Disemba
ULwesibili, Disemba 1
Wavula izingqondo zabo ngokugcwele ukuze baqonde okushiwo imiBhalo.—Luka 24:45.
Abafundi bakaJesu balamukela iZwi likaNkulunkulu futhi bazama ukulisebenzisa ekuphileni kwabo. (Joh. 17:6) Noma kunjalo, ukufa kukaJesu esigxotsheni sokuhlushwa kwabashiya bedidekile. UJesu waqaphela ukuthi ukungabaza kwabo kwakungabangelwa ukuthi banezinhliziyo ezimbi kodwa kwakubangelwa ukuntula ukuqonda. (Luka 9:44, 45; Joh. 20:9) Ngakho, wabasiza ukuba bayiqonde imiBhalo. Cabanga ngendlela akwenza ngayo lokho lapho ebonakala kubafundi ababili endleleni eya e-Emawuse. UJesu akazange abatshele ngaso leso sikhathi ukuthi ungubani. Kunalokho, wababuza imibuzo. Kungani? Mhlawumbe wayefuna bamtshele okwakusezingqondweni nasezinhliziyweni zabo. Ngempela bamtshela. Bamtshela ukuthi babelindele ukuba uJesu akhulule ama-Israyeli ekucindezelweni amaRoma. (Luka 24:18-27) UJesu wasebenzisa imibhalo ukuze abasize baqonde okwakwenzekile. Kamuva ngalobo busuku, uJesu wachitha isikhathi echazela abanye abafundi la maqiniso.—Luka 24:33-48. w24.10 14 ¶9-10
ULwesithathu, Disemba 2
Angenzi lutho ngokwami; kodwa lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.—Joh. 8:28.
UJesu wafunda kuYise osezulwini ukuthi yini okumele ayenze nokumele ayisho. Ilandela isibonelo sikaJesu, inhlangano kaJehova isekela izimfundiso zayo zokuziphatha nesiqondiso esinika sona eZwini likaNkulunkulu. (2 Thim. 3:16, 17) Sihlale sikhunjuzwa ukuba sifunde iZwi likaNkulunkulu bese senza elikushoyo. Sizuza kakhulu lapho sitadisha iBhayibheli sisizwa izincwadi zethu zobuKristu. Ngokwesibonelo, siyakwazi ukuqhathanisa izimfundiso zeBhayibheli nesiqondiso esisithola enhlanganweni. Lapho sibona ukuthi isiqondiso esisitholayo sisekelwe emBhalweni, siyethemba nakakhulu inhlangano kaJehova. (Roma 12:2) UJesu washumayela “izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.” (Luka 4:43, 44) Wayala nabafundi bakhe ukuba bashumayele ngoMbuso. (Luka 9:1, 2; 10:8, 9) Namuhla, bonke abazihlanganisa nenhlangano kaJehova bashumayela umyalezo woMbuso kungakhathaliseki ukuthi bahlala kuphi. w24.04 9 ¶5-7
ULwesine, Disemba 3
Konke osiyale ngakho sizokwenza, futhi sizoya nomaphi lapho usithuma khona.—Josh. 1:16.
Hlale usethemba isiqondiso esivela enhlanganweni kaJehova. Kwa-Israyeli wasendulo, uJehova wasebenzisa uMose wabe esesebenzisa uJoshuwa ukuze anike abantu bakhe iziqondiso. (Josh. 1:17) Ama-Israyeli ayebusiswa lapho ebheka lamadoda njengamelela uJehova uNkulunkulu. Emakhulwini eminyaka kamuva lapho kumiswa ibandla lobuKristu, abaphostoli abangu-12 babenikeza iziqondiso. (IzE. 8:14, 15) Kamuva lelo qembu labe selihlanganisa nabanye abadala eJerusalema. Ngokulandela isiqondiso ayesithola kulawo madoda athembekile, “amabandla aqhubeka eqiniswa okholweni futhi anda ngesibalo usuku nosuku.” (IzE. 16:4, 5) Ezikhathini zanamuhla, nathi siyabusiswa lapho silandela isiqondiso sikaJehova esivela enhlanganweni yakhe. w24.07 10 ¶10
ULwesihlanu, Disemba 4
Ngithole uDavide indodana kaJese, umuntu ojabulisa inhliziyo yami.—IzE. 13:22.
UJehova wayeyithanda kakhulu iNkosi uDavide. Waze wathi ngayo ‘ingumuntu ojabulisa inhliziyo yami.’ Kodwa uDavide wenza izono ezinyanyekayo, ezihlanganisa ukuphinga nokubulala. NgokoMthetho KaMose, kwakufanele abulawe. (Lev. 20:10; Num. 35:31) Noma kunjalo, uJehova wangenelela wambonisa umusa. Wathumela umprofethi uNathani ukuba avakashele inkosi, ngisho noma uDavide ayengakazibonisi izimpawu zokuphenduka. UNathani wasebenzisa umfanekiso ukuze athinte inhliziyo kaDavide. Ethinteke ngempela, uDavide waphenduka. (2 Sam. 12:1-14) Wabhala ihubo elithinta inhliziyo elabonisa ukuthi wayephenduke ngempela. (IHu. 51, umbhalo ongenhla) Lelo hubo liduduze izoni eziningi, lazikhuthaza ukuba ziphenduke. Asijabuli yini ngokuthi ngothando uJehova wasiza inceku yakhe ethandekayo uDavide ukuba iphenduke? w24.08 10 ¶9
UMgqibelo, Disemba 5
[Zitholeleni] ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nephelele.—Roma 12:2.
