IHu. 34:15.

Siphila ezinsukwini zokugcina futhi silindele ukuba zande izinto ezisikhalisayo. UJehova uyasibona lapho sikhala futhi uzwa ubuhlungu. Izinyembezi zethu ziyigugu ngempela kuye. Ngakho lapho sibhekene nezimo ezicindezelayo, sifuna ukuthandaza kuJehova simthululele isifuba sethu. Kwangathi singelokothe sizihlukanise nabafowethu nodadewethu basebandleni abanothando. Kwangathi singaqhubeka sithola induduzo emazwini aduduzayo aseBhayibhelini. Singaqiniseka ukuthi uma siqhubeka sikhuthazela ngokwethembeka uJehova uyosivuza. Lokho kuhlanganisa isithembiso esimangalisayo sokuthi ngesikhathi esifanele uyosesula zonke izinyembezi ezibangelwa usizi, ukudunyazwa umuntu esimethembayo nokuphelelwa yithemba. (IsAm. 21:4) Ngaleso sikhathi uma sikhala siyobe sikhaliswa yinjabulo kuphela. w24.12 20 ¶3; 25 ¶19

UMgqibelo, Novemba 21

“Ningofakazi bami,” kusho uJehova.—Isaya 43:12.

UJehova usimise ukuba sibe oFakazi bakhe futhi uthembisa ukuthi uzosisiza sibe nesibindi. (Isaya 43:​10, 11) Cabanga ngezindlela ezine akwenza ngayo lokho. Eyokuqala, uJesu unathi noma nini lapho sishumayela izindaba ezinhle. (Math. 28:​18-20) Eyesibili, uJehova umise izingelosi ukuba zisisize. (IsAm. 14:6) Eyesithathu, uJehova usinike umoya wakhe ongcwele ukuze usisize sikhumbule izinto esizifundile. (Joh. 14:​25, 26) Eyesine, uJehova usinike abafowethu nodadewethu esizoshumayela nabo. Ngosizo lukaJehova nokusekelwa abafowethu nodadewethu abanothando, sinakho konke esikudingayo ukuze siwenze ngempumelelo lo msebenzi. Kodwa uma uphelelwa amandla lapho uthola abantu abambalwa emakhaya, zibuze: ‘Bakuphi njengamanje abantu kule nsimu esiyisebenzayo?’ (IzE. 16:13) ‘Basemsebenzini noma basezitolo?’ Uma kunjalo, ngeke yini uthole abantu abaningi uma ushumayela emgwaqweni? w24.04 17 ¶10-11

ISonto, Novemba 22

Uma umuntu engakwazi ukuhola umndeni wakhe, uyolinakekela kanjani ibandla likaNkulunkulu?—1 Thim. 3:5.

Uma ungumyeni futhi ufuna ukufanelekela ukuba umdala, idumela lomndeni wakho liyokuthinta ukufaneleka kwakho. Ngakho, kudingeka ‘uwuhole kahle umndeni wakho.’ Kudingeka waziwe ngokuba yinhloko yomndeni ewuthandayo umndeni wayo newunakekela kahle. Lokhu kuhlanganisa ukuhola kuzo zonke izingxenye zokukhulekela kwethu. Uma ungubaba, abantwana bakho abasengaphansi kwesandla sakho kumele babe “abantwana abazithoba ngokungazenzisi.” (1 Thim. 3:4) Kudingeka ubabonise uthando lapho ubafundisa nalapho ubaqeqesha. Yiqiniso ukuthi njengazo zonke izingane bayakuthanda ukuhleka nokudlala. Kodwa ngenxa yokuthi ubaqeqeshe kahle bayolalela, bahloniphe futhi baziphathe kahle. Kumele wenze konke ongakwenza ukuze ubasize babe nobuhlobo obuhle noJehova, baphile ngezimiso zeBhayibheli futhi bathuthuke baze babhapathizwe. w24.11 22 ¶10-11

UMsombuluko, Novemba 23

Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele ngokuphila kwakhe ngenxa yabangani bakhe.—Joh. 15:13.

Uma sichitha isikhathi esengeziwe enkonzweni kaJehova, siyoyibona nakakhulu indlela asisiza ngayo futhi ngenxa yalokho siyomethemba ngisho nakakhulu. (1 Kor. 3:9) Nokho, khumbula ukuthi uJehova akaqhathanisi lokho omenzela kona nalokho okwenziwa abanye; ubona lokho okusenhliziyweni yakho. Uyajabula lapho ebona indlela obonga ngayo ngesipho sakhe esiyigugu, isihlengo. (1 Sam. 16:7; Marku 12:​41-44) Ngaphandle kwesihlengo, besingeke sithethelelwe izono zethu, sibe abangani noJehova futhi sibe nethemba lokuphila phakade. Kwangathi singahlale sibonisa ukuthi siyabonga ngothando lukaJehova olumenze wasinika lezi zibusiso. (1 Joh. 4:19) Kwangathi singabonisa nokuthi siyabonga ngoJesu, owasithanda kangangokuba waze wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu! w25.01 31 ¶16-18

ULwesibili, Novemba 24

Ngangikhathazeka usuku lonke.—IHu. 73:14.

