Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • es26 kk. 88-97
  • Septhemba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Septhemba
  • Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
  • Izihlokwana
  • ULwesibili, Septhemba 1
  • ULwesithathu, Septhemba 2
  • ULwesine, Septhemba 3
  • ULwesihlanu, Septhemba 4
  • UMgqibelo, Septhemba 5
  • ISonto, Septhemba 6
  • UMsombuluko, Septhemba 7
  • ULwesibili, Septhemba 8
  • ULwesithathu, Septhemba 9
  • ULwesine, Septhemba 10
  • ULwesihlanu, Septhemba 11
  • UMgqibelo, Septhemba 12
  • ISonto, Septhemba 13
  • UMsombuluko, Septhemba 14
  • ULwesibili, Septhemba 15
  • ULwesithathu, Septhemba 16
  • ULwesine, Septhemba 17
  • ULwesihlanu, Septhemba 18
  • UMgqibelo, Septhemba 19
  • ISonto, Septhemba 20
  • UMsombuluko, Septhemba 21
  • ULwesibili, Septhemba 22
  • ULwesithathu, Septhemba 23
  • ULwesine, Septhemba 24
  • ULwesihlanu, Septhemba 25
  • UMgqibelo, Septhemba 26
  • ISonto, Septhemba 27
  • UMsombuluko, Septhemba 28
  • ULwesibili, Septhemba 29
  • ULwesithathu, Septhemba 30
Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
es26 kk. 88-97

Septhemba

ULwesibili, Septhemba 1

Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini.—2 Kor. 13:5.

Akumele sigcine ngokuzikhandla ukuba sibe abantu abavuthiwe, kodwa kumele sihlale singabantu abavuthiwe. Lokhu kudinga ukuba sigweme ukuzethemba ngokweqile. (1 Kor. 10:12) Kufanele ‘siqhubeke sizihlola’ ukuze siqiniseke ukuthi siyaqhubeka sithuthuka. Encwadini yakhe ayibhalela abaseKolose, umphostoli uPawulu uphinde agcizelele isidingo sokuba siqhubeke singabantu abavuthiwe. Nakuba base bengamaKristu akhule ngokugcwele, uPawulu wabaxwayisa ukuba bangabanjwa ugibe lokucabanga kwezwe. (Kol. 2:​6-10) U-Ephafra, owayebazi kahle labo abasebandleni, wayethandaza njalo ethandazela ukuthi kwangathi ‘ekugcineni bangama baphelele,’ noma bavuthwe. (Kol. 4:12) Liyini iphuzu? Bobabili uPawulu no-Ephafra babeqonda ukuthi ukuhlala uvuthiwe kudinga ukuzikhandla nosizo lukaNkulunkulu. Babefuna ukuba abaseKolose baqhubeke bevuthiwe noma bengamaKristu akhule ngokugcwele naphezu kwanoma yiziphi izinkinga ababebhekene nazo. w24.04 6-7 ¶16-17

ULwesithathu, Septhemba 2

UJehova unathi. Ningabesabi.—Num. 14:9.

Lapho sesikufundile ukwesaba uJehova ngendlela efanele, simthanda kakhulu kangangokuba asisoze senza noma yini engamjabulisi. Kuyasijabulisa ukufunda ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile, nomehluko phakathi kweqiniso namanga ukuze samukeleke kuJehova. (IzAga 2:​3-6; Heb. 5:14) Uma besingase sesabe abantu kunoNkulunkulu, singachezukiswa eqinisweni. Cabanga ngesibonelo sezinhloli ezingu-12 ezahamba zayohlola izwe uJehova ayethembise ukulinika ama-Israyeli. Eziyishumi zalezo zinhloli, indlela ezazesaba ngayo amaKhanani yayedlula indlela ezazithanda ngayo uNkulunkulu. Zatshela amanye ama-Israyeli: “Asikwazi ukukhuphuka siyomelana nalabo bantu ngoba banamandla kunathi.” (Num. 13:​27-31) Ngokombono womuntu, amaKhanani ayenamandla kunama-Israyeli. Lokho kona kwakuyiqiniso. Kodwa ukuthi ama-Israyeli ayengeke akwazi ukunqoba izitha zawo kwakusho ukuthi ayengamcabangi nokumcabanga uJehova. w24.07 9 ¶5-6

ULwesine, Septhemba 3

Ubengeke yini umaHluleli womhlaba wonke enze okulungile?—Gen. 18:25.

Sinaso yini isizathu esizwakalayo sokuqiniseka ukuthi lapho uJehova ahlulela abantu uhlale enza okulungile? Yebo! Njengoba u-Abrahama ayeqonda kahle, uJehova akanaphutha, unakho konke ukuhlakanipha, ‘ungumaHluleli womhlaba wonke’ onesihe. Uqeqeshe iNdodana yakhe wayinika wonke umsebenzi wokwahlulela. (Joh. 5:22) UJehova neNdodana yakhe bakwazi ukubona lokho okusenhliziyweni yomuntu ngamunye. (Math. 9:4) Ngaso sonke isikhathi, bayokwenza “okulungile”! Masizimisele ukwethemba uJehova nazo zonke izinqumo zakhe. Siyazi ukuthi asinalo igunya lokwahlulela—kodwa yena unalo! (Isaya 55:​8, 9) Ngakho sishiyela konke ukwahlulela kuye neNdodana yakhe, iNkosi ebulingisa ngokuphelele ubulungisa nesihe sikaYise.—Isaya 11:​3, 4. w24.05 7 ¶18-19

ULwesihlanu, Septhemba 4

UJehova uyamnyanya umuntu okhohlisayo, kodwa uba umngani nabaqotho.—IzAga 3:32.