Abaningi bazovuma ukuthi ukukhulisa izingane kuwumsebenzi omkhulu. Uma ungumzali akungabazeki ukuthi usebenza kanzima ukuze usize ingane yakho ibe nokholo oluqinile futhi lokho kuyamjabulisa uJehova. (Dut. 6:6, 7) Njengoba ingane yakho ikhula, ingase iqale ukubuza imibuzo ebalulekile ngezinkolelo zethu, kuhlanganise nemithetho yeBhayibheli yokuziphatha. Ekuqaleni, ungase ucabange ukuthi ingane yakho ibuza leyo mibuzo ngoba ingenalo ukholo oluqinile kuNkulunkulu naseBhayibhelini. Nokho, empeleni ukuze izingane zikhule, kudingeka ziyibuze imibuzo ukuze ziqinise ukholo lwazo. (1 Kor. 13:11) Ngakho asikho isidingo sokwesaba. Ungase ubheke yonke imibuzo eqotho ebuzwa ingane yakho ngezinkolelo zethu njengethuba lokuyisiza ithuthukise indlela ecabanga ngayo. w24.12 14 ¶1-2
ISonto, Disemba 6
Siluhlobo olunokholo ukuze kulondwe ukuphila kwethu.—Heb. 10:39.
AmaKristu angamaHebheru kwakuyodingeka abe nokholo oluqinile ukuze akwazi ukumelana nosizi olwaluseza eJudiya. (Heb. 10:37, 38) UJesu wayexwayise abalandeli bakhe ngokuthi lapho bebona iJerusalema lihaqwe amabutho akanisile kwakufanele babalekele ezintabeni. Iseluleko sakhe sasisebenza kuwo wonke amaKristu, kungakhathaliseki ukuthi ayehlala kulelo dolobha noma ezindaweni ezisemaphandleni. (Luka 21:20-24) Ngalezo zikhathi, lapho kufike ibutho ukuze lizohlasela, abantu abahlala emaphandleni babejwayele ukubalekela emadolobheni abiyelwe afana neJerusalema ukuze bathole isivikelo. Ukubalekela ezintabeni kwakungase kubonakale kungenangqondo futhi kwakuyodinga ukholo oluqinile. AmaKristu angamaHebheru kwakuyodingeka abethembe nalabo uJesu ayebasebenzisa ukuze aqondise ibandla. Cishe abaholayo babekhipha iziqondiso ezicacile ukuze basize bonke abasebandleni ukuba balandele isiqondiso sikaJesu, ngesikhathi esifanele nangendlela ehlelekile.—Heb. 13:17. w24.09 10 ¶9-10
UMsombuluko, Disemba 7
Waphana ngezipho ezingabantu.—Efe. 4:8.
Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wenza umsebenzi uBaba wakhe ayemnike wona. (Joh. 17:4) Kodwa akazange abe nesimo sengqondo sokuthi, ‘Uma ufuna into yenziwe kahle, kumele uzenzele wena.’ Waqeqesha abanye ukuba bakwazi ukwenza umsebenzi. UJesu waphathisa abafundi bakhe umsebenzi wokunakekela izimvu zikaJehova eziyigugu nowokuhola emsebenzini wokushumayela nokufundisa. UJesu wanikeza abafundi bakhe iseluleko esingagwegwesi kodwa esinothando. Abanye babo babenomkhuba wokungabaza, ngakho wabeluleka. (Luka 24:25-27; Joh. 20:27) Wagcizelela isidingo sokuba bagxile kakhulu emsebenzini wokwalusa kunokuba bagxile emisebenzini yabo yokuziphilisa. (Joh. 21:15) Wabakhumbuza nokuba bangakhathazeki ngokungafanele ngokuthi yimaphi amalungelo abanye abangase bawathole. (Joh. 21:20-22) Walungisa nemibono eyiphutha ababenayo mayelana noMbuso futhi wabasiza ukuba bagxile ekushumayeleni izindaba ezinhle.—IzE. 1:6-8. w24.10 15-16 ¶13-14
ULwesibili, Disemba 8
Abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.—IHu. 37:29.
Ukulalela kuyosindisa ukuphila kwethu. Njengama-Israyeli ayesezongena eZweni Lesithembiso, nathi sesizongena ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu, lapho siyobona khona umhlaba uguqulwa uba yipharadesi. (Isaya 35:1; Luka 23:43) UDeveli namademoni akhe bayobe bengasekho. (IsAm. 20:2, 3) Inkolo yamanga ngeke iphinde idukise abantu ngokufundisa amanga ngoJehova. (IsAm. 17:16) Ohulumeni babantu ngeke besabacindezela labo abangaphansi kwabo. (IsAm. 19:19, 20) Amahlongandlebe ngeke abe khona epharadesi. (IHu. 37:10, 11) Yonke indawo abantu bayobe belalela imithetho kaJehova elungile, ekhuthaza abantu ukuba babe nobunye nokuthula. Ngakho, bayobe bethandana futhi bethembana. (Isaya 11:9) Kuyoba yisikhathi esimnandi ngempela leso! Ngaphezu kwalokho, uma silalela uJehova, singaqhubeka siphila epharadesi kuze kube phakade, hhayi nje iminyaka eminingi kuphela.—Joh. 3:16. w24.11 9 ¶7
ULwesithathu, Disemba 9
Lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke ukuze kube ubufakazi ezizweni zonke.—Math. 24:14.
Isiprofetho esisemBhalweni wosuku wanamuhla sigcwaliseka kunanini ngaphambili osukwini lwethu. Umyalezo woMbuso utholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000, futhi ngenxa yewebusayithi yethu ethi-jw.org abantu abaningi emhlabeni bayakwazi ukuwuthola. Nokho, uJesu watshela abafundi bakhe ukuthi babengeke ‘baqede ukujikeleza amadolobha,’ noma ukushumayeza wonke umuntu ngaphambi kokuba afike. (Math. 10:23; 25:31-33) Nasosukwini lwethu amazwi kaJesu aseyiqiniso. Izigidi zabantu namuhla zihlala ezindaweni lapho umsebenzi wokushumayela uvinjelwe khona. Ngaphezu kwalokho, kuzalwa amakhulu ezingane umzuzu nomzuzu. Senza konke esingakwenza ukuze sishumayele izindaba ezinhle kubantu ‘bazo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi.’ (IsAm. 14:6) Iqiniso liwukuthi ngeke sikwazi ukushumayela izindaba ezinhle kumuntu ngamunye emhlabeni ngaphambi kokuba ukuphela kufike. w24.05 10 ¶6-7
ULwesine, Disemba 10
Abasebabili, kodwa sebenyamanye.—Math. 19:6.
UJesu wayeduduza abanye futhi ebakhuthaza ngalokho akushoyo. Akazange akhulume ngokhahlo nabalandeli bakhe. (Luka 8:47, 48) Uyisibonelo esihle ngempela kubayeni abangamaKristu! UJesu wayala abayeni ukuba bahlale beqotho komkabo. Wacaphuna amazwi kaBaba wakhe owathi umyeni kufanele ‘anamathele kumkakhe.’ (Math. 19:4-6.) NgesiGreki, igama elisetshenziswe kuleli vesi elithi “inamathele” ngokwezwi nezwi lisho ukunamathisela “nge-glue.” Ngakho, uthando oluphakathi kwendoda nomkayo kufanele lube namandla njengokungathi bananyathiselwe ndawonye behlanganiswa nge-glue. Uma oyedwa wabo enza into emzwisa ubuhlungu omunye wabo bobabili bazolimala. Umyeni osondelene ngaleyo ndlela nomkakhe uyolwenqaba lonke uhlobo lwezithombe zocansi ezingcolile. Uyokwenza ukuba “angakuboni okungenanzuzo” futhi lokho uyokwenza ngokushesha. (IHu. 119:37) Empeleni wenza isivumelwano namehlo akhe sokuba angabuki omunye umuntu wesifazane aze amkhanuke ngaphandle komkakhe.—Jobe 31:1. w25.01 10 ¶12-13
ULwesihlanu, Disemba 11
UNkulunkulu wethu . . . uyomthethelela ngendlela enkulu.—Isaya 55:7.
Kungaba nzima ukuqonda ukuthi umuntu usuke esho ukuthini uma ethi ngiyakuxolela. Indlela uJehova asithethelela ngayo thina bantu abanesono ihluke kakhulu endleleni esithethelelana ngayo. Akekho ongathethelela njengoJehova. Umhubi wathi ngoJehova: “Uthethelela ngeqiniso, ukuze uhlonishwe.” (IHu. 130:4) Ngempela uJehova “uthethelela ngeqiniso.” Usibekela isibonelo esihle ngempela sokuthi kusho ukuthini ukuthethelela. Kwamanye amavesi, lapho ababhali beBhayibheli bechaza indlela uJehova athethelela ngayo basebenzisa igama lesiHebheru ababengakaze balisebenzise lapho bechaza indlela abantu abathethelelana ngayo. Lapho uJehova ethethelela umuntu, isono salowo muntu sisulwa ngokuphelele. Lowo muntu uyakwazi ukuphinde abe umngani kaJehova ngokuphelele. Imangalisa ngempela indlela uJehova asithethelela ngayo futhi akayigodli intethelelo yakhe. w25.02 8 ¶1-3
UMgqibelo, Disemba 12
Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sinikeze ubufakazi obuphelele.—IzE. 10:42.
Impumelelo yethu enkonzweni ayincikile endleleni abantu abasabela ngayo lapho sishumayela. Kungani? Kungenxa yokuthi sikwenzile lokho uJehova neNdodana yakhe abafuna sikwenze—sibunikezile ubufakazi. Ngisho noma singatholi muntu esizoxoxa naye noma abantu bengawulaleli umyalezo wethu, singajabula ngoba siyazi ukuthi sijabulisa uBaba wethu osezulwini. (IzAga 27:11) Singajabula nalapho omunye ummemezeli ethola umuntu owuthandayo umyalezo esiwushumayelayo enkonzweni yasensimini. INqabayokulinda yafanisa umsebenzi wethu nokufuna ingane elahlekile. Baningi abantu abayifunayo futhi bayifuna yonke indawo. Lapho ingane itholakala, wonke umuntu uyajabula, hhayi nje lo oyitholile kuphela. Ngendlela efanayo, siyabambisana emsebenzini wokwenza abafundi. Wonke umuntu osebandleni kudingeka abambe iqhaza ekushumayezeni abantu abasensimini, futhi sonke siyajabula lapho umuntu eqala ukuza emihlanganweni. w24.04 18 ¶13-14
ISonto, Disemba 13
Bonke labo ababenesimo esihle sengqondo esasiyobenza bathole ukuphila okuphakade baba amakholwa.—IzE. 13:48.
Zijabulisa ngempela izinto ezizokwenzeka esikhathini esizayo! Ngosizo lukaJehova, sinethemba lokubona abantu abaningi bamukela iqiniso ngaphambi kokuba kuqale usizi olukhulu. Kuyasijabulisa nokuthi kungenzeka ukuthi ngisho naphakathi nosizi olukhulu singase sibone abantu abengeziwe befulathela leli zwe likaSathane eliphelayo, badumise uJehova kanye nathi! Okwamanje, kunomsebenzi okumele siwenze. Sinelungelo lokuhlanganyela emsebenzini obalulekile esingeke siphinde siwenze—ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke. Ngesikhathi esifanayo, kumele siqhubeke sibaxwayisa abantu. Abantu kudingeka bazi ukuthi ukuphela kwaleli zwe elibi kusondela ngokushesha. Siqhutshwa uthando—uthando ngezindaba ezinhle, uthando ngabantu, ngaphezu kwakho konke uthando ngoJehova uNkulunkulu nangegama lakhe—sizoqhubeka sishumayela ngokuzimisela, ngokuphuthuma nangentshiseko kuze kube yilapho uJehova ethi, “Sekwanele!” w24.05 19 ¶14-16
UMsombuluko, Disemba 14
Gqokani ukuthobelana, ngoba uNkulunkulu uyamelana nabaziphakamisayo, kodwa abathobekile ubapha umusa omkhulu.—1 Pet. 5:5.
Ngobusuku bangaphambi kokuba abulawe, uJesu wafundisa uPetru nabanye abaphostoli isifundo esibalulekile ngokuthobeka. Kumele ukuba kwabamangaza abaphostoli bakhe ukubona uJesu enza into eyayivame ukwenziwa yizinceku. UJesu wakhumula izingubo zakhe zangaphandle, wabhinca ithawula okhalweni, wafaka amanzi endishini waqala ukugeza izinyawo zabo. (Joh. 13:4, 5) Kungenzeka kwamthatha isikhathi eside ukugeza izinyawo zabo bonke abaphostoli abangu-12—okuhlanganisa noJuda owayezomkhaphela. Noma kunjalo, ngokuthobeka uJesu wawenza wawuqeda lowo msebenzi. Ngesineke wabe esebachazela: “Niyakuqonda yini lokhu engikwenze kini? Ningibiza ngokuthi ‘Mfundisi,’ nangokuthi ‘Nkosi,’ futhi niqinisile, ngoba ngiyikho. Ngakho-ke, uma mina, iNkosi noMfundisi, nginigeze izinyawo, nani kufanele nigezane izinyawo.”—Joh. 13:12-14. w25.03 10 ¶9-11
ULwesibili, Disemba 15
Uyangiqondisa ngeseluleko sakho, kamuva uyongiholela enkazimulweni.—IHu. 73:24.
Izwe likwenza kube nzima ukuba sihlale sisondelene noJehova. Abaningi bayaphika ukuthi uNkulunkulu ukhona. Ngokuvamile, labo abakushaya indiva lokho okufunwa uNkulunkulu babonakala bephumelela. Lapho sibona lokho kwenzeka, ukholo lwethu lungavivinyeka. Nakuba singeke siphike ukuthi uNkulunkulu ukhona, singase siqale ukuzibuza ukuthi uzokwazi yini ukusisiza. Umbhali weHubo 73 naye wake wazibuza lokho. Wabona labo ababemzungezile beyishaya indiva imithetho kaNkulunkulu kodwa bephila kamnandi. Ngenxa yalokho, waqala ukuzibuza ukuthi kwakumsiza yini ukukhonza uNkulunkulu. (IHu. 73:11-13) Yini eyagcina isize umhubi ukuba alungise umbono wakhe? Wazindla ngalokho okwakuyokwenzeka kulabo abakhohlwa uJehova. (IHu. 73:18, 19, 27) Wacabanga nangezinzuzo ezitholakala ngokukhonza uNkulunkulu. Nathi singacabanga ngezibusiso uJehova asibusise ngazo. w24.06 25 ¶16-17
ULwesithathu, Disemba 16
Ekuphileni kwenu ningayithandi imali ngokweqile.—Heb. 13:5.
Ngezikhathi zeBhayibheli, abanye babexhaphaza abafowabo abahluphekayo ngokubakhokhisa inzalo uma bebaboleke imali. Abanye abahluleli babethatha isifumbathiso bese bezahlulela ngokungenabulungisa izisulu ezingenacala. Izenzo ezinjalo ziyanengeka kuJehova. (Hez. 22:12) Kuhle ngamunye wethu ahlole indlela ayibheka ngayo imali. Zibuze: ‘Ingabe ngihlale ngicabanga ngemali nangokuthi yini engingayithenga? Uma ngiboleke imali ngiyaphuza yini ukuyikhokha, ngiphethe ngokuthi umuntu ongibolekile akayidingi? Ingabe ukuba nemali kungenza ngizizwe ngibalulekile kodwa kwenze kube nzima ukuba nesandla esivulekile? Ingabe ngahlulela abafowethu nodadewethu ngokuthi bathanda izinto ngenxa nje yokuthi banemali? Ingabe ngilwela ukuba umngani nabantu abanemali kodwa ngingabanaki kangako labo abangenamali?’ Singabuvikela ubungani bethu noNkulunkulu ngokuthi singayithandi imali. Uma senza kanjalo, uJehova akasoze asishiya! w24.06 12-13 ¶17-18
ULwesine, Disemba 17
Ngeke ngihambe kunoma iyiphi indlela yobubi, ukuze ngigcine izwi lakho.—IHu. 119:101.
Ukuze siziqaphe singangeni esilingweni, kudingeka silwele ukuba nezifiso ezifanele. Uma sifunda ‘ukuzonda okubi, sithande okuhle,’ siyozimisela nakakhulu ukwenza okulungile. (Amose 5:15) Izifiso ezifanele ziyosisiza nokuba sihlale siqinile uma sizithola sisesimweni esilingayo. Kufanele sihlale simatasa ngezinto ezingokomoya. Lapho sisemihlanganweni yobuKristu noma enkonzweni yasensimini, sikhulisa isifiso sethu sokujabulisa uJehova. (Math. 28:19, 20; Heb. 10:24, 25) Ngokufunda nangokutadisha iZwi likaNkulunkulu bese sizindla ngalo sikhulisa uthando esinalo ngokulungile futhi sikuzonda nakakhulu okubi. (Josh. 1:8; IHu. 1:2, 3; 119:97) Khumbula, uJesu watshela abafundi bakhe: “Nithandaze njalo, ukuze ningangeni esilingweni.” (Math. 26:41) Ngakho, sivumele uJehova ukuba asisize futhi sizimisela nakakhulu ukumjabulisa.—Jak. 4:8. w24.07 17-18 ¶14-16
ULwesihlanu, Disemba 18
Ngiyokunika ukuqonda, ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyokweluleka, iso lami likubhekile.—IHu. 32:8.
Labo abaqeqesha abanye benza kahle ngokulingisa uJehova ongakugodli ukuhlakanipha kwakhe. Khumbula ukuthi uJehova usipha ukuhlakanipha ngesandla esivulekile. Ngendlela efanayo, siyakujabulela ukucobelelana ngolwazi lwethu nangesipiliyoni esinaso nalabo abafundayo. Lapho siqeqesha umuntu, asimgodleli ulwazi oluthile ngoba sesaba ukuthi angase agcine ethathe umsebenzi wethu. Asisho nokuthi: ‘Mina akekho owangiqeqesha! Akazifundele yena.’ Isimo sengqondo esinjalo asifuneki nhlobo kubantu bakaJehova. Kunalokho, siyakujabulela ukungagcini nje ngokudlulisela ulwazi kulabo esibaqeqeshayo, “kodwa nathi uqobo.” (1 Thes. 2:8) Sinethemba lokuthi ‘bayokufanelekela ngokwanele ukuba nabo bafundise abanye.’ (2 Thim. 2:1, 2) Ngaleyo ndlela, singaba phakathi kwabantu abaqhubeka becobelelana ulwazi, okwenza abanye bajabule futhi lolo lwazi luqhubekela nakwabanye. w24.09 29 ¶12-13
UMgqibelo, Disemba 19
Ngabanye singamalungu elinye nelinye.—Roma 12:5.
Uma unomuzwa wokuthi awunalo nhlobo ikhono elivelele ungapheli amandla. Akungabazeki ukuthi unazo izimfanelo ezingaba wusizo ebandleni. Kungakuzuzisa ukuthandaza bese ufunda ngalokho uPawulu akusho kweyoku-1 Korinte 12:12-30. Amazwi kaPawulu akwenza kucace ukuthi wena njengazo zonke ezinye izinceku zikaJehova unendima ebalulekile ebandleni futhi uyigugu. Yenza konke ongakwenza ukuze ukhonze uJehova futhi usize abafowenu. Qiniseka ngokuthi lapho abadala bekunika isabelo bayocabanga ngokuthi yini okwazi ukuyenza. (Roma 12:4-8) Wonke amaKristu kufanele asondele kuJehova, athole injabulo etholakala ngokupha futhi abe amaKristu ayizibonelo ezinhle. w24.11 17 ¶12-13
ISonto, Disemba 20
Waqala ukuthandaza kuJehova wakhala kalusizi.—1 Sam. 1:10.
UHana wabhekana nezinkinga eziningana ezamenza wakhala ngenxa yosizi ayebhekene nalo. Enye yalezo zinkinga ukuthi wayeshadele esithenjini futhi uPhenina, omunye unkosikazi owayeshade nomyeni wakhe, wayemzonda. Ngaphezu kwalokho, uHana wayengenabo abantwana, kuyilapho uPhenina ayenabantwana abaningana. (1 Sam. 1:1, 2) UPhenina wayehlale egcona uHana ngokuba kwakhe yinyumba. UHana waphatheka kabi kakhulu kangangokuba “wayekhala angadli,” futhi “wayedabuke kakhulu” enhliziyweni yakhe. (1 Sam. 1:6, 7, 10) Wayithola kuphi induduzo uHana? Enye into eyamsiza ukuthi wayeya etabernakele ukuze akhonze uJehova. Ngesikhathi elapho, wancenga uJehova wathi: “Bheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho ungikhumbule.” (1 Sam. 1:11) UJehova wakubona ukucindezeleka kwakhe, wakuzwa ukukhala kwakhe, kamuva wambusisa ngokumsiza ukuba athole abantwana.—1 Sam. 1:19, 20; 2:21. w24.12 21 ¶5-7
UMsombuluko, Disemba 21
Ngiwathanda ngokukhethekile amadodana abantu.—IzAga 8:31.
Isihlengo sisifundisa ukuthi uJesu ubakhathalela ngokujulile abantu, ikakhulukazi abalandeli bakhe. (Joh. 13:1) Ngokwesibonelo, uJesu wayazi ukuthi ezinye izinto okwakumele azenze phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni zaziyoba nzima kakhulu, ikakhulukazi ukubulawa kwakhe ngendlela enesihluku. Noma kunjalo, uJesu wazenza zonke lezo zinto ezinzima, hhayi ngoba isabelo sakhe sasemhlabeni sasidinga ukuba enze kanjalo, kodwa wazenza ngoba wayebathanda abantu. UJesu wayeshumayela, efundisa futhi esiza abanye ngenhliziyo yakhe yonke. Ngisho nangosuku afa ngalo, wageza izinyawo zabafundi bakhe, washo namazwi amaningi aduduzayo futhi wabayala njengoba ayebavalelisa. (Joh. 13:12-15) Ngesikhathi esesigxotsheni sokuhlushwa ezwa ubuhlungu, uJesu wakhuluma nesigebengu esasiseceleni kwakhe wasinika ithemba, wacela noJohane ukuba anakekele umama wakhe. (Luka 23:42, 43; Joh. 19:26, 27) Uthando lwakhe olujulile ngabantu akalubonisanga nje kuphela ngesikhathi ebafela, kodwa walubonisa ukuphila kwakhe konke ngesikhathi esemhlabeni. w25.01 23 ¶11
ULwesibili, Disemba 22
Wathwala isijeziso ukuze sibe nokuthula, ngenxa yamanxeba akhe selashwa.—Isaya 53:5.
IBhayibheli lisebenzisa umfanekiso ukuze lisisize siqonde indlela esikhululeka ngayo lapho uJehova esithethelela ngeqiniso. Ngenxa yokuthi sinesono sifaniswa ‘nezigqila zesono.’ Kodwa siyambonga uJehova ngoba lapho esithethelela sifana nezigqila ‘ezikhululwe esonweni.’ (Roma 6:17, 18; IsAm. 1:5) Ngempela, intethelelo kaJehova isenza sijabule kakhulu ngenxa yokuthi sikhululiwe ebugqilini. Ngenxa yomhlatshelo wesihlengo uJehova asilungiselele wona ngeNdodana yakhe, siye selashwa ngomqondo ongokomfanekiso. (1 Pet. 2:24) Isihlengo senza sikwazi ukuphinde sibe nobuhlobo obuhle noJehova, obebulinyazwe ukugula ngokomoya. Njengoba nje nomuntu olashwe isifo esibucayi ejabula kakhulu, nathi sijabula kakhulu lapho selashwa ngokomoya, siphinde samukelwe uJehova ngemva kokusithethelela. w25.02 11 ¶16-17
ULwesithathu, Disemba 23
Uma niqhubeka nenza lezi zinto, anisoze nahluleka nanini.—2 Pet. 1:10.
Emfanekisweni wamathalenta, uJesu wakhuluma ngezinceku ezimbili ezazithembekile enkosini yazo nangenceku eyodwa eyayingathembekile. (Math. 25:14-30) Izinceku ezimbili ezithembekile zimelela amaKristu agcotshiwe athembekile. INkosi, uJesu, iwamema ukuba ‘angene enjabulweni yenkosi yawo.’ Athola umvuzo wawo wasezulwini, uvuko lokuqala. (Math. 25:21, 23; IsAm. 20:5b) Ngakolunye uhlangothi, isibonelo esibi senceku evilaphayo sixwayisa abagcotshiwe. Kanjani? Kumele abonise ukuthi akhuthele. Emfanekisweni wamathalenta, njengoba kunjalo nangomfanekiso wezintombi, uJesu wayengabikezeli ukuthi abagcotshiwe babeyovilapha. Kunalokho, wayechaza okwakuyokwenzeka uma kwenzeka beyeka ukushiseka. Babeyohluleka ‘ukuziqinisekisela ukubizwa nokukhethwa kwabo’ futhi babengeke bavunyelwe ukungena eMbusweni wasezulwini. w24.09 22 ¶10; 23 ¶12-13
ULwesine, Disemba 24
Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.—Fil. 1:10.
