Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • es26 kk. 47-57
  • Meyi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Meyi
  • Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
  • Izihlokwana
  • ULwesihlanu, Meyi 1
  • UMgqibelo, Meyi 2
  • ISonto, Meyi 3
  • UMsombuluko, Meyi 4
  • ULwesibili, Meyi 5
  • ULwesithathu, Meyi 6
  • ULwesine, Meyi 7
  • ULwesihlanu, Meyi 8
  • UMgqibelo, Meyi 9
  • ISonto, Meyi 10
  • UMsombuluko, Meyi 11
  • ULwesibili, Meyi 12
  • ULwesithathu, Meyi 13
  • ULwesine, Meyi 14
  • ULwesihlanu, Meyi 15
  • UMgqibelo, Meyi 16
  • ISonto, Meyi 17
  • UMsombuluko, Meyi 18
  • ULwesibili, Meyi 19
  • ULwesithathu, Meyi 20
  • ULwesine, Meyi 21
  • ULwesihlanu, Meyi 22
  • UMgqibelo, Meyi 23
  • ISonto, Meyi 24
  • UMsombuluko, Meyi 25
  • ULwesibili, Meyi 26
  • ULwesithathu, Meyi 27
  • ULwesine, Meyi 28
  • ULwesihlanu, Meyi 29
  • UMgqibelo, Meyi 30
  • ISonto, Meyi 31
Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2026
es26 kk. 47-57

Meyi

ULwesihlanu, Meyi 1

Akukho ukukhetha kuNkulunkulu.—Roma 2:11.

Ngemva kokukhulula abantu bakhe ebugqilini baseGibhithe, uJehova wamisa abapristi ukuba bakhonze etabernakele. AmaLevi ayabelwe ukuba enze imisebenzi ehlobene nalelo tende elingcwele. Ingabe uJehova wayebanakekela kangcono kunabanye labo ababekhonza etabernakele noma labo ababehlala eduze kwalo? Cha! UJehova akakhethi. Wonke ama-Israyeli ayehlala ematendeni ayenethuba elifanayo lokujabulela ubungani noJehova. Ngokwesibonelo, uJehova waqikelela ukuthi sonke isizwe sasikwazi ukubona isimangaliso sensika yefu nensika yomlilo okwakuphezu kwetabernakele. (Eks. 40:38) Lapho ifu seliya kwenye indawo, ngisho nalabo amatende abo ayekude kakhulu netabernakele babekwazi ukukubona lokho, baqoqe izinto zabo, badilize amatende abo, bahambe kanye nabo bonke abantu. (Num. 9:​15-23) Ngokufanayo nanamuhla, kungakhathaliseki ukuthi sihlala kuphi, singazuza othandweni lukaJehova, ekusinakekeleni kwakhe nasesivikelweni sakhe. w24.06 4 ¶10-12

UMgqibelo, Meyi 2

Sukumani sibaleke, ngoba akekho noyedwa kithi ozophunyuka ku-Absalomu!—2 Sam. 15:14.

Ukuphila kukaDavide kwakusengozini. Indodana yakhe u-Absalomu yayizimisele ukumbulala ukuze kube yiyo eba yinkosi. (2 Sam. 15:​12, 13) UDavide kwadingeka ahambe ngokushesha eJerusalema! Njengoba izinceku zakhe zazihamba, uDavide waqaphela ukuthi othile kwakuzodingeka asale ukuze amtshele ngamacebo ka-Absalomu. Ngakho wayala uZadoki nabanye abapristi ukuba babuyele edolobheni ukuze babe izimpimpi zakhe. (2 Sam. 15:​27-29) Kwakudingeka baqaphelisise. UDavide wacela uZadoki noHushayi, abangani bakaDavide oqotho ukuba bamsize ngecebo lakhe. (2 Sam. 15:​32-37) Elandela lelo cebo, uHushayi wakwazi ukwenza u-Absalomu amethembe, wabe esemeluleka ngokuthi wayengamhlasela kanjani uDavide, okwakuyonika uDavide ithuba lokuba alungele impi. Ngemva kwalokho uHushayi watshela uZadoki no-Abhiyathara ngalelo cebo. (2 Sam. 17:​8-16) Lawo madoda amabili abe esethumela umyalezo kuDavide lokho kwadlala indima ebalulekile ekuvikeleni ukuphila kukaDavide.—2 Sam. 17:​21, 22. w24.07 4-5 ¶9-10

ISonto, Meyi 3

“Wozani, manje, masilungise izindaba phakathi kwethu,” kusho uJehova.—Isaya 1:18.

Ezinye izinceku zikaJehova zisezwa ubuhlungu obukhulu ngenxa yezinto ezazenza esikhathini esidlule, kungaba ngaphambi kokuba zibhapathizwe noma ngemva kokubhapathizwa. Kodwa senza kahle ngokukhumbula ukuthi uJehova wenza ilungiselelo lesihlengo ngoba esithanda kakhulu. Ngokuqinisekile ufuna sisamukele lesi sipho. UJehova usiqinisekisa ngokuthi ‘sesizilungisile izindaba’ zethu naye, uzithethelele ngokuphelele izono zethu. Simbonga kakhulu uJehova ngokuthi akasazikhumbuli izono esazenza esikhathini esidlule! Ngesikhathi esifanayo, akalokothi akukhohlwe okuhle esikwenzile esikhathini esidlule. (IHu. 103:​9, 12; Heb. 6:10) Uma ukhathazwa yizinto owazenza esikhathini esidlule, yenza konke ongakwenza ukuze ugxile esikhathini samanje nasesikhathini esizayo kunokugxila ezintweni ezenzeka esikhathini esidlule. Ngeke ukwazi ukukushintsha okwenzeka esikhathini esidlule. Kodwa ungakwazi ukudumisa uJehova kuzo izimo obhekene nazo manje futhi ubheke phambili esikhathini esijabulisayo akuthembise sona. w24.10 8 ¶8-9

UMsombuluko, Meyi 4

Nigqoke ubuntu obusha.—Kol. 3:10.

Lapho ufunda iBhayibheli futhi ubheka izindlela ongasebenzisa ngazo isiqondiso salo, ngezinye izikhathi ungase udikibale. Ngokwesibonelo: Ake sithi namuhla njengoba ufunda iBhayibheli uthola iseluleko esixwayisa ngokubonisa ukukhetha. (Jak. 2:​1-8) Uyabona ukuthi ungathuthukisa endleleni ophatha ngayo abanye, ngakho unquma ukwenza izinguquko ezithile. Ngakusasa ube usufunda amavesi abonisa ukubaluleka kokulawula lokho okushoyo. (Jak. 3:​1-12) Uyaqaphela ukuthi ngezinye izikhathi uye washo izinto ezingakhi. Ngakho unquma ukuthi usuzozijwayeza ukukhuluma izinto ezakhayo nezikhuthazayo. Ngosuku olulandelayo, njengoba ufunda iBhayibheli ufunda amavesi akuxwayisa ngokuba umngani wezwe. (Jak. 4:​4-12) Uyaqaphela ukuthi kudingeka uqaphe kakhudlwana lapho ukhetha izinto ozozijabulisa ngazo. Ngosuku lwesine, ungase udikibale uma ucabanga ngazo zonke izinto okudingeka uthuthukise kuzo. Ungapheli amandla. Khumbula ukuthi ukugqoka “ubuntu obusha” kuyinto eqhubekayo. w24.09 5-6 ¶11-12

ULwesibili, Meyi 5

Ngcwelisani uKristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nikulungele ukuzivikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba eninalo, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.—1 Pet. 3:15.

UJesu wayazi ukuthi indlela uJehova abheka ngayo izinto iyona eyayibaluleke kakhulu. Wayeqiniseka ngokuthi uJehova uzokulungisa ukungabi nabulungisa ngesikhathi esifanele. Lapho siphathwa ngendlela engenabulungisa singalingisa uJesu ngokulawula lokho esikushoyo. Okunye ukungabi nabulungisa akusho lutho futhi singavele sikushalazelele. Noma singavele sikhethe ukuthula ukuze sigweme ukusho into engenza izinto zibe zimbi nakakhulu. (UmSh. 3:7; Jak. 1:​19, 20) Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke sikhulume uma sibona ukuthi siphathwa ngendlela engenabulungisa noma uma kudingeka sivikele iqiniso. (IzE. 6:​1, 2) Uma sikhuluma, kufanele sizame ngawo wonke amandla ethu ukwehlisa umoya, sikhulume ngendlela ebonisa inhlonipho. Nathi singalingisa uJesu ngokuthembela “kuLowo owahlulela ngokulunga.”—1 Pet. 2:23. w24.11 5-6 ¶10-12

ULwesithathu, Meyi 6

Kuba khona injabulo phakathi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.—Luka 15:10.

Uma umuntu owonile ephenduka, sijabula kakhulu! (Luka 15:7) Ubani osuke eyimbangela yokuphenduka kwalowo muntu? Ingabe abadala? Khumbula lokho umphostoli uPawulu akubhala ngabantu abonile: “Mhlawumbe uNkulunkulu angase abanike ukuphenduka.” (2 Thim. 2:25) Ngakho, nguJehova osiza umKristu ukuba ashintshe ukucabanga kwakhe nesimo sakhe sengqondo, hhayi noma yimuphi nje umuntu. UPawulu ukhuluma ngezinto ezinhle ezenzekayo ngemva kokuba umuntu ephendukile—lowo muntu uba nolwazi lweqiniso olunembe kakhudlwana, uyasanguluka aphunyuke ogibeni lukaSathane.—2 Thim. 2:26. Lapho umuntu owonile ephenduka, ikomiti iyohlela ukuhambela kokwalusa ukuze lowo muntu aqhubeke ethola usizo aludingayo, ukuze alwe nezingibe zikaSathane futhi ahambe endleleni eqondile.—Heb. 12:​12, 13. w24.08 23 ¶14-15

ULwesine, Meyi 7

Aningifuni ngoba nibone izibonakaliso kodwa ngoba nidle izinkwa nasutha.—Joh. 6:26.

Isixuku uJesu asipha ukudla sasigxile ekwaneliseni izidingo zaso zenyama nezifiso zaso. Kanjani? Ngosuku olulandelayo sabona ukuthi uJesu nabaphostoli bakhe babehambile. Ngakho isixuku sagibela izikebhe eziningana ezazivela eThibheriya saya eKapernawume siyofuna uJesu. (Joh. 6:​22-24) Ingabe isizathu esiyinhloko sokwenza lokho kwakuwukuzwa okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu? Cha. Esasikufuna nje ukuba uJesu asinike isinkwa. Sikwazi kanjani lokho? Phawula lokho okwenzeka ngesikhathi isixuku sithola uJesu eduze kwaseKapernawume. UJesu wasitshela ngokuqondile ukuthi sasimfuna ngoba sifuna ukudla nje kuphela. Nakuba ‘sasidle izinkwa sasutha,’ uJesu wathi lokho kudla ‘kwakuwukudla okonakalayo.’ UJesu wasitshela ukuthi kufanele sisebenzele ukudla okungonakali “okunikeza ukuphila okuphakade.” (Joh. 6:​26, 27) UJesu wathi uBaba wakhe wayeyobanika lokho kudla. w24.12 5 ¶8-9

ULwesihlanu, Meyi 8

Inhliziyo yomuntu ohlakaniphile yenza umlomo wakhe ube nokuqondisisa yenze nokuba akushoyo kulalelwe.—IzAga 16:23.