Singafunda ngokubaluleka kokuba nenhliziyo eqotho kulokho okwenzeka kuJesu ngesikhathi eqala ukuhlangana noNathanayeli. Lapho uFiliphu eletha umngani wakhe uNathanayeli kuJesu, kwenzeka into emangalisayo. Nakuba ayengakaze ahlangane noNathanayeli, uJesu wathi: “Bheka, umIsrayeli weqiniso okungekho nkohliso kuye.” (Joh. 1:47) UJesu wabona ubuqotho obungavamile kuNathanayeli. UNathanayeli wayenesono njengathi. Kodwa wayengeyena umzenzisi, wayethembekile ezintweni zonke. UJesu wayekwazisa lokho futhi wamncoma uNathanayeli ngakho. Izinto eziningi ezijabulisa uJehova okumele sizenze ezibalwe kumaHubo 15 zihlobene nendlela esiphatha ngayo abanye. IHubo 15:3 lithi umuntu oyisimenywa etendeni likaJehova “akanyundeli ngolimi lwakhe, akenzi lutho olubi kumakhelwane wakhe, akakhulumi kabi ngabangani bakhe.” Ukukhuluma kabi abanye kungabalimaza kakhulu.—Jak. 1:26. w24.06 10 ¶7, 9; 11 ¶10

UMgqibelo, Septhemba 5

Nkosi, ngisho namademoni ayasithobela ngokusebenzisa igama lakho.—Luka 10:17.

Uma uyilungiselela kahle inkonzo yasensimini, cishe uyokhululeka kakhudlwana lapho ukhuluma nabanye. UJesu wasiza abafundi bakhe ukuba balungiselele ngaphambi kokubathumela enkonzweni yasensimini. (Luka 10:​1-11) Ngenxa yokuthi bakwenza lokho uJesu abafundisa kona, abafundi bajabula kakhulu ngalokho abakwazi ukukufeza. Singayilungiselela kanjani inkonzo yasensimini? Kudingeka sicabange ngendlela ekahle esizolethula ngayo iqiniso ngamazwi ethu. Kuyasiza nokucabanga ngezindlela ezimbili noma ezintathu abantu abavame ukusabela ngazo ensimini yethu bese sicabanga ngendlela esingaphendula ngayo esimweni ngasinye. Lapho sesixoxa nabantu singazama ukukhululeka, simamatheke futhi sibe nobungani. w24.04 16 ¶6-7

ISonto, Septhemba 6

Kukufanele Jehova Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto.—IsAm. 4:11.

Isizathu esibaluleke kunazo zonke esisenza sishumayele izindaba ezinhle ukuthi siyamthanda uJehova uNkulunkulu negama lakhe elingcwele. Sibheka inkonzo yethu njengendlela yokudumisa uNkulunkulu esimthandayo. Ngenhliziyo yonke siyavuma ukuthi uJehova uNkulunkulu ukufanele ukwamukela inkazimulo, udumo namandla kubakhulekeli bakhe abaqotho. Simnika inkazimulo nodumo lapho sitshela abanye ubufakazi obukholisayo bokuthi “wadala zonke izinto” nokuthi siphila ngenxa yakhe. Simnika amandla ethu lapho sisebenzisa isikhathi sethu, amandla nezinto esinazo ukuze sihlanganyele ngokugcwele enkonzweni, kuye ngezimo zethu. (Math. 6:33; Luka 13:24; Kol. 3:23) Ngamazwi alula, siyathanda ukukhuluma ngoNkulunkulu esimthandayo. Sizizwa sibophekile nokuba sitshele abanye ngegama lakhe nangalokho elikumelelayo. w24.05 17 ¶11

UMsombuluko, Septhemba 7

Uyabavuza labo abamfuna ngobuqotho.—Heb. 11:6.

UJehova usinikeza ukuthula nokwaneliseka manje futhi esikhathini esizayo uyosinika ukuphila okuphakade. Singathembela kuJehova, siqiniseka ngokuthi unesifiso namandla okusivuza. Lokho kuqiniseka kusenza sihlale simatasa njengoba simkhonza, njengoba zazenza kanjalo nezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zangesikhathi esidlule. Yilokho uThimothewu akwenza ekhulwini lokuqala. (Heb. 6:​10-12) UThimothewu wathembela kuNkulunkulu ophilayo. (1 Thim. 4:10) Ngakho, wayenesizathu esihle sokusebenza kanzima futhi azikhandle. Wakwenza kanjani lokho? Umphostoli uPawulu wamkhuthaza ukuba athuthuke ekufundiseni nasekubeni isikhulumi sasobala. UThimothewu kwakumele abe yisibonelo esihle nakulabo akholwa nabo, abancane nabadala. Wanikwa nezabelo ezinzima, ezazihlanganisa ukunikeza isiyalo esiqinile kodwa esinothando kulabo ababesidinga. (1 Thim. 4:​11-16; 2 Thim. 4:​1-5) UThimothewu wayengaqiniseka ngokuthi uJehova wayeyomvuza.—Roma 2:​6, 7. w24.06 22-23 ¶10-11

ULwesibili, Septhemba 8

UJehova wayelokhu emxwayisa u-Israyeli noJuda ngabo bonke abaprofethi bakhe.—2 AmaKh. 17:13.

UJehova wayevame ukusebenzisa abaprofethi bakhe ukuba baxwayise futhi balungise abantu bakhe. Ngokwesibonelo, esebenzisa uJeremiya, uNkulunkulu wathi: “O Israyeli oyisihlubuki, buya . . . Ngeke ngikubukele phansi ngokuthukuthela, ngoba mina ngiqotho . . . Ngeke ngihlale ngicasukile kuze kube phakade. Kuphela nje vuma icala lakho, ngoba uvukele uJehova.” (Jer. 3:​12, 13) Esebenzisa uJoweli, uJehova wathi: “Buyelani kimi ngazo zonke izinhliziyo zenu.” (Joweli 2:​12, 13) Ngo-Isaya wathi: “Zihlanzeni; yekani ukwenza izenzo ezimbi phambi kwami; yekani ukwenza okubi.” (Isaya 1:​16-19) Esebenzisa uHezekeli, uJehova wabuza wathi: “Kukhona yini okungijabulisayo ngokufa komuntu omubi? . . . Angithandi yini ukuba aphenduke ezindleleni zakhe aqhubeke ephila? Ayikho injabulo engiyitholayo ngokufa komuntu, . . . ngakho phendukani, niphile.” (Hez. 18:​23, 32) UJehova uyajabula uma ebona abantu bephenduka ngoba ufuna baqhubeke bephila—phakade! w24.08 9 ¶5-6

ULwesithathu, Septhemba 9

Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi iyasiza.—2 Thim. 3:16.

Bonke abantu bakaNkulunkulu bayondliwa ngokomoya, bathola isiqondiso nesivikelo abasidingayo. Isibonelo sendlela uJehova abonisa ngayo ukuthi akakhethi ukwenza abantu bakwazi ukuthola iBhayibheli emhlabeni wonke namuhla. Ekuqaleni imiBhalo Engcwele yayibhalwe ngezilimi ezintathu: IsiHebheru, isi-Aramu nesiGreki. Ingabe labo abakwazi ukufunda iBhayibheli elibhalwe ngalezo zilimi banobuhlobo obuseduze nakakhulu noJehova kunalabo abangakwazi ukuzifunda? Cha, akunjalo neze. (Math. 11:25) Ukwamukelwa uJehova akuncikile ekutheni sifunde kangakanani noma ekutheni sizazi kangakanani izilimi. Kunokuba ukuhlakanipha kwakhe akunike abantu abafunde kakhulu kuphela, uJehova ukwenza kutholwe yibo bonke abantu emhlabeni jikelele, kungakhathaliseki ukuthi bafunde kakhulu noma abafundile kangako. IZwi lakhe eliphefumulelwe, iBhayibheli, lihunyushwe ngezinkulungwane zezilimi; ngakho, abantu emhlabeni wonke bangakwazi ukuzuza kulokho elikufundisayo bafunde nokuthi bangaba kanjani abangani bakhe.—2 Thim. 3:​16, 17. w24.06 6-7 ¶13-15

ULwesine, Septhemba 10

Ukubhujiswa [kweJerusalema] sekusondele.—Luka 21:20.

Ukubhujiswa kwesimiso sezinto samaJuda, uJesu ayekubikezele, kwakusondela. AmaKristu ayengasebenzisa isikhathi esisele ukuze azilungiselele ngokuthi aqinise ukholo lwawo nokukhuthazela kwawo. (Heb. 10:25; 12:​1, 2) Sekuseduze ukuba sibhekane nosizi olukhulu kakhulu kunalolo amaKristu angamaHebheru abhekana nalo. (Math. 24:21; IsAm. 16:​14, 16) Cabanga ngezinye izeluleko eziwusizo uJehova azinikeza lawo maKristu ezingasisiza nathi. Umphostoli uPawulu wakhuthaza akholwa nabo ukuba bangakhi phezulu lapho betadisha iZwi likaNkulunkulu. (Heb. 5:14–6:1) Esebenzisa imiBhalo yesiHebheru, uPawulu wabonisana nabafowabo ngokuthi kungani indlela yokukhulekela yamaKristu yayingcono kakhulu kuneyobuJuda. UPawulu wayazi ukuthi ukuba nolwazi olwengeziwe nokuliqonda ngokujulile iqiniso kwakuyosiza lawo maKristu ukuba akubone ukucabanga okungamanga futhi akwenqabe ukuze angachezukiswa eqinisweni. w24.09 8-9 ¶2-3; 10 ¶6

ULwesihlanu, Septhemba 11

Ngempela iNkosi ivusiwe.—Luka 24:34.