Sonke singathanda ukunakekela izidingo zethu nezemindeni yethu. (UmSh. 7:12; 1 Thim. 5:8) Lapho sinquma ukuthi yimuphi umsebenzi esizowuthatha, kuyaqondakala ukuthi siyocabanga ngokuthi siyohola malini kuwo. Nokho, uma kuyilokho kuphela umuntu acabanga ngakho, lokho kungasho ukuthi uhamba ngokubona. Uma sihamba ngokholo, siyocabanga nangokuthi umsebenzi esiwukhethayo ungabuthinta kanjani ubungani bethu noJehova. Singase sizibuze: ‘Ingabe lo msebenzi uzodinga ngenze izinto uJehova azizondayo?’ (IzAga 6:16-19) ‘Ingabe uzophazamisa indlela engikhonza ngayo uJehova futhi mhlawumbe ungenze ngingahlali nomndeni wami isikhathi eside?’ Uma impendulo inguyebo emibuzweni efana nale, kuyoba ukuhlakanipha ukungawuthathi lowo msebenzi, ngisho noma kunzima ukuthola umsebenzi. Ngenxa yokuthi sihamba ngokholo, senza izinqumo ezibonisa ukuthi siyaqiniseka ukuthi ngandlela-thile uJehova uzozinakekela izidingo zethu.—Math. 6:33; Heb. 13:5. w25.03 21 ¶5-6
ULwesihlanu, Disemba 25
Bonisanani umusa, nibe nobubele, nithethelelane ngokukhululekile.—Efe. 4:32.
Kufanele sihlale sizama ukubheka abafowethu nodadewethu abangamaKristu ngendlela uJehova ababheka ngayo. Lokhu sikwenza ngokugxila ezimfanelweni zabo ezinhle, hhayi emaphutheni abo ayogcina ephelile. Singakwazi ukukuxazulula ngothando noma yikuphi ukungezwani esinakho nabanye. Uma senza kanjalo, abantu abathanda ukuphathwa ngaleyo ndlela bayolithanda ipharadesi elingokomoya. Kwangathi singambonga njalo uJehova ngepharadesi asenzele lona. Noma ubani ofuna ukuqabuleka, ukwaneliseka, ukuzola nokulondeka kumele eze epharadesi elingokomoya angalokothi alishiye! Kodwa, kudingeka siqaphe ngoba uSathane wenza konke angakwenza ukuze asikhiphe kulo. (1 Pet. 5:8; IsAm. 12:9) Akumele simvumele anqobe. Masenze konke okusemandleni ukuze silondoloze ubuhle, ubumsulwa nokuthula kwepharadesi elingokomoya. w24.04 24-25 ¶18-19
UMgqibelo, Disemba 26
[Funani] kuqala uMbuso.—Math. 6:33.
Bazali, ningazisiza izingane zenu ukuba zikhonze uJehova ngentshiseko. Fundisani izingane zenu ngalokho enikushoyo nangalokho enikwenzayo ukuthi izinto ezingokomoya—ezinjengokutadisha iBhayibheli, ukuya emihlanganweni nokuya enkonzweni yasensimini—ziza kuqala ekuphileni. Ngale kwalokho izingane zenu zingase ziphethe ngokuthi ukuba uFakazi KaJehova kumane nje kuwukuba “senkolweni yasekhaya.” Ngenxa yalokho, zingase zenze ukukhonza uJehova ngeqiniso kungezi kuqala ekuphileni kwazo noma ziyeke ngokuphelele ukumkhonza. Uma umuntu eyekile ukukhonza uJehova, ingabe lokho kusho ukuthi alisekho ithemba ngaye? Cha, ngoba usengaphenduka aphinde akhonze uJehova ngeqiniso. Ukuze enze kanjalo, kungase kudingeke azithobe, amukele usizo kubadala bebandla. (Jak. 5:14) Ngeke azisole nganoma yimuphi umzamo ayowenza uma nje uyomenza aphinde amukelwe uJehova! w24.07 24-25 ¶18-19
ISonto, Disemba 27
Balekelani ukuziphatha kabi ngokocansi!—1 Kor. 6:18.
Ningakugcina kanjani ukuthandana kwenu kuhloniphekile? Njengoba imizwa yothando ikhula, niyokhangana nakakhulu. Yini enganisiza niqhubeke niziphatha ngendlela ehlanzekile? Gwemani izingxoxo ezingcolile, ukuba nodwa nokuphuza kakhulu utshwala. (Efe. 5:3) Lezi zinto zingazenza zibe namandla izifiso zocansi, zenze kube nzima kakhulu ukwenza okulungile. Kungani ningazijwayezi ukuxoxa ngezinto eningazenza ukuze nigcine ukuthandana kwenu kuhloniphekile? (IzAga 22:3) Ezinye izenzo zokubonisana uthando zingase zifaneleke njengoba ubuhlobo benu buqhubeka. Nokho, uma izifiso zakho zocansi ziba namandla, cishe uyokuthola kunzima ukumcabangela omunye. (IsiHl. 1:2; 2:6) Izenzo zokubonisana uthando kalula nje zingase ziholele nasekuziphatheni okubi. (IzAga 6:27) Ngakho, lapho nje nisaqala ukuthandana, xoxani ngezinto enizozenza neningeke nizenze endabeni yokubonisana uthando, ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli.—1 Thes. 4:3-7. w24.05 29 ¶10-11
UMsombuluko, Disemba 28
Izwi lenu ‘elinguYebo’ malisho uyebo, ‘uCha’ wenu, asho ucha.—Math. 5:37.
Sifuna abanye bazi ukuthi bangathembela kithi, ikakhulukazi ngezikhathi ezinzima. (IzAga 17:17) Yini esingayenza ukuze saziwe njengabantu okungakwethenjelwa kubo? Ngaso sonke isikhathi senza konke esingakwenza ukuze silingise izimfanelo ezifana nezikaNkulunkulu, ngokwesibonelo sigcina izithembiso zethu futhi sigcine isikhathi. Abadala okungathenjelwa kubo bazuzisa ibandla. Kanjani? Abamemezeli bazizwa besekelwa uma bekwazi ukuxhumana nabadala noma yinini, njengombonisi weqembu abakulo. Abamemezeli bazizwa bethandwa nalapho bazi ukuthi abadala bazimisele ukubasiza. Njengoba abadala besekela izeluleko zabo eBhayibhelini nasezincwadini zenceku ethembekile kunasemibonweni yabo, abafowethu nodadewethu bayabethemba. Abafowethu nodadewethu banesinye isizathu sokwethemba abadala abagcina izindaba eziyimfihlo nabakwenzayo lokho abathe bazokwenza. w24.06 30 ¶14-15
ULwesibili, Disemba 29
Uyobanika ukuthula okuhlala njalo, ngoba bathembele kuwe.—Isaya 26:3.
Namuhla, ngeke silindele ukuba uJehova aqede zonke izinkinga esinazo, kodwa singathembela kuye ukuba asisize. (IHu. 41:3) Ngomoya wakhe ongcwele, uJehova usinika amandla, ukuhlakanipha, asenze sizole ukuze sikwazi ukubhekana nezinkinga. (IzAga 18:14; Fil. 4:13) Usiduduza nangethemba esinalo elisekelwe eBhayibhelini lokubona kuqedwa lonke uhlobo lokugula. (Isaya 33:24) UJehova ulondoloze amazwi aduduzayo eBhayibhelini, angasisiza lapho sibhekene nezimo ezinzima. (Roma 15:4) Lapho udade waseNtshonalanga ye-Afrika ethola ukuthi unesifo sekhensa, wayekhala njalo. Uthi: “UmBhalo owawungiduduza u-Isaya 26:3. . . . Leli vesi lingiqinisekisa ngokuthi uJehova angakwazi ukusenza sizole, okusisiza sikhuthazelele uvivinyo.” Ukhona yini umBhalo okududuzayo lapho ubhekene nezimo ezibonakala zinzima kakhulu, mhlawumbe ezibonakala zingenaso isixazululo? w24.12 24 ¶17-18
ULwesithathu, Disemba 30
Lapho isekude, uyise wayibona wayihawukela, wagijima wayanga ngothando wayiqabula.—Luka 15:20.
Abadala bazama ukubonisa umoya wokuthethelela lapho besiza izimvu ezilahlekile. Bafuna ukuba izimvu ezilahlekile “zibuyele ekhaya.” (Luka 15:22-24, 32) Kuyajatshulwa ezulwini lapho isoni sibuya, nasemhlabeni kuyajatshulwa! (Luka 15:7) Kusobala ukuthi uJehova akazivuni izoni ezingaphenduki. Noma kunjalo, uyaqhubeka ezama ukuzisiza. Ufuna zibuyele ebandleni. Indlela uJehova azizwa ngayo ngabantu abonile abaphendukile ivezwe kuHoseya 14:4, othi: “Ngizokuphulukisa ukungathembeki kwabo. Ngizobathanda ngokuzithandela, ngoba intukuthelo yami isukile kubo.” Lesi yisikhuthazo esinamandla kubadala sokuba babheke noma yiziphi izimpawu zokuphenduka. La mazwi ayisikhuthazo esinamandla nakulabo abamshiyile uJehova sokuba babuyele kuye ngokushesha. w24.08 28 ¶8-9
ULwesine, Disemba 31
Yibani ngababongayo.—Kol. 3:15.
Uma sikhuluma iqiniso, abanye bangase bangasibongi. Ngezinye izikhathi, singase sidele isikhathi sethu, amandla ethu, noma izinto esinazo, kodwa kamuva bese sizibuza ukuthi ingabe umuntu esizidele ngenxa yakhe unendaba yini nesimenzele kona. Uma lokho kwenzeka, singakugwema kanjani ukuphelelwa yinjabulo noma ukudumazeka? Khumbula, injabulo esiyithola ngokupha ayincikile endleleni abanye abasabela ngayo. (IzE. 20:35) Singakhetha ukujabula lapho sipha ngisho noma abanye bebonakala bengabongi. Kanjani? Gxila ekulingiseni uJehova. Ubapha izinto ezinhle abantu kungakhathaliseki ukuthi bayabonga noma ababongi. (Math. 5:43-48) UJehova uthembisa ukuthi uma nathi sipha ‘ngaphandle kokulindela ukubuyiselwa utho; umvuzo wethu uyoba mkhulu.’ (Luka 6:35) “Utho” lungahlanganisa ukubongwa. Kungakhathaliseki ukuthi abantu bayasibonga noma abasibongi, uJehova uyosibuyisela ngokuhle esikwenzayo ukuze sisize abanye nangokuba ‘abantu abajabulayo lapho bepha.’—IzAga 19:17; 2 Kor. 9:7. w24.09 29 ¶14-16