Cabanga ngendlela ayezizwa ngayo umbhali weHubo 73. Wabona abanye ababebonakala sengathi bayimiqemane, bayachuma futhi abakhathazwa yilutho. (IHu. 73:​3-5, 12) Njengoba ebabuka ebona nokuthi babonakala sengathi bayaphumelela, waba nomuzwa wokuthi imizamo yakhe yokukhonza uJehova yayingasizi ngalutho. Lo mcabango oqeda amandla ‘wawumkhathaza usuku lonke.’ (IHu. 73:​13, 14) Wayinqoba kanjani le mizwa eyayimkhathaza? Umhubi waya endlini engcwele kaJehova enokuthula. (IHu. 73:​16-18) Elapho, wakwazi ukucabanga kahle. Waqonda ukuthi nakuba ukuphila kwabanye kwakungase kubonakale kuhamba kahle, kodwa babengenalo ikusasa. Esekuqonda lokhu, waba nokuthula kwengqondo, azi ukuthi ukubeka kuqala izinto ezingokomoya kuyisinqumo esihle kunazo zonke. Ngenxa yalokho, waphinde wazimisela ukuqhubeka ekhonza uJehova.—IHu. 73:​23-28. w24.10 27 ¶11-12

ULwesithathu, Novemba 25

Abantu mabazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.—IHu. 83:18.

UJehova usikhethile ukuba sibe “ofakazi” bakhe. (Isaya 43:​10-12) Eminyakeni ethile edlule, incwadi evela eNdikimbeni Ebusayo yathi: “Ilungelo elikhulu kunawo wonke esingaba nalo elokubizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.” Kungani sisho kanjalo? Cabanga ngalokhu. Ukube bewudinga umuntu ozoba ufakazi wakho enkantolo, ubuyokhetha umuntu omaziyo nomethembayo, umuntu onedumela elihle eliyokwenza ukuba abanye bakwethembe akushoyo. Ngokusikhetha ukuba sibe oFakazi bakhe, uJehova ubonisa ukuthi usazi kahle futhi uyasethemba ukuba sitshele abanye ukuthi nguye kuphela uNkulunkulu weqiniso. Sizizwa sinelungelo elikhulu ngokuba oFakazi bakhe kangangokuba sisebenzisa wonke amathuba avelayo ukuze sazise abanye igama lakhe, silwisane namanga amaningi aye ashiwo ngaye. Ngokwenza kanjalo, siphila ngokuvumelana negama esiziqhenyayo ngalo, elithi oFakazi BakaJehova!—Roma 10:​13-15. w24.05 18 ¶13

ULwesine, Novemba 26

Welapha bonke ababegula.—Math. 8:16.

Ukukhonza abanye kwakumjabulisa kakhulu uJesu. Ngesinye isikhathi, lapho uJesu eshumayeza isixuku, wenza okungaphezu kokusifundisa. Wanakekela nesidingo saso esingokwenyama. Ngokuyisimangaliso wenza ukudla, wabe esekunika abafundi bakhe ukuze baphe isixuku. (Marku 6:41) Ngokwenza kanjalo, wafundisa abafundi bakhe ukuthi bangabakhonza kanjani abanye. Wababonisa nokuthi kubalulekile ukwenza imisebenzi ewusizo. Cabanga injabulo abaphostoli ababenayo ngokusebenza noJesu ekwabeni lokho kudla okuyisimangaliso kwaze kwaba yilapho ‘bonke bedla besutha’! (Marku 6:42) Yiqiniso, uJesu wayengaqali ukubeka izidingo zabanye kuqala kunezakhe. Ngesikhathi esemhlabeni, wakhonza abantu ukuphila kwakhe konke. (Math. 4:23) Kwakumjabulisa futhi kumanelisa ukufundisa abanye nokunakekela izidingo zabo. w24.11 16 ¶10-11

ULwesihlanu, Novemba 27

Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.—2 Thim. 3:1.

Njengoba izimo ziya ziba zimbi nakakhulu “ezinsukwini zokugcina,” akungabazeki ukuthi sizoba namathuba amaningi okusizana. Singaba nayisiphephelo kubafowethu nodadewethu ngokomzwelo nangokomoya. Enye indlela esingakwenza ngayo lokhu ukubenza bazizwe bamukelekile eHholo LoMbuso. Ngakho lapho abafowethu nodadewethu besemihlanganweni, sifuna ukwenza konke esingakwenza ukuze sibenze bazizwe bethandwa, beqabulekile futhi belondekile. Abadala bangaba isiphephelo kulabo abakhuthazelela izivunguvungu ezingokoqobo noma ezingokomfanekiso ebandleni. Lapho kunezinhlekelele noma kudingeka usizo oluphuthumayo lwezempilo, abadala bahlela ngokushesha ukuba basize abafowethu nodadewethu. Baphinde babasize nangokomoya. Abafowethu nodadewethu bayozizwa bekhululekile ukukhuluma nomdala uma aziwa ngokuba nesineke, uzwela, nolalelayo uma ukhuluma naye. Izimfanelo ezinjalo zenza abanye bazizwe bethandwa; ngakho kuba lula ukuba basebenzise iziqondiso ezisekelwe eBhayibhelini umdala angase abanike zona.—1 Thes. 2:​7, 8, 11. w24.06 29 ¶12-13

UMgqibelo, Novemba 28

[Akazange] agodle ngisho neNdodana yakhe siqu.—Roma 8:32.