Ukuze bafundise kahle, abazalwane, basebenzisa iZwi likaNkulunkulu lapho befundisa obala nalapho beluleka othile ngasese. Kukhuthalele ukufunda iBhayibheli nezincwadi zethu. (IzAga 15:28) Njengoba utadisha, yinakisise indlela izincwadi zethu eziwachaza ngayo amavesi eBhayibheli ukuze uwasebenzise ngendlela efanele. Lapho ufundisa, lwela ukufinyelela izinhliziyo zezilaleli zakho. Njengomfundisi, ungakwazi ukuthuthuka uma ucela amacebiso kubadala abangomakadebona futhi uwasebenzisa. (1 Thim. 5:17) Abadala kudingeka bakwazi ukukhuthaza abafowabo nodadewabo; nokho ngezinye izikhathi kumele babeluleke noma baze ngisho babasole. Kunoma yikuphi abakwenzayo, abadala kumele babe nomusa ngaso sonke isikhathi. Uma umnene, unothando futhi usekela izimfundiso zakho eZwini likaNkulunkulu, uyoba umfundisi omuhle ngoba uyobe ulingisa uMfundisi oMkhulu, uJesu.—Math. 11:​28-30; 2 Thim. 2:24. w24.11 24 ¶16

UMgqibelo, Meyi 9

Memezelani inkazimulo yakhe phakathi kwezizwe.—IHu. 96:3.

Singakhazimulisa uJehova ngalokho esikushoyo ngaye. Abantu bakaJehova bamenywa ukuba ‘bahubele uJehova,’ ‘badumise igama lakhe,’ ‘bamemezele izindaba ezinhle zensindiso yakhe’ futhi ‘bamemezele inkazimulo yakhe phakathi kwezizwe.’ (IHu. 96:​1-3) Zonke lezi yizindlela esingakhazimulisa ngazo uBaba wethu wasezulwini. (IzE. 4:29) Singamkhazimulisa uJehova ngezinto zethu eziyigugu. Abakhulekeli beqiniso bebelokhu bedumisa uJehova ngaleyo ndlela. (IzAga 3:9) Ngokwesibonelo, ama-Israyeli anikelela umsebenzi wokwakhiwa kwethempeli nokulungiswa kwalo. (2 AmaKh. 12:​4, 5; 1 IziKr. 29:​3-9) Abafundi bakaKristu abanothando banikela “ngezinto zabo” ukuze uKristu nabaphostoli bakhe bathole izinto ababezidinga. (Luka 8:​1-3) AmaKristu angekhulu lokuqala nawo abasiza abafowabo nodadewabo abangokomoya ngesikhathi behlaselwe yindlala. (IzE. 11:​27-29) Nanamuhla, nathi singamkhazimulisa uJehova ngeminikelo yethu yokuzithandela. w25.01 4 ¶8; 5 ¶11

ISonto, Meyi 10

Ukhona yini ongenqaba namanzi ukuze bangabhapathizwa laba?—IzE. 10:47.

Yini eyasiza uKorneliyu ukuba abhapathizwe? Sifunda ukuthi ‘wayemesaba uNkulunkulu, yena nayo yonke indlu yakhe.’ UKorneliyu wayenxusa njalo kuNkulunkulu. (IzE. 10:2) Lapho uPetru exoxela uKorneliyu izindaba ezinhle, yena nomndeni wakhe baba nokholo kuKristu, babhapathizwa ngokushesha. (IzE. 10:​47, 48) Akungabazeki ukuthi uKorneliyu wayezimisele ukwenza noma yiziphi izinguquko okwakudingeka azenze ukuze yena nomndeni wakhe bakwazi ukukhonza uJehova. (Josh. 24:15; IzE. 10:​24, 33) UKorneliyu wayengavumela isikhundla sakhe simvimbele ukuba abe umKristu. Kodwa akakuvumelanga lokho ukuba kwenzeke. Ingabe ukwamukela iqiniso kusho ukuthi kuzodingeka wenze izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakho? Uma kunjalo, uJehova uzokusiza. Uzokubusisa ukuzimisela kwakho ukumkhonza ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. w25.03 5 ¶12-13

UMsombuluko, Meyi 11

Zenqabe izindaba ezingamanga nezihlambalazayo.—1 Thim. 4:7.

Uma uzwa kushiwo izinto ezimbi ngenhlangano noma ngabazalwane abaholayo, khumbula indlela izitha zikaNkulunkulu ezaphatha ngayo uJesu nabafundi bangekhulu lokuqala. Namuhla, abantu bakaJehova bayashushiswa futhi bayanyundelwa njengoba nje iBhayibheli labikezela. (Math. 5:​11, 12) Izindaba ezingamanga ngeke zisidukise uma siqonda ukuthi ubani umthombo wazo bese sithatha isinyathelo ngokushesha. Yisiphi isinyathelo okufanele sisithathe? Zenqabe izindaba ezingamanga. Umphostoli uPawulu wasinikeza iziyalezo ezicacile zalokho okufanele sikwenze uma sizwa izindaba ezingamanga. Watshela uThimothewu ukuba ‘ayale abathile ukuba. . . bangazinaki izindaba ezingamanga’ nokuba ‘benqabe izindaba ezingamanga nezihlambalazayo.’ (1 Thim. 1:​3, 4) Siyazenqaba izindaba ezingamanga ngoba siyaqonda ukuthi ubani ongumthombo wazo. Sibambelela ‘emazwini anempilo’ eqiniso.—2 Thim. 1:13. w24.04 11 ¶16; 13 ¶17

ULwesibili, Meyi 12

Ngenkulumo ebushelelezi nangenkulumo yokuthopha ayenga izinhliziyo zalabo abanganakile.—Roma 16:18.

Hlala unobunye nalabo abaqotho kuJehova. UNkulunkulu ufuna simkhonze ngobunye. Siyohlale sinobunye uma nje siqhubeka sinamathela eqinisweni. Noma obani abachezuka eqinisweni badala uqhekeko ebandleni, ngakho uNkulunkulu usixwayisa ukuba ‘sibagweme.’ Uma singabagwemi, nathi singachezuka eqinisweni. (Roma 16:17) Uma silibona iqiniso futhi sibambelela ngokuqinile kulo, siyohlale sisondelene noJehova, sigcine ukholo lwethu luqinile. (Efe. 4:​15, 16) Siyovikeleka ezimfundisweni zikaSathane ezingamanga nasenkulumweni eyize futhi uJehova uyosigcina silondekile phakathi nosizi olukhulu. Qhubekani nibambelele ngokuqinile kulokho okuyiqiniso, “khona-ke uNkulunkulu wokuthula uyoba nani.”—Fil. 4:​8, 9. w24.07 13 ¶16-17

ULwesithathu, Meyi 13

Lo muntu wanikela umhlatshelo owodwa wezono osebenza kuze kube phakade.—Heb. 10:12.

UJesu wagxila ngokukhethekile kubantu ababezizwa kabi ngokuthi babeyizoni, wabamema ukuba babe abalandeli bakhe. Wayazi ukuthi isono sasiyimbangela yokuhlupheka kwabantu. Ngakho, wasiza amadoda nabesifazane ababaziwa ngokuthi bayizoni. Esebenzisa umfanekiso, wachaza: “Abantu abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.” Wenezela: “Ngizele ukuzobiza izoni, hhayi abantu abalungile.” (Math. 9:​12, 13) Yilokho kanye uJesu akwenza. Ngomusa wathethelela izono zowesifazane owageza izinyawo zakhe ngezinyembezi zakhe. (Luka 7:​37-50) Wafundisa owesifazane waseSamariya owayesemthonjeni amaqiniso abalulekile, ngisho noma ayazi ukuthi wayengaziphethe kahle. (Joh. 4:​7, 17-19, 25, 26) UNkulunkulu wanika uJesu ngisho namandla okuqeda umphumela omubi kunayo yonke wesono—ukufa. Kanjani? UJesu wavusa abantu—abesilisa, abesifazane, izingane nabantu abadala.—Math. 11:5. w24.08 4 ¶9-10

ULwesine, Meyi 14

Uzokwahlulela abahlala emhlabeni ngokulunga nezizwe ngokuthembeka kwakhe.—IHu. 96:13.

UJehova uzolikhazimulisa kanjani igama lakhe maduzane? Uzolikhazimulisa ngezahlulelo zakhe. Maduze uzobhubhisa iBhabhiloni Elikhulu ngenxa yokuthi lihlambalaze igama lakhe elingcwele. (IsAm. 17:​5, 16; 19:​1, 2) Abanye abayobona kubhujiswa iBhabhiloni Elikhulu bangase baqale ukukhonza uJehova ngeqiniso kanye nathi. Ekugcineni, e-Armagedoni, uJehova uyolibhubhisa lonke izwe likaSathane, aqede bonke labo abamphikisayo nabamhlambalazayo, asindise bonke abamthandayo nabamlalelayo abaziqhenyayo ngokumkhazimulisa. (Marku 8:38; 2 Thes. 1:​6-10) Ngemva kovivinyo lokugcina olulandela ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, uJehova uyobe eselingcwelise ngokuphelele igama lakhe. (IsAm. 20:​7-10) Ngaleso sikhathi, “umhlaba uyogcwala ulwazi ngenkazimulo kaJehova njengoba amanzi egcwele ulwandle.” (Hab. 2:14) Kuyojabulisa ngempela lapho wonke umuntu ophilayo emhlabeni eyonika uJehova inkazimulo efanele igama lakhe! w25.01 7 ¶15-16

ULwesihlanu, Meyi 15

Kudingeka nikhuthazele lapho niyalwa.—Heb. 12:7.

Yini eyayiyosiza amaKristu angamaHebheru ukuba akhuthazelele ukuphikiswa ayebhekene nakho? Umphostoli uPawulu wayazi ukuthi lawo maKristu kwakudingeka abe nombono ofanele ngovivinyo ayebhekene nalo. Wabe esechaza ukuthi uNkulunkulu angase avumele lolo vivinyo umKristu abhekene nalo ukuba lumqeqeshe. Lokho kuqeqeshwa kungasiza umuntu ukuba abe nezimfanelo zobuKristu ezibalulekile futhi azithuthukise. Ngokugxila emiphumeleni emihle yalolo vivinyo, lawo maKristu angamaHebheru ayeyokuthola kulula ukukhuthazela. (Heb. 12:11) UPawulu wanxusa amaKristu angamaHebheru ukuba abe nesibindi futhi angapheli amandla lapho ekhuthazelela uvivinyo. Wayengumuntu okahle ukuba awabhalele ngale ndaba. Njengoba ayeshushisa amaKristu esikhathini esidlule wayazi ukuthi ayebhekene nani. Wayazi nokuthi lukhuthazelelwa kanjani ushushiso. Phela wayebhekane nezinhlobo ezihlukahlukene zokuphikiswa ngemva kokuba umKristu.—2 Kor. 11:​23-25. w24.09 12-13 ¶16-17

UMgqibelo, Meyi 16

Hlalani nilindile.—Math. 25:13.

Usuku nosuku, inkonzo yethu iphuthuma ngisho nakakhulu. Kungani? Kungenxa yokuthi isikhathi asisekho. Cabanga ngalokho uJesu akubikezela ngomsebenzi wokushumayela ezinsukwini zokugcina, njengoba kulandiswe kuMarku 13:10. Ekulandiseni okufanayo kukaMathewu, uJesu wathi izindaba ezinhle zaziyoshunyayelwa emhlabeni wonke ngaphambi kokuba “ukuphela” kufike. (Math. 24:14) Le nkulumo ibhekisela ekubhujisweni ngokuphelele kwezwe elibi likaSathane. UJehova ubeke ‘usuku . . . nehora’ lwezenzakalo ezizokwenzeka maduze. (Math. 24:36; IzE. 1:7) Usuku nosuku lusisondeza kuleso sikhathi. (Roma 13:11) Okwamanje, kumele siqhubeke sishumayela kuze kufike ukuphela. Njengoba sicabanga ngenkonzo yethu, senza kahle ngokuzibuza lo mbuzo wokuzihlola: Kungani sishumayela izindaba ezinhle? Ngamazwi alula, uthando lusenza sishumayele. Esikwenzayo emsebenzini wokushumayela kubonisa uthando esinalo—uthando esinalo ngezindaba ezinhle, uthando ngabantu, ngaphezu kwakho konke uthando ngoJehova nangegama lakhe. w24.05 14-15 ¶2-3

ISonto, Meyi 17

UNkulunkulu wakubona konke ayekwenzile, kwakukuhle kakhulu.—Gen. 1:31.

Bazali, khuthazani izingane zenu ukuba zicabange ngezinto ezimangalisayo uJehova azidalile. Lapho nihamba epaki noma nisebenza engadini, siza ingane yakho ibone indlela izinto ezidaliwe ezibukeka ngayo. Kungani? Indlela ezibukeka ngayo inikeza ubufakazi bokuthi kunothile ohlakaniphile ozidalile. Ngokwesibonelo, izinto ezidaliwe zibukeka okwezitebhisi ezizungezayo. Ososayensi benze ucwaningo oluningi ngendlela izinto ezidaliwe ezime ngayo. Usosayensi uNicola Fameli uchaza ukuthi lapho ubala lokho okubukeka njengezitebhisi ezizungezayo endalweni, uthola uhlelo oluthile lwezinombolo. Lezi zinombolo zibizwa ngohlelo lukaFibonacci. Ziningi izinto ezidaliwe ezimise okwalezi zitebhisi, izinto ezifana nemithala yezinkanyezi, amagobolondo asolwandle, amacembe ezitshalo kuhlanganise nobhekilanga. w24.12 16 ¶7

UMsombuluko, Meyi 18

Ungukuphila kwakho.—Dut. 30:20.

UMose, uDavide noJohane baphila ngezikhathi nasezimweni ezingafani nezethu. Kodwa kuningi esifana ngakho. Babekhonza uNkulunkulu weqiniso njengathi. Njengabo, siyathandaza kuJehova, sincike kuye bese silandela isiqondiso sakhe. Njengala madoda akudala, siyaqiniseka ukuthi uJehova ubabusisa ngokucebile labo abamlalelayo. Ngakho-ke, asilalele amazwi okuvalelisa ashiwo yilawo madoda asekhulile ngokuba silalele imiyalo kaJehova. Uma senza kanjalo siyophumelela ngempela kukho konke esikwenzayo. ‘Siyophila isikhathi eside,’ yebo, siyophila kuze kube phakade! Siyothola nenjabulo yokwazi ukuthi sithokozisa uBaba wethu osezulwini onothando, ogcwalisa zonke izithembiso zakhe ngendlela engaphezu kakhulu kwalokho ebesingakucabanga.—Efe. 3:20. w24.11 13 ¶20-21

ULwesibili, Meyi 19

UNkulunkulu wabele abahlukahlukene ebandleni.—1 Kor. 12:28.

Ngekhulu lokuqala, abanye abazalwane bamiswa njengezinceku ezikhonzayo. (1 Thim. 3:8) Kubonakala sengathi yibo ababenza “izinkonzo eziwusizo” umphostoli uPawulu abhala ngazo. Ngokusobala, izinceku ezikhonzayo zazenza imisebenzi ebalulekile ukuze abadala bakwazi ukugxila ekufundiseni nasekwaluseni. Ngokwesibonelo, kungenzeka izinceku ezikhonzayo zazisiza ekukopisheni imiBhalo noma kungenzeka zazithenga izinto ezazidingeka ukuze kwenziwe lo msebenzi. Cabanga ngezinye izinkonzo eziwusizo ezenziwa izinceku ezikhonzayo ebandleni okulo. (1 Pet. 4:10) Zingase zabelwe ukuba zinakekele izimali zebandla noma insimu yebandla, uku-odela ibandla izincwadi, ukusebenza nge-sound nangamavidiyo, ukuba zibe abalindi noma zisize ekunakekeleni iHholo LoMbuso. Zonke lezi zinkonzo zibalulekile ukuze izinto zihambe kahle ebandleni.—1 Kor. 14:40. w24.10 19 ¶4-5

ULwesithathu, Meyi 20

Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.—Fil. 4:13.

Sizokwazi ukukhuthazelela noma yiluphi uvivinyo, kungakhathaliseki ukuthi lukhulu noma luncane, uma sikhumbula ukuthi uJehova uyaphila nokuthi ukhona ukuze asisize. Njengoba enguMninimandla Onke, angasinika amandla okuba sikhuthazele. Ngakho akudingeki sesabe lapho sibhekene novivinyo. Ukubona indlela uJehova asisekela ngayo lapho sibhekene novivinyo oluncane kusenza siqiniseke ngokuthi uzosisiza nalapho sibhekene novivinyo olukhulu. Cabanga ngezenzakalo ezimbili ezenza iNkosi uDavide yamethemba nakakhulu uJehova. Ngesikhathi uDavide esengumfana engumalusi, ibhere nebhubesi kwathatha enye yezimvu zikayise. Kuzo zombili lezi zenzakalo, ngesibindi uDavide wajaha ibhere nebhubesi wasindisa izimvu. Nokho, akazange athi lokho wakwenza ngamandla akhe. Wayazi ukuthi nguJehova owayemnike amandla okwenza lokho. (1 Sam. 17:​34-37) Ukuzindla ngalezi zinto kwenza uDavide waqiniseka ukuthi uNkulunkulu ophilayo uyomnika amandla nasesikhathini esizayo. w24.06 21 ¶5-6

ULwesine, Meyi 21

Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ezwe amaqiniso, lokho kungubuwula nokuhlazeka.—IzAga 18:13.

Ake sithi umenyiwe embuthanweni wokuzijabulisa. Ingabe kufanele uye? Uma ungamjwayele umuntu okumemile noma ungazi ukuthi yini ezobe yenzeka kulowo mbuthano, kuyodingeka umbuze imibuzo enjengokuthi: “Uzobe ukuphi lowo mbuthano futhi uzobe unini? Kuzobe kunabantu abangakanani? Ubani ozobe ewuqondisa? Obani abazobe bekhona? Yini ezobe yenziwa? Buzobe bukhona yini utshwala?” Izimpendulo zale mibuzo ziyokusiza wenze isinqumo esihlakaniphile. Njengoba usunawo wonke amaqiniso owadingayo, cabangisisa ngakho konke okuhilelekile. Ngokwesibonelo, uyokwenzenjani uma uthola ukuthi kuyobe kukhona nabathile abangazihloniphi izimiso zeBhayibheli kulowo mbuthano noma ukuthi kuyobe kukhona notshwala futhi uzobe engekho umuntu ozobe eqaphile ukuthi busetshenziswa kanjani? Ucabanga ukuthi kungenzeka yini lo mbuthano ugcine usuyiphathi exokozelayo? (1 Pet. 4:3) Uma ucabangisisile ngazo zonke lezi zinto kuyoba lula ukuba wenze isinqumo esihlakaniphile. w25.01 15 ¶4-5

ULwesihlanu, Meyi 22

Nakuba izono zenu zibomvu klebhu, zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa.—Isaya 1:18.

UJehova usebenzisa imifanekiso ukuze asisize sibonise ukubonga ngendlela asula ngayo izono zabantu abaphendukayo ngomhlatshelo wesihlengo. Kunzima kakhulu ukususa amabala abomvu okwegazi endwangini. Nokho, ngalo mfanekiso uJehova usiqinisekisa ngokuthi izono zethu zingagezwa zize zingabonakali ngisho nokubonakala. Izono zibuye zifaniswe ‘nezikweletu.’ (Math. 18:​32-35) Ngakho, njalo lapho sona kuJehova kuba njengokungathi isikweletu sethu siyakhula. Simkweleta isizumbulu semali! Kodwa lapho esithethelela, kuba njengokungathi usula isikweletu sethu. Akasho ukuthi asiphinde sikhokhele izono esezithethelelwe. Lona umfanekiso omuhle ngempela ochaza indlela esijabula ngayo lapho uJehova esithethelela! w25.02 9-10 ¶9-10

UMgqibelo, Meyi 23

Abantwana akulindelekile ukuba baqongelelele abazali babo, kodwa ngabazali okulindeleke ukuba baqongelelele abantwana babo.—2 Kor. 12:14.

Njengoba abazali bekhula, bangase badinge ukuba abantwana babo babasize ngemali noma ngezinye izinto futhi abantwana abaningi bayakujabulela ukusiza abazali babo. (1 Thim. 5:4) Kodwa, abazali abangamaKristu bayaqaphela ukuthi into ejabulisa kakhulu ukusiza abantwana babo babe yizinceku zikaJehova, hhayi ukubakhulisa benomgomo wokuthi bazobanakekela ngokwezimali lapho sebekhulile. (3 Joh. 4) Ngesibonelo sakho, fundisa abantwana bakho ukuba bathembele kuJehova njengoba ubasiza balungele ukunakekela izidingo zabo lapho sebebadala. Kusukela besebancane, babonise izinzuzo zokusebenza kanzima. (IzAga 29:21; Efe. 4:28) Njengoba bekhula, basize ukuba bazikhandle esikoleni. Abazali abangamaKristu benza kahle ngokucwaninga nangokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ukuze basize izingane zabo zinqume ukuthi zingayisebenzisa kanjani imfundo ngokuhlakanipha. Lokho kuyosiza izingane zabo zikwazi ukuzinakekela futhi zihlanganyele ngokugcwele enkonzweni. w25.03 30-31 ¶15-16

ISonto, Meyi 24

Nigqoke ubuntu obusha.—Efe. 4:24.

Ku-Isaya isahluko 65, uJehova uchaza ukuthi kuyobanjani ukuphila kwalabo abayohlala epharadesi elingokomoya. Le ncazelo yesiprofetho yagcwaliseka okokuqala ngo-537 B.C.E. Ngaleso sikhathi, amaJuda ayesephendukile akhululwa ekuthunjweni yiBhabhiloni abuyela ezweni lawo. UJehova wababusisa abantu bakhe futhi wabasiza baphinde balenza laba lihle idolobha laseJerusalema elalicekelwe phansi, benza nethempeli laphinde laba indawo yokukhulekela kweqiniso kwa-Israyeli. (Isaya 51:11; Zak. 8:3) Ukugcwaliseka kwesibili kwesiprofetho sika-Isaya kwaqala ngo-1919 C.E. lapho abakhulekeli bakaJehova bangosuku lwethu bekhululwa ekuthunjweni yiBhabhiloni Elikhulu. Ngemva kwalokho, ipharadesi elingokomoya laqala ukwanda kancane kancane emhlabeni wonke. Abamemezeli boMbuso abashisekayo bamisa amabandla amaningi, babonisa nezimfanelo zobuKristu. Amadoda nabesifazane ababenodlame futhi beziphatha kabi ‘bagqoka ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu.’ w24.04 20-21 ¶3-4

UMsombuluko, Meyi 25

Yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.—Gal. 6:5.

Kwamanye amazwe, abazali noma abanye abantu abadala kungase kulindeleke ukuba bakhethele isihlobo esingashadile umuntu esizoshada naye. Kwamanye amazwe, umndeni noma abangani batholela umuntu ongashadile umuntu angase ashade naye bese behlela ukuba indoda nowesifazane bahlangane ukuze babone ukuthi bayafanelana yini. Uma ucelwe ukuba uhlanganise abantu abazothandana noma abazoshada, cabanga ngokuthi yini bobabili abayithandayo nabayidingayo. Uma ubona ukuthi othile angafanelana nomngani wakho noma nesihlobo sakho, thola konke ongakwazi ukukuthola ngobuntu bakhe, izimfanelo zakhe, ngaphezu kwakho konke, ngengokomoya lakhe. Ubuhlobo obuseduze noJehova bubaluleke kakhulu ukwedlula imali, imfundo noma indlela esibhekwa ngayo emphakathini. Nokho, khumbula ukuthi umzalwane ongashadile nodade ongashadile yibo okufanele banqume ukuthi bazoshada yini. w24.05 23 ¶11

ULwesibili, Meyi 26

Umngani weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi.—IzAga 17:17.

Singasekela abantu abathandanayo ngalokho esikushoyo noma ngalokho esingeke sikusho. Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke sizibambe. (IzAga 12:18) Ngokwesibonelo, singase sifise ukutshela abanye ukuthi abantu abathile sebeyathandana, kodwa labo bantu bangase bathande ukuyiveza bona indaba yabo. Akufanele sihlebe ngabantu abathandanayo noma sibagxeke ngezinto abakhetha ukuzenza. (IzAga 20:19; Roma 14:10; 1 Thes. 4:11) Ngaphezu kwalokho, abantu abathandanayo bangase bangakujabuleli ukuthi sisho izinto noma sibabuze imibuzo ebatshela ngeziphansi ukuthi kufanele bashade noma ukuthi bazoshada. Kuthiwani uma abathandanayo benquma ukuhlukana? Kufanele sigweme ukubagubha ngemibuzo noma ukugxeka omunye wabo. (1 Pet. 4:15) Ukuhlukana akusho ngempela ukuthi laba abebekade bethandana bayizehluleki. Ngokuvamile, kumane kusho ukuthi ukuthandana kwabo kubasizile—kubasize benza isinqumo esihle. Noma kunjalo, kungenzeka leso sinqumo sibazwise ubuhlungu obukhulu. Ngakho singafuna izindlela esingabasekela ngazo. w24.05 31 ¶15-16

ULwesithathu, Meyi 27

Uma udikibala ngosuku lokucindezeleka, amandla akho ayoba mancane.—IzAga 24:10.

Zimbalwa izinto ezivivinyayo ezingasishiya sidikibele ukwedlula ukubona ilungu lomndeni noma umngani oseduze eshiya uJehova. (IHu. 78:40) Uma sisondelene kakhulu nalowo muntu kuba nzima nakakhulu ukwamukela leso simo. Uma wake wabhekana naleso simo esibuhlungu, isibonelo sikaZadoki sokuba qotho singakuqinisa. UZadoki wahlala eqotho kuJehova lapho umngani wakhe ayesondelene naye u-Abhiyathara ekhetha ukungabi qotho. Lokho kwenzeka lapho iNkosi uDavide isindala futhi isizokufa. Indodana yayo u-Adoniya yazama ukuthatha ubukhosi uJehova ayebuthembise uSolomoni. (1 IziKr. 22:​9, 10) U-Abhiyathara wakhetha ukusekela u-Adoniya. (1 AmaKh. 1:​5-8) Ngokwenza kanjalo, u-Abhiyathara wayengabonisi ukungabiqotho kuDavide nakuZadoki nje kuphela kodwa nakuJehova! UZadoki no-Abhiyathara babesebenze ndawonye njengabapristi amashumi eminyaka.—2 Sam. 8:17; 15:29; 19:​11-14. w24.07 6 ¶14-15

ULwesine, Meyi 28

Uyajabula umuntu ohlale eqaphile.—IzAga 28:14.

Singaqiniseka ngokuthi ukuhlale siqaphile ukuze singangeni esilingweni kuhlale kusizuzisa. Ukuphila ngemithetho kaJehova kuyosijabulisa kakhulu ukwedlula ‘injabulo yesikhashana’ esingase siyithole ngokwenza isono. (Heb. 11:25; IHu. 19:8) Lokho kungenxa yokuthi uJehova usidale ngendlela yokuba siphile ngokuvumelana nezindlela zakhe. (Gen. 1:27) Ngakho siyoba nonembeza ohlanzekile futhi siyoqhubeka sisendleleni eholela ekuphileni okuphakade. (1 Thim. 6:12; 2 Thim. 1:3; Jude 20, 21) Yiqiniso ukuthi “inyama ibuthakathaka.” (Math. 26:41) Kodwa lokho akusho ukuthi akukho esingakwenza ngobuthakathaka esinabo. UJehova ukulungele ukusinika amandla esiwadingayo. (2 Kor. 4:7) Nokho, qaphela ukuthi uNkulunkulu usinika amandla angaphezu kwavamile. Kuwumthwalo wethu ukusebenzisa amandla ethu avamile—umzamo esiwenza usuku nosuku ukuze siqaphe singangeni esilingweni. UJehova uyoyiphendula imithandazo yethu yokuthola amandla engeziwe lapho siwadinga. (1 Kor. 10:13) Yebo, ngosizo lukaJehova singahlale siqaphile ukuze singangeni esilingweni. w24.07 19 ¶19-21

ULwesihlanu, Meyi 29

Abantu abenza isono basole phambi kwabo bonke ababukele.—1 Thim. 5:20.

Umphostoli uPawulu wabhalela umdala akanye naye uThimothewu amazwi omBhalo wosuku wanamuhla, emtshela ngalokho okufanele akwenze ‘ngabantu abenza isono.’ Wayeqonde ukuthini? Wayengaqondile ukuthi bonke ‘ababebukele’ kwakuyilo lonke ibandla. Kunalokho, wayekhuluma ngabantu abambalwa okungenzeka base bazi kakade ngesono esenziwe. Kwakungaba ofakazi bokuzibonela noma kube yilabo abaxoxelwe nguye umuntu owonile. Abadala bazotshela labo bantu kuphela ukuthi umuntu owonile elutholile usizo. Ngezinye izikhathi, kungenzeka ukuthi isono esenziwe sesaziwa abantu abaningi ebandleni noma kungenzeka bazogcina sebazi ngaso. Esimweni esinjalo, “ababukele” kuyoba yilo lonke ibandla. Ngakho umdala uyokwenza isaziso ebandleni sokuthi lowo mfowethu noma udadewethu usoliwe. Kungani? UPawulu uyaphendula: “Ukuze bonke bathole isexwayiso” sokuba bangasenzi isono. w24.08 23-24 ¶16-17

UMgqibelo, Meyi 30

Lawa ngamazwi eqiniso kaNkulunkulu.—IsAm. 19:9.

Kumele sihlale simatasa enkonzweni kaJehova kuze kube sekupheleni. Abagcotshiwe kumele bahlale kanjani belindile ukuze uJesu ‘abathathe’ abayise emvuzweni wabo wasezulwini. (Math. 24:40) Bakulangazelela ngempela ‘ukubuthelwa . . . ndawonye’ kuJesu ezulwini. Ngemva kwempi ye-Armagedoni, bayoba umakoti kaJesu emshadweni weWundlu. (2 Thes. 2:1) Nakuba isikhathi sokwahlulela sisondela ngokushesha, asikho isidingo sokuba sesabe. Uma sihlale sithembekile, uBaba wethu osezulwini onothando uzosinika “amandla angaphezu kwavamile” ukuze ‘siphumelele . . . ekumeni phambi kweNdodana yomuntu.’ (2 Kor. 4:7; Luka 21:36) Kungakhathaliseki ukuthi ithemba lethu elasezulwini noma elasemhlabeni, siyomenza ajabule uBaba wethu uma silalela izixwayiso ezisemfanekisweni kaJesu. Ngenxa yomusa kaJehova omkhulu, amagama ethu ‘ayotholakala elotshiwe encwadini’ yokuphila.—Dan. 12:1; IsAm. 3:5. w24.09 24-25 ¶19-20

ISonto, Meyi 31

Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.—IHu. 73:28.

Ngosizo lweZwi likaNkulunkulu ungathola ukuthula kwengqondo. Kanjani? Cabanga ngokuba yigugu kwezinto onazo—ezihlanganisa ingcebo esezulwini—bese uqhathanisa lokho nomphumela ozotholwa abantu abanake kuphela izinto zaleli zwe. Kungenzeka bona bathembele ngokuphelele ezintweni abanazo manje ngoba abanalo ithemba ngekusasa. Kodwa wena uJehova ukuthembisa izibusiso ongakaze uzicabange. (IHu. 145:16) Nakhu okunye okufanele ukucabange: Siyazi ngempela yini ukuthi ukuphila kwethu bekuyoba njani ukube senza izinqumo ezihlukile? Nakhu esiqiniseka ngakho: Labo abenza izinqumo ezisekelwe ekuthandeni kwabo uNkulunkulu nabantu, abaphuthelwa yilutho oluhle. w24.10 27 ¶12-13

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela