Julayi
ULwesithathu, Julayi 1
Angikaze ngimbone olungile eshiywe dengwane.—IHu. 37:25.
Ezinye zezinceku zikaJehova sezikhulile ngeminyaka, zihlushwa impilo ebuthaka noma zikhubazekile. Lokho kungazenza zibe nomuzwa wokuthi azibalulekile kuJehova. Zingase zizibuze, ‘Ngisewusizo nje kuJehova?’ Umbhali weHubo 71 wayezizwa ngendlela efanayo. Wathandaza wathi: “Ungangishiyi lapho amandla ami ephela.” (IHu. 71:9, 18) Noma kunjalo, lo mhubi wayeqiniseka ngokuthi uma ekhonza uJehova ngobuqotho, uJehova wayezomqondisa futhi amsekele. Wafunda ukuthi uJehova uyathokoza ngabantu abenza okusemandleni abo ukuze bamkhonze naphezu kokulinganiselwa kwabo. (IHu. 37:23-25) Nina esenikhulile, zibhekeni ngendlela uJehova anibheka ngayo. Anganisiza ngokomoya ngisho noma kungenzeka ukuthi akusekuningi enikwazi ukukwenza. (IHu. 92:12-15) Kunokuba nigxile kulokho eningasakwazi ukukwenza, gxilani kulokho enikwazi ukukwenza. w24.10 28 ¶14-16
ULwesine, Julayi 2
Ngokuphathelene nokudla ukudla okunikelwe ezithixweni, siyazi ukuthi isithixo asilutho ezweni.—1 Kor. 8:4.
AmaKristu angavuthiwe avame ukuthwala kanzima lapho ebhekene nezimo ezidinga ukuba acabangisise ngezimiso zeBhayibheli futhi azisebenzise. Uma ungekho umthetho oseBhayibhelini, abanye bangase babe nomuzwa wokuthi bangenza noma yini abayithandayo. Abanye bangase bafune umthetho lapho ungekho umthetho odingekayo. Ngokwesibonelo, kubonakala sengathi amaKristu aseKorinte acela umphostoli uPawulu ukuba awabekele umthetho ngokuphathelene nokuthi eyengakudla yini ukudla okwakunikelelwe izithixo. Kunokuba awatshele ukuthi enzeni, uPawulu wayeyiqaphela indima kanembeza neqiniso lokuthi umuntu ngamunye ‘unelungelo lokukhetha.’ Wakhuluma nabo ngezimiso ezaziyokwenza umuntu ngamunye abe nonembeza omsulwa kuyilapho engakhubi abanye. (1 Kor. 8:7-9) Ngaleyo ndlela, uPawulu wayesiza abaseKorinte ukuba bakhule ngokomoya ukuze bakwazi ukusebenzisa amandla abo okuqonda kunokuba bancike komunye umuntu noma bamane bafune imithetho. w24.04 5 ¶14
ULwesihlanu, Julayi 3
Mina, Jehova, ngicubungula inhliziyo . . . ukuze nginike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe.—Jer. 17:10.
Ngesikhathi sikaJona, abaseNineve baba nethuba lokuphenduka. Ngaphezu kwalokho, khumbula lokho uJesu akusho ‘ngovuko lokwahlulelwa.’ Luyohlanganisa nalabo “ababenza okubi.” (Joh. 5:29) Ngakho kubonakala sengathi kungenzeka likhona ithemba nangabantu baseSodoma naseGomora. Kungenzeka ukuthi okungenani abanye balabo bantu bayovuswa futhi kungenzeka sibe nethuba lokubafundisa ngoJehova nangoJesu Kristu. Bekulokhu kunguJehova ‘ocubungula inhliziyo, ahlole imicabango ejulile.’ Uma kuziwa ovukweni lwesikhathi esizayo, uyohlale ‘enika yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe.’ UJehova uyoma aqine uma kudingeka enze kanjalo, kodwa uyoba nesihe noma nini lapho kungenzeka. Ngakho akufanele siphethe ngokuthi umuntu akanalo ithemba lovuko, ngaphandle uma sazi ukuthi kunjalo ngempela! w24.05 5-6 ¶15-16
UMgqibelo, Julayi 4
Ungesabi. Ngizokusiza.—Isaya 41:13.
Kusukela kudala, umyalezo ovela kuNkulunkulu uye waziqinisa izinceku zakhe lapho kudingeka zenze umsebenzi onzima. Ngokwesibonelo, cabanga ngomprofethi uJeremiya. Wayesaba lapho uJehova emnika isabelo sokushumayela. UJeremiya wathi: “Angikwazi ukukhuluma, ngoba ngisewumfana nje.” (Jer. 1:6) Wakunqoba kanjani ukungazethembi? Lokho uNkulunkulu akusho kuye kwamnika amandla. Wathi: “Izwi lakhe laba njengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami, ngakhathala ukuzibamba.” (Jer. 20:8, 9) Nakuba uJeremiya ayeshumayela ensimini elukhuni, umyalezo ayabelwe ukuba awumemezele wamnika amandla ayewadinga ukuze enze lowo msebenzi. AmaKristu athola amandla emyalezweni oseZwini likaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wathi ukuba nolwazi olunembile kwakuzokhuthaza abafowabo ukuba ‘bahambe ngokufanele uJehova’ njengoba beqhubeka ‘bethela izithelo kuyo yonke imisebenzi emihle.’—Kol. 1:9, 10. w24.04 14-15 ¶2-4
ISonto, Julayi 5
UZadoki umpristi . . . wamgcoba uSolomoni.—1 AmaKh. 1:39.
UZadoki wahlala eqotho kuJehova nakuba uMpristi Ophakeme u-Abhiyathara ekhetha ukusekela u-Adoniya indodana kaDavide, owayefuna ukuthatha ubukhosi. UDavide akazange akungabaze ukuba qotho kukaZadoki. Lapho uDavide ezwa ngecebo lika-Adoniya, wakhetha uZadoki, uNathani noBhenaya ukuba bagcobe uSolomoni njengenkosi. (1 AmaKh. 1:32-34) Kumele ukuba kwamqinisa futhi kwamkhuthaza uZadoki ukuba nabakhulekeli bakaJehova abaqotho abanjengoNathani kanye nabanye ababesekela iNkosi uDavide. Lapho uSolomoni eba yinkosi, ‘wabeka uZadoki umpristi esikhundleni sika-Abhiyathara.’ (1 AmaKh. 2:35) Ungamlingisa kanjani uZadoki? Uma umuntu osondelene naye ekhetha ukushiya uJehova, kwenze kucace ukuthi wena ukhetha ukuba qotho kuJehova. (Josh. 24:15) UJehova uzokunika amandla nesibindi osidingayo. Thembela kuJehova ngokuthandaza kuye futhi uhlale usondelene nabanye abakhulekeli bakhe abaqotho. UJehova uyajabula ngokuba qotho kwakho futhi uyokuvuza.—2 Sam. 22:26. w24.07 6-7 ¶16-17
UMsombuluko, Julayi 6
Masingayeki ukwenza okuhle.—Gal. 6:9.
KumaHubo 15:2, umngani kaNkulunkulu uchazwa njengomuntu “ohamba ngobuqotho, owenza okulungile.” Igama elithi “ohamba” nelithi “owenza” womabili abhekisela esenzweni esiqhubekayo. Kodwa singakwazi ngempela yini ‘ukuhamba ngobuqotho’? Yebo. Nakuba engekho umuntu ongenaso isono, uJehova uyosibheka njengabantu ‘abahamba ngobuqotho’ uma senza konke okusemandleni ukuze simlalele. Lapho sizinikezela kuNkulunkulu bese sibhapathizwa, lokho kumane kuyisiqalo sohambo lwethu noNkulunkulu. Phawula ukuthi ngezikhathi zeBhayibheli, ukuthi umuntu ungumIsrayeli kwakungamenzi afanelekele ukuba yisimenywa sikaJehova. Abanye babembiza, kodwa hhayi “ngeqiniso nangokulunga.” (Isaya 48:1) Ama-Israyeli aqotho kwakudingeka afunde ukuthi yini uJehova ayifunayo bese ekwenza lokho. Ngokufanayo, nathi namuhla kudingeka senze okungaphezu kokubhapathizwa nokuzihlanganisa namaKristu esinawo ebandleni ukuze uNkulunkulu asamukele. Kumele siqhubeke ‘senza okulungile.’ w24.06 9 ¶4; 10 ¶6
ULwesibili, Julayi 7
Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu.—Efe. 5:1.
Yiziphi ezinye izindlela uJehova abonisa ngazo ukuthi uyaphana? Cabanga ngezibonelo ezimbalwa. UJehova usipha izinto esizidingayo. Singase singabi nazo ngaso sonke isikhathi izinto eziwubukhazikhazi, kodwa siyambonga uJehova ngokuthi iningi lethu linazo izinto eziyisidingo. Ngokwesibonelo, usenza sikwazi ukuba nokudla, izimpahla zokugqoka nendawo yokuhlala. (IHu. 4:8; Math. 6:31-33; 1 Thim. 6:6-8) Ingabe uJehova usinika izinto esizidingayo ngoba nje ezizwa ebophekile ukuba enze kanjalo? Lutho neze! Cabanga ngamazwi kaJesu atholakala kuMathewu 6:25, 26. Ekhuluma ngezinyoni, uJesu uthi: “Azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni.” Nokho, phawula lokho abe esekusho: “UYihlo osezulwini uyazondla.” UJesu ube esebuza: “Nina anibalulekile yini ngaphezu kwazo?” Liyini iphuzu? Uma uJehova enendaba nezidingo zezilwane, singaqiniseka ngokuthi uzosinika esikudingayo! Njengobaba ongumuntu onothando, uJehova unakekela umndeni wakhe ngoba ewuthanda.—IHu. 145:16; Math. 6:32. w24.09 26-27 ¶4-6
ULwesithathu, Julayi 8
Amadoda akhonza kahle azitholela idumela elihle nenkululeko yokukhuluma ngokholo analo.—1 Thim. 3:13.
Inceku ekhonzayo ngumzalwane obhapathiziwe omiswe ngomoya ongcwele ukuba asize abadala benze imisebenzi eminingi yasebandleni ebalulekile. Okubaluleke nakakhulu ukuthi izinceku ezikhonzayo zingamadoda amthandayo uJehova futhi ziphila ngemithetho yakhe yokulunga. Zibathanda kakhulu abafowabo nodadewabo abangamaKristu. (Math. 22:37-39) Umzalwane obhapathiziwe angazibekela kanjani umgomo wokuba inceku ekhonzayo? IBhayibheli lisitshela ngezimfuneko okudingeka babe nazo abazalwane abafuna ukuba izinceku ezikhonzayo. (1 Thim. 3:8-10, 12) Ungakwazi ukulithola lelo lungelo ngokuthi ufunde ngalezo zimfuneko ezingokomBhalo bese wenza konke ongakwenza ukuze ube nazo. Kodwa kudingeka uqale uhlole izisusa zakho zokufuna ukuba inceku ekhonzayo. w24.11 15 ¶4-5
ULwesine, Julayi 9
Anilamukelanga njengezwi labantu kodwa njengezwi likaNkulunkulu.—1 Thes. 2:13.
Abanye abantu bathi sebelifunde izikhathi eziningana iBhayibheli. Kodwa bayakholelwa ngempela yini eBhayibhelini? Balisebenzisile yini ekuphileni kwabo noma balivumela ukuba lishintshe ukuphila kwabo? Ngokudabukisayo, ngokuvamile impendulo ingucha. Kodwa kuhlukile ngabantu bakaJehova! Senza konke esingakwenza ukuze sibonise ukuthi liyasebenza ekuphileni kwethu. Noma kunjalo, akulula ngaso sonke isikhathi ukufunda iZwi likaNkulunkulu nokwenza lokho elikushoyo. Kungase kube nzima ukuthola isikhathi sokulifunda. Noma singase sisheshise lapho silifunda futhi singacabangi ngalokho esikufundayo. Noma singase sidangale ngenxa yentuthuko okudingeka siyenze. Noma ngabe iyiphi inselele obhekene nayo kulezi, ungakwazi ukuyinqoba. Ngosizo lukaJehova ungayinqoba. Kwangathi singazimisela ukuba abenzi beZwi. Akungabazeki ukuthi uma siqhubeka sifunda iZwi likaNkulunkulu futhi silisebenzisa ekuphileni kwethu siyojabula nakakhulu.—Jak. 1:25. w24.09 7 ¶15-16
ULwesihlanu, Julayi 10
Qhubekani nicela, niyophiwa.—Luka 11:9.
UJehova usiduduza ngomoya wakhe ongcwele lapho sehlelwe yinto ebuhlungu noma sishonelwe. Uma ubhekene novivinyo olukuzwisa ubuhlungu obukhulu, ungathululela isifuba sakho kuJehova ngomthandazo. Ungazinqumela wena ukuthi imithandazo yakho izoba mide kangakanani nokuthi uzothandaza kaningi kangakanani. (IHu. 86:3; 88:1) Qhubeka ulokhu ucela umoya ongcwele kuJehova. Akasoze azizibe izicelo zakho. Wake wabhekana yini nesimo esinzima esakuqeda amandla? Umoya ongcwele ungakunika amandla okuqhubeka ukhonza uJehova ngokwethembeka. (Efe. 3:16) Ngemva kokucela umoya ongcwele kuJehova, yini ongayenza ukuze wenze ngokuvumelana nesicelo sakho? Yenza izinto ezizokwenza umoya kaNkulunkulu usebenze kuwe. Lezo zinto zihlanganisa ukuya emihlanganweni yebandla nokushumayeza abanye. Gcwalisa ingqondo yakho ngemicabango kaJehova ngokufunda iZwi lakhe nsuku zonke. (Fil. 4:8, 9) Njengoba ulifunda, funda kubalingiswa abaseBhayibhelini ababhekana novivinyo bese uzindla ngendlela uJehova abasiza ngayo bakhuthazela. w24.10 9 ¶12-14
UMgqibelo, Julayi 11
UNkulunkulu walithanda izwe.—Joh. 3:16.
NjengoJehova neNdodana yakhe, siyabathanda abantu. (IzAga 8:31) Siyabazwela kakhulu labo ‘abangenathemba nabangenaye uNkulunkulu.’ (Efe. 2:12) Kunjengokungathi basemgodini ojulile, thina sinentambo engabakhipha kulowo mgodi—izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Uthando nozwela esinalo ngabantu abanjalo lusenza senze konke esingakwenza ukuze sibatshele izindaba ezinhle. Lowo myalezo oyigugu ungabenza babe nethemba, ubasize baphile ukuphila okungcono manje, ubanike nethemba ‘lokuphila kwangempela’—ukuphila okuphakade—ezweni elisha likaNkulunkulu. (1 Thim. 6:19) Uthando esinalo ngabantu lusenza sibaxwayise nangokuphela kwaleli zwe elibi okusondelayo. (Hez. 33:7, 8) Sifuna bazi ukuthi yini eyokwenzeka phakathi nosizi olukhulu—inkolo yamanga iyobhujiswa, kuyobe sekulandela ukubhujiswa kwalo lonke leli zwe elibi e-Armagedoni.—IsAm. 16:14, 16; 17:16, 17; 19:11, 19, 20. w24.05 16-17 ¶8-9
ISonto, Julayi 12
Ningaziphindiseleli bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: “‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina,’ kusho uJehova.”—Roma 12:19.
Ngesikhathi umphostoli uPawulu enxusa amaKristu ukuba ‘aqhelele ulaka,’ olukabani ulaka ayekhuluma ngalo? Kule ndaba wayekhuluma ngolaka lukaJehova. Siqhelela ulaka lukaJehova ngokuthi simvumele alethe ubulungisa ngesikhathi sakhe nangendlela yakhe. Ngemva kokuphathwa kabi, umzalwane okuthiwa uJohn wathi: “Kwakumele ngilwe nesifiso sokufuna ukulungisa izinto ngendlela yami. EyabaseRoma 12:19 yangisiza ukuba ngilinde uJehova.” Siyazuza lapho silinda uJehova ukuba alungise izinto. Uma senza kanjalo, ngeke kudingeke sibhekane nokucindezeleka nokudumazeka okubangelwa ukuzama ukuzixazululela thina izinto. UJehova uthi uzosisiza. Kunjengokungathi uthi, ‘Ngizozilungisa izinto; ngizokuqeda ukungabi nabulungisa.’ Uma sisamukela isithembiso sikaJehova esithi “ngizobuyisela mina,” singakwazi ukudlulisa indaba, siqiniseka ngokuthi uzoyisingatha ngendlela engcono kakhulu. w24.11 6 ¶14-15
UMsombuluko, Julayi 13
Usuku ngalunye siphe isinkwa sethu ngokwezidingo zosuku.—Luka 11:3.
Kumele siqikelele ukuba singenzi izinto zaleli zwe kube yizo ezibaluleke kakhulu ekuphileni. Umphostoli uPawulu wakugcizelela lokho lapho ebhalela amaKristu ayephila ngasekupheleni kwesimiso samaJuda. Wakhuluma ngezinto ezimbi ezazenziwa ama-Israyeli ngesikhathi esehlane, kuhlanganise nalokho akwenza ngaseNtabeni iSinayi. Waxwayisa amaKristu ukuba ‘angazifisi izinto ezilimazayo, njengoba [ama-Israyeli] azifisa.’ (1 Kor. 10:6, 7, 11) Ngenxa yokufuna kwawo ukudla, ama-Israyeli ashintsha ngisho namalungiselelo kaJehova amangalisayo awenza “izinto ezilimazayo.” (Num. 11:4-6, 31-34) Ngesikhathi ekhonza ithole legolide, ama-Israyeli abonisa ukuthi into ayenendaba nayo kakhulu ukudla, ukuphuza nokuba nesikhathi esimnandi kunokulalela uJehova. (Eks. 32:4-6) UPawulu wasebenzisa lesi sibonelo ukuze axwayise amaKristu ayephila ngasekupheleni kwesimiso sezinto samaJuda ngo-70 C.E. Manje siphila ngasekupheleni kwaleli zwe, ngakho senza kahle ngokusinakisisa iseluleko sikaPawulu. w24.12 6 ¶13
ULwesibili, Julayi 14
[Jabula] ngomfazi wobusha bakho.—IzAga 5:18.
UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo’ futhi ufuna nathi sijabule. (1 Thim. 1:11) Usiphe izipho eziningi ukuze sijabulele ukuphila. (Jak. 1:17) Esinye salezo zipho umshado. Lapho owesilisa nowesifazane beshada benza isifungo sokuthi bazothandana futhi bahloniphane. Ukubonisana uthando njalo kungabenza bajabule kakhulu. Ngokudabukisayo, namuhla abantu abaningi abashadile bayazikhohlwa izithembiso abazenza ngosuku lwabo lomshado. Ngenxa yalokho abajabuli. UJehova ulindele ukuba umyeni amphathe kanjani umkakhe? UJehova uyala abayeni ukuba bazise omkabo. Ukwazisa kubhekisela endleleni esiphatha ngayo umuntu esimhloniphayo. Umyeni owazisa umkakhe uyomphatha ngendlela ebonisa uthando nomusa.—1 Pet. 3:7. w25.01 8 ¶1-2; 9 ¶4-5
ULwesithathu, Julayi 15
UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe.—Heb. 13:6.
Akungabazeki ukuthi incwadi umphostoli uPawulu ayibhalela amaHebheru yasiza amaKristu angekhulu lokuqala ukuba alungele usizi ayezobhekana nalo. UPawulu wanxusa abafowabo ukuba bayitadishe ngokucophelela imiBhalo futhi bayiqonde kahle. Ukwenza kanjalo kwakuyobasiza ukuba bazibone futhi bazenqabe izimfundiso ezaziyolwenza buthaka ukholo lwabo. Wabakhuthaza ukuba baqinise ukholo lwabo ukuze basilandele ngokushesha isiqondiso sikaJesu nesalabo abaholayo ebandleni. Wabuye wasiza amaKristu ukuba akhuthazelele uvivinyo ngokuthi abe nombono ofanele ngalo, alubheke njengethuba lokuqeqeshwa uBaba wawo onothando. Kwangathi nathi singasisebenzisa lesi seluleko esivela eBhayibhelini. Uma senza kanjalo siyokwazi ukukhuthazela ngokwethembeka kuze kube sekugcineni.—Heb. 3:14. w24.09 13 ¶17, 19
ULwesine, Julayi 16
Singcwelisiwe ngomnikelo womzimba kaJesu Kristu kube kanye kuphela.—Heb. 10:10.
NgokweBhayibheli, isihlengo inani elikhokhwayo ukuze kuhlawulelwe okuthile futhi kubuyiswane. Ngokombono kaJehova, sinikeza isisekelo sokubuyisa lokho okwalahleka. Ngayiphi indlela? Khumbula, u-Adamu no-Eva balahlekelwa ukuphila okungenasono kanye nethuba lokuphila phakade. Ngakho, inani lesihlengo kwakuyodingeka lilingane nalokho okwalahleka. (1 Thim. 2:6) Lalingakhokhwa kuphela umuntu omdala (1) owayengenasono; (2) owayengaphila phakade emhlabeni; (3) nowayezimisele ukudela lokho kuphila noma ukulahlekelwa yikho ngenxa yethu. Cabanga ngezizathu ezintathu ezenza uJesu wakwazi ukukhokha isihlengo. (1) Wayengenasono—“akenzanga sono.” (1 Pet. 2:22) (2) Ngenxa yalokho, wayengaphila phakade emhlabeni. (3) Wayezimisele ukufa nokudela lokho kuphila ngenxa yethu.—Heb. 10:9. w25.02 4-5 ¶11-12
ULwesihlanu, Julayi 17
UNkulunkulu akancishani ngomoya wakhe.—Joh. 3:34.
UJehova uyakuthanda futhi ufuna ube yilungu lomndeni wakhe. Kuyiqiniso lokho, kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izimo obhekene nazo ezenza kube nzima ukuba ubhapathizwe. UJesu wathi kubafundi bakhe bangekhulu lokuqala: “Uma ninokholo olulingana nohlamvu lwesinaphi, niyothi kule ntaba, ‘Suka lapha uye laphaya,’ isuke, futhi akukho lutho eningeke nikwazi ukulwenza.” (Math. 17:20) Labo ababekhona lapho kushiwo la mazwi babebe noJesu iminyaka embalwa nje, ngakho ukholo lwabo lwalusakhula. Kodwa uJesu wabaqinisekisa ngokuthi uma beba nokholo olwanele, uJehova wayeyobasiza basuse izinkinga ezinjengentaba. Nawe uJehova uzokusiza wenze okufanayo! Uma kunokuthile okukuvimba ukuba ubhapathizwe, thatha izinyathelo zokunqoba leyo nkinga ngokushesha. Zinikezele kuJehova futhi ubhapathizwe. Leso yisinqumo esingcono kunazo zonke oyoke usenze! w25.03 7 ¶18-20
UMgqibelo, Julayi 18
UJehova ungakimi; ngeke ngesabe.—IHu. 118:6.
Singakwazi ukubhekana novivinyo ngokuphumelelayo uma sikhumbula ukuthi uNkulunkulu ophilayo ukulungele ukusisiza. Singakwethemba nakakhulu lokho uma sicabanga ngalokho asenzele kona esikhathini esidlule. (Isaya 37:17, 33-37) Funda noma ubukele imibiko ebonisa indlela uJehova abasekele ngayo abafowethu nodadewethu esikhathini sethu kuwebusayithi yethu ethi jw.org. Ngaphezu kwalokho, khumbula izikhathi uJehova asekusize ngazo. Ungazizwa kabi uma kungekho okukhumbulayo okumangalisayo akusize kukho. Kungani? Iqiniso liwukuthi uJehova usekwenzele izinto eziningi ekuphileni kwakho! Ukudonsele kuye ukuze ube umngani wakhe. (Joh. 6:44) Kungani ungamceli akusize ukhumbule izikhathi lapho aphendule khona imithandazo yakho, wakusekela ngesikhathi esifanele noma wakusiza lapho ubhekene nesimo esinzima? Ukucabanga ngalezi zinto kuzokusiza uqiniseke nakakhulu ukuthi uJehova uzoqhubeka ekusiza. w24.06 21 ¶8
ISonto, Julayi 19
Ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.—Roma 5:12.
Singase sizimisele ukungavumeli lutho lusenze sifulathele uJehova. Nokho, sinesono futhi kalula singazithola sesingene esilingweni. (Roma 7:21-23) Singalindele, singazithola sisesimweni esenza kubonakale kukhanga kakhulu ukwenza okungalungile. Ukuze sihlale siqotho kuJehova neNdodana yakhe, kudingeka silalele iseluleko sikaJesu sokuhlale siqaphile ukuze singangeni esilingweni sesono. Sonke siyalingeka ukuba senze isono. Kodwa izinto esibuthaka kuzo azifani, kungaba isilingo sokwenza isono esikhulu, isilingo sokwenza uhlobo oluthile lokuziphatha okungcolile noma ukunqotshwa ukucabanga kwezwe. Ngokwesibonelo, omunye angase alwisane nesilingo sokuziphatha kabi ngokocansi. Omunye kungase kudingeke alwisane kanzima nesilingo sokwenza imikhuba engcolile njengokushaya indlwabu noma ukubukela izithombe zocansi ezingcolile. Kanti omunye angase alwisane nokwesaba abantu, ukuzazisa, ukushesha ukucasuka noma okunye. w24.07 14 ¶3; 15 ¶5
UMsombuluko, Julayi 20
Nimthethelele ngomusa nimduduze, ukuze anganqotshwa ukudabuka ngokweqile.—2 Kor. 2:7.
Cabanga ukuthi yini eyayingenzeka ukube abadala benqaba ukumvumela ukuba abuyele ebandleni umuntu owayephenduke ngempela noma ukube ngemva kokubuyela kwakhe ibandla lenqaba ukumbonisa uthando. Wayengase anqotshwe “ukudabuka ngokweqile.” Kwakungaba lula ukuba acabange ukuthi isimo sakhe sasingeke sisalungiseka. Wayengase ayeke ngisho nokuzama ukulungisa ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. Okubi nakakhulu ukuthi uma amanye amaKristu ebandleni ayengafuni ukuthethelela isoni esase siphendukile, ayeyobeka ubuhlobo bawo noJehova engcupheni. Kungani? Kungenxa yokuthi ayeyobe ebonisa isimo sengqondo sikaSathane sokuba nokhahlo nokungabi nasihe, hhayi ukuzimisela kukaJehova ukuthethelela izoni eziphendukayo. Empeleni, ayeyoba amathuluzi kaDeveli angawasebenzisela ukuyekisa le ndoda ukukhonza uJehova.—2 Kor. 2:10, 11; Efe. 4:27. w24.08 17 ¶7, 10-11
ULwesibili, Julayi 21
Lapho enyukela phezulu . . . , waphana ngezipho ezingabantu.—Efe. 4:8.
UJesu Kristu wanika ibandla ‘izipho ezingabantu’ ezenza inkonzo ehlukile. Beqondiswa nguye, abadala baseJerusalema bathumela uPawulu, uBarnaba nabanye ukuba babe ababonisi abajikelezayo. (IzE. 11:22) Kungani? Ukuze baqinise amabandla njengoba kwakunjalo nangezinceku ezikhonzayo nabadala ababemisiwe. (IzE. 15:40, 41) Ababonisi besigodi bahlezi behamba. Abanye bahamba amabanga amade bevakashela amabandla. Isonto ngalinye, umbonisi wesigodi wenza izinkulumo eziningana, enze ukuhambela kokwelusa, aqhube umhlangano wamaphayona, aqhube umhlangano wabadala nomhlangano wenkonzo yasensimini. Ulungiselela izinkulumo, ahlele imihlangano yesigodi neyesifunda. Ufundisa ezikoleni zamaphayona, ahlele umhlangano okhethekile wamaphayona esigodi, enze neminye imisebenzi—ngezinye izikhathi ephuthumayo—ayabelwe ihhovisi legatsha. w24.10 21 ¶12-13
ULwesithathu, Julayi 22
Ngiyosithethelela isiphambeko sabo, nesono sabo ngeke ngisasikhumbula.—Jer. 31:34.
UJehova watshela umprofethi uJeremiya amazwi asemBhalweni wosuku wanamuhla. Ebhekisela kula mazwi, umphostoli uPawulu wasebenzisa inkulumo efanayo ethi: “Ngeke ngisazikhumbula izono zabo.” (Heb. 8:12) Kodwa kusho ukuthini ngempela lokho? EBhayibhelini igama elithi “khumbula” alisho ngaso sonke isikhathi ukuthi umuntu akakhumbule okwenzekile noma acabange ngakho. Kunalokho, lingasho nokuthi umuntu akenze okuthile. Isigebengu esasilenga esigxotsheni eduze kukaJesu samcela lokhu: “Jesu, ngikhumbule lapho ungena eMbusweni wakho.” (Luka 23:42, 43) Kwakungekhona nje ukuthi sasimane sicela uJesu ukuba acabange ngaso ngaleso sikhathi. Impendulo kaJesu yabonisa ukuthi wayezokwenza okuthile ukuze avuse lesi sigebengu. Ngakho lapho uJehova ethi akasazikhumbuli izono zethu, usho ukuthi usesithethelele futhi ngeke asijezisele lezo zono asezithethelele esikhathini esizayo. w25.02 10-11 ¶14-15
ULwesine, Julayi 23
Ulwazi ngoNgcwelengcwele lungukuqonda.—IzAga 9:10.
Kuyiqiniso ukuthi ukuqonda kwangempela sikuthola ngokwazi izimfanelo zikaJehova, injongo yakhe nalokho akuthandayo noma akuzondayo. Zibuze, ‘Ngokwalokho engikwaziyo ngoJehova, yisiphi isinqumo engingasenza esizomenza ajabule?’ (Efe. 5:17) Ukuze sijabulise uJehova, ngezinye izikhathi kumele senze into edumaza abantu esisondelene nabo. Ngokwesibonelo, abanye abazali abanezinhloso ezinhle bangase bacindezele indodakazi yabo ukuba ishade nomuntu omi kahle ngokwezimali—noma ozokwazi ukukhipha ilobolo elikhulu—ngisho noma lowo muntu engaqinile ngokomoya. Kungokwemvelo ukuba abazali bafune indodakazi yabo iphile kamnandi, kodwa ubani ozoyisiza ukuba ibe nobuhlobo obuqinile noJehova? UJehova uzizwa kanjani ngale ndaba? Impendulo siyithola kuMathewu 6:33. Kuleli vesi, amaKristu anxuswa ukuba aqhubeke ‘efuna kuqala uMbuso.’ Nakuba sibahlonipha abazali bethu nabantu esiphila nabo emphakathini, into ebaluleke kakhulu kithi ukwenza uJehova ajabule. w25.01 17 ¶9-10
ULwesihlanu, Julayi 24
INkosi yama eduze kwami, yangipha amandla.—2 Thim. 4:17.
Siyaludinga usizo lukaJehova ukuze siqhubeke sishumayela ngentshiseko lapho siphikiswa namuhla. (IsAm. 12:17) Kungani ungaqiniseka ukuthi uJehova uzokusekela? Cabanga ngomthandazo kaJesu okuJohane isahluko 17. UJesu wacela uJehova ukuba ababheke abaphostoli futhi uJehova wawuphendula lowo mthandazo. Incwadi yezEnzo ilandisa ngendlela uJehova abasiza ngayo abaphostoli ukuba bashumayele ngentshiseko ngisho noma babeshushiswa. Emthandazweni wakhe, uJesu wacela nokuba uJehova ababheke nalabo ababeyobonisa ukholo lapho abaphostoli beshumayela. Labo bantu bahlanganisa nawe. UJehova usaqhubeka ewuphendula lowo mthandazo kaJesu; nawe uzokusiza njengoba abasiza nabaphostoli. (Joh. 17:11, 15, 20) Ngisho noma kungase kube nzima kakhulu ukushumayela izindaba ezinhle ngentshiseko njengoba ukuphela kwaleli zwe kusondela, sizoluthola usizo esiludingayo.—Luka 21:12-15. w25.03 18 ¶13-14
UMgqibelo, Julayi 25
Izinceku zami ziyomemeza ngenjabulo.—Isaya 65:14.
Abantu bakaNkulunkulu ‘bangamemeza ngenjabulo’ ngoba izinhliziyo zabo zichichima ukubonga. Amaqiniso akhuthazayo nezithembiso eziduduzayo eziseZwini likaNkulunkulu, nethemba lethu esiqinisekayo ngalo elisekelwe emhlatshelweni kaKristu wesihlengo kwenza ‘izinhliziyo’ zethu ‘zename.’ Ukuxoxa ngalezi zinto kusenza sijabule ngempela! (IHu. 34:8; 133:1-3) Uthando nobunye okukhona kubantu bakaJehova yizona zinto ezimbili eziyinhloko ezakha ipharadesi elingokomoya. Lobu “bunye” businika isithombe sokuthi kuyoba njani ukuphila ezweni elisha, lapho izinceku zikaJehova ziyoba nothando nobunye ngezinga elikhulu ukwedlula namuhla. (Kol. 3:14) Noma ubani ofuna ngempela ukujabula nokwaneliseka kudingeka abe sepharadesi lethu elingokomoya. Kungakhathaliseki ukuthi leli zwe licabangani ngezinceku zikaJehova, zinegama elihloniphekile noma idumela elihle, zikanye nabo bonke abakhonza uJehova emhlabeni wonke.—Isaya 65:15. w24.04 21 ¶7-8
ISonto, Julayi 26
Qhubekani . . . nakhana.—1 Thes. 5:11.
Singawasekela kanjani amaKristu angashadile afuna ukushada? Enye indlela esingawasekela ngayo ukuqapha esikushoyo. (Efe. 4:29) Singase sizibuze: ‘Ngiyabagcona yini labo abafuna ukushada? Uma ngibona umzalwane ongashadile exoxa nodade ongashadile, ingabe ngivele ngiphethe ngokuthi bayafunana?’ (1 Thim. 5:13) Ngaphezu kwalokho, akufanele nanini senze amaKristu angashadile azizwe sengathi kukhona okushodayo ngenxa yokuthi awashadile. Kungcono nakakhulu ukucinga amathuba okuncoma amaKristu angashadile! Kuthiwani uma sicabanga ukuthi umzalwane othile nodade othile bangafanelana? IBhayibheli lithi masicabangele imizwa yabanye. (Roma 15:2) Abantu abaningi abangashadile abathandi ukufunelwa umuntu abazoshada naye futhi kufanele sikuhloniphe lokho. (2 Thes. 3:11) Abanye bangase bakujabulele ukusizwa, kodwa akufanele sibasize singacelwanga.—IzAga 3:27. w24.05 24-25 ¶14-15
UMsombuluko, Julayi 27
Idwala labo alifani neDwala lethu.—Dut. 32:31.
Siphila ezweni lapho izinkinga esingazilindele zingakuphazamisa—noma zikushintshe ngokuphelele—ukuphila kwethu. Sibonga kakhulu ngokuthi singancika kuJehova uNkulunkulu ukuze asisize! Lapho esisiza, siqiniseka nakakhulu ukuthi “uJehova uyaphila!” (IHu. 18:46) Nokho, ngokushesha nje ngemva kokusho lawo mazwi, uDavide wabiza uNkulunkulu ngokuthi “iDwala lami.” Kungani ayefanisa uJehova nento engaphili—idwala? IBhayibheli lisebenzisa igama elithi “idwala” ngomqondo ongokomfanekiso ukuze lisisize siqonde izimfanelo uJehova anazo. Ngokuvamile livela emavesini amdumisa ngokuba uNkulunkulu ongenakuqhathaniswa nalutho. Incwadi yokuqala ebiza uJehova ngokuthi “iDwala” uDuteronomi 32:4. Emthandazweni wakhe, uHana wathi “alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.” (1 Sam. 2:2) UHabakuki wabiza uJehova ngokuthi “Dwala lami.” (Hab. 1:12) Umbhali weHubo 73 wathi uNkulunkulu “uyidwala lenhliziyo yami.” (IHu. 73:26) Ngisho noJehova wazifanisa nedwala.—Isaya 44:8. w24.06 26 ¶1, 3
ULwesibili, Julayi 28
UJehoshafati [wafuna] uJehova ngayo yonke inhliziyo yakhe.—2 IziKr. 22:9.
Amakhosi akwa-Israyeli ayejabulisa uJehova ayemkhonza ngenhliziyo ephelele. IBhayibheli lithi ngoJosiya: “Akukho nkosi eyaba njengaye ngaphambi kwakhe, eyabuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yayo.” (2 AmaKh. 23:25) Kuthiwani ngoSolomoni, okwathi kwamuva wenza okubi? “Inhliziyo yakhe yayingazinikele ngokuphelele.” (1 AmaKh. 11:4) Ngokuphathelene no-Abhiyamu, enye inkosi engathembekile, iBhayibheli lithi: “Inhliziyo yakhe yayingazinikele ngokuphelele kuJehova.” (1 AmaKh. 15:3) Ngokuvamile iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “inhliziyo” ukuze lichaze umuntu esinguye ngaphakathi, okuhlanganisa izifiso zomuntu, akucabangayo, isimo sakhe sengqondo, izinto akwazi ukuzenza, izisusa zakhe nemigomo yakhe. Pho kusho ukuthini ukukhonza uJehova ngenhliziyo ephelele? Umuntu okhonza uNkulunkulu ngenhliziyo ephelele akamkhonzi nje ngoba nakhu kufanele amkhonze. Kunalokho, umkhonza ngoba emthanda futhi ezinikele kuye ukuphila kwakhe konke. w24.07 21 ¶4-5
ULwesithathu, Julayi 29
Uzesule zonke izono zami.—IHu. 51:9.
UJehova usebenzisa umfanekiso ukuze achaze indlela asula ngayo izono zethu. Uthi: “Ngizozimboza iziphambeko zakho ngokungathi ngefu, nezono zakho ngokungathi ngamafu amnyama.” (Isaya 44:22) Lapho uJehova ethethelela, kunjengokungathi usebenzisa ifu elimnyama ukuze amboze iziphambeko zethu zishabalale zingabonakali nhlobo. Kusho ukuthini lokho kithi? Lapho uJehova ethethelela izono zethu, akufanele sicabange ukuthi siyoba nebala lalezo zono ukuphila kwethu konke. Ngegazi likaJesu Kristu, izono zethu zithethelelwe ngokuphelele. Lapho uJehova esithethelela kuba njengokungathi asikaze sone. Yileyo ndlela uJehova asithethelela ngayo ngeqiniso lapho siphenduka ezonweni zethu. Isihe sikaJehova sisenza sikwazi nokuba nobuhlobo obuhle naye, sisisize nokuba singanqotshwa umuzwa wecala. w25.02 10 ¶11-14
ULwesine, Julayi 30
UNkulunkulu ngomusa wakhe uzama ukukuholela ekuphendukeni.—Roma 2:4.
UJehova unike abadala abakhonza emakomitini umthwalo wokuba bagcine ibandla lihlanzekile. (1 Kor. 5:7) Abadala nabo bafuna ukuba umuntu owenze isono aphenduke uma kungenzeka. Ngenxa yalokho, abadala bahlale benethemba lokuthi umuntu uzoshintsha. Kungani? Kungenxa yokuthi bafuna ukulingisa uJehova, ‘onothando olukhulu nesihe.’ (Jak. 5:11) Phawula ukuthi umphostoli uJohane owayesekhulile wakwenza kanjani lokho. Wabhala: “Bantwanyana bami, nginibhalela lezi zinto ukuze ningasenzi isono. Nokho, uma umuntu enza isono, sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungile.” (1 Joh. 2:1) Ngokudabukisayo, ngezinye izikhathi umKristu owonile akafuni ukuphenduka. Uma kunjalo, kumele asuswe ebandleni. w24.08 25 ¶19-20
ULwesihlanu, Julayi 31
Nime niqinile okholweni.—1 Kor. 16:13.
Ungase uzame ukuqhathanisa lokho okwazi ukukwenza nalokho okwenziwa abanye. Ungakwenzi lokho! Kungani? Kungoba uJehova naye akasiqhathanisi nabanye. (Gal. 6:4) Ngokwesibonelo, uMariya wapha uJesu amafutha anamakha abizayo. (Joh. 12:3-5) Kanti umfelokazi ohluphekayo yena wanikela ethempelini ngezinhlamvu zemali ezimbili ezincane, ezazibiza inani elincane kakhulu. (Luka 21:1-4) Kodwa uJesu wabheka zombili lezi zipho njengezibonisa ukholo. UBaba wakhe, uJehova, uyibheka njengeyigugu noma yini oyenza ngoba uzinikele kuye futhi umthanda, noma ngabe ibonakala incane kangakanani leyo nto kuwe. Sonke siyaba nokungabaza ngezinye izikhathi. Kodwa iZwi likaNkulunkulu elinokwethenjelwa, iBhayibheli, lingasisiza sikunqobe. Kunokuba ungabaze, yiba nesibindi. Ngempela uJehova uyakuqaphela. Uyakwazisa ukuzidela kwakho futhi uzimisele ukukuvuza. UJehova ubheka zonke izinceku zakhe eziqotho njengezikufanelekelayo ukuba azibonise ukuthi uyazithanda futhi uyazikhathalela. w24.10 25 ¶3; 29 ¶17-18