Akufanele sicabange ukuthi ngenxa yokuthi uNkulunkulu unguMninimandla Onke akanayo imizwa! Lapho esidala, wasenza saba nemizwa. Ngenxa yokuthi iBhayibheli lithi senziwe ngomfanekiso wakhe, lokho kusho ukuthi naye unayo imizwa. Lapho likhuluma ngemizwa yakhe, iBhayibheli lithi “bamzwisa ubuhlungu” futhi “bamdabukisa.” (IHu. 78:​40, 41) UJehova wezwa ubuhlungu obukhulu njengoba ayebuka abantu abangamhloniphi behlukumeza iNdodana yakhe ngonya kwaze kwaba yilapho ifa! Isihlengo sisifundisa ukuthi akekho umuntu osithanda njengoJehova—hhayi ngisho isihlobo sethu esisithandayo noma umngani wethu omkhulu. (Roma 8:​32, 38, 39) Akungabazeki ukuthi uJehova usithanda ukwedlula indlela thina esizithanda ngayo. Uyafuna yini ukuphila phakade? UJehova yena ukufisela ngisho nakakhulu lokho. Uyafuna yini ukuba izono zakho zithethelelwe? UJehova yena ukufisela ngisho nakakhulu lokho. Akucelayo nje ukuba samukele isipho sakhe esiyigugu ngokubonisa ukholo nangokumlalela. Isihlengo siyibonisa ngempela indlela uNkulunkulu asithanda ngayo.—UmSh. 3:11. w25.01 22-23 ¶8-9

ISonto, Novemba 29

Qhubekani niqinisekisa ukuthi yini eyamukelekayo eNkosini.—Efe. 5:10.

Yiqiniso ukuthi sonke ezinye izinqumo sizenza ngokwalokho esikwazi ukukubona, esikuzwayo nendlela esizizwa ngayo. Kodwa ngezinye izikhathi lokho esikubonayo nesikuzwayo kungase kusikhohlise. Ngisho noma kungenjalo, uma sihamba ngokubona kuphela, singagcina singasayinaki intando kaNkulunkulu noma iseluleko sakhe. (UmSh. 11:9; Math. 24:​37-39) Nokho, uma sihamba ngokholo, maningi amathuba okuthi siyokwenza izinqumo ‘ezamukelekayo eNkosini.’ Ukulalela iseluleko sikaNkulunkulu kuyosenza sibe nokuthula futhi sijabule ngempela. (IHu. 16:​8, 9; Isaya 48:​17, 18) Uma siqhubeka sihamba ngokholo, siyophila phakade. (2 Kor. 4:18) Singabona kanjani ukuthi sihamba ngokholo noma ngokubona? Empeleni, sonke kudingeka sizibuze le mibuzo: Yini ethonya izinqumo zethu? Ingabe sithonywa izinto esizibonayo kuphela? Noma, ingabe sithembela kuJehova naseselulekweni sakhe? w25.03 20-21 ¶3-4

UMsombuluko, Novemba 30

Yibani nokuthula omunye nomunye.—1 Thes. 5:13.

Ngamunye wethu unendima ebalulekile ayidlalayo ekwenzeni abanye balithande ipharadesi elingokomoya. Singayifeza le ndima uma silingisa uJehova. Akabadonseli ngenkani abantu enhlanganweni yakhe. Kunalokho, abantu ‘ubadonsela’ kuye ngothando. (Joh. 6:44; Jer. 31:3) Abantu abanezinhliziyo eziqotho abafunda ngezimfanelo zikaJehova ezithandekayo nangobuntu bakhe obuhle bavele badonseleke kuye. Ukuba nezimfanelo ezinhle nokuziphatha kahle kwethu, kungabenza kanjani abantu balithande ipharadesi elingokomoya? Enye indlela esingakwenza ngayo lokho ukubabonisa uthando nomusa esikholwa nabo. Sifuna abantu abaqalayo ukuba semihlanganweni yethu yebandla bazizwe ngendlela ababezizwa ngayo abangakholwa okungenzeka babesemihlanganweni yaseKorinte lasendulo. Bathi: “Ngempela uNkulunkulu uphakathi kwenu.” (1 Kor. 14:​24, 25; Zak. 8:23) Ngakho kumele siqhubeke silalela iseluleko esisemBhalweni wosuku wanamuhla. w24.04 23-24 ¶16-17

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela