Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • es26 kk. 98-108
  • Okthoba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okthoba
  • Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
  • Izihlokwana
  • ULwesine, Okthoba 1
  • ULwesihlanu, Okthoba 2
  • UMgqibelo, Okthoba 3
  • ISonto, Okthoba 4
  • UMsombuluko, Okthoba 5
  • ULwesibili, Okthoba 6
  • ULwesithathu, Okthoba 7
  • ULwesine, Okthoba 8
  • ULwesihlanu, Okthoba 9
  • UMgqibelo, Okthoba 10
  • ISonto, Okthoba 11
  • UMsombuluko, Okthoba 12
  • ULwesibili, Okthoba 13
  • ULwesithathu, Okthoba 14
  • ULwesine, Okthoba 15
  • ULwesihlanu, Okthoba 16
  • UMgqibelo, Okthoba 17
  • ISonto, Okthoba 18
  • UMsombuluko, Okthoba 19
  • ULwesibili, Okthoba 20
  • ULwesithathu, Okthoba 21
  • ULwesine, Okthoba 22
  • ULwesihlanu, Okthoba 23
  • UMgqibelo, Okthoba 24
  • ISonto, Okthoba 25
  • UMsombuluko, Okthoba 26
  • ULwesibili, Okthoba 27
  • ULwesithathu, Okthoba 28
  • ULwesine, Okthoba 29
  • ULwesihlanu, Okthoba 30
  • UMgqibelo, Okthoba 31
Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
es26 kk. 98-108

Okthoba

ULwesine, Okthoba 1

Ngizohlala ngibheke uJehova.—Mika 7:7.

Sivame ukuthola isiqondiso esivela enhlanganweni, esisisiza endleleni esikhonza ngayo uJehova—kungenzeka sivela kubadala bebandla, kubabonisi besigodi, ehhovisi legatsha noma eNdikimbeni Ebusayo. Kodwa kuthiwani uma ngezinye izikhathi singaqondi ukuthi kungani sinikwe isiqondiso esithile? Singase sibone nje imiphumela emibi leso siqondiso esingaba nayo kithi. Singase siqale nokugxila emaphutheni abazalwane abakhiphe leso siqondiso. Lapho sihamba ngokholo, sikholelwa ukuthi nguJehova oqondisa inhlangano yakhe futhi uyazazi izimo zethu. Ngenxa yalokho, siyashesha ukulalela futhi lokho sikwenza sinombono omuhle. (Heb. 13:17) Siyaqaphela ukuthi ukulalela kwethu kuba nesandla ekwenzeni ibandla libe nobunye. (Efe. 4:​2, 3) Sikholelwa ukuthi ngisho noma abazalwane abaholayo bewenza amaphutha, uJehova uyokubusisa ukulalela kwethu. (1 Sam. 15:22) Ngesikhathi esifanele, uyolungisa noma yini ekudinga ngempela ukulungiswa. w25.03 23-24 ¶13-14

ULwesihlanu, Okthoba 2

UNkulunkulu . . . [unguMambuli] wezimfihlo.—Dan. 2:28.

Siphila ezikhathini ezimangalisayo! Usuku nosuku, sibona iziprofetho zeBhayibheli zigcwaliseka. Ngokwesibonelo, sibona “inkosi yasenyakatho” ‘nenkosi yaseningizimu’ ilwela ukubusa umhlaba. (Dan. 11:40) Sibona izindaba ezinhle zoMbuso kaNkululunkulu zishunyayelwa ngezinga elingakaze libonwe, izigidi zabantu ziyazamukela. (Isaya 60:22; Math. 24:14) Sithola nokudla okuningi okungokomoya “ngesikhathi esifanele.” (Math. 24:​45-47) UJehova uyaqhubeka esisiza ukuba siziqonde kakhudlwana izenzakalo ezibalulekile eziseduze. (IzAga 4:18) Singaqiniseka ukuthi lapho kuqala usizi olukhulu, sizobe sesikwazi konke okudingeka sikwazi ukuze sikhuthazele ngokwethembeka futhi sihlale sinobunye phakathi naleso sikhathi esinzima. Nokho, kumele sivume ukuthi kunezinto esingazazi ngekusasa eliseduze. w24.05 8 ¶1-2

UMgqibelo, Okthoba 3

Akanyundeli ngolimi lwakhe.—IHu. 15:3.

Ngokukhethekile, umhubi ukhuluma ngokunyundela. Kuyini ukunyundela? Ngokuvamile, kuyinkulumo engamanga engonakalisa idumela lomunye umuntu. IHubo 15:3 lisikhumbuza nokuthi izimenywa zikaJehova azenzi lutho olubi komakhelwane bazo futhi azikhulumi kabi ngabangani bazo. (IHu. 15:1) Kungahlanganisani lokho? Singahlosile, singase singcolise igama lomunye umuntu ngokuhambe sikhuluma izinto ezimbi ngaye. Ngokwesibonelo: (1) udade uyayeka ukuba senkonzweni yesikhathi esigcwele, (2) indoda nomkayo abasakhonzi eBethel, noma (3) umzalwane akaseyena umdala noma inceku ekhonzayo. Kungakuhle yini ukuqagela ukuthi kungani kwenzeke kanjalo bese sitshela abanye lokho esikucabangayo? Kungenzeka kunezizathu esingazazi ezibangele lolo shintsho. Ngaphezu kwalokho, umuntu oyisimenywa etendeni likaJehova “akenzi lutho olubi kumakhelwane wakhe, akakhulumi kabi ngabangani bakhe.” w24.06 11 ¶11-13

ISonto, Okthoba 4

Ngimgcina ephambi kwami njalo uJehova. Ngoba ungakwesokudla sami, ngeke nginyakaziswe.—IHu. 16:8.