Abafundi bakaJesu babedinga isikhuthazo. Kungani? Yingoba abanye babeshiye imizi, imindeni namabhizinisi abo ukuze balandele uJesu ngokugcwele. (Math. 19:27) Abanye babekhishwa inyumbazane emphakathini ngoba base bengabafundi bakhe. (Joh. 9:22) Bazidela ngale ndlela ngenxa yokuthi babekholelwa ukuthi uJesu unguMesiya owayethenjisiwe. (Math. 16:16) Kodwa lapho ebulawa, amathemba abo ashabalala, baphela amandla. Akungabazeki ukuthi uJesu akabhekanga usizi lwabafundi bakhe njengophawu lokuba buthaka ngokomoya, kunalokho wayeqonda ukuthi kungokwemvelo ukuba badabuke lapho efa. Ngakho, ngalo kanye usuku avuswa ngalo, waqala ukubakhuthaza abangani bakhe. Ngokwesibonelo, wabonakala kuMariya Magdalena ngesikhathi ekhala ethuneni likaJesu. (Joh. 20:​11, 16) Waphinde wabonakala kubafundi ababili ababeye e-Emawuse. Wabonakala nakumphostoli uPetru. w24.10 13 ¶5-6

UMgqibelo, Septhemba 12

[Hlalani] nikulungele ukuzivikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba eninalo.—1 Pet. 3:15.

Bazali, sizani izingane zenu zikwazi ukuchazela abanye ukuthi kungani zikholelwa kuMdali. Ungase ukuthole kuwusizo ukuba nihlole ndawonye izihloko eziku-jw.org ochungechungeni oluthi “Intsha Iyabuza—Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?” Ingane yakho ingakhetha isihloko ebona sengathi kungaba lula ngayo ukuba isisebenzisele ukuchazela abanye ngoMdali. Yikhuthaze ukuba igcine izimpendulo zayo zilula futhi zinengqondo uma kukhona ofisa ukuxoxa nayo ngaleyo ndaba. Ngokwesibonelo, ingane efunda nayo ingase ithi: “Ngikholwa yilokho engikubonayo kuphela kanti angikaze ngimbone uNkulunkulu.” UmKristu osemusha angase athi: “Ake sithi uhamba ehlathini elikude nalapho kuhlala khona abantu bese uhlangana nomthombo wamanzi owakhiwe kahle ngamatshe. Yini engafika engqondweni yakho? Kumele ukuba ukhona owawakha lowo mthombo. Kunjalo nangomhlaba nangakho konke okuphilayo. Kumele ukuba ukhona owakudala!” w24.12 18 ¶16

ISonto, Septhemba 13

Akukho yini ukuhlakanipha kulabo asebebadala, Ukuqonda akutholakali yini kulabo asebephile isikhathi eside.—Jobe 12:12.

Sonke sidinga isiqondiso lapho senza izinqumo ezibalulekile ekuphileni. Singasithola leso siqondiso kubadala nakumaKristu avuthiwe. Uma bebadala kakhulu kunathi, akufanele sibheke iseluleko sabo njengesiphelelwe isikhathi. UJehova ufuna sifunde kwasebekhulile. Babe nesikhathi eside sokuthola ulwazi, ukuqonda nokuhlakanipha. Ezikhathini zeBhayibheli, uJehova wasebenzisa asebekhulile abathembekile ukuze akhuthaze futhi aqondise abantu bakhe. Ngokwesibonelo, cabanga ngoMose, uDavide nomphostoli uJohane. Babephila ngezikhathi ezingafani, nezimo ababephila ngaphansi kwazo zazihluke ngokuphelele. Lapho sekusondele isikhathi sokufa kwabo, banikeza abasebasha izeluleko ezihlakaniphile. Ngayinye kula madoda athembekile nakhulile yagcizelela ukubaluleka kokulalela uNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala singazuza ngokuhlola iseluleko sabo.—Roma 15:4; 2 Thim. 3:16. w24.11 8 ¶1-2

UMsombuluko, Septhemba 14

Ngaphandle kokuba nidle inyama yeNdodana yomuntu niphuze negazi layo, ngeke nikuthole ukuphila.—Joh. 6:53.

Ngesikhathi sikaNowa, uNkulunkulu wayala abantu ukuba bangalidli igazi. (Gen. 9:​3, 4) Kamuva, wayala nama-Israyeli ukuba angalidli igazi. Noma ubani owayedla igazi ‘kwakumele abulawe.’ (Lev. 7:27) UJesu wawusekela lowo Mthetho. (Math. 5:​17-19) Ngakho wayengeke alokothe atshele isixuku samaJuda ukuba sidle inyama yakhe engokoqobo noma siphuze igazi lakhe elingokoqobo. UJesu wasebenzisa inkulumo engokomfanekiso lapho esho la mazwi kowesifazane ongumSamariya: “Amanzi engizomnika wona . . . [azodlulisela] ukuphila okuphakade.” (Joh. 4:​7, 14) UJesu wayengaqondile ukuthi owesifazane ongumSamariya wayengathola ukuphila okuphakade ngokumane nje aphuze uhlobo oluthile lwamanzi. Ngokufanayo, wayengaqondile ukuthi isixuku ayekhuluma naso eKapernawume sasiyophila phakade uma sidla inyama yakhe engokoqobo siphuza negazi lakhe elingokoqobo. w24.12 9 ¶4-6

ULwesibili, Septhemba 15

Ninikele imizimba yenu ibe umhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga.—Roma 12:1.

Abayeni abangamaKristu kudingeka baqaphe ukuba bangabi nombono ongafanele ngabesifazane. Kungani? Esinye isizathu ukuthi ngokuvamile izinto umuntu azicabangayo ugcina esezenza. Umphostoli uPawulu waxwayisa amaKristu agcotshiwe aseRoma ukuba ‘ayeke ukulolongwa afane nabantu baleli zwe.’ (Roma 12:​1, 2) Kusobala ukuthi ngesikhathi uPawulu ebhalela abaseRoma, ibandla lase linesikhathi likhona. Nokho, amazwi kaPawulu abonisa ukuthi abanye ebandleni babesathonywe amasiko nokucabanga kwezwe. Yingakho abeluleka ukuba bashintshe indlela abacabanga ngayo nabaziphatha ngayo. Ngokuqinisekile leso seluleko siyasebenza kubayeni abangamaKristu namuhla. Ngokudabukisayo, abanye babo bathonywe ukucabanga kwezwe futhi baye babahlukumeza omkabo. w25.01 9 ¶4

ULwesithathu, Septhemba 16

Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe, niwuqaphe ngokucophelela.—1 Pet. 5:2.

Namuhla abadala bamatasa. Benza umsebenzi womvangeli. (2 Thim. 4:5) Babeka isibonelo esihle ngokushumayela ngentshiseko, bahlela umsebenzi wokushumayela ensimini yebandla, bayasiqeqesha ukuba sishumayele futhi sifundise ngendlela ephumelelayo. Babonisa umusa futhi abakhethi lapho behlulela. Lapho umKristu enza isono esikhulu, abadala balwela ukumsiza ukuze alungise ubuhlobo bakhe noJehova. Ngesikhathi esifanayo, bayaqikelela ukuthi bagcina ibandla lihlanzekile. (1 Kor. 5:​12, 13; Gal. 6:1) Ngokuyinhloko, abadala baziwa ngokuba abelusi. (1 Pet. 5:​1-3) Babeka izinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini ezilungiselelwe kahle, bayazikhandla ukuze bazi wonke umuntu ebandleni, benza nokuhambela kokwelusa. Naphezu kwezinye izabelo abazenzayo, abanye abadala bayasiza nasekwakheni amaHholo OMbuso nokuwanakekela, bahlela imihlangano yesifunda, basize emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela kanye nasemaQenjini Avakashela Iziguli. Abadala basebenza kanzima ukuze sizuze! w24.10 20 ¶9

ULwesine, Septhemba 17

Njengoba nje bonke befa ku-Adamu, kanjalo nakuKristu bonke bayokwenziwa baphile.—1 Kor. 15:22.

IBhayibheli lithi ngenxa yokuthi isihlengo sesakhokhwa sesikhululiwe. Umphostoli uPetru wakubeka ngale ndlela: “Niyazi ukuthi anikhululwanga [ngesiGreki, “anihlengwanga”] ngezinto ezonakalayo, ngesiliva noma ngegolide, endleleni yenu yokuphila engenanzuzo eyadluliselwa kini okhokho benu. Kodwa nakhululwa ngegazi eliyigugu, njengalelo lewundlu elingenasici nelingenabala, lelo likaKristu.” (1 Pet. 1:​18, 19; mbhw.) Ngenxa yomhlatshelo wesihlengo, singakhululwa ekucindezelweni isono nokufa. (Roma 5:21) Ngokuqinisekile, simbonga kakhulu uJehova noJesu ngokusikhulula ngenxa yegazi likaJesu eliyigugu noma ukuphila kwakhe. w25.02 5 ¶15-16

ULwesihlanu, Septhemba 18

Uyajabula umuntu ohlale eqaphile.—IzAga 28:14.

Yini esingayenza ukuze sihlale siqaphile? Cabanga ngalokho esingakufunda ensizweni okukhulunywa ngayo encwadini yezAga isahluko 7. Yaziphatha kabi ngokocansi nowesifazane ongenasimilo. Ivesi 22 lithi le nsizwa yamlandela “ngokushesha” lona wesifazane. Kodwa njengoba amavesi angaphambi kwaleli vesi ebonisa, yenza izinto ezithile ezayiholela esonweni kancane kancane. Yini eyenza le nsizwa yagcina seyenze isono? Okokuqala, kusihlwa, “yayidlula ngesitaladi iya ngasekhoneni lomgwaqo walona wesifazane [ongenasimilo].” Ngemva kwalokho, yahamba ngendlela eya endlini yalona wesifazane. (IzAga 7:​8, 9) Lapho isimbona ayizange ijike ibuyele emuva. Kunalokho yavuma ukuqatshulwa yilona wesifazane, yamlalela njengoba ekhuluma ngemihlatshelo ehlanganyelwayo ayeyinikele, mhlawumbe ezama ukuyenza icabange ukuthi akayena umuntu omubi. (IzAga 7:​13, 14, 21) Ukube le nsizwa yazigwema izingozi ezayiholela esonweni yayiyosigwema leso silingo naleso sono. w24.07 16 ¶8-9; 19 ¶19

UMgqibelo, Septhemba 19

Nimthethelele ngomusa nimduduze.—2 Kor. 2:7.

UJehova akakubekezeleli ukwenziwa kwezono ezinkulu phakathi kwabantu bakhe. Akahambisani nombono wokuthi izoni ezingaphenduki kufanele zivunyelwe ukuba ziqhubeke zizihlanganisa nabantu bakhe abathembekile ngenxa nje yokuthi “unesihe.” UJehova unesihe, kodwa akayekeleli; futhi umbono wakhe mayelana nokuthi yini elungile nengalungile awushintshi. (Jude 4) Empeleni, ukuvumela kukaJehova izoni ezingaphenduki ukuba ziqhubeke zisebandleni bekungeke nhlobo kubonise ukuthi unesihe ngoba bekuyolilimaza ibandla. (IzAga 13:20; 1 Kor. 15:33) Noma kunjalo, sifunda ukuthi uJehova akafuni ukuba kubhubhe ngisho noyedwa. Ufuna ukubasindisa abantu noma nini uma kungenzeka. Ubabonisa isihe abantu abazisolayo, abafuna ukulungisa ubuhlobo babo naye. (Hez. 33:11; 2 Pet. 3:9) Ngakho, lapho indoda yaseKorinte isiphendukile futhi yashiya isono sayo, uJehova wasebenzisa umphostoli uPawulu ukuba achazele ibandla ukuthi leyo ndoda kwakufanele ithethelelwe futhi yamukelwe ebandleni. w24.08 17 ¶7; 18-19 ¶14-15

ISonto, Septhemba 20

Ngezinga enikwenze ngalo komncane kunabo bonke walaba bafowethu, nikwenzile nakimi.—Math. 25:40.

Emfanekisweni wezimvu nezimbuzi, uJesu wachaza indlela abayokwahlulelwa ngayo abantu abanethuba lokusekela abafowabo abagcotshiwe. (Math. 25:​31-46) Uyobahlulela phakathi ‘nosizi olukhulu,’ ngaphambi nje kokuba kuqale i-Armagedoni. (Math. 24:21) Njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi, uJesu uyohlukanisa labo ababasekela ngobuqotho abalandeli bakhe abagcotshiwe nalabo abangabasekeli. Isiprofetho seBhayibheli sibonisa ukuthi njengoMahluleli kaJehova omisiwe, uJesu uyokwahlulela abantu ngokulunga. (Isaya 11:​3, 4) Uyayibheka indlela abantu abaziphatha ngayo, isimo sabo sengqondo nezinto abazikhulumayo—kuhlanganise nendlela abaphatha ngayo abagcotshiwe. (Math. 12:​36, 37) UJesu uyokwazi ukuthi obani ababesekela abafowabo abagcotshiwe nomsebenzi wabo. Enye indlela eyinhloko labo abanjengezimvu abasekela ngayo abafowabo bakaKristu iwukubasiza emsebenzini wokushumayela. w24.09 20-21 ¶3-4

UMsombuluko, Septhemba 21

Qinisekani ngazo zonke izinto.—1 Thes. 5:21.

Singaqinisekisa ukuthi lokho esikukholelwayo kuyiqiniso yini ngokukuqhathanisa nalokho okushiwo iBhayibheli. Ngokwesibonelo, cabanga ngosemusha ozibuzayo ukuthi ubalulekile yini kuNkulunkulu. Ingabe kufanele avele akwamukele njengokuyiqiniso lokho akucabangayo? Cha, kufanele ‘aqiniseke ngazo zonke izinto’ ngokuthola umbono kaJehova ngaleyo ndaba. Lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu, kuba njengokungathi “siyamuzwa” uJehova ekhuluma nathi. Kodwa kudingeka senze okwengeziwe ukuze sithole umbono wakhe ngemibuzo esinayo. Lapho sifunda iBhayibheli kudingeka sigxile endabeni esikhathazayo. Singacwaninga ngaleyo ndaba, sisebenzisa amathuluzi inhlangano kaJehova esinike wona. (IzAga 2:​3-6) Singathandaza sicele uJehova asiqondise lapho sicwaninga futhi asisize sithole umbono wakhe. Ngemva kwalokho, singafuna izimiso zeBhayibheli namaphuzu awusizo asebenza esimweni sethu. w24.10 25 ¶4-5

ULwesibili, Septhemba 22

[Uthando] aluzifuneli izinzuzo zalo.—1 Kor. 13:5.

UJehova ngeke ambusise umuntu owenza izinto ngoba elawulwa ukuqhosha noma ubugovu. (1 Kor. 10:​24, 33; 13:4) Ngezinye izikhathi ngisho nabangani bakaJesu abaseduze bafuna amalungelo athile benezisusa ezingafanele. Cabanga ngokwenziwa abaphostoli bakaJesu ababili—uJakobe noJohane. Bacela uJesu ukuba abanike izikhundla eziphakeme eMbusweni wakhe. UJesu akazange abancome ngesicelo sabo. Kunalokho, wathi kubo bonke abaphostoli abangu-12: “Noma ubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kumele abe yisikhonzi senu, futhi noma ubani ofuna ukuba owokuqala phakathi kwenu kumele abe inceku yenu nonke.” (Marku 10:​35-37, 43, 44) Abazalwane abanezisusa ezinhle—okuwukuthi ukukhonza abanye—bayoba yisibusiso ebandleni.—1 Thes. 2:8. w24.11 15-16 ¶7-8

ULwesithathu, Septhemba 23

Kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi.—IzAga 15:22.

Lapho senza izinqumo, uthando luyosenza sicabangele “omunye umuntu” futhi sibe nesizotha. (1 Kor. 10:​23, 24, 32; 1 Thim. 2:​9, 10) Ngaleyo ndlela siyokwenza isinqumo esibonisa ukuthi siyabathanda futhi siyabahlonipha abanye. Uma wenza isinqumo esikhulu, cabanga ngezinto okuzodingeka uzenze ngenxa yaleso sinqumo. UJesu wasifundisa ukuba ‘sibale izindleko.’ (Luka 14:28) Ngakho cabanga ngesikhathi ozosichitha, izinto ozozisebenzisa namandla ozowadinga ukuze lokho okunqumile kuphumelele. Kwezinye izimo, ungase uxoxe nomndeni wakho ngalokho ilungu lomndeni ngalinye okuyodingeka likwenze ukuze lisekele leso sinqumo. Kungani kubalulekile ukuba wenze kanjalo? Lokho kungakusiza ubone ukuthi kudingeka wenze ushintsho oluthile kulokho obukunqumile noma kudingeka ushintshe isinqumo sakho. Uma uxoxa namalungu omndeni wakho futhi uyilalela imibono yawo, cishe ayozimisela nakakhulu ukusekela isinqumo sakho. w25.01 18-19 ¶14-15

ULwesine, Septhemba 24

Thokozani, nijabule.—Isaya 65:18.

U-Isaya uchaza ukuthi kungani kufanele ‘sithokoze’ futhi ‘sijabule’ ngokuba sepharadesi elingokomoya. NguJehova osenzele ipharadesi elingokomoya. (Isaya 65:​18, 19) Akumangazi ukuthi uJehova usebenzisa thina ukuba sisize abantu bashiye izinhlangano zaleli zwe elidala ukuze babe yingxenye yepharadesi elingokomoya elihle! Siyajabula ngezibusiso esizithola ngenxa yokuba seqinisweni futhi lokho kusenza sifune ukutshela abanye ngazo. (Jer. 31:12) Siyabonga futhi siyajabula nangethemba esinalo njengezakhamuzi zepharadesi elingokomoya. IBhayibheli lithembisa ukuthi ‘siyokwakha izindlu sihlale kuzo [futhi] siyotshala amasimu amagilebhisi sidle izithelo zawo.’ ‘Ngeke sikhandlekele ize,’ ngoba siyobe ‘sibusiswe uJehova.’ Usithembisa ukuphila okulondekile nokwanelisayo, okunenjongo yangempela. Uyasazi isidingo somuntu ngamunye futhi ‘uyokwanelisa isifiso sayo yonke into ephilayo.’—Isaya 65:​20-24; IHu. 145:16. w24.04 22-23 ¶11-12

ULwesihlanu, Septhemba 25

UNkulunkulu uyidwala lami eliqinile, isiphephelo sami.—IHu. 62:7.

Senza uJehova abe yiDwala lethu lapho sithembela kuye ngokuphelele. Siyaqiniseka ukuthi siyozuza uma mlalela ngisho nangezikhathi ezinzima. (Isaya 48:​17, 18) Njengoba sibona indlela asisekela ngayo, siyomethemba nakakhulu. Siyobe sesikulungele ukubhekana novivinyo esingatakulwa uJehova kuphela kulo. Njengedwala elikhulu, uJehova uqinile futhi akashintshi. Ubuntu bakhe abushintshashintshi futhi injongo yakhe ayisoze yashintsha. (Mal. 3:6) Ngesikhathi u-Adamu no-Eva bevukela e-Edene, uJehova akazange akushintshe lokho ayekuhlosile ngabantu. Njengoba umphostoli uPawulu abhala, uJehova “akanakuziphika.” (2 Thim. 2:13) Lokhu kusho ukuthi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani noma ukuthi abanye benzani, uJehova akasoze ashintshe ubuntu bakhe, injongo yakhe noma imithetho yakhe. Ngenxa yokuthi siyaqiniseka ukuthi uNkulunkulu wethu akashintshi, singathembela kuye ukuba asisindise futhi asisize lapho sibhekane nezikhathi ezinzima.—IHu. 62:​6, 7. w24.06 27-28 ¶7-8

UMgqibelo, Septhemba 26

[Umuntu] osithekile wenhliziyo . . . [ungowenani] elikhulu.—1 Pet. 3:4.

Uma uthandana nothile, yini ezokusiza unqume ukuthi uzoshada yini noma cha? Zinikeni isikhathi sokwazana kahle. Cishe zikhona izinto ozifundile ngomuntu othandana naye ngaphambi kokuba niqale ukuthandana. Kodwa manje usunethuba lokwazi ‘umuntu osithekile wenhliziyo.’ Lokhu kuhlanganisa ukwazi okwengeziwe ngengokomoya lakhe, ubuntu bakhe nendlela acabanga ngayo. Ngokuhamba kwesikhathi, kufanele ukwazi ukuphendula imibuzo enjengale: ‘Lo muntu uzokwazi yini ukuba umngani wami womshado okahle?’ (IzAga 31:​26, 27, 30; Efe. 5:33; 1 Thim. 5:8) ‘Singakwazi yini ukwanelisa izidingo ezingokomzwelo zomunye nomunye? Singakwazi yini ukubekezelela ubuthaka bomunye nomunye?’ (Roma 3:23) Njengoba nazana kangcono, khumbula: Ukufanelana kwenu kuncike kakhulu ekutheni nizivumelanisa kangakanani nezimo ezintweni eningafani kuzo, hhayi ezintweni enifana kuzo. w24.05 27 ¶5

ISonto, Septhemba 27

Ngonile kuJehova.—2 Sam. 12:13.

INkosi uDavide yenza iphutha elibi kakhulu. Kodwa lapho umprofethi uNathani emtshela ngesono ayesenzile, ngokuthobeka uDavide waphenduka. (IHu. 51:​3, 4, 17, umbhalo ongenhla) INkosi uHezekiya nayo yona kuJehova. (2 IziKr. 32:25) Kodwa njengoDavide, uHezekiya wazithoba waphenduka. (2 IziKr. 32:26) Ekugcineni, uJehova wambheka njengenkosi ethembekile ‘eyaqhubeka yenza okulungile.’ (2 AmaKh. 18:3) Yini esiyifundayo? Kudingeka siphenduke ezonweni zethu, senze konke esingakwenza ukuze singaziphindi. Kuthiwani uma abadala ebandleni beseluleka, ngisho noma beseluleka ngento esibona sengathi iwubala? Akufanele sibe nomuzwa wokuthi uJehova nabadala abasithandi. Ngisho namakhosi amahle akwa-Israyeli ayesidinga iseluleko nesiyalo. (Heb. 12:6) Lapho selulekwa, kufanele (1) sithobeke, (2) senze izinguquko ezidingekayo, futhi (3) siqhubeke sikhonza uJehova ngenhliziyo yonke. Uma siphenduka ezonweni zethu, uJehova uyosithethelela.—2 Kor. 7:​9, 11. w24.07 21 ¶8; 22 ¶9, 11

UMsombuluko, Septhemba 28

Susani umuntu omubi phakathi kwenu.—1 Kor. 5:13.

Umuntu owonile uyasuswa ebandleni uma eyenqaba imizamo yabadala ephindaphindiwe yokumsiza ukuba aphenduke. (2 AmaKh. 17:​12-15) Izenzo zakhe zibonisa ukuthi akafuni ukuphila ngokuvumelana nemiyalo kaJehova. (Dut. 30:​19, 20) Kwenziwa isaziso ukuze kwaziswe ibandla ukuthi akaseyena omunye woFakazi BakaJehova. Injongo yaleso saziso akukhona ukuhlazisa umuntu owenze isono. Kunalokho, senziwa ukuze ibandla likwazi ukulandela iseluleko esingokomBhalo esithi “niyeke ukuzihlanganisa” nalowo muntu, “ningadli ngisho nokudla” naye. (1 Kor. 5:​9-11) UJehova unesizathu esihle sokusinika lowo myalo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Imvubelo encane iyibilisa yonke inhlama.” (1 Kor. 5:6) Izoni ezingaphenduki zingabathena amandla labo abazama ukuphila ngemiyalo kaJehova.—IzAga 13:20; 1 Kor. 15:33. w24.08 27 ¶3-4

ULwesibili, Septhemba 29

Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.—Fil. 4:13.

Ngeke sikwazi ukupha abanye amandla ethu njengoJehova. Kodwa singawasebenzisa ukuze sibasize. Ngokwesibonelo, singasiza umKristu osekhulile noma ogulayo ngokuthi simyele ezitolo noma simenzele imisebenzi yasendlini. Noma singavolontiyela ukusiza ekuhlanzeni nasekulungiseni iHholo LoMbuso. Ungakhohlwa nokuthi amazwi anamandla. Ukhona yini omcabangayo ongakhuthazwa ukuthi umncome ngobuqotho? Ukhona yini omaziyo odinga ukududuzwa? Uma kunjalo, kungani ungathathi isinyathelo sokukhuluma nalowo muntu? Ungamvakashela ngokoqobo, umfonele, noma mhlawumbe umthumelele ikhadi, i-email, noma umbhalele umyalezo. Akudingeki ube yigagu. Amazwi ambalwa asuka enhliziyweni angaba yilokho kanye okudingwa okholwa naye ukuze ahlale ethembekile ngalolo suku noma ukuze azizwe engcono ngesimo sakhe.—IzAga 12:25; Efe. 4:29. w24.09 28 ¶8-10

ULwesithathu, Septhemba 30

Uma umuntu ezama ukuba umbonisi, ufisa umsebenzi omuhle.—1 Thim. 3:1.

Uma usukhonze njengenceku ekhonzayo isikhathi esithile, kungenzeka usukulungele ukufanelekela ukukhonza njengomdala. Ungakwazi yini ukwenza lowo “msebenzi omuhle”? Uhlanganisani umsebenzi owenziwa umdala? Uyahola emsebenzini wokushumayela, usebenza ngokuzikhandla emsebenzini wokwalusa nasekufundiseni futhi ukhuthaza ibandla ngalokho akushoyo nakwenzayo. Ngenxa yalokho, siyabona ukuthi kungani iBhayibheli libiza abadala abasebenza ngokuzikhandla ngokuthi ‘izipho ezingabantu.’ (Efe. 4:8) Ungakufanelekela kanjani ukukhonza njengomdala? Ukufanelekela ukuba umdala akufani nokufanelekela ukuthola umsebenzi wokuziphilisa. Ngokuvamile emsebenzini wokuziphilisa kumele ube namakhono athile afunwa umqashi ukuze uthole umsebenzi. Ngokungefani nokuthola umsebenzi wokuziphilisa, uma ufisa ukukhonza njengomdala, awudingi ikhono lokushumayela nelokufundisa nje kuphela. Kudingeka ube nezimfuneko ezingokomBhalo ezilindeleke kubadala ezitholakala kweyoku-1 Thimothewu 3:​1-7 nakuThithu 1:​5-9. w24.11 20 ¶1-3

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela