Ephreli
ULwesithathu, Ephreli 1
Yile intando kaBaba, ukuba wonke umuntu owamukela iNdodana futhi abonise ukholo kuyo athole ukuphila okuphakade.—Joh. 6:40.
Ukuze sizuze enyameni kaJesu nasegazini lakhe, kudingeka sibe nokholo esihlengweni. (Efe. 1:7) Labo uJesu ababiza ngokuthi “ezinye izimvu” abasidli isinkwa newayini eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa saminyaka yonke futhi akufanele basidle. (Joh. 10:16) Noma kunjalo, bayazuza enyameni nasegazini likaJesu Kristu. Bazuza ngokuba nokholo enanini lomhlatshelo kaJesu Kristu wesihlengo. (Joh. 6:53) Ngokuphambene nalokho, labo okufanele badle isinkwa newayini babonisa ukuthi basesivumelwaneni esisha futhi banethemba lokuba yizindlalifa zoMbuso wasezulwini. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi sigcotshiwe noma singabezinye izimvu, kudingeka sibe nokholo ukuze sithole ukuphila okuphakade. w24.12 13 ¶14, 16
Ukufundwa KweBhayibheli KweSikhumbuzo: (Izenzakalo zasemini: NgoNisani 12) Mathewu 26:1-5, 14-16; Luka 22:1-6
USUKU LWESIKHUMBUZO
Ngemva Kokushona Kwelanga
ULwesine, Ephreli 2
Ungesabi mhlambi omncane, ngoba uYihlo uyakujabulela ukuninika uMbuso.—Luka 12:32.
ESidlweni SeNkosi Sakusihlwa, uJesu wanika abaphostoli bakhe isinkwa esingenamvubelo, wabatshela ukuthi sasimelela umzimba wakhe. Wabe esebanika iwayini, wathi lalimelela “igazi . . . lesivumelwano.” (Marku 14:22-25; Luka 22:20; 1 Kor. 11:24) Isivumelwano esisha senziwa “nendlu ka-Israyeli [ongokomoya]” oyoba ‘seMbusweni kaNkulunkulu.’ (Heb. 8:6, 10; 9:15) ESidlweni SeNkosi Sakusihlwa, uJesu wayegxile ‘emhlanjini omncane.’ Lelo qembu elincane laqala ngabaphostoli bakhe abathembekile ababenaye eSidlweni. Yibo ababeyoba noJesu ezulwini. w24.12 11 ¶9-10
Ukufundwa KweBhayibheli KweSikhumbuzo: (Izenzakalo zasemini: NgoNisani 13) Mathewu 26:17-19; Marku 14:12-16; Luke 22:7-13 (Izenzakalo zangemva kokushona kwelanga: NgoNisani 14) Johane 13:1-5; 14:1-3
ULwesihlanu, Ephreli 3
UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade.—Joh. 3:16.
UJesu wakhashelwa, waboshwa, wathukwa, wanyundelwa, wagwetshwa futhi wahlukunyezwa. Amasosha amyisa la ayezobulawelwa khona, ambethela esigxotsheni. Njengoba ayekhuthazelela lobo buhlungu obukhulu ngokwethembeka, kunothile owayezwa ubuhlungu ngisho nakakhulu. KwakunguJehova uNkulunkulu. Akawasebenzisanga amandla akhe angenamkhawulo, wazibamba wangangenelela. Kungani? Lokho wakwenza ngenxa yokuthi uyasithanda. Umhlatshelo kaJesu uwubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJehova ukuthanda kangakanani. Wanikela ngeNdodana yakhe ayithandayo, wakhuthazelela ubuhlungu obungachazeki ukuze akukhulule esonweni nasekufeni. (1 Joh. 4:9, 10) Ngempela, ufuna ukusiza ngamunye wethu ukuba alwe nesono—futhi anqobe! w24.08 6 ¶13-14
Ukufundwa KweBhayibheli KweSikhumbuzo: (Izenzakalo zasemini: NgoNisani 14) Johane 19:1-42
UMgqibelo, Ephreli 4
UKristu wahlupheka ngenxa yenu.—1 Pet. 2:21.
Singayiqonda kangcono indlela uJehova asithanda ngayo uma sicabanga ngobuhlungu okumele ukuba wabuzwa lapho ebona iNdodana yakhe ihlupheka. USathane uthi ayikho inceku kaNkulunkulu eyoqhubeka iqotho kuNkulunkulu lapho ibhekene nobunzima. Ukuze abonise ukuthi uSathane ungumqambimanga, uJehova wavumela uJesu ukuba ahlupheke ngaphambi kokuba afe. (Jobe 2:1-5) UJehova wayebukele lapho abaphikisi benkolo behlekisa ngoJesu, lapho amasosha embhaxabula nalapho ebethelwa esigxotsheni. UJehova wayebukele nalapho iNdodana yakhe ayithandayo ifa kabuhlungu. (Math. 27:28-31, 39) Wayengakuvimba noma nini lokho ukuba kwenzeke. (Math. 27:42, 43) Nokho, ukube uNkulunkulu wangenelela, sasingeke sikhokhwe isihlengo futhi sasingeke sibe nalo ithemba. Ngakho uJehova wavumela iNdodana yakhe ukuba ihlukumezeke kwaze kwaba yilapho ifa. w25.01 22 ¶7
Ukufundwa KweBhayibheli KweSikhumbuzo: (Izenzakalo zasemini: NgoNisani 15) Mathewu 27:62-66 (Izenzakalo zangemva kokushona kwelanga: NgoNisani 16) Johane 20:1
ISonto, Ephreli 5
Bambona phakathi nazo zonke izinsuku ezingu-40.—IzE. 1:3.
NguNisani 16, 33 C.E. Abafundi bakaJesu bagajwe usizi nokwesaba. Ababili kubo bayasuka eJerusalema baye e-Emawuse. Bahlangana nendoda abangayazi bese ihambisana nabo. Abafundi bayixoxela ukuthi badumele ngalokho okwenzeke kuJesu. Le ndoda yabe isikhuluma ngezinto ababengasoze bazikhohlwa. ‘Iqala kuMose nakubo bonke abaProfethi,’ ibe isichaza ukuthi kungani uMesiya kwakudingeka ahlupheke futhi afe. Lapho la madoda amathathu efika e-Emawuse, le ndoda iyaziveza ukuthi ingubani—uJesu ovusiwe! (Luka 24:13-35) UJesu wabonakala kubafundi bakhe izikhathi eziningana ezinsukwini ezingu-40 zokugcina esemhlabeni. Phakathi naleso sikhathi, ukwesaba nosizi lwabalandeli bakaJesu kwaphela. Baba abashumayeli nabafundisi boMbuso abajabulayo, abazethembayo nabanesibindi. w24.10 12 ¶1-3
Ukufundwa KweBhayibheli KweSikhumbuzo: (Izenzakalo zasemini: NgoNisani 16) Johane 20:2-18
UMsombuluko, Ephreli 6
Zakheni okholweni lwenu olungcwele kakhulu.—Jude 20.
Njengoba isikhathi siqhubeka, singakhula sibe abantu abadala ngokuzenzakalelayo, kodwa akuzenzakaleli ukuba umuntu akhule abe umKristu ovuthiwe. Ngokwesibonelo, abazalwane nodade baseKorinte bamukela izindaba ezinhle, babhapathizwa, bamukela umoya ongcwele, bazuza kulokho ababekufundiswa umphostoli uPawulu. (IzE. 18:8-11) Nokho, ngemva kweminyaka ethile bebhapathiziwe, abaningi babengakavuthwa. (1 Kor. 3:2) Ukuze sivuthwe, kumele siqale sibe nesifiso sokuvuthwa. Labo ‘abathanda ukungabi nalwazi,’ abakhetha ukuhlala beyizinsana ngokomoya, ngeke bathuthuke. (IzAga 1:22) Asifuni ukufana nalabo abakhule ngokugcwele emzimbeni kodwa baqhubeke bencike kubazali babo ukuba babenzele izinqumo. Kunalokho, sifuna ukuzimela ukuze sikhule ngokomoya. Uma usazama ukuba umKristu ovuthiwe, thandazela ukuba uJehova akunike “isifiso sokwenza namandla okwenza.”—Fil. 2:13. w24.04 4 ¶9-10
ULwesibili, Ephreli 7
UJehova . . . akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa.—2 Pet. 3:9.
Uma kuziwa endleleni ahlulela ngayo abantu, ngomusa uJehova usitshela indlela azizwa ngayo. (Hez. 33:11) UJehova akasheshi ukubhubhisa abantu unomphela. Unesihe esikhulu futhi usibonisa noma nini lapho kungenzeka. Yini esiyaziyo ngabantu abangeke bavuswe? IBhayibheli linezibonelo ezimbalwa kuphela. UJesu wabonisa ukuthi uJuda Iskariyothe ngeke avuswe. (Marku 14:21; bheka noJohane 17:12.) Ngamabomu uJuda wenza into engahambisani noJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe. (Bheka uMarku 3:29.) Ngendlela efanayo, uJesu wathi abanye abaholi benkolo ababemphikisa babeyofa bangabi nalo ithemba lovuko. (Math. 23:33; bheka uJohane 19:11.) Umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuthi izihlubuki ezingaphenduki zazingeke zivuswe.—Heb. 6:4-8; 10:29. w24.05 4 ¶10-11
ULwesithathu, Ephreli 8
UJehova uyabavikela abathembekile.—IHu. 31:23.
Uma sihlala sisondelene noJehova, uSathane ngeke enze into eyosilimaza unomphela. (1 Joh. 3:8) Ezweni elisha, uJehova uyoqhubeka evikela abangani bakhe abathembekile, hhayi nje ekulimaleni ngokomoya kuphela, kodwa nasekufeni. (IsAm. 21:4) Kuyilungelo elikhulu ngempela ukuba yisimenywa etendeni likaJehova—ukuba nobuhlobo obuseduze naye nobuhlala njalo. (Hez. 37:27) Kufanele siziphathe kanjani uma sifuna ukuqhubeka siyizimenywa zakhe? Uma othile ubengakumema emzini wakhe, ubungathanda ukwazi ukuthi yini ayilindele kuwe. Ngendlela efanayo, siyafuna ngempela ukwazi ukuthi yini uJehova ayifunayo kulabo abafuna ukuqhubeka beyizimenywa. Uthando esinalo ngoJehova lusenza sifune ukwenza konke esingakwenza ‘ukuze simjabulise ngokugcwele.’ (Kol. 1:10) Kufanele sihlale sinenhlonipho ejulile ngaye, singalokothi sikhohlwe ukuthi ungubani. Leyo nhlonipho ejulile izosisiza sigweme ukwenza izinto ezizomphatha kabi. Sifuna ngempela ‘ukuhamba ngesizotha’ noNkulunkulu wethu.—Mika 6:8. w24.06 4 ¶8-9
ULwesine, Ephreli 9
Walamulela izeqamthetho.—Isaya 53:12.
UJehova wacela u-Abrahama ukuba anikele ngendodana yakhe u-Isaka ukuze ibe umhlatshelo. Ngokuqinisekile kwakubuhlungu kakhulu lokho u-Abrahama ayecelwe ukuba akwenze. Noma kunjalo, wayezimisele ukulalela uJehova. Kodwa uNkulunkulu wamnqanda ngomzuzu wokugcina. Noma kunjalo, leso sibonelo sifundisa bonke abantu abanokholo iqiniso elibalulekile—uJehova wayeyokulangazelela ukunikela ngeNdodana yakhe ethandekayo ukuze ibe umhlatshelo. UJehova ubathanda ngaleyo ndlela abantu. (Gen. 22:1-18) Emakhulwini eminyaka kamuva, uMthetho owawunikwe isizwe sakwa-Israyeli wawuyala leso sizwe ukuba senze imihlatshelo eminingi yokuhlawulela izono zabantu bakaNkulunkulu. (Lev. 4:27-29; 17:11) Leyo mihlatshelo yayibonisa ukuthi uJehova wayeyokwenza umhlatshelo ongcono kakhulu owawuyobakhulula ngokuphelele abantu esonweni. Abaprofethi bakaNkulunkulu baphefumulelwa ukuba bachaze ukuthi inzalo ethenjisiwe eyayiyiNdodana kaNkulunkulu ekhethekile kwakuyodingeka ihlupheke futhi ibulawe ukuze kusindiswe abantu esonweni nasekufeni—kuhlanganise nawe!—Isa. 53:1-12. w24.08 4 ¶7-8
ULwesihlanu, Ephreli 10
Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Ngizindla ngawo usuku lonke.—IHu. 119:97.
Lapho ufunda iBhayibheli, qikelela ukuthi ubheka izindlela ongasebenzisa ngazo lokho okufundayo. Njengoba ufunda iZwi likaNkulunkulu, zibuze, ‘Ngingakusebenzisa kanjani engikufundayo manje noma esikhathini esizayo?’ Ngokwesibonelo, ake sithi ngesikhathi ufunda iBhayibheli ufunde neyoku-1 Thesalonika 5:17, 18. Ngemva kokufunda lawo mavesi amabili, ungama kancane ucabange ngokuthi uthandaza kaningi kangakanani nangokuthi ijule kangakanani imithandazo yakho. Ungacabanga nangezinto obongayo ngazo. Mhlawumbe ungase unqume ukuthi uzobonga uJehova ngezinto ezithile ezintathu. Ngisho noma ungase uchithe imizuzu embalwa ucabanga ngokufundayo, ngezinga elithile uyoba umuzwi nomenzi weZwi likaNkulunkulu. Cabanga ngendlela oyozuza ngayo nakwezinye izingxenye zeBhayibheli ozifundayo ngokwenza kanjalo usuku nosuku! Ngempela, uyoba umenzi weZwi likaNkulunkulu ongcono kakhulu. w24.09 4-5 ¶9-10
UMgqibelo, Ephreli 11
Ziqapheleni ukuze ningalahlekelwa izinto esisebenzele ukuzikhiqiza, kodwa ukuba nithole umvuzo ogcwele.—2 Joh. 8.
UJehova usidale ngendlela emangalisayo. Nakuba sijabula lapho siphiwa okuthile, sijabula ngisho nakakhulu lapho sipha abanye. Siyajabula lapho sikwazi ukusiza esikholwa nabo. Siyajabula nalapho bebonga. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi umuntu esimphayo uyabonga noma akabongi, singajabula ngokuthi thina senze into enhle. Ungakhohlwa ukuthi noma ngabe yini oyipha omunye umuntu, “uJehova unendlela yokukunika okuningi kakhulu.” (2 IziKr. 25:9) Asisoze sapha abanye okungaphezu kwalokho uJehova angasipha kona! Ayikho into ejabulisa ukwedlula ukuvuzwa uJehova. Ngakho masizimisele ukuqhubeka silingisa uBaba wethu osezulwini ophanayo. w24.09 31 ¶20-21
ISonto, Ephreli 12
O Jehova Nkulunkulu wami, ngikudumisa ngayo yonke inhliziyo yami, ngizolikhazimulisa igama lakho kuze kube phakade.—IHu. 86:12.
UJehova unomusa nozwela. (IHu. 103:13; Isaya 49:15) Lapho sizwa ubuhlungu, naye uzwa ubuhlungu. (Zak. 2:8) Ukwenza kube lula ngathi ukusondela kuye ukuze sibe abangani bakhe. (IHu. 25:14; IzE. 17:27) Kanti futhi uthobekile; “uyagoba ukuze abuke ezulwini nasemhlabeni, aphakamise ophansi othulini.” (IHu. 113:6, 7) Ubani nje ngempela ongeke afune ukukhazimulisa uNkulunkulu wethu omkhulu? Sikhazimulisa uJehova ngoba sifuna abanye bamazi. Abantu abaningi abalazi iqiniso ngoJehova. Kungani? Kungenxa yokuthi uSathane uphuphuthekise izingqondo zabantu ngokusakaza amanga amabi ngoJehova. (2 Kor. 4:4) USathane wenze abantu bakholelwa ukuthi uJehova akathetheleli, akanandaba nabantu futhi nguye oyimbangela yokuhlupheka okungaka okusemhlabeni. Kodwa siyalazi iqiniso ngoNkulunkulu wethu! Sinethuba lokusiza abantu bazi iqiniso ngoNkulunkulu, ngaleyo ndlela bakwazi ukumkhazimulisa.—Isaya 43:10. w25.01 3 ¶6-7
UMsombuluko, Ephreli 13
[USathane udukisa] umhlaba wonke owakhiwe.—IsAm. 12:9.
Ngekhulu lokuqala, abantu ababesekela uSathane babelokhu besakaza amanga ngeNdodana kaNkulunkulu engenasono eyayenza izimangaliso. Ngokwesibonelo, abaholi benkolo babetshela abantu ukuthi amandla kaJesu okuxosha amademoni wayewanikwa ‘umbusi wamademoni.’ (Marku 3:22) Lapho kuqulwa icala likaJesu, abaholi benkolo bammangalela ngokuhlambalaza banxenxa izixuku ukuba zicele abulawe. (Math. 27:20) Kamuva, njengoba abalandeli bakaKristu babeshumayela izindaba ezinhle, labo ababebaphikisa ‘bagqugquzela abantu futhi babathonya’ ukuba bashushise lawo maKristu. (IzE. 14:2, 19) Ngokuphathelene nezEnzo 14:2, INqabayokulinda kaDisemba 1, 1998, yachaza: “Benganelisekile ngokwenqaba isigijimi bona ngokwabo, abaphikisi abangamaJuda bangenela umkhankaso wokunyundela, bezama ukwenza amaKristu angathandeki kwabeZizwe.” Nanamuhla, uSathane ‘usadukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ w24.04 11 ¶15-16
ULwesibili, Ephreli 14
Ubengeke yini umaHluleli womhlaba wonke enze okulungile?—Gen. 18:25.
Ukuthi umuntu uzophila yini phakade akuncikile ekutheni ushona nini. UJehova unguMahluleli ongenaphutha, izinqumo zakhe zihlale zilungile futhi zinobulungisa. (IHu. 33:4, 5) Singaqiniseka ngokuthi “umaHluleli womhlaba wonke” uyokwenza okulungile. Kunengqondo nokuphetha ngokuthi: Ukuthi umuntu uzophila yini phakade akuncikile ekutheni uhlala kuphi. Kuyinto engacabangeki ukuthi uJehova angahlulela izigidi zabantu ‘njengezimbuzi’ ngenxa nje yokuthi emazweni ezihlala kuwo azikaze zilithole ithuba lokushunyayezwa ngoMbuso. (Math. 25:46) UMahluleli olungile womhlaba wonke ubakhathalela kakhulu labo bantu ukwedlula indlela thina esibakhathalela ngayo. Asiyazi indlela uJehova ayohlela ngayo izinto eziyokwenzeka phakathi nosizi olukhulu. Mhlawumbe abanye kulabo bantu bayoba nethuba lokufunda ngoJehova, babe nokholo kuye futhi babe ngasohlangothini lukaJehova lapho ezingcwelisa phambi kwazo zonke izizwe.—Hez. 38:16. w24.05 12 ¶14-15
ULwesithathu, Ephreli 15
Nithandane.—Joh. 15:12.
Abantu bakaJehova bayakuthanda ukusizana. (2 Kor. 8:4) Nokho, ngezinye izikhathi kudinga isibindi ukwenza kanjalo. Ngokwesibonelo, lapho kunempi abadala bendawo bayaqaphela ukuthi abafowabo nodadewabo badinga ukukhuthazwa, ukusekelwa, mhlawumbe nokusizwa ngokomoya noma ngokwenyama. Ngenxa yokuthi bathanda abafowabo nodadewabo, abadala babeka ukuphila kwabo engozini ukuze babasize ngezinto abazidingayo. Ezimweni ezinjalo, kubalulekile ukuba sihlale sinobunye. Lalela iziqondiso zehhovisi legatsha lasendaweni. (Heb. 13:17) Abadala kufanele belokhu bezihlola iziqondiso zokuthi singakulungela kanjani ukugadla kwenhlekelele nesiqondiso senhlangano salokho okufanele sikwenze lapho kugadla inhlekelele. (1 Kor. 14:33, 40) Yiba nesibindi kodwa uqaphe. (IzAga 22:3) Yenza ngokuhlakanipha. Ungafaki ukuphila kwakho engozini ngokungenasidingo. Thembela kuJehova. Angakusiza ukuba usize abafowenu ngokuphepha. w24.07 4 ¶8; 5 ¶11
ULwesine, Ephreli 16
Ngambiza uJehova lapho ngicindezelekile, . . . Wakuzwa ukukhalela kwami usizo.—IHu. 18:6.
INkosi uDavide yayimazi uJehova futhi yayithembela kuye. Lapho izitha zayo okuhlanganisa neNkosi uSawule zifuna ukuyibulala, yathandaza kuJehova yacela usizo. Ngemva kokuba uNkulunkulu ephendule umthandazo wakhe futhi wamsindisa, uDavide wathi: “UJehova uyaphila!” (IHu. 18:46) Ngokusho la mazwi, uDavide wayengavumi nje kuphela ukuthi uNkulunkulu ukhona. Enye incwadi ibonisa ukuthi uDavide wayeveza ukuqiniseka ayenakho kokuthi uJehova “njengoNkulunkulu ophilayo uyohlale ebasiza abantu bakhe.” Ngempela, izinto uDavide abhekana nazo zamenza waqiniseka ukuthi uNkulunkulu wakhe uyaphila futhi lokho kuqiniseka kwamenza wazimisela nakakhulu ukukhonza uJehova nokumdumisa. (IHu. 18:28, 29, 49) Ukuqiniseka ngokuthi uJehova unguNkulunkulu ophilayo kungasisiza simkhonze ngentshiseko. Siyoba namandla okukhuthazelela uvivinyo, sikhuthazeke nokuba siqhubeke sisebenza kanzima enkonzweni yakhe. Sizozimisela nokuhlale sisondelene noJehova. w24.06 20-21 ¶3-4
ULwesihlanu, Ephreli 17
Maningadukiswa muntu nganoma iyiphi indlela.—2 Thes. 2:3
Singafundani emazwini umphostoli uPawulu awabhalela abaseThesalonika? Lapho sizwa into engahambisani nalokho esikufunde eBhayibhelini noma sizwa indaba eshaqisayo, kudingeka sisebenzise ukuqonda. Ezweni elalikade liyiSoviet Union, izitha zethu zake zasakaza incwadi okwakuthiwa ivela endlunkulu yomhlaba wonke. Le ncwadi yayikhuthaza abanye abazalwane ukuba bazenzele enye inhlangano ezimele. Le ncwadi yayibonakala sengathi eyangempela. Kodwa abafowethu abathembekile abazange bakhohliseke. Babona ukuthi umyalezo osencwadini wawungahambisani nalokho ababekufundisiwe. Namuhla, ngezinye izikhathi izitha zeqiniso zisebenzisa ezobuchwepheshe ukuze zizame ukusidida nokusihlukanisa. Kunokuba ‘sinyakaziswe kalula ekuqondeni kwethu,’ singazivikela ngokucabanga ngokuthi lokho esikuzwayo noma esikufundayo kuyavumelana yini namaqiniso esesiwafundile kakade.—2 Thes. 2:2; 1 Joh 4:1. w24.07 12 ¶14-15
UMgqibelo, Ephreli 18
Uma umuntu enza isono, sinomsizi.—1 Joh. 2:1.
Isinqumo esibaluleke kunazo zonke umuntu angasenza isinqumo sokuzinikezela kuJehova nokuba yilungu lomndeni wezikhonzi zaKhe. UJehova ufisa ukuba wonke umuntu enze kanjalo. Kungani? Ufuna wonke umuntu abe umngani wakhe futhi aphile phakade. (Dut. 30:19, 20; Gal. 6:7, 8) Nokho uJehova akaphoqi muntu ukuba amkhonze. Uvumela umuntu ngamunye ukuba azinqumele ukuthi uzokwenzani. Yini okufanele yenziwe uma umKristu obhapathiziwe ephula umthetho kaNkulunkulu, enza isono esikhulu? Uma engaphenduki, kumele asuswe ebandleni. (1 Kor. 5:13) Noma kunjalo, uJehova ufisa ngempela ukuba leso soni sibuyele kuye. Empeleni, isizathu esibalulekile esamenza walungiselela isihlengo ukuba akwazi ukuthethelela izoni eziphendukayo. UNkulunkulu wethu onothando unxusa labo abenze izono ezinkulu ukuba baphenduke.—Zak. 1:3; Roma 2:4; Jak. 4:8. w24.08 14 ¶1-2
ISonto, Ephreli 19
Uma inhliziyo yakho ithola ukuhlakanipha, nenhliziyo yami iyojabula.—IzAga 23:15.
Ngesikhathi umphostoli uJohane ebhala incwadi yakhe yesithathu, abanye babesakaza izimfundiso zamanga ezazibangela ukwahlukana. Noma kunjalo, abanye baqhubeka “behamba eqinisweni.” Balalela uJehova futhi baqhubeka ‘behamba ngokwemiyalo yakhe.’ (2 Joh. 4, 6) La maKristu athembekile awajabulisanga uJohane kuphela kodwa ajabulisa noJehova. (IzAga 27:11) Sifundani thina? Sifunda ukuthi ukwethembeka kuletha injabulo. (1 Joh. 5:3) Ngokwesibonelo, kuyasithokozisa ukwazi ukuthi sijabulisa uJehova. Uyajabula lapho esibona senqaba izilingo ezisezweni bese samukela iqiniso. Izingelosi nazo ziyajabula ezulwini. (Luka 15:10) Nathi siyajabula lapho sibona abanye behlala bethembekile. (2 Thes. 1:4) Lapho izwe likaSathane selibhujisiwe, siyojabula ngokuthi sahlala siqotho kuJehova. w24.11 12 ¶17-18
UMsombuluko, Ephreli 20
Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.—1 Kor. 10:24.
Kufanele umfunde isikhathi esingakanani umuntu ngaphambi kokuba umtshele indlela ozizwa ngayo? Uma ushesha ukukhuluma nomuntu kungase kubonakale sengathi uyaxhamazela. (IzAga 29:20) Ngakolunye uhlangothi, uma uthatha isikhathi eside kakhulu kungase kubonakale sengathi awuzazi ukuthi ufunani, ikakhulukazi uma lona omunye umuntu esebonile ukuthi ngathi uzidlisa satshanyana. (UmSh. 11:4) Khumbula, ngaphambi kokuba utshele umuntu indlela ozizwa ngayo, akudingeki ube nesiqinisekiso sokuthi uzomshada lowo muntu. Kodwa kufanele uqiniseke ukuthi ukulungele ukushada nokuthi lo omunye umuntu angaba umngani womshado okufanele. Kodwa kuthiwani uma ubona sengathi umuntu othile uyakuthanda? Uma wena ungazizwa ngendlela efanayo, kwenze kucace ngezenzo zakho. Kuyobe ukungabonisi umusa ukwenza othile acabange ukuthi ningase nithandane kodwa empeleni kube kungenjalo.—Efe. 4:25. w24.05 22-23 ¶9-10
ULwesibili, Ephreli 21
Ngiyobuye ngize mina uqobo nginamukele ekhaya.—Joh. 14:3.
Yilabo abagcotshwe ngempela nabathembekile kuphela abayokwamukelwa nguJesu eMbusweni wasezulwini. Noma yibaphi abagcotshiwe abangahlali bephapheme ngokomoya ngeke baqoqelwe ndawonye ‘nabakhethiwe.’ (Math. 24:31) Ngokufanayo, bonke abantu bakaNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi banaliphi ithemba, kufanele babheke amazwi kaJesu njengesixwayiso sokuba bahlale belindile futhi bahlale bethembekile. Sesimazi kahle uJehova, ngakho siyayethemba indlela ahlulela ngayo. Asikhathazeki uma uJehova ekhethe ukugcoba abanye abathembekile esikhathini esiphila kuso. Siyakukhumbula lokho uJesu akusho ngezisebenzi ezafika ngehora lika-11 emfanekisweni wakhe wensimu yamagilebhisi. (Math. 20:1-16) Labo ababeqashwe ntambama ukuba basebenze ensimini yamagilebhisi ngalolo suku bathola umholo olingana nowalabo ababeqashwe ukuba baqale ukusebenza ekuseni kakhulu ngalolo suku. Ngokufanayo, kungakhathaliseki ukuthi abagcotshiwe bakhethwe nini, bayothola umvuzo wabo wasezulwini uma behlulelwa njengabathembekile. w24.09 24 ¶15-17
ULwesithathu, Ephreli 22
[UKristu] wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo ukuze nilandele izinyathelo zakhe eduze.—1 Pet. 2:21.
UJesu wasibekela isibonelo esizedlula zonke sokuthi singabhekana kanjani nokuphathwa ngendlela engenabulungisa. Cabanga indlela engenabulungisa uJesu aphathwa ngayo umndeni wakhe nabanye abantu. Izihlobo zakhe ezingakholwa zamsola ngokuthi uyahlanya, abaholi benkolo bamsola ngokuthi usebenzelana namademoni, amasosha amaRoma ahlekisa ngaye, amshaya, ekugcineni ambulala. (Marku 3:21, 22; 14:55; 15:16-20, 35-37) Noma kunjalo, uJesu wakhuthazelela konke lokho kuphathwa ngendlela engenabulungisa futhi akazange alwe. Yini esingayifunda esibonelweni sakhe? (1 Pet. 2:21-23) UJesu wasishiyela isibonelo esihle kakhulu esingasilingisa lapho siphathwa ngendlela engenabulungisa. Wayazi ukuthi kufanele athule nini futhi akhulume nini. (Math. 26:62-64) Akazange aphendule kunoma yimaphi amanga ayeqanjelwa wona. (Math. 11:19) Lapho ephendula akazange abathuke labo ababemshushisa noma abasongele. w24.11 4-5 ¶9-10
ULwesine, Ephreli 23
UKristu Jesu weza emhlabeni ezosindisa izoni.—1 Thim. 1:15.
Ake ucabange upha umuntu omthandayo isipho esikhethekile esihle nesiwusizo. Ubungaphatheka kabi uma lowo muntu ubengasithatha asifake ebhokisini futhi amane akhohlwe yiso! Ngakolunye uhlangothi, ubuyojabula uma esisebenzisa kahle isipho omuphe sona futhi ebonisa ukuthi uyabonga ngaso. Liyini iphuzu? UJehova unikele ngeNdodana yakhe ukuba ife ngenxa yethu. Kumele ukuba uJehova uyajabula lapho sibonisa ukuthi siyabonga ngaleso sipho esiyigugu nangothando lwakhe, olwamenza wasilungiselela isihlengo! (Joh. 3:16; Roma 5:7, 8) Nokho, njengoba isikhathi sihamba singase siqale ukusithatha kalula isihlengo. Lokho bekuyofana nokuthatha isipho sikaNkulunkulu sisifake ebhokisini. Siyajabula ngaso, kodwa sisibeka le kude. Ukuze singakwenzi lokho, kumele sidamane sicabanga ngalokho uNkulunkulu noKristu abasenzele kona. w25.01 26 ¶1-2
ULwesihlanu, Ephreli 24
Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale ngokucacile kubo bonke abantu.—1 Thim. 4:15.
Umzalwane ofanelekela ukuba umdala akungabi umuntu osanda kuguquka. Nakuba kungadingeki ube umuntu oseneminyaka eminingi ebhapathiziwe, udinga isikhathi esanele ukuze ube umKristu ovuthiwe. Ngaphambi kokuba umiswe njengomdala, njengoJesu kumele ubonise ukuthi uthobekile futhi wanelisekile ngesabelo osenzayo, ukulungele ukulinda uJehova akunike izabelo ezengeziwe ngesikhathi esifanele. (Math. 20:23; Fil. 2:5-8) Ungafakazela ukuthi uthembekile ngokunamathela kuJehova nasemthethweni yakhe yokulungile nangokulalela isiqondiso esivela enhlanganweni yakhe. ImiBhalo isho ngokucacile ukuthi ababonisi kumele bakwazi ukufundisa. Ingabe lokho kusho ukuthi kumele ube umuntu onekhono lokufundisa? Cha. Akubona bonke abadala abayizikhulumi ezinhle. Noma kunjalo, bafundisa kahle lapho beshumayela noma benza ukuhambela kokwelusa. w24.11 23-24 ¶14-15
UMgqibelo, Ephreli 25
Ngiyithanda imiyalo yakho ngaphezu kwegolide, yebo igolide elicwengekile.—IHu. 119:127.
Uma ufunda okuthile ongakuqondi kahle eBhayibhelini, cwaninga ngakho. Njengoba usuku luqhubeka, zindla ngalokho okutholile nangokuthi kukufundisani ngoJehova, ngeNdodana yakhe nangendlela abakuthanda ngayo. (IHu. 119:97, mbhw.) Ungadikibali uma ungayitholi njalo into entsha noma ejabulisayo lapho ufunda noma ucwaninga. Ngomqondo othile, ufana nomuntu ozama ukuthola igolide. Ngokuvamile, ngesineke abantu abazama ukuthola igolide bachitha amahora noma izinsuku ngaphambi kokuba bathole iqhuzwana nje legolide. Noma kunjalo, bayaphikelela ngoba ngisho igolide elincane liyigugu kubo. Yonke into entsha esiyifunda eBhayibhelini iyigugu ngisho nakakhulu! (IzAga 8:10) Ngakho yiba nesineke, uqhubeke nesimiso sakho sokufunda iBhayibheli.—IHu. 1:2. w25.01 25 ¶14-15
ISonto, Ephreli 26
Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, nani kumele nenze kanjalo.—Kol. 3:13.
UJehova ulindele ukuba sikulungele ukuthethelela labo abasizwisa ubuhlungu. (IHu. 86:5; Luka 17:4; Efe. 4:32) Singase sizwe ubuhlungu obukhulu ngenxa yalokho othile akushoyo noma akwenzayo kithi, ikakhulukazi uma lowo muntu engumngani oseduze noma ilungu lomndeni. (IHu. 55:12-14) Ngezinye izikhathi, ubuhlungu esibuzwayo bungafaniswa nokugwazwa othile. (IzAga 12:18) Singase sizame ukucindezela noma ukuziba ubuhlungu esibuzwayo. Kodwa ukwenza kanjalo kungafaniswa nokugwazwa bese ummese ushiywa enxebeni. Ngendlela efanayo, ngeke silindele ukuba ubuhlungu esibuzwayo bube ngcono uma sivele sibuziba. Lapho othile esiphatha kabi, ekuqaleni singase sisabele ngokuthi sithukuthele. IBhayibheli liyavuma ukuthi singase sithukuthele. Nokho, lisixwayisa ngokuthi singakuvumeli ukulawulwa yilowo muzwa. (IHu. 4:4; Efe. 4:26) Kungani? Kungenxa yokuthi akuvamile ukuba intukuthelo ibe nemiphumela emihle. (Jak. 1:20) Khumbula ukuthi ngeke sikwazi ukukugwema ngaso sonke isikhathi ukuthukuthela lapho othile esiphatha kabi, kodwa umuntu nguye onqumayo ukuthi uzohlala ecasukile yini noma cha. w25.02 15 ¶4-6
UMsombuluko, Ephreli 27
Ukuhlakanipha kuyakulonda ukuphila komniniko.—UmSh. 7:12.
UJesu walandisa umfanekiso oveza ubuwula bokuqongelela imali kodwa ube ‘ungacebile kuNkulunkulu.’ (Luka 12:16-21) Akekho owaziyo ukuthi ukuphila kwethu kuyoba njani kusasa. (IzAga 23:4, 5; Jak. 4:13-15) Njengabalandeli bakaKristu, sibhekana nenselele ehlukile. UJesu wathi kumele sikulungele ‘ukulahla’ konke esinakho ukuze sibe abafundi bakhe. (Luka 14:33, mbhw.) AmaKristu angekhulu lokuqala eJudiya akwamukela ngenjabulo ukulahlekelwa yikho konke ayenakho. (Heb. 10:34) Esikhathini sethu, abafowethu abaningi kuye kwadingeka balahlekelwe umsebenzi wokuziphilisa ngenxa yokwenqaba ukusekela ezepolitiki. (IsAm. 13:16, 17) Yini ebasize ukuba benze lokho? Basethemba ngokuphelele isithembiso sikaJehova esithi: “Angisoze ngakushiya futhi angisoze ngakulahla.” (Heb. 13:5) Senza konke esingakwenza ukuze sihlelele ikusasa futhi uma sehlelwa yizimo ezingalindelekile, siyaqiniseka ukuthi uJehova uzosisekela. w25.03 29 ¶13-14
ULwesibili, Ephreli 28
Njengoba sesidlulile emfundisweni yokuqala ephathelene noKristu, masizabalazele ukuvuthwa, singalokhu sifunda izinto eziyisisekelo.—Heb. 6:1.
UJehova akalindele ukuba singasizwa muntu njengoba sikhula siba abantu abavuthiwe. Labo abangabelusi nabafundisi ebandleni lobuKristu bakulungele ukusisiza ukuba ‘sikhule ngokugcwele’ ngomqondo ongokomoya, “esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu.” (Efe. 4:11-13) UJehova usinika nomoya wakhe ongcwele ukuze usisize sibe ‘nomqondo kaKristu.’ (1 Kor. 2:14-16) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wenza ukuba kubhalwe amaVangeli amane ukuze asibonise indlela uJesu ayecabanga ngayo, ayekhuluma ngayo nayenza ngayo phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni. Ngokulingisa indlela uJesu ayenza ngayo nayecabanga ngayo, ungakwazi ukufinyelela umgomo wakho wokuba umKristu ovuthiwe. Kodwa ukuze sithuthuke sibe abantu abavuthiwe, kumele sidlulele nangale ‘kwemfundiso yokuqala ephathelene noKristu,’ okuwukuthi, izimfundiso zobuKristu eziyisisekelo. w24.04 4-5 ¶11-12
ULwesithathu, Ephreli 29
Ikhono lokucabanga liyokuqapha, ikhono lokwahlukanisa liyokuvikela.—IzAga 2:11.
Nsuku zonke kudingeka senze izinqumo. Ezinye izinqumo kulula ukuzenza, njengokuthi yini ozoyidla ekuseni noma ukuthi uzolala ngobani isikhathi. Ezinye izinqumo zinzima. Zingase zithinte impilo yethu, injabulo yethu, abantu esibathandayo, noma ukukhonza kwethu uJehova. Sifuna izinqumo zethu zizuzise thina nemindeni yethu. Okubaluleke nakakhulu, sinethemba lokuthi izinqumo zethu zizomjabulisa uJehova. (Roma 12:1, 2) Into yokuqala engakusiza wenze isinqumo esihlakaniphile ukuthola wonke amaqiniso. Kungani lokho kubalulekile? Cabanga ngomuntu ogulayo oya kudokotela ngoba enenkinga yempilo ebucayi. Ingabe udokotela uyomane anike lowo muntu imithi engazange amhlole noma ambuze imibuzo ethile ngokugula kwakhe? Lutho neze. Nawe uyokwenza izinqumo ezinhle uma uqale ucabanga ngamaqiniso endaba. w25.01 14 ¶1-3
ULwesine, Ephreli 30
UJehova . . . uyasithethelela isono sakho. Ngeke ufe.—2 Sam. 12:13.
Yini esiyaziyo ngesihe sikaJehova? Ubonise kanjani ukuthi “akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa”? (2 Pet. 3:9) Cabanga ngesihe asibonise abanye abaye benza izono ezinkulu. INkosi uDavide yenza izono eziningana ezinyanyekayo, ezihlanganisa ukuphinga nokubulala. Nokho uDavide waphenduka, ngakho uJehova wambonisa isihe wamthethelela. (2 Sam. 12:1-12) Iminyaka eminingi yokuphila kwayo, iNkosi uManase yayikhohlakele kakhulu. Nokho, ngisho noManase owayenza izinto ezimbi kakhulu, uJehova wambonisa isihe futhi wamthethelela ngenxa yokuthi waphenduka. (2 IziKr. 33:9-16) Lezi zibonelo zisikhumbuza ukuthi uJehova ubonisa isihe noma nini lapho enesizathu sokwenza kanjalo. Uzobavusa abantu abanjalo ngenxa yokuthi babonile ukuthi benze izono ezimbi base bephenduka. w24.05 4 ¶12