Ukuze simesabe nakakhulu uJehova, njalo lapho senza izinqumo kudingeka sicabange ngokuthi yini ezomjabulisa. Njengoba ufunda izindaba eziseBhayibhelini, zibuze, ‘Ukube ngangibhekene nesimo esifanayo, yini engangiyoyenza?’ Ngokwesibonelo, zibone ngeso lengqondo ulalele njengoba izinhloli eziyishumi zakwa-Israyeli zethula umbiko ongemuhle ngemva kokuba zihlole izwe uJehova ayethembise ukulinika ama-Israyeli. Wawuyowukholwa yini lowo mbiko bese wesaba abantu, noma uthando onalo ngoJehova nesifiso sokumjabulisa kwakuyoba namandla ukwedlula ukwesaba? Sonke isizukulwane sakwa-Israyeli sehluleka ukubona iqiniso elakhulunywa uJoshuwa noKalebi. Ngenxa yalokho, salahlekelwa ithuba lokungena eZweni Lesithembiso.—Num. 14:​10, 22, 23. w24.07 10 ¶7

UMsombuluko, Okthoba 5

UJehova ungumhloli wezinhliziyo.—IzAga 17:3.

UGomere, inkosikazi yomprofethi uHoseya, washiya uHoseya wathandana namanye amadoda. Ingabe kwakungenakwenzeka ukuba aphenduke? UJehova, okwaziyo ukubona okusenhliziyweni yomuntu, wathi kuHoseya: “Hamba uphinde uthande owesifazane othandwa enye indoda nophingayo, njengoba nje uJehova ethanda abantu bakwa-Israyeli kuyilapho bona bephendukela kwabanye onkulunkulu.” (Hos. 3:1; IzAga 16:2) Phawula ukuthi inkosikazi kaHoseya yayisaqhubeka nokwenza isono esikhulu. Noma kunjalo, uJehova watshela uHoseya ukuthi aye kuyo, ayithethelele futhi babuyelane. Ngendlela efanayo, uJehova akazange abadikile abantu bakhe abanenkani. Nakuba babesaqhubeka nokwenza izono ezimbi kakhulu, wayesabathanda futhi waqhubeka ethumela abaprofethi bakhe ukuze abasize baphenduke futhi bashintshe izindlela zabo. Lesi sibonelo sibonisa ukuthi uJehova, ‘ongumhloli wezinhliziyo,’ uyozama ukusiza umuntu osaqhubeka nokwenza isono esikhulu ukuba aphenduke. w24.08 10 ¶7

ULwesibili, Okthoba 6

UMthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo.—Heb. 10:1.

AmaKristu angamaJuda angekhulu lokuqala abhekana nenselele enkulu. Kunesikhathi lapho amaJuda ayengabantu bakaJehova abakhethiwe. IJerusalema lalimelela ubukhosi bukaNkulunkulu emhlabeni futhi ithempeli laliyisikhungo sokukhulekela okumsulwa. Wonke amaJuda athembekile ayelandela uMthetho KaMose njengoba wawufundiswa abaholi benkolo. Lezo zimfundiso zazilawula lokho ayekudla, indlela ayebheka ngayo ukusoka, nendlela ayephatha ngayo abeZizwe. Nokho, uJehova akabange esayamukela imihlatshelo yamaJuda ngemva kokufa kukaJesu. Lokho kwaba inselele kumaKristu angamaJuda ayejwayele ukulandela uMthetho. (Heb. 10:​1, 4, 10) Ngisho namaKristu avuthiwe, afana nomphostoli uPetru, akuthola kunzima ukwamukela ezinye zalezo zinguquko. (IzE. 10:​9-14; Gal. 2:​11-14) Ngenxa yezinkolelo zawo ezintsha, lawo maKristu aba yizisulu zabaholi benkolo abangamaJuda. w24.09 9 ¶4

ULwesithathu, Okthoba 7

Khumbulani abaholayo phakathi kwenu, abaye bakhuluma izwi likaNkulunkulu kini.—Heb. 13:7.

Noma nini lapho uJehova enikeza abantu bakhe umsebenzi, ulindele ukuba bawenze ngendlela ehlelekile. (1 Kor. 14:33) Ngokwesibonelo, kuyintando kaNkulunkulu ukuba izindaba ezinhle zishunyayelwe emhlabeni wonke. (Math. 24:14) UJehova umise uJesu ukuba aqondise lowo msebenzi. UJesu uye waqikelela ukuba lo msebenzi wenziwa ngendlela ehlelekile. Ngekhulu lokuqala, njengoba kwakumiswa amabandla ezindaweni ezihlukahlukene, kwamiswa abadala ababezokhipha isiqondiso futhi bahole. (IzE. 14:23) EJerusalema indikimba yabadala, ehlanganisa abaphostoli namadoda amadala, yenza izinqumo ezithile okwakulindeleke ukuba wonke amabandla azilalele. (IzE. 15:2; 16:4) Ngenxa yokuthi abafowethu nodadewethu bazilalela iziqondiso ababezinikiwe, “amabandla aqhubeka eqiniswa okholweni futhi anda ngesibalo.”—IzE. 16:5. w24.04 8 ¶1

ULwesine, Okthoba 8

UMariya Magdalena weza waletha lezi zindaba kubafundi wathi: “Ngiyibonile iNkosi!”—Joh. 20:18.

