Agasti
UMgqibelo, Agasti 1
Kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje.—Math. 24:21.
Sithandazela ukuba abantu abaningi ngangokunokwenzeka basilalele lesi sixwayiso, bakhonze uJehova kanye nathi ngendlela emsulwa manje. Kodwa kuthiwani ngalabo abangasilaleli lesi sixwayiso njengamanje? UJehova angase athande ukubasindisa abantu abaphendukayo lapho bebona ukubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu. Uma kunjalo, kusho ukuthi kuphuthuma nakakhulu ukuba siqhubeke sibaxwayisa. Esibatshela kona manje kungase kubanike into abayoyikhumbula ngaleso sikhathi. (Qhathanisa noHezekeli 33:33.) Kungenzeka bayokukhumbula esabaxwayisa ngakho futhi lokho kubenze bakhonze uJehova kanye nathi ngendlela emsulwa kungakephuzi. Njengonogada wasejele laseFilipi, owaphenduka ngemva kokuba ‘kube khona ukuzamazama okukhulu komhlaba,’ mhlawumbe abanye abangasilaleli manje bayophenduka ngemva kwesenzakalo esethusayo sokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu.—IzE. 16:25-34. w24.05 17 ¶9-10
ISonto, Agasti 2
UKristu uyisiphetho soMthetho.—Roma 10:4.
Sifunda isifundo esibalulekile kulokho uPawulu akubhalela amaKristu angamaHebheru. Amanye awaqhubekanga ekhula ngokomoya; empeleni ‘abuyela emuva ekudingeni ubisi, hhayi ukudla okuqinile [okungokomoya].’ (Heb. 5:12) Ahluleka ukuhambisana neqiniso elalembulwa kancane kancane ngebandla. (IzAga 4:18) Ngokwesibonelo, amakholwa amaningi angamaJuda ayesagqugquzela ukuba kusetshenziswe uMthetho KaMose ngisho noma kwase kudlule iminyaka engaba ngu-30 lowo Mthetho uthathelwe indawo isisekelo somhlatshelo kaKristu. (Thithu 1:10) Noma ubani oke wafunda incwadi kaPawulu ephefumulelwe ayibhalela amaHebheru angavuma ukuthi le ncwadi inokudla okuqinile okungokomoya. Iyilokho kanye okwakudingwa yilawo maKristu ukuze aqinise ukholo lwawo elungiselelweni eliphakeme lobuKristu lokukhonza uNkulunkulu, iwanike nesibindi sokuqhubeka eshumayela naphezu kokuphikiswa amaJuda.—Heb. 10:19-23. w24.04 6 ¶15
UMsombuluko, Agasti 3
Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.—IzE. 24:15.
Selokhu u-Adamu no-Eva baba ngasohlangothini lukaSathane bavukela uJehova uNkulunkulu, sekufe izigidigidi zabantu. Yini labo bantu abayilindele esikhathini esizayo? Iqembu elincane labalandeli bakaKristu abangu-144 000 liyovuselwa ezulwini lingaphinde life. (IsAm. 14:1) Isibalo esikhulu samadoda nabesifazane ababethanda uJehova siyoba phakathi kwalabo abayothola “uvuko lwabalungile” futhi bayophila phakade emhlabeni uma behlala belungile phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane naphakathi kovivinyo lokugcina. (Dan. 12:13; Heb. 12:1) Naphakathi Kweminyaka Eyinkulungwane, “abangalungile”—okuhlanganisa labo abangakaze bamkhonze uJehova noma ngisho labo “ababenza okubi”—bayothola ithuba lokushintsha izindlela zabo bathembeke. (Joh. 5:29; Luka 23:42, 43) Nokho, abanye abantu babekhohlakele kakhulu waze wanquma ukuthi ngeke abavuse nhlobo.—Luka 12:4, 5. w24.05 2 ¶3; 5 ¶15; 6 ¶17
ULwesibili, Agasti 4
Singidumisa ngezindebe zaso, kodwa inhliziyo yaso ikude nami.—Isaya 29:13.
Umuntu ofuna ukwamukelwa uJehova kumele ‘akhulume iqiniso enhliziyweni yakhe.’ (IHu. 15:2) Lokhu kusho okungaphezu kokungawaqambi amanga. UJehova ufuna sithembeke kukho konke esikushoyo nesikwenzayo. (Heb. 13:18) Lokho kubalulekile, “ngoba uJehova uyamnyanya umuntu okhohlisayo, kodwa uba umngani nabaqotho.” (IzAga 3:32) Labo ‘abakhuluma iqiniso ezinhliziyweni zabo’ abenzi sengathi bayalalela uma bephambi kwabantu kuyilapho bephula imithetho kaNkulunkulu ekusithekeni. Bayakugwema ukuzenza lokho abangeyikho. Umuntu okhohlisayo angase aqale ukungabaza ukuhlakanipha kweminye yemithetho kaJehova. (Jak. 1:5-8) Angase angamlaleli uJehova ezintweni abona sengathi azibalulekile kangako. Uma engabhekani nemiphumela yokungalaleli kwakhe, lokho kungase kumenze ayiphule nakakhulu imithetho kaNkulunkulu futhi ukukhonza kwakhe uNkulunkulu kuyoba ubuzenzisi. (UmSh. 8:11) Nokho, thina sifuna ukuthembeka ezintweni zonke. w24.06 10 ¶7-8
ULwesithathu, Agasti 5
Yimani niqine nibophe ibhande leqiniso okhalweni lwenu.—Efe. 6:14.
Abantu bakaJehova bayalithanda iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu. Ukholo lwethu lusekelwe kulo. (Roma 10:17) Siyaqiniseka ukuthi uJehova umise ibandla lobuKristu ukuba ‘lisekele [futhi] livikele iqiniso.’ (1 Thim. 3:15) Ayikho into engajabulisa uSathane ukwedlula ukusibona siyeka ukwethemba iBhayibheli noma isiqondiso esisithola enhlanganweni kaNkulunkulu. (Efe. 4:14) Maduze uDeveli uzosebenzisa amanga akholisayo ukuze adukise zonke izizwe azenze zimelane noJehova. (IsAm. 16:13, 14) Singalindela nokuba imizamo kaSathane yokudukisa abantu bakaJehova ibe namandla nakakhulu. (IsAm. 12:9) Yingakho kubalulekile ukuba siziqeqeshe ukuze sikwazi ukubona umehluko phakathi kweqiniso namanga futhi silalele iqiniso. (Roma 6:17; 1 Pet. 1:22) Ukusinda kwethu osizini olukhulu kuyoxhomeka kulokho! w24.07 8 ¶1-3
ULwesine, Agasti 6
Lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe futhi ungakwazi ukuwufinyelela.—Dut. 30:11.
Ngesikhathi uJehova ehlela isizwe sama-Israyeli, wenza isivumelwano naso, isivumelwano esingokomthetho. Uma sasiyilalela imithetho yakhe, wayezosivikela futhi asibusise. Kodwa, uma singayilaleli imithetho yakhe—ngokwesibonelo, sikhethe ukukhonza abanye onkulunkulu—wayengeke asibusise futhi sasizohlupheka. Noma kunjalo, uNkulunkulu wayengaphinde asamukele. ‘Sasingabuyela kuJehova uNkulunkulu [waso] silalele izwi lakhe.’ (Dut. 30:1-3, 17-20) Ngamanye amazwi, ama-Israyeli ayengaphenduka. Uma enza kanjalo, uJehova wayeyosondela kuwo aphinde awabusise. Abantu bakaJehova abakhethiwe badlubulunda ngokuphindaphindiwe. Ngenxa yalokho bahlupheka. Kodwa uJehova akazange abadikile abantu bakhe abanenkani. Wathumela abaprofethi ngokuphindaphindiwe ukuze babanxuse ukuba baphenduke babuyele kuye.—2 AmaKh. 17:13, 14. w24.08 9 ¶4-5
ULwesihlanu, Agasti 7
Kwavela ukushushiswa okukhulu kwebandla elaliseJerusalema.—IzE. 8:1.
Eminyakeni eyalandela ukufa kukaJesu, amaKristu angamaHebheru ayehlala eJerusalema naseJudiya abhekana nezikhathi ezinzima. Ngokushesha ngemva kokumiswa kwebandla lobuKristu, amaKristu abhekana noshushiso olunzima. Ngemva kweminyaka engaba ngu-20 kamuva, abalandeli bakaKristu babhekana nezimo zomnotho ezinzima kakhulu, okungenzeka zazibangelwe indlala eyayikade ikhona ezweni. (IzE. 11:27-30) Nokho, ngawo-61 C.E., amaKristu ayejabulela inkathi yokuthula ngokwezinga elithile uma kuqhathaniswa nalokho okwakuseza. Phakathi naleso sikhathi, athola incwadi ephefumulelwe evela kumphostoli uPawulu—incwadi eyayiyobonisa ukuthi yayifike ngesikhathi. Incwadi eyayibhalelwe amaHebheru yayifike ngesikhathi ngoba ukuthula okwakujatshulelwa amaKristu kwakungeke kuhlale isikhathi eside. UPawulu wawanika iseluleko esiwusizo lawo maKristu esasiyowasiza akhuthazelele usizi ayezobhekana nalo maduzane. w24.09 8 ¶1-2
UMgqibelo, Agasti 8
Babe umthombo wenduduzo enkulu kimi.—Kol. 4:11.
Lapho sibhekene nobunzima, uJehova usebenzisa abafowethu nodadewethu ukuze asibonise ukuthi uyasithanda. Esikholwa nabo bangasiduduza ngokuzwelana nathi njengoba besilalele noma bangasisekela ngokuthi babe nathi. Bangasikhuthaza ngevesi eliseBhayibhelini noma bathandaze nathi. (Roma 15:4) Ngezinye izikhathi, umfowethu noma udadewethu angase asikhumbuze imicabango kaJehova bese lokho kusisiza sibe nombono olinganiselayo. AmaKristu esikanye nawo angasisiza nangezindlela ezingokoqobo, njengokusenzela ukudla lapho sicindezelekile. Ukuze abanye basisize, kungase kudingeke sibacele ukuba basisize. (IzAga 17:17) Bangase bangazi ukuthi sizizwa kanjani noma ukuthi yini esiyidingayo. (IzAga 14:10) Ngakho kulungele ukutshela abangani abavuthiwe indlela ozizwa ngayo. Batshele ukuthi yini engakusiza. Ungase ukhethe ukuthulula isifuba sakho kumdala oyedwa noma ababili okuthola kulula ukukhuluma nabo. Abanye odade bakuthole kududuza ukuxoxa nomunye udade ovuthiwe. w24.10 10 ¶15-16
ISonto, Agasti 9
Wonke umuntu owamukela iNdodana futhi abonise ukholo kuyo [uyothola ] ukuphila okuphakade.—Joh. 6:40.
Abantu abaningi bayakugada ukudla abakudlayo futhi bazivocavoca njalo ukuze bahlale beyimiqemane. Noma kunjalo, abalindele ukuphila phakade. Kubo ukuphila phakade kubonakala kungenakwenzeka futhi kungafiseleki ngenxa yokucindezeleka okubangelwa ukukhula. Kodwa, uJesu wakhuluma kahle ‘ngokuphila okuphakade,’ njengoba kuboniswe kuJohane 3:16 nasesahlukweni 5:24. Ngolunye usuku, uJesu wondla izinkulungwane zabantu ngezinkwa nezinhlanzi ngokuyisimangaliso. Kwakumangalisa lokho, kodwa okwakumangalisa ngisho nakakhulu yilokho akusho ngosuku olulandelayo. Isixuku sasimlandelile saya eKapernawume, ngasogwini lwaseGalile, lapho atshela khona abantu ukuthi bangavuswa bajabulele ukuphila okuphakade. (Joh. 6:39, 40) Amazwi kaJesu abonisa ukuthi abantu abaningi asebashona bangavuswa nokuthi wena nabantu obathandayo ningajabulela ukuphila okuphakade. w24.12 8 ¶1-2
UMsombuluko, Agasti 10
Nina madoda, . . . nibazise njengezitsha ezibuthakathaka kakhudlwana.—1 Pet. 3:7.
Umbiko wamuva we-World Health Organization uveza ukuthi abayeni abaningi bayawashaya amakhosikazi abo, bawahlukumeze ngamazwi noma ngokomzwelo. Umyeni owenza lokho angase amphathe kahle umkakhe lapho bephambi kwabantu, kodwa amhlukumeze lapho sebesekhaya. Yini engenza amanye amadoda ahlukumeze omkawo? Kungenzeka akhuliswa ubaba onodlame, ngakho acabanga ukuthi ukuhlukumeza omkawo akuyona into embi. Amanye athonywa yisiko lendawo, elingase likhuthaze umbono oyiphutha othi “indoda yangempela” kumele ibe nokhahlo ukuze ibonise umkayo ukuthi kukhala esayo isicathulo. Amanye awafundiswanga ukulawula imizwa yawo, okuhlanganisa intukuthelo yawo. Amanye amadoda anomkhuba wokubuka izithombe zocansi ezingcolile, okuwenza abe nombono ongafanele ngabesifazane nangocansi. Ngaphezu kwalokho, imibiko ibonisa ukuthi ubhubhane lwe-COVID-19 luzenze zanda lezi zinkinga. Yiqiniso, ayikho into kulezi zinto ezibaliwe enikeza indoda isizathu sokuba ihlukumeze umkayo. w25.01 8 ¶2-3
ULwesibili, Agasti 11
Njengoba uKristu ahlupheka enyameni, nani hlomani ngesimo sengqondo esifanayo.—1 Pet. 4:1.
“Kumele uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo wonke amandla akho nangayo yonke ingqondo yakho.” (Luka 10:27) UJesu wakwenza kwacaca ukuthi lona kwakuwumyalo obaluleke kunayo yonke eMthethweni KaMose. Phawula ukuthi uthando lwethu ngoJehova luhlanganisa izinhliziyo zethu, okuhlanganisa izifiso zethu nemizwa yethu. Kuhlanganisa nokuzinikela ngomphefumulo wonke namandla ethu. Nokho, ukuthanda uJehova kuhlanganisa nengqondo yethu, okuhlanganisa indlela esicabanga ngayo ngezinto. Yiqiniso ukuthi ngeke sikwazi ukuyiqonda ngokuphelele indlela uJehova acabanga ngayo. Kodwa singayiqonda kangcono indlela uNkulunkulu acabanga ngayo ngokufunda “umqondo kaKristu” ngoba uJesu uyilingisa ngokuphelele indlela uBaba wakhe acabanga ngayo.—1 Kor. 2:16. w25.03 8 ¶1
ULwesithathu, Agasti 12
Ngaye sithole ukukhululwa ngesihlengo ngegazi lakhe, yebo, ukuthethelelwa kweziphambeko zethu, ngokuchichima komusa wakhe omkhulu.—Efe. 1:7.
Njengomuntu ongenasono, uJesu wayelingana nendoda yokuqala, u-Adamu, ngaphambi kokuba yone. (1 Kor. 15:45) Ngakho ngokufa kwakhe, uJesu wakwazi ukuhlawulela isono sika-Adamu, okuwukuthi ukubuyisa lokho u-Adamu akulahla. (Roma 5:19) Ngakho uJesu waba “u-Adamu wokugcina.” Akudingeki kuphinde kuze omunye umuntu azokhokhela lokho u-Adamu akulahla. UJesu wafa “kwaba kanye kuphela.” (Heb. 7:27; 10:12) Pho uyini-ke umehluko phakathi kwelungiselelo lokuhlawulela nesihlengo? Ilungiselelo lokuhlawulela yilokho uNkulunkulu akwenzayo ukuze aphinde abe nobuhlobo obuhle nabantu. Isihlengo inani elikhokhwayo ukuze abantu abanesono bahlawulelwe izono zabo. Leli nani limelelwa yigazi likaJesu eliyigugu elathululwa ngenxa yethu.—Heb. 9:14. w25.02 5 ¶12-13
ULwesine, Agasti 13
UNkulunkulu uthembekile, ngeke avumele ukuba nilingwe ngaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.—1 Kor. 10:13.
Ukubheka uJehova njengoMuntu ongokoqobo kuyosenza sibheke uvivinyo esibhekana nalo ngendlela efanele. Kanjani? Sibheka uvivinyo esibhekana nalo njengempikiswano enkulu ephakathi kukaJehova noSathane. UDeveli uthi lapho sibhekana nezimo ezinzima siyomshiya uJehova. (Jobe 1:10, 11; IzAga 27:11) Kodwa lapho sihlala siqotho naphezu kovivinyo esibhekana nalo, sibonisa ukuthi siyamthanda uJehova futhi sifakazela ukuthi uDeveli ungumqambimanga. Ingabe ubhekene nokuphikiswa uhulumeni, izimo zomnotho ezinzima, lapho ushumayela abantu abasabeli kahle, noma olunye uvivinyo? Uma kunjalo, khumbula ukuthi isimo obhekene naso sikunikeza ithuba lokujabulisa uJehova. Khumbula nokuthi ngeke avumele ukuba ulingwe ngaphezu kwalokho ongakuthwala. Uzokunika amandla okukhuthazela. w24.06 22 ¶9
ULwesihlanu, Agasti 14
Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuyengwa yisifiso sakhe.—Jak. 1:14.
Uyazazi yini izinto olingeka kuzo kalula? Akusizi ngalutho ukuzikhohlisa siphike ubuthaka bethu noma siphethe ngokuthi siqine ngokwanele ukuba singenza isono. (1 Joh 1:8) Khumbula ukuthi uPawulu wathi ngisho nalabo ‘abavuthiwe’ bangase banqotshwe isilingo uma beyeka ukuqapha. (Gal. 6:1) Kumele sibe qotho lapho sizihlola, sizivume izinto esibuthaka kuzo. (2 Kor. 13:5). Lapho sesizazi izinto eziyisilingo kakhulu kithi, yini okufanele siyenze? Masenze konke esingakwenza ukuze sikulungele kangcono ukumelana nalezo zilingo! Ngokwesibonelo, ngezikhathi zeBhayibheli ingxenye yodonga lwedolobha eyayichayeke kakhulu ezingozini kwakungamasango. Ngenxa yalokho, amasango ayeba nabaqaphi abaningi. Ngendlela efanayo, kudingeka siziqaphe ngokukhethekile noma yiziphi izinto esaziyo ukuthi sibuthaka kakhulu kuzo.—1 Kor. 9:27. w24.07 15 ¶5-7
UMgqibelo, Agasti 15
Niqhubeka nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi emihle futhi lwanda ulwazi lwenu olunembile ngoNkulunkulu.—Kol. 1:10.
Umsebenzi omuhle okukhulunywa ngawo emBhalweni wosuku wanamuhla, uhlanganisa ukushumayela izindaba ezinhle. Ngakho lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu futhi sizindla ngalo, ukholo lwethu kuJehova luyaqina futhi kuba sobala ukubaluleka kokuxoxela abanye umyalezo woMbuso. Ukuze sizuze ngempela eZwini likaNkulunkulu, kufanele sigweme ukukha phezulu lapho sifunda, sitadisha futhi sizindla. Zinike isikhathi. Uma ufunda umBhalo ongawuqondi kahle, ungaweqi. Kunalokho, sebenzisa i-Watch Tower Publications Index noma INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova ukuze uthole incazelo yalelo vesi. Uma uzinika isikhathi lapho utadisha, uyoqiniseka nakakhulu ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso. (1 Thes. 5:21) Uma uqiniseka ngalokho, uyokujabulela nakakhulu ukuxoxela abanye ngalokho okufundile. w24.04 15 ¶4-5
ISonto, Agasti 16
Nganibhalela: ukuze ngithole ukuthi nizobunikeza yini ubufakazi bokuthi niyalalela ezintweni zonke.—2 Kor. 2:9.
UDavide wathi uJehova ‘muhle futhi uhlale ekulungele ukuthethelela.’ (IHu. 86:5) UMika wathi: “Ubani onguNkulunkulu onjengawe, othethelela iphutha . . . kanye nesiphambeko?” (Mika 7:18) U-Isaya wathi: “Umuntu omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu ongalungile imicabango yakhe; makabuyele kuJehova, oyoba nesihe kuye, kuNkulunkulu wethu ngoba uyomthethelela ngendlela enkulu.” (Isaya 55:7) Ukuze ibandla laseKorinte lilingise uJehova, latshelwa ukuba lamukele le ndoda eyayiphendukile futhi liyiqinisekise ukuthi liyayithanda. Ngokwamukela leso siqondiso, ibandla labonisa ukuthi ‘liyalalela ezintweni zonke.’ Yiqiniso ukuthi kwakusadlule izinyanga ezimbalwa nje kuphela lo muntu esusiwe, kodwa isiyalo sasimsizile waphenduka. Ngakho sasingekho isidingo sokuthi angabuyiselwa ngokushesha ebandleni. w24.08 17-18 ¶12-13
UMsombuluko, Agasti 17
Enye iyothathwa, enye ishiywe.—Math. 24:40.
Siphila esikhathini okuzokwenzeka kuso izinguquko ezinkulu! Kungekudala, uJesu uzokwahlulela wonke umuntu ophilayo. UJesu wachaza lokho okwakuyokwenzeka ezweni ngaphambi kokuba kufike isikhathi sokwahlulela. Wanika abafundi bakhe “uphawu” oluyisiprofetho lokuba khona kwakhe okungabonakali “nolwesiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 24:3) Lesi siprofetho sikuMathewu izahluko 24 no-25 nakuMarku isahluko 13 noLuka isahluko 21. UJesu wanikeza izixwayiso eziwusizo esebenzisa imifanekiso emithathu. Leyo mifanekiso owezimvu nezimbuzi, owezintombi ezihlakaniphile neziyiziwula, nowamathalenta. Umfanekiso ngamunye usisiza siqonde ukuthi indlela umuntu aziphatha ngayo iyoyithinta kanjani indlela ayokwahlulelwa ngayo. w24.09 20 ¶1-2
ULwesibili, Agasti 18
Konke enikwenzayo, kwenzeni ngothando.—1 Kor. 16:14.
Isibonelo sethu esivelele, uJesu Kristu, wayeshukunyiswa uthando—uthando ngoYise nothando ngabantu. Lolo thando lwamenza wasebenza ngokuzikhandla futhi wenzela abantu izinto abanye ababezibukela phansi. (Math. 20:28; Joh. 13:5, 14, 15) Bazalwane, uma nishukunyiswa uthando, uJehova uzonisiza niyifinyelele imigomo engokomoya njengokufanelekela ukuba yinceku ekhonzayo. (1 Pet. 5:5) Ngokuvamile, ezweni bayathandwa abantu abazigqamisa bona. Kodwa akunjalo enhlanganweni kaJehova. Umzalwane oshukunyiswa uthando, njengoba kwakunjalo ngoJesu, akathandi ukulawula abanye noma ukubonakala ebalulekile kunabanye. Ukube umuntu onjalo ubengatuswa ebandleni, cishe ubengeke avume ukwenza eminye imisebenzi ebukelwa phansi ukuze kunakekelwe izimvu zikaJehova eziyigugu. Angase azibone ebaluleke kakhulu ukuba angenza leyo misebenzi.—Joh. 10:12. w24.11 15 ¶6-7
ULwesithathu, Agasti 19
Umoya ongcwele [unimise] . . . ukuba nibe ababonisi.—IzE. 20:28.
Emhlabeni wonke, siyabadinga abazalwane abengeziwe abazokhonza ‘njengezipho ezingabantu.’ (Efe. 4:8) Uma ungumzalwane obhapathiziwe, ingabe “kusemandleni akho ukusiza”? (IzAga 3:27) Uyafuna yini ukufanelekela ukukhonza njengenceku ekhonzayo? Uma usuyinceku ekhonzayo, ungathanda yini ukuzibekela umgomo wokukhonza njengomdala? Ungakwazi yini ukuhlela izimo zakho ukuze ukwazi ukufaka isicelo sokuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso? Leso sikole sizokuqeqesha, sikuvulele amathuba engeziwe okusetshenziswa uJesu ngokugcwele. Uma uzizwa ungafaneleki, thandaza kuJehova. Mcele akuphe umoya wakhe ongcwele ukuze ukwazi ukusifeza ngempumelelo noma yisiphi isabelo onikezwe sona. (Luka 11:13) Abazalwane abamiswe uJesu ukuba babe ‘yizipho ezingabantu’ bawubufakazi bokuthi ubelokhu esihola phakathi nalezi zinsuku zokugcina. (Math. 28:20) Awujabuli yini ngokuthi sineNkosi enothando, ephanayo, eyaziyo ukuthi sidingani, nesinike abazalwane abafanelekayo ukuze banakekele izidingo zethu? w24.10 23 ¶16-17
ULwesine, Agasti 20
Izinto zesikhathi esidlule ngeke zikhunjulwe.—Isaya 65:17.
Kuthiwani ngazo zonke izinto ezibangele abantu bakaNkulunkulu ubuhlungu nokuhlupheka? Ekugcineni, zonke lezo zinto ‘ziyolibaleka [futhi] amehlo [kaNkulunkulu] ngeke azibone.’ (Isaya 65:16) UJehova uyoziqeda izinkinga esibhekene nazo futhi ngokuhamba kwesikhathi buyophela ngokuphelele ubuhlungu obubangelwa ukukhumbula lezo zinkinga. Ngisho kwamanje, siyaduduzeka lapho sisemihlanganweni yobuKristu, yilapho esikwazi ukukhululeka khona sikhohlwe yizo zonke izingcindezi zaleli zwe elibi. Siba nesandla ekwenzeni abafowethu nodadewethu bazole lapho sibonisa uthando, injabulo, ukuthula, umusa nobumnene, okuyizithelo zomoya kaNkulunkulu. (Gal. 5:22, 23) Kuyisibusiso esikhulu ngempela kithi ukuba senhlanganweni kaNkulunkulu! Labo abahlala besepharadesi elingokomoya bayokubona ukugcwaliseka ngokuphelele kwesithembiso sikaNkulunkulu ‘samazulu amasha nomhlaba omusha.’ w24.04 22 ¶9-10
ULwesihlanu, Agasti 21
Kuwugibe ngomuntu ukuba aphahluke athi, “Kungcwele!” Bese ngemva kokwenza isifungo aqale ukucabanga ngaso.—IzAga 20:25.
Nakuba ukuthandana nothile kungase kujabulise, kuphinde kube isinyathelo esibalulekile esingaholela emshadweni. Ngosuku lwabo lomshado, abashadayo bafunga phambi kukaJehova ukuthi bazothandana futhi bahloniphane, uma nje bobabili besaphila. Ngaphambi kokwenza noma yisiphi isifungo, kufanele sicabangisise ngaso. Kunjalo ngempela nangesifungo somshado. Ukuthandana nothile kunikeza abathandanayo ithuba lokwazana nelokwenza isinqumo esihle. Ngesinye isikhathi leso sinqumo kuba ukushada; ngesinye isikhathi kuba ukuhlukana. Uma abathandanayo behlukana, lokho akusho ukuthi kukhona okubi abakwenzile. Kunalokho, ukuthandana kwabo kubasizile—kubasize benza isinqumo esihle. Kungani kubalulekile ukuba nombono ofanele ngokuthandana nothile? Uma abantu abangashadile benombono ofanele, ngeke bathandane nomuntu bengenayo inhloso yokushada. w24.05 26-27 ¶3-4
UMgqibelo, Agasti 22
Ungabi namahloni ngokufakaza mayelana neNkosi yethu.—2 Thim. 1:8.
Ngesinye isikhathi kungaba nzima ngamaKristu asemasha ukuba avikele izinkolelo zawo. Angase azizwe esaba lapho kuxoxwa ngemfundiso yokuziphendukela kwemvelo ekilasini. Kungani? Kungenxa yokuthi othisha bangase baveze le mfundiso njengeyiqiniso. Uma ungumzali, ungayisiza kanjani ingane yakho ibe nesibindi sokumelela izinkolelo zayo? Yiqinisekise ngokuthi akudingeki izizwe inamahloni ngenxa yokuthi iyalazi iqiniso ngendalo. Kungani? Ngisho nososayensi abaningi bayakholelwa ukuthi izinto eziphilayo azizivelelanga. Labo sosayensi bayabona ukuthi kukhona othile ohlakaniphile owadala zonke lezi zinto eziyinkimbinkimbi. Ngenxa yalokho, abayamukeli imfundiso yokuziphendukela kwemvelo. Enye into engasiza ingane yakho iqinise ukholo lwayo nesibindi, ukuthola ukuthi yini eyasiza abafowethu nodadewethu bakholelwa ukuthi ukuphila kwadalwa. w24.12 18 ¶14-15
ISonto, Agasti 23
Yachichima injabulo ngomoya ongcwele.—Luka 10:21.
UJesu wayehlale enombono omuhle ngomsebenzi wokushumayela. Lokho kwamsiza wahlale eyijabulela inkonzo yakhe. Ngokwesibonelo, kamuva ngo-30 C.E., uJesu wabona ukuthi abantu abaningi babekulungele ukulalela izindaba ezinhle futhi wabafanisa namasimu alungele ukuvunwa. (Joh. 4:35) Esikhathini esingangonyaka kamuva, wathi kubafundi bakhe: “Umsebenzi wokuvuna mkhulu.” (Math. 9:37, 38) Kamuva waphinde wagcizelela, wathi: “Umsebenzi wokuvuna mkhulu . . . Ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Luka 10:2) UJesu wayehlale enethemba lokuthi babekhona abantu ababeyozilalela izindaba ezinhle futhi wayejabula lapho bezilalela. UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba bahlale benombono omuhle ngomyalezo abawushumayelayo, okwakuyobakhuthaza ukuba bahlale beshiseka. w25.03 18-19 ¶15-16
UMsombuluko, Agasti 24
UNkulunkulu wami uyidwala lami lokuphephela.—IHu. 94:22.
UJehova uyisiphephelo. Njengoba nje idwala elikhulu lingaba indawo umuntu angacasha kuyo lapho kunesiphepho esikhulu, noJehova uyasivikela lapho sibhekene nezikhathi ezinzima. Uyasivikela, aqikelele nokuthi izinkinga esibhekana nazo azisilimazi unomphela. Usithembisa nokunye: Ekugcineni uyosusa noma yini ephazamisa ukuthula nokulondeka kwethu. (Hez. 34:25, 26) Enye indlela esenza ngayo uJehova abe yiSiphephelo sethu esinjengedwala ukuthandaza kuye. Lapho sithandaza, uJehova usinika “ukuthula kukaNkulunkulu” okuqapha izinhliziyo nezingqondo zethu. (Fil. 4:6, 7) UJehova uhlale ekhona ukuze asisize. Singamethemba ngoba “uyiDwala laphakade.” (Isaya 26:3, 4) Uyohlale ekhona ukuze agcine izithembiso zakhe, alalele imithandazo yethu, asinike nosizo esiludingayo. Okunye okungasenza sithembele kuJehova ukuthi uqotho kulabo abamkhonzayo. (2 Sam. 22:26) Akasoze akukhohlwe lokho esikwenzayo futhi uyohlale esivuza.—Heb. 6:10; 11:6. w24.06 27 ¶4-6
ULwesibili, Agasti 25
Qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.—IzAga 4:23.
Ukuzijabulisa okungahlanzekile kungayenza ihlukane phakathi inhliziyo yethu. Kunjalo nangokuba nabangani ababi nokuthanda imali ngokweqile. Uma siqaphela ukuthi into ethile isiqala ukunciphisa uthando esinalo ngoJehova, kumele siyilungise ngokushesha indlela esicabanga ngayo nesenza ngayo. (Math. 5:29, 30) Akumele sivumele inhliziyo yethu ihlukane phakathi. Singase sizikhohlise sicabange ukuthi ngokwenza imisebenzi engokomoya ethe xaxa ngeke kudingeke silwe namathonya amabi. Ake sifanekise: Awuzicabange ungaphandle, amakhaza ashubisa umnkantsha futhi kunomoya obandayo. Ube usungena endlini, ugqoke izimpahla ezifudumele. Kodwa kuyokusiza kangakanani ukwenza lokho uma ungawuvali umnyango? Umoya obandayo ongena emnyango ungenza kube makhaza endlini. Liyini iphuzu? Akudingeki sigcine ngokuzondla ngokudla okungokomoya okwenza sibe nobuhlobo obuhle noJehova. Kudingeka sizivikele nasemathonyeni amabi, njengokungathi sivala umnyango ukuze umoya obandayo waleli zwe noma isimo sengqondo sokungamhloniphi uNkulunkulu kungangeni enhliziyweni yethu kuyenze ihlukane phakathi.—Efe. 2:2. w24.07 21 ¶6-7
ULwesithathu, Agasti 26
Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.—Math. 5:44.
Ngeke sikwazi ukubuqonda ngokugcwele ubuhlungu uJesu abuzwa, indlela ahlaziswa ngayo nendlela akhuthazelela ngayo ukuphathwa ngendlela engenabulungisa. Naphezu kwezinto abhekana nazo, akazange anqotshwe ukuphathwa ngendlela engenabulungisa. Kunokuba aqalekise amasosha ayembethele esigxotsheni, wathandaza: “Baba, bathethelele ngoba abakwazi abakwenzayo.” (Luka 23:34) Lapho sibathandazela labo abasiphatha kabi, lokho kungasenza singabi nenzondo, singathukutheli kakhulu futhi kungashintsha ngisho nendlela esibabheka ngayo. Asazi ukuthi yikuphi ukuphathwa ngendlela engenabulungisa esiyobhekana nakho ngaphambi kokuba siphele lesi simiso. Kungakhathaliseki ukuthi yini esibhekana nayo, masingalokothi siyeke ukuthandaza kuJehova sicele usizo. Kwangathi singalingisa nendlela uJesu asabela ngayo lapho ephathwa kabi, siqhubeke sisebenzisa nezimiso zeBhayibheli. Uma senza kanjalo, singaqiniseka ngokuthi uJehova uzosibusisa.—1 Pet. 3:8, 9. w24.11 6 ¶16; 7 ¶17, 19
ULwesine, Agasti 27
Awuyena uNkulunkulu ojabula ngobubi; akekho noyedwa omubi ongahlala nawe.—IHu. 5:4.
UJehova uNkulunkulu akamukeli lonke uhlobo lokuziphatha; uyasizonda isono. (IHu. 5:4-6) Ulindele ukuba silalele imiyalo yakhe asibekele yona eZwini lakhe iBhayibheli. Yiqiniso ukuthi uJehova akalindele ukuba abantu abanesono bangawenzi amaphutha. (IHu. 130:3, 4) Ngesikhathi esifanayo, akababekezeleli ‘abantu abangamhloniphi uNkulunkulu, abaphendula umusa wakhe omkhulu bawenze izaba zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo.’ (Jude 4) Empeleni, iBhayibheli likhuluma ‘ngokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu’ empini yaKhe i-Armagedoni. (2 Pet. 3:7; IsAm. 16:16) Nokho, uJehova akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa. IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi “ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Pet. 3:9) Abadala abangamaKristu balingisa uJehova njengoba bezama ngesineke ukusiza umuntu owonile ukuba ashintshe izindlela zakhe ukuze uJehova amamukele. w24.08 26 ¶1-2
ULwesihlanu, Agasti 28
Uvula isandla sakho wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo.—IHu. 145:16.
NjengoJehova, nathi singapha abanye izinto abazidingayo ngoba sibathanda. Ngokwesibonelo, ukhona yini okholwa naye omaziyo odinga ukudla noma izimpahla zokugqoka? UJehova angasebenzisa wena ukuba umuphe into ayidingayo ezomsiza. Abantu bakaJehova baziwa kakhulu ngokuphana lapho kugadle inhlekelele. Ngokwesibonelo, ngesikhathi kunobhubhane lwe-COVID-19, abafowethu nodadewethu babebapha ukudla, izimpahla zokugqoka nezinye izinto labo ababedinga lezo zinto. Abaningi babenza iminikelo emikhulu eya emsebenzini womhlaba wonke. Lokho kwasiza ukusekela abafowethu ababethintekile ezinhlekeleleni emhlabeni wonke. Labo abanikela babelalela amazwi akumaHebheru 13:16: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye ezintweni eninazo, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.” w24.09 27 ¶6-7
UMgqibelo, Agasti 29
Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.—Fil. 1:10.
Cabanga ngalesi sibonelo esilandelayo. Ufuna umsebenzi ukuze ukwazi ukunakekela umndeni wakho. Kuvela izindawo ezimbili ongaqashwa kuzo. Ucabangisisa ngakho konke okuhilelekile, uhlobo lomsebenzi, izinsuku ozozisebenza, ukuthi kuzokuthatha isikhathi esingakanani ukuya khona, kanye nezinye izinto ezihilelekile. Yomibili le misebenzi evelile ayingqubuzani nezimiso zeBhayibheli. Mhlawumbe phakathi kwayo ukhona owuthanda kakhulu ngenxa yohlobo lomsebenzi noma ngenxa yokuthi uzokuholela imali eningi. Nokho, kunezinye izinto okumele ucabange ngazo ngaphambi kokuba wenze isinqumo. Ngokwesibonelo, kule misebenzi emibili, ingabe isikhathi ozosebenza ngaso sizongqubuzana nesikhathi sokuya emhlanganweni webandla? Ingabe izodla isikhathi okudingeka usisebenzisele ukunakekela izidingo zomndeni wakho ezingokomzwelo nezingokomoya? Ukuzibuza imibuzo enjengaleyo kuyokusiza ugxile ‘ezintweni ezibaluleke kakhulu’—ukukhonza uJehova nezidingo zomndeni wakho—kunokuba ugxile ekwenzeni imali eningi. Ngaleyo ndlela uyokwazi ukwenza isinqumo uJehova ayosibusisa. w25.01 17 ¶11-13
ISonto, Agasti 30
UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni.—IHu. 34:18.
Ngisho noma abanye beye bakuphatha kabi, ungaqiniseka ngokuthi uJehova uyakuthanda futhi ubalulekile kuye. Uma uzizwa ‘udangele,’ khumbula ukuthi uJehova wabona izinto ezinhle kuwe futhi wakudonsela kuye. (Joh. 6:44) Uhlale ekulungele ukukusiza ngoba uyigugu kuye. Singafunda ngendlela uJehova azizwa ngayo ngokucabanga ngesibonelo sikaJesu. Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wayebaqaphela labo ababebukelwa phansi futhi wayebaphatha ngomusa. (Math. 9:9-12) Lapho owesifazane owayenethemba lokuthi uzolashwa esifweni esibi esasimphethe ethinta ingubo kaJesu, uJesu wamduduza futhi wamncoma ngokholo lwakhe. (Marku 5:25-34) Wabulingisa ngokuphelele ubuntu bukaBaba wakhe. (Joh. 14:9) Ngakho ungaqiniseka ngokuthi ubalulekile kuJehova futhi uyazibona izimfanelo zakho ezinhle, kuhlanganise nokholo lwakho nendlela omthanda ngayo. w24.10 7 ¶4-5
UMsombuluko, Agasti 31
Faka izinyembezi zami esigujini sakho sesikhumba.—IHu. 56:8.
Ekuphileni kwakhe, uDavide kwadingeka akhuthazelele izimo ezinzima eziningana ezamenza wakhala. Kunabantu ababemzonda futhi wadunyazwa ngisho nangabantu ayebethemba. (1 Sam. 19:10, 11; 2 Sam. 15:10-14, 30) Ngesinye isikhathi wabhala: “Ngikhathele ngenxa yokububula kwami; ubusuku bonke ngimanzisa umbhede wami ngezinyembezi; usofa wami umanzi yizinyembezi zami.” (IHu. 6:6) Naphezu kobunzima uDavide abhekana nabo, wayeqiniseka ukuthi uJehova uyamthanda. Wabhala: “UJehova uzowuzwa umsindo wokukhala kwami.” (IHu. 6:8) Amazwi omBhalo wosuku wanamuhla ayiveza ngokucacile indlela uJehova asithanda ngayo nasikhathalela ngayo. UDavide wathi kwakunjengokungathi uJehova ufaka izinyembezi zakhe esigujini noma uzibhala phansi encwadini. Wayeqiniseka ngokuthi uJehova wayebubona futhi ebukhumbula ubuhlungu ayebuzwa. Wayeqiniseka ukuthi uBaba wakhe osezulwini onothando wayengaboni nje kuphela izinto ayebhekene nazo, kodwa wayazi nokuthi zazimenza azizwe kanjani. w24.12 22 ¶11-12