Ekuseni ngovivi ngoNisani 16, abesifazane abambalwa baya ethuneni okwakungcwatshwe kulo isidumbu sikaJesu. (Luka 24:​1, 10) Ake sigxile kulokho okwenzeka komunye walabo besifazane, uMariya Magdalena. Lapho uMariya efika ethuneni, walithola lingenalutho. Wagijima wayotshela uPetru noJohane, ngemva kwalokho wabalandela njengoba nabo begijimela ethuneni. Lapho la madoda eseqiniseka ukuthi akukho lutho ethuneni, abuyela ekhaya. Kodwa uMariya yena akabuyelanga ekhaya. Wahlala lapho, wakhala. Wayengazi ukuthi uJesu wayebukele. Wazibona izinyembezi zalona wesifazane othembekile, wathinteka ngokujulile. Ngakho, waziveza kuMariya wabe esenza into elula eyamkhuthaza kakhulu. Wakhuluma naye, wayesemnika isabelo esibalulekile—wathi akayotshela abafundi bakhe ukuthi usevusiwe.—Joh. 20:​17, 18. w24.10 13 ¶7

ULwesihlanu, Okthoba 9

Ngizozandisa nezibonakaliso nezimangaliso zami ezweni laseGibhithe.—Eks. 7:3.

UMose wayengumprofethi, umahluleli, umkhuzi wamabutho nesazi somlando. Wahola isizwe sakwa-Israyeli lapho siphuma ebugqilini eGibhithe futhi wazibonela ngokwakhe izimangaliso zikaJehova eziningi. UJehova wamsebenzisa ukuba abhale izincwadi zokuqala ezinhlanu zeBhayibheli, iHubo 90, cishe neHubo 91. Kungenzeka wabhala nencwadi kaJobe. Ngaphambi nje kokuba afe, eseneminyaka engu-120, uMose wabiza wonke ama-Israyeli wawakhumbuza izinto ayezibonile nezazenzekile ekuphileni kwawo. Ayezibonile izibonakaliso nezimangaliso zikaJehova, abona nalapho uJehova ahlulela abaseGibhithe. (Eks. 7:4) Ayenqamule oLwandle Olubomvu olwaluhlukaniswe uJehova, abona kubhujiswa nebutho likaFaro. (Eks. 14:​29-31) Ehlane, uJehova wayewavikele futhi wawanakekela. (Dut. 8:​3, 4) Manje ayesekulungele ukungena eZweni Lesithembiso. Ngakho ngaphambi kokuba afe, uMose wayefuna ukuwakhuthaza. w24.11 8-9 ¶3-4

UMgqibelo, Okthoba 10

Uma umuntu esidla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade . . . Isinkwa engizosinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.—Joh. 6:51.

Lokho uJesu akusho kubaphostoli bakhe eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa kwakuthinta iqembu elincane kuphela, kanti lokho akusho esixukwini esasiseGalile kwakuthinta abantu abaningi. Ngesikhathi uJesu eseGalile ngo-32 C.E., wayekhuluma namaJuda ayezifunela isinkwa nje kuphela kuye. Nokho, uJesu wazama ukuwasiza ukuba aqonde ukuthi kwakunokuthile okubaluleke ukwedlula ukudla. Wakhuluma ngelungiselelo elalingabenza bathole ukuphila okuphakade. UJesu wathi labo asebashona bangavuswa ngosuku lokugcina baphile phakade. Lapha wayengakhulumi ngabambalwa abakhethiwe, okuyinani elincane, njengoba enza kamuva eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa. Kunalokho, eGalile wayekhuluma ngesibusiso esasingatholwa yibo bonke abantu. w24.12 11 ¶10-11

ISonto, Okthoba 11

Nina madoda, qhubekani nithanda omkenu.—Kol. 3:19.

UJehova uyamzonda umuntu onobudlova. (IHu. 11:5) Uyabalahla abayeni abahlukumeza omkabo. (Mal. 2:16) Uma umyeni engamphathi kahle umkakhe ubuhlobo bakhe noNkulunkulu buyothinteka. UJehova angase angayilaleli ngisho nemithandazo yakhe. (1 Petru 3:7) Abanye abayeni bayabathethisa omkabo, basho nezinto ezibuhlungu kubo. Kodwa uJehova uyayizonda “intukuthelo, ulaka, ukuklabalasa nenkulumo elimazayo.” (Efe. 4:​31, 32) Umyeni osho amazwi ahlabayo kumkakhe akagcini nje ngokulimaza umshado wakhe, kodwa ulimaza nobuhlobo bakhe noNkulunkulu. (Jak. 1:26) Kungashiwo okufanayo nangomyeni obukela izithombe zocansi ezingcolile. Naye ulimaza ubuhlobo bakhe noJehova. Ululaza nomkakhe. UJehova ulindele ukuba umyeni ahlale eqotho kumkakhe, hhayi ngezenzo kuphela, kodwa ngisho nangalokho akucabangayo. UJesu wathi indoda ebuka omunye wesifazane ize imkhanuke isiphingile kakade ‘enhliziyweni yayo.’—Math. 5:​28, 29. w25.01 9 ¶6-8

UMsombuluko, Okthoba 12

Umuntu kuthiwa ulungile . . . kuphela ngokholo kuJesu Kristu.—Gal. 2:16.

Ukuba kuthiwe silungile kusho ukuthi amacala ethu axolelwe nokuthi amacala ethu asuliwe. Ngokwenza kanjalo, uJehova akayiphuli imithetho yakhe yobulungisa. Akathi silungile ngoba sikufanelekela lokho futhi akazivuni izono zethu. Kodwa ngenxa yokuthi sibonisa ukholo elungiselelweni lesihlawulelo nasesihlengweni esakhokhwa, uJehova uzimisele ukuthethelela izono zethu. (Roma 3:24) Kusho ukuthini lokho kithi ngabanye? Labo abakhethwe ukuba babuse noJesu ezulwini kakade sekuthiwe balungile njengabantwana bakaNkulunkulu. (Thithu 3:7; 1 Joh. 3:1) Izono zabo zithethelelwe. Kunjengokungathi abakaze bone, ngakho bayakufanelekela ukuba seMbusweni. (Roma 8:​1, 2, 30) Labo abanethemba lokuphila emhlabeni kuthiwe balungile njengabangani bakaNkulunkulu futhi izono zabo zithethelelwe.—Jak. 2:​21-23. w25.02 5 ¶17-18

ULwesibili, Okthoba 13

Awucabangi imicabango kaNkulunkulu, ucabanga eyabantu.—Math. 16:23.

Cabanga ngesikhathi lapho umphostoli uPetru engazange ayilingise indlela uJehova acabanga ngayo. UJesu wayetshele abaphostoli bakhe ukuthi kwakuyomele aye eJerusalema, anikelwe kubaholi benkolo khona, akhuthazelele ukuhlukunyezwa bese eyabulawa. (Math. 16:21) Kungenzeka uPetru wakuthola kunzima ukwamukela ukuthi uJehova wayezovumela uJesu—ithemba lakwa-Israyeli noMesiya othenjisiwe—ukuba abulawe. (Math. 16:16) Ngakho uPetru wabizela uJesu eceleni wathi: “Yiba nomusa kuwe, Nkosi; ngeke neze lokhu kwenzeke kuwe.” (Math. 16:22) Ngenxa yokuthi uPetru akazange acabange njengoJehova kule ndaba, ayekucabanga kwakungahambisani noJesu. Kungenzeka uPetru wayenezinhloso ezinhle, kodwa uJesu wasenqaba iseluleko sikaPetru. Kukhona esikufundayo kule ndaba. Kwakungeyona intando kaJehova ukuba uJesu aphile impilo yokuzigodla. Kuleso senzakalo, uPetru wafunda isifundo esibalulekile mayelana nokucabanga njengoNkulunkulu. w25.03 9 ¶5-6

ULwesithathu, Okthoba 14

UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; Uyabasindisa abadangele.—IHu. 34:18.

Ingabe ucindezelekile ngenxa yokudunyazwa yinto ethile noma umuntu omethembayo? Kungakhathaliseki ukuthi omunye umuntu ukuphathe kanjani, uBaba wakho osezulwini uyakuthanda. Lapho sidunyazwe othile, angasiduduza amazwi kaDavide aqinisa idolo asemBhalweni wosuku wanamuhla. Enye incwadi ithi inkulumo ethi abantu “abanomoya ochobozekile” ingabhekisela “kubantu abangenayo into enhle ababheke phambili kuyo.” UJehova ubasiza kanjani labo abazizwa ngaleyo ndlela ngenxa yokudumazeka okuqeda amandla? Njengomzali onothando obamba ingane yakhe ayiduduze lapho icindezelekile, uJehova “useduze” nathi—uhlale enozwela futhi ekulungele ukusisiza lapho sichobozekile ngenxa yokudunyazwa umuntu esimethembayo noma lapho sishiywe othile. Uyakulangazelela ukusiduduza lapho siphukile ezinhliziyweni futhi sizizwa singelutho. Usinika izinto eziningi esingabheka phambili kuzo, ezisisiza sikhuthazelele uvivinyo esibhekene nalo njengamanje.—Isaya 65:17. w24.12 23 ¶13-14

ULwesine, Okthoba 15

Niyothola . . . umvuzo kuJehova.—Kol. 3:24.

Namuhla, abadala bangaqiniseka ngokuthi uJehova uyawubona futhi uyawazisa umsebenzi omuhle abawenzayo. Naphezu kokwalusa, ukufundisa nokushumayela, abadala abaningi basiza emisebenzini yokwakha nalapho kugadle khona izinhlekelele. Abanye basiza emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela noma emaQenjini Avakashela Iziguli. Abadala abakulungele ukwenza le misebenzi babheka ibandla njengelungiselelo likaJehova. Izabelo zabo bazenza ngomphefumulo wonke futhi bamethemba ngokugcwele uNkulunkulu ukuthi uzobavuza ngalokho abakwenzayo. (Kol. 3:​23, 24) Akuyena wonke umuntu ongaba umdala. Kodwa sonke kukhona esingamenzela kona uJehova. UNkulunkulu wethu ujabula kakhulu lapho senza konke esingakwenza ukuze simkhonze. Uyayibona iminikelo esiyinikela emsebenzini womhlaba wonke, kungakhathaliseki ukuthi ingakanani. Uyajabula nalapho sibathethelela abasonayo. Qiniseka ngokuthi uJehova uyakwazisa lokho okwazi ukumenzela kona. Uyakuthanda ngenxa yemizamo oyenzayo futhi uzokuvuza.—Luka 21:​1-4. w24.06 23 ¶12-13

ULwesihlanu, Okthoba 16

Ningazivumeli izinhliziyo zenu ziphambukele ezindleleni zakhe. Ninganhlanhlatheli ezindleleni zakhe.—IzAga 7:25.

Indaba elandiswa uSolomoni ibonisa lokho okungenzeka kunoma yimuphi umkhulekeli kaJehova. Angase enze isono esikhulu bese kamuva abone sengathi yonke into yenzeke ngokushesha. Noma angase athi, “Ngibone sekwenzeka nje.” Nokho, uma ecabangisisa ngokwenzekile, cishe uyoqaphela ukuthi kunezinto ezingahlakaniphile azenzile ezimholele ekwenzeni isono. Lezo zinto kungenzeka bezihlanganisa ukuchitha isikhathi nabangani ababi, ukuzijabulisa okungcolile, noma ukujwayela ukuya ezindaweni ezingabazisayo—kungaba ngokoqobo noma kuyi-inthanethi. Mhlawumbe uyekile nokuthandaza, ukufunda iBhayibheli, ukuya emihlanganweni yebandla noma ukushumayela. Njengensizwa okukhulunywe ngayo encwadini yezAga, kungenzeka isono akasenzanga ngokushesha. Yini esiyifundayo kule ndaba? Kudingeka singagcini nje ngokugwema ukwenza isono, kodwa nezinto eziholela kuso. Yilelo kanye iphuzu elalivezwa uSolomoni ngemva kokulandisa indaba.—Math. 5:​29, 30. w24.07 16 ¶10-11

UMgqibelo, Okthoba 17

Sinale ngcebo ezitsheni zobumba.—2 Kor. 4:7.

Iyini le ngcebo? Iwumsebenzi wokushumayela umyalezo woMbuso osindisa ukuphila. (2 Kor. 4:1) Ziyini izitsha zobumba? Zimelela izinceku zikaNkulunkulu ezitshela abanye izindaba ezinhle. Ngesikhathi sikaPawulu, abahwebi babesebenzisa izitsha zobumba ukuze bathuthe izinto eziyigugu ezifana nokudla, iwayini nemali. Ngendlela efanayo, uJehova usiphathise umyalezo wezindaba ezinhle oyigugu. Ngosizo lukaJehova singakwazi ukuba namandla esiwadingayo okushumayela umyalezo wethu ngokwethembeka. Ngezinye izikhathi, singase sesabe abantu noma sesabe ukuthi ngeke basilalele. Singayinqoba kanjani leyo nselele? Cabanga ngomthandazo wabaphostoli lapho beyalwa ukuba bangashumayeli. Kunokuba besabe, bacela uJehova ukuba abasize baqhubeke bekhuluma ngesibindi.’ UJehova wawuphendula ngokushesha umthandazo wabo. (IzE. 4:​18, 29, 31) Uma ngezinye izikhathi uzizwa wesaba abantu, cela uJehova akusize unqobe ukwesaba abantu ngothando onalo ngabo. w24.04 16 ¶8-9

ISonto, Okthoba 18

Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.—Math. 6:9.

Uthando esinalo ngoJehova lusenza singcwelise igama lakhe. Sifuna ukuba nesandla ekuhlanzeni igama lakhe elihlanjalazwe uSathane ngamanga akhe amabi. (Gen. 3:​1-5; Jobe 2:4; Joh. 8:44) Enkonzweni yethu, siyakulangazelela ukumelela uNkulunkulu wethu, sitshele noma ubani ongathanda ukulalela iqiniso ngaye. Sifuna ukutshela wonke umuntu ukuthi imfanelo yakhe evelele uthando, ukuthi indlela yakhe yokubusa ilungile futhi inobulungisa nokuthi maduze uMbuso wakhe uzoqeda konke ukuhlupheka, wenze bonke abantu babe nokuthula futhi bajabule. (IHu. 37:​10, 11, 29; 1 Joh. 4:8) Lapho sivikela idumela likaJehova enkonzweni, singcwelisa igama lakhe. Kuyasijabulisa nokwazi ukuthi senza lokho okulindelekile kithi njengoFakazi BakaJehova. w24.05 18 ¶12

UMsombuluko, Okthoba 19

Lapho wenza idili, mema abahluphekayo, abakhubazekile, izinyonga, izimpumputhe; khona-ke uyojabula, ngoba abanalutho abangakubuyisela ngalo. Ngoba uyonikwa imbuyiselo ovukweni lwabalungile.—Luka 14:​13, 14.

Bazalwane, nibonisa ukuthi ningabantu ‘abazingenisayo’ izivakashi lapho nenzela abanye izinto ezinhle, kuhlanganise nalabo abangebona abangani benu. (1 Pet. 4:9) Enye incwadi ithi umuntu ongenisa izivakashi unomusa ngisho nakubantu angabazi futhi uyakujabulela ukubamemela emzini wakhe. Zibuze, ‘Ngaziwa njengomuntu onjani uma kuziwa endabeni yokwamukela izivakashi?’ (Heb. 13:​2, 16) Umuntu owamukela izivakashi upha izivakashi lokho anakho, okuhlanganisa abantu abahluphekayo, izikhonzi ezisebenza ngokuzikhandla, njengababonisi besigodi nezikhulumi ezivakashele ibandla.—Gen. 18:​2-8; IzAga 3:27; IzE. 16:15; Roma 12:13. w24.11 21 ¶6

ULwesibili, Okthoba 20

Izintombi ezazizilungiselele zangena naye edilini lomshado.—Math. 25:10.

Emfanekisweni wezintombi, uJesu wakhuluma ngezintombi eziyishumi ezaphuma ziyohlangabeza umkhwenyana. (Math. 25:​1-4) Zonke zazinethemba lokuphelezela umkhwenyana edilini lomshado. UJesu wathi ezinhlanu kuzo ‘zazihlakaniphile,’ ezinye ezinhlanu “zaziyiziwula.” Izintombi ezihlakaniphile zazizilungiselele ukulinda umkhwenyana kuze kube yilapho efika, ngisho noma efika ebusuku kakhulu. Ngakho, zaziphethe izibani zamafutha ukuze zikhanyise ebusuku. Zaze zaphatha ngisho namafutha engeziwe zenzela uma kwenzeka umkhwenyana ephuza ukufika. Ngakho zazikulungele ukugcina izibani zazo zikhanya. (Math. 25:​6-10) Lapho umkhwenyana efika, izintombi ezihlakaniphile zangena naye edilini lomshado. Ngendlela efanayo, amaKristu agcotshiwe azibonakalise elindile ngokuhlale eqaphile futhi ethembekile kuze kube yilapho uKristu efika ayothola umvuzo wawo wokuba noMkhwenyana, uJesu, eMbusweni wakhe wasezulwini.—IsAm. 7:​1-3. w24.09 21 ¶6

ULwesithathu, Okthoba 21

Ngabona isixuku esikhulu . . . siphuma kuzo zonke izizwe.—IsAm. 7:9.

Ukucabanga ngalokho okufezwa umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke namuhla kusenza siqhubeke sishumayela ngentshiseko. Unyaka ngamunye, izigidi zabantu abathanda umyalezo esiwushumayelayo ziba khona eSikhumbuzweni futhi zifunda nathi iBhayibheli. Amakhulu ezinkulungwane ayabhapathizwa, ahlanganyele kanye nathi emsebenzini wokushumayela. Asazi ukuthi bangakanani abantu abasazosabela emyalezweni esiwushumayelayo, kodwa siyazi ukuthi uJehova uqoqa isixuku esikhulu esiyosinda osizini olukhulu oluzayo. (IsAm. 7:​9, 14) INkosi yokuvuna ilokhu inethemba lokuthi bakhona abazozilalela izindaba ezinhle, ngakho sinesizathu esihle sokuqhubeka sishumayela. (Luka 10:2) Abafundi bakaJesu bebelokhu baziwa ngokushumayela ngentshiseko. Lapho abantu bebona indlela abaphostoli ababeshumayela ngayo ngesibindi, “babona ukuthi babenoJesu.” (IzE. 4:13) Njengoba abantu besibuka sishumayela, kwangathi bangabona ukuthi nathi sishiseka njengoJesu. w25.03 18 ¶15; 19 ¶17-18

ULwesine, Okthoba 22

O Jehova, uyini umuntu ukuba umqaphele?—IHu. 144:3.

IBhayibheli lisifundisa ukuthi uJehova uyabaqaphela labo ababonakala bengabalulekile kwabanye. Ngokwesibonelo, uJehova wathuma umprofethi uSamuweli endlini kaJese ukuba ayogcoba enye yamadodana akhe eyayizoba inkosi yakwa-Israyeli. UJese wabiza amadodana akhe angu-7 kwangu-8 ukuba eze kuSamuweli, kodwa akazange ambize uDavide, umagcina. Noma kunjalo, nguDavide owayekhethwe uJehova. (1 Sam. 16:​6, 7, 10-12) UJehova wabona lokho uDavide ayeyikho ngempela ngaphakathi—wayazi ukuthi le nsizwa yayimthanda kakhulu. Cabanga ngendlela uJehova asekubonise ngayo ukuthi uyakuqaphela. Ukunikeza iseluleko esifanelana nezidingo zakho. (IHu. 32:8) Lokho kufakazela ukuthi ukwazi kahle. (IHu. 139:1) Lapho usebenzisa iseluleko sikaJehova futhi ubona indlela esikusiza ngayo, uzoqiniseka ukuthi uyakukhathalela. (1 IziKr. 28:9; IzE. 17:​26, 27) Uyayibona imizamo yakho. Uyazibona izimfanelo zakho futhi uyafuna ukukusiza.—Jer. 17:10. w24.10 25-26 ¶7-9

ULwesihlanu, Okthoba 23

Waba nesihawu ngaso ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi.—Marku 6:34.

Akungabazeki ukuthi uyamthanda uJehova futhi ufuna ukukhonza abanye. Ungasikhulisa kanjani isifiso sokukhonza abanye? Cabanga ngenjabulo oyoyithola ngokukhonza abafowenu nodadewenu. UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) Wayekwenza lokhu okushiwo yilesi simiso. Wayekujabulela ngempela ukukhonza abanye. Cabanga ngesibonelo esitholakala kuMarku 6:​31-34. Kulesi senzakalo, uJesu nabaphostoli bakhe babekhathele. Babeya endaweni engenabantu ukuze baphumule. Kodwa isixuku safika kuqala kunabo sinethemba lokufundiswa uJesu. Wayengase enqabe ukusifundisa. Phela yena nabaphostoli bakhe “babengenaso ngisho nesikhathi esikhululekile sokudla.” Noma uJesu wayengase afundise abantu amaqiniso ambalwa bese ebayala ukuba bahambe. Kodwa ngenxa yokuthi wayebathanda ‘wabafundisa,’ waqhubeka ebafundisa isikhathi eside.—Marku 6:35. w24.11 16 ¶9-10

UMgqibelo, Okthoba 24

Umsebenzi wenu uyovuzwa.—2 IziKr. 15:7.

Bazali, khuthazani izingane zenu ukuba zibheke amathuba okuxoxela abanye amaqiniso aseBhayibhelini. (Roma 10:10) Ungase uqhathanise imizamo yengane yakho yokuxoxela abanye ngokholo lwayo nomzamo odingekayo ukuze udlale insimbi yomculo. Ekuqaleni, umuntu ofunda ukudlala insimbi yomculo uprakthiza amanothi okulula ukuwadlala. Ngokuhamba kwesikhathi, ukudlala umculo kuya kuba lula. Ngendlela efanayo, umKristu osemusha angaqala ukushumayela ngendlela elula. Ngokwesibonelo, angabuza afunda naye: “Ingabe bewazi ukuthi onjiniyela bakha izinto bebukela endalweni? Ake ngikubonise le vidiyo emnandi.” Ngemva kokumbonisa ividiyo esochungechungeni oluthi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? angase abuze: “Uma ososayensi bedunyiswa ngalokho abakwakhile besusela endalweni, ubani ngempela okufanele adunyiswe ngenxa yalokho esikubona endalweni?” Mhlawumbe lowo afunda naye angase afise ukwazi okwengeziwe ngoJehova. w24.12 19 ¶17-18

ISonto, Okthoba 25

Isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono.—Roma 5:12.

Ukuze asikhulule esonweni nasekufeni, uJehova wathumela uJesu ukuze abe isihlengo. Kodwa umhlatshelo womuntu oyedwa wawungazikhulula kanjani izigidi zabantu esonweni nasekufeni? Umphostoli uPawulu uyachaza: “Njengoba nje ngokungalaleli komuntu oyedwa [u-Adamu] abaningi baba yizoni, ngokufanayo, ngokulalela komuntu oyedwa [uJesu] abaningi bayoba abalungile.” (Roma 5:19; 1 Thim. 2:6) Ngamanye amazwi, siyizigqila zesono nokufa ngenxa yokungalaleli komuntu oyedwa owayengenasono. Ngakho, ukuze sikhululwe esonweni nasekufeni kwakudingeka umuntu oyedwa ongenasono ozolalela uNkulunkulu. Wayengeke yini uJehova amane avumele inzalo ka-Adamu elalelayo ukuba iphile phakade? Kubantu abanesono, lokho kwakungabonakala njengento enengqondo nebonisa umusa. Kodwa lokho akububonisi ubulungisa bukaJehova. Ngenxa yokuthi uJehova unobulungisa, wayengenakulokotha ashalazele ukungalaleli kuka-Adamu ngamabomu. w25.01 21 ¶3-4

UMsombuluko, Okthoba 26

Sihamba ngokholo, hhayi ngokubona.—2 Kor. 5:7.

Ngesinye isikhathi, umphostoli uPawulu wayazi ukuthi kungekudala wayezobulawa, kodwa lapho ecabanga ngokuphila kwakhe wayenelisekile ngakho. Wathi: “Ngiwugijimile umncintiswano ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo.” (2 Thim. 4:​6-8) UPawulu wayenze izinqumo ezinhle enkonzweni yakhe yobuKristu futhi wayeqiniseka ukuthi uJehova wayejabula ngaye. Nathi sifuna ukwenza izinqumo ezinhle futhi samukelwe uNkulunkulu. Singakwenza kanjani lokho? Lapho ekhuluma ngaye nangamanye amaKristu, uPawulu wathi: “Sihamba ngokholo, hhayi ngokubona.” EBhayibhelini, ngezinye izikhathi igama elithi “ukuhamba” libhekisela endleleni umuntu akhetha ukuphila ngayo. Lapho umuntu ehamba ngokholo, wenza izinqumo ezisekelwe endleleni athembele ngayo kuJehova uNkulunkulu. Izenzo zakhe zibonisa ukuthi uyaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzomvuza futhi uzozuza ngokulalela iseluleko sikaJehova esitholakala eZwini laKhe.—IHu. 119:66; Heb. 11:6. w25.03 20 ¶1-2

ULwesibili, Okthoba 27

Maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu.—Roma 12:2.

Ngosizo lomoya kaNkulunkulu, abantu abaningi ababenobuntu obunjengobezilwane benze izinguquko eziphawulekayo ekuphileni kwabo. (Isaya 65:25) Basebenze kanzima ukuze bashintshe ubuntu obungathandeki ababenabo ngaphambili. (Efe. 4:​22-24) Yiqiniso ukuthi abantu bakaNkulunkulu basenesono, ngakho sisazowenza amaphutha. Noma kunjalo, uJehova wenze “zonke izinhlobo zabantu” zaba nobunye futhi akekho ongaqeda uthando nokuthula ezinako. (Thithu 2:11) Lesi yisimangaliso esingenziwa uNkulunkulu uMninimandla Onke kuphela! Amazwi akhe ahlale egcwaliseka. (Isaya 55:​10, 11) Ipharadesi elingokomoya lingokoqobo ngisho kwamanje. UJehova wenze umndeni wabakhulekeli bakhe wangafana neminye. Kubantu bakhe, sithola ukuthula nokulondeka kuleli zwe elinodlame. (IHu. 72:7) Ngenxa yalezi zizathu, sifuna ukusiza bonke abantu esingakwazi ukubasiza babe yingxenye yobuzalwane bethu bobuKristu. Lokho singakwenza ngokugxila ekwenzeni abafundi.—Math. 28:​19, 20. w24.04 23 ¶13, 15

ULwesithathu, Okthoba 28

Sinawo umqondo kaKristu.—1 Kor. 2:16.

UJesu wayethanda uJehova ngengqondo yakhe yonke. Wayazi ukuthi yayiyini intando kaNkulunkulu ngaye futhi wayezimisele ukwenza ngokuvumelana nayo, ngisho noma lokho kwakusho ukuthi wayezohlupheka ngenxa yokwenza okulungile. Ngenxa yokuthi wayegxile ekwenzeni intando kaBaba wakhe, uJesu akavumelanga lutho ukuba lumphazamise ekufezeni lowo mgomo. UPetru nabanye abaphostoli babenelungelo lokuchitha isikhathi noJesu nokufunda endleleni acabanga ngayo. Ngesikhathi uPetru ebhala incwadi yakhe yokuqala ephefumulelwe, wakhuthaza amaKristu ukuba ahlome ngesimo sengqondo esifana nesikaKristu. (1 Pet. 4:1) UPetru wasebenzisa igama elisetshenziswa empini lapho ebhala ethi: “Hlomani.” Ngakho, uma amaKristu elingisa isimo sengqondo sikaJesu, noma elingisa indlela acabanga ngayo, ayokuhlomela ngesikhali esinamandla ukulwisana nanoma yisiphi isifiso sokwenza okungalungile nokulwa naleli zwe elibuswa uSathane.—2 Kor. 10:​3-5; Efe. 6:12. w25.03 8-9 ¶1-3

ULwesine, Okthoba 29

Imicabango yenhliziyo yomuntu injengamanzi ajulile, kodwa umuntu onokuqonda uyayikhipha.—IzAga 20:5.

Yiziphi izinto okufanele nizazi ngomunye nomunye ngesikhathi nisathandana? Ngaphambi kokuba imizwa yothando ibe namandla kakhulu, ungase ufune ukuxoxa ngezinye izinto ezibalulekile, njengemigomo yalowo muntu. Ungakwazi kanjani ukuthola lokho umuntu ayikho ngempela? Enye indlela engcono kakhulu ukukhuluma ngokukhululekile, ukhulume iqiniso, ubuze imibuzo bese uyalalelisisa. (Jak. 1:19) Ungase ukuthole kuwusizo ukuba nenze izinto ezizonenza nixoxe, njengokudla ndawonye, ukulula izinyawo ezindaweni zomphakathi nokushumayela ndawonye. Ningazana kangcono nalapho nichitha isikhathi nabangani nomndeni. Ngaphezu kwalokho, hlela izinto ezizokubonisa indlela lo othandana naye enza ngayo ezimweni ezihlukile nalapho enabantu abahlukile. w24.05 27-28 ¶6-7

ULwesihlanu, Okthoba 30

Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.—Efe. 5:1.

Maduze, sizobhekana novivinyo oluzokwenza kudingeke sincike nakakhulu kuJehova kunangaphambili. Izindaba eziseBhayibhelini nezoFakazi bangosuku lwethu zizosisiza siqonde ukuthi uNkulunkulu uzibonise kanjani izimfanelo zakhe ezinjengedwala ukuze asekele izinceku zakhe. Cabangisisa ngalezo zindaba. Ukwenza kanjalo kungakusiza wenze uJehova abe iDwala lakho. Uyokulungela kangcono nokukhuthaza abafowenu nodadewenu ebandleni. Ngokwesibonelo, uJesu waqamba uSimoni ngokuthi uKhefase (okuhunyushwa ngokuthi “Petru”), okusho ukuthi “Iqhezu Ledwala.” (Joh. 1:42) Lokho kwakubonisa ukuthi wayezoba umthombo wenduduzo futhi aqinise abanye ebandleni. Abadala bebandla bachazwa ngokuthi ‘bawumthunzi wedwala elikhulu.’ Lokhu kubonisa indlela abalivikela ngayo ibandla. (Isaya 32:2) Yiqiniso ukuthi ibandla liyazuza lapho bonke—abafowethu nodadewethu—belingisa izimfanelo zikaJehova ezinjengedwala. w24.06 28 ¶10-11

UMgqibelo, Okthoba 31

UJehova . . . [ufuna sizinikele] kuye kuphela.—Dut. 4:24.

Amakhosi akwa-Israyeli uJehova ayewabheka njengathembekile ayemkhonza ngeqiniso. Amakhosi amaningi uJehova awahlulela ngokuthi ayengathembekile ayeka ukulalela uMthetho waKhe, akhulekela onkulunkulu bamanga. (1 AmaKh. 21:​25, 26; 2 IziKr. 12:1) Kungani kwakubaluleke kangaka kuJehova ukuthi umuntu ukhonza bani? Esinye isizathu ukuthi kwakuwumthwalo wamakhosi ukusiza abantu bakaNkulunkulu ukuba bamkhonze ngeqiniso. Esinye isizathu ukuthi ukukhulekela kwamanga kwakwenza abantu benze ezinye izono ezinkulu nezinto ezingenabulungisa. (Hos. 4:​1, 2) Ngaphezu kwalokho, amakhosi nabantu abangaphansi kwawo babezinikele kuJehova. Ngakho, iBhayibheli lifanisa ukuzibandakanya kwabo nokukhulekela kwamanga nokuphinga. (Jer. 3:​8, 9) Umuntu ophingayo wona umuntu ashade naye futhi umzwisa ubuhlungu obukhulu. Ngendlela efanayo, inceku kaJehova ezinikezele ehlanganyela ekukhulekeleni kwamanga yona uJehova ngokuqondile futhi imzwisa ubuhlungu obukhulu.—Dut. 4:23. w24.07 22-23 ¶12-15

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela