ISAHLUKO 11
Amalungiselelo Ezindawo Zokukhulekela
ABAKHULEKELI bakaJehova bayalwa ukuba bahlangane ndawonye ukuze bafundiswe futhi bakhuthazane. (Heb. 10:23-25) Indawo yokuqala yokukhulekela yesizwe sikaNkulunkulu esikhethiwe, ama-Israyeli, ‘kwakuyitabernakele, itende lokuhlangana.’ (Eks. 39:32, 40) Kamuva, indodana kaDavide, uSolomoni, yakha indlu yokukhazimulisa uNkulunkulu, noma ithempeli. (1 AmaKh. 9:3) Ngemva kokubhujiswa kwalelo thempeli ngo-607 B.C.E., amaJuda ahlela ukuba ahlangane ezakhiweni ezibizwa ngokuthi amasinagoge ukuze akhulekele uNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, ithempeli lakhiwa kabusha, laphinde laba yindawo eyinhloko yokukhulekela kweqiniso. UJesu wafundisa emasinagogeni nasethempelini. (Luka 4:16; Joh. 18:20) Waze waqhuba nomhlangano entabeni.—Math. 5:1–7:29.
2 Ngemva kokufa kukaJesu, amaKristu ayehlangana ezindaweni zomphakathi nasemizini yabazalwane ukuze afundise imiBhalo futhi abungazane namanye amakholwa. (IzE. 19:8, 9; Roma 16:3, 5; Kol. 4:15; Filem. 2) Ngezinye izikhathi kwakudingeka ukuba amaKristu okuqala ahlangane ezindaweni eziqhelile ukuze angabonwa abashushisi. Ngempela, izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zesikhathi esidlule zazinesifiso esiqotho sokuhlangana ezindaweni zokukhulekela ukuze ‘zifundiswe uJehova.’—Isaya 54:13.
3 Nanamuhla izindawo zomphakathi nemizi yabazalwane kuyasetshenziselwa imihlangano yobuKristu. Ngokuvamile kuhlanganwa emizini yabazalwane lapho kuzoyiwa enkonzweni yasensimini. Labo abavula imizi yabo ukuze isetshenziselwe le njongo bakubheka njengelungelo. Abaningi banomuzwa wokuthi bayazuza ngokomoya ngokuvula imizi yabo.
IHHOLO LOMBUSO
4 Indawo eyinhloko yokuhlangana yoFakazi BakaJehova yiHholo LoMbuso. Ngokuvamile kuthengwa indawo, kwakhiwe iHholo LoMbuso elisha noma kulungiswe isakhiwo ebesivele sikhona. Ukuze kongiwe imali futhi amaHholo OMbuso asetshenziswe ngokugcwele, amabandla amaningi angahlanganyela eHholo LoMbuso elilodwa uma kungenzeka. Kwezinye izindawo kudingeka kuqashwe ihholo. Uma amaHholo OMbuso emasha noma kwenziwe ukulungiswa okukhulu kuwo, kuyafaneleka ukuba kube nesimiso sokuwanikezela. Kepha uma kwenziwe ukulungiswa okuncane eHholo LoMbuso ebelikhona, asikho isidingo sokuba kube nesimiso sokulinikezela.
5 IHholo LoMbuso akufanele libe isakhiwo esiyinkimbinkimbi esenzelwe ukubukisa kwabanye. Nakuba umklamo walo ungase uhluke kuye ngezindawo, injongo yalo ukuba libe usizo. (IzE. 17:24) IHholo kufanele libe indawo ethokomele nefanelekela ukuba kuqhutshwe kuyo imihlangano yobuKristu, livumelane nezimo zendawo.
6 Wonke amabandla oFakazi BakaJehova ayanikela anikelele ukusebenzisa nokunakekela iHholo LoMbuso abelwe kulo. Akuthathwa nkongozelo; akucelwa mali. Kunebhokisi lomnikelo ukuze abantu abeza emihlanganweni banikele ukuze kukhokhelwe izindleko zokusetshenziswa kwehholo. Banikela ngokuzithandela nangokusuka enhliziyweni.—2 Kor. 9:7.
7 Bonke ebandleni bakubheka njengelungelo ukusekela iHholo LoMbuso ngokwezimali nokusebenza ngokuzithandela ukuze baligcine licocekile futhi lisesimweni esihle. Kuvame ukuba kwabelwe umdala noma inceku ekhonzayo ukuba ibhale uhlu lwezinto okumelwe zenziwe. Amaqembu enkonzo yasensimini kuye kube yiwona ahlanza ihholo, eholwa umbonisi weqembu noma umsizi wakhe. Ngaphandle nangaphakathi, iHholo LoMbuso kufanele limelele uJehova nenhlangano yakhe.
Bonke ebandleni bakubheka njengelungelo ukusekela iHholo LoMbuso ngokwezimali nokunikela ngokuzithandela ukuze baligcine licocekile futhi lisesimweni esihle
8 Lapho kunamabandla angaphezu kwelilodwa ahlanganyela ehholo, abadala balawo mabandla bamisa iKomiti Yokunakekelwa KweHholo LoMbuso, ezoqondisa izindaba eziphathelene nesakhiwo nempahla. Izindikimba zabadala zikhetha umzalwane ozokhonza njengomxhumanisi wekomiti yokunakekelwa kweHholo LoMbuso. Le komiti isebenza ngaphansi kwesiqondiso sezindikimba zabadala, ibheke ukuhlanzwa kwehholo, iqiniseke ukuthi ihholo lihlala lisesimweni esihle nokuthi izinto ezidingekayo zikhona futhi zanele. Lokhu kudinga ukubambisana kwamabandla ahilelekile.
9 Uma emaningana amabandla ahlanganyela eHholo LoMbuso elilodwa, isimiso sezikhathi zemihlangano singase sishintshashintshe. Abadala bayohlela lesi simiso ngomoya wokukhathalelana nothando lobuzalwane. (Fil. 2:2-4; 1 Pet. 3:8) Akukho bandla okufanele lizitshele ukuthi yilona elizokwenzela amanye amabandla izinqumo. Lapho umbonisi wesigodi ehambele elinye lamabandla asebenzisa iHholo LoMbuso, lawa amanye amabandla ayoshintsha izikhathi zawo zemihlangano kulelo sonto.
10 IHholo LoMbuso lingase lisetshenziselwe imishado nemingcwabo ngemvume yeKomiti Yenkonzo Yebandla. Laba badala babhekisisa ngokucophelela leso sicelo bese besekela isinqumo sabo esiqondisweni esinikezwa yihhovisi legatsha.
11 Abantu abavunyelwa ukusebenzisa iHholo LoMbuso ngalezo zinjongo kulindeleke ukuba baziphathe ngendlela efanele amaKristu eqiniso. Akufanele kwenziwe izinto ezingacasula ibandla noma zihlazise uJehova negama elihle lebandla. (Fil. 2:14, 15) Ngaphansi kwesiqondiso sehhovisi legatsha, iHholo LoMbuso lingase lisetshenziselwe ezinye izinto ezingokomoya, njengeSikole Senkonzo SoMbuso neSikole Senkonzo Samaphayona.
12 Ibandla kufanele liyihloniphe zikhathi zonke indawo elihlanganyela kuyo. Indlela yokugqoka, yokuzilungisa neyokuziphatha kufanele ibonise isithunzi esihambisana nokukhulekela uJehova. (UmSh. 5:1; 1 Thim. 2:9, 10) Uma sisisebenzisa lesi seluleko, sibonisa ukuthi siyayazisa imihlangano yethu yobuKristu.
13 Kubalulekile ukugcina isimo sihlelekile phakathi nomhlangano. Kutuswa ukuba izingane zihlale nabazali bazo. Abazali abanabantwana abancane bangakhuthazwa ukuba bahlale lapho bengeke baphazamise kakhulu khona uma kudingeka baphume bayokhuza izingane noma bayozenzela okunye ezikudingayo.
14 Abazalwane abafanelekayo babelwa ukuba babe abalindi esifundweni eHholo LoMbuso. Kufanele baphaphame, babe nobungane futhi basebenzise ukwahlulela okuhle. Imithwalo yabo yemfanelo ihlanganisa ukubingelela abavakashile futhi babenze bazizwe bamukelekile, ukusiza abafika sekuqaliwe bathole izindawo zokuhlala, ukubhala inani labakhona nokubheka ukuthi ihholo lifudumele noma liphole kahle yini. Uma kudingeka, abalindi bayokhumbuza abazali ukuba bakhuze izingane ukuze zingagcaluzi ngaphambi nangemva kwemihlangano futhi zingadlali endaweni yesikhulumi. Ngendlela enomusa nengacunuli, umlindi angase acele umzali wengane ehluphayo ukuba aphumele nayo ngaphandle ukuze izilaleli zingaphazamiseki kakhulu. Umsebenzi wabalindi uneqhaza ekubeni bonke abantu bajabulele imihlangano. Kutuswa ukuba abalindi kube abadala nezinceku ezikhonzayo.
UKWAKHIWA KWAMAHHOLO OMBUSO
15 Ngekhulu lokuqala, amanye amaKristu ayemi kahle ngokwezinto ezibonakalayo kunamanye, ngakho umphostoli uPawulu wabhala: “Ngiqonde ukuba ngokulinganisa, inala yenu njengamanje iqede ukuntula kwabo, ukuze nenala yabo nayo iqede ukuntula kwenu, kube khona ukulingana.” (2 Kor. 8:14) Namuhla kuba khona ‘ukulingana’ okufanayo. Imali enikelwa amabandla emhlabeni wonke iyahlanganiswa ukuze kunikezwe usizo lwezimali zokwakha nokulungisa amaHholo OMbuso. Inhlangano namabandla azuza kule minikelo akwazisa kakhulu lokhu kusekela ngesandla esivulekile kwabazalwane bomhlaba wonke.
16 Ihhovisi legatsha labela amabandla emaHholo OMbuso athile kuye ngezindawo akuzo. Ihhovisi legatsha liphinde lisho ukuthi azokwakhiwa nini futhi kuphi amaHholo OMbuso amasha, lilungise namahholo akhona ensimini yegatsha. Lapho kuvela izinhlekelele, kwenziwa amalungiselelo okulungisa umonakalo emaHholo OMbuso futhi, ngezikhathi ezithile, nasemizini yabazalwane.
17 Ihhovisi legatsha lihlela ukusebenzisa izisebenzi zokuzithandela ukuze zisize ngokuthenga indawo, ukuklama amaHholo OMbuso, ukuthola izimvume zokwakha nokwenza umsebenzi wokwakha nokuligcina lisesimweni esihle. Ngenxa yesidingo esikhulu samaHholo OMbuso emazweni amaningi, kudingeka izisebenzi zokuzithandela eziningi. Bonke abamemezeli ababhapathiziwe abafanelekayo nabanesifiso sokusiza, bakhuthazwa ukuba bagcwalise ifomu, balinikeze iKomiti Yenkonzo Yebandla lakubo. Ngisho nabamemezeli abangabhapathiziwe bangasiza lapho kwakhiwa noma kulungiswa iHholo LoMbuso lakubo.
AMAHHOLO OMHLANGANO
18 AmaKristu okuqala ayevame ukuhlangana ngamaqembu amancane. Kodwa ngezinye izikhathi kwakubuthana “isixuku esikhulu impela.” (IzE. 11:26) Ngokufanayo, abantu bakaJehova namuhla bahlangana emibuthanweni emikhulu emihlanganweni yesigodi neyesifunda. Kuvame ukuba kuqashwe izakhiwo zendawo kodwa uma zingafaneleki noma zingatholakali, kungase kudingeke kutholakale indawo yokukhulekela ebizwa ngokuthi iHholo LoMhlangano.
19 Ngezinye izikhathi kuthengwa isakhiwo, silungiswe bese sisetshenziswa njengeHholo LoMhlangano. Kodwa kuvame ukuba kuthengwe indawo bese kwakhiwa ihholo elisha. AmaHholo OMhlangano ayahluka ngobukhulu kuye ngezidingo zendawo. Ihhovisi legatsha linquma ukuthenga noma ukwakha isakhiwo esizoba yiHholo LoMhlangano ngemva kokuba selihlaziye ngokucophelela izindleko nokuthi lizosebenza kangakanani.
20 Ihhovisi legatsha limisa abazalwane abazonakekela ukusetshenziswa nokugcinwa kweHholo LoMhlangano lisesimweni esihle. Kwenziwa amalungiselelo okuba izigodi zihlanze iHholo njalo, zilihlanze kabili ngonyaka futhi ziligcine lisesimweni esihle ukuze kuvinjelwe umonakalo. Kuyasiza ukuba abazalwane bavolontiyele lo msebenzi. Ngakho-ke, amabandla akhuthazwa ukuba asekele la malungiselelo ngenhliziyo yonke.—IHu. 110:3; Mal. 1:10.
21 Ngezinye izikhathi iHholo LoMhlangano lingase lisetshenziselwe nezinye izinto ezingokwasezulwini, njengezikole zeBhayibheli nemihlangano ekhethekile yababonisi besigodi. NjengeHholo LoMbuso, iHholo LoMhlangano liyindawo yokukhulekela enikezelwe kuJehova. Uma sihlangene eHholo LoMhlangano, ukuziphatha kwethu, indlela esigqoka nesizilungisa ngayo kufanele ihlonipheke njengoba kuba njalo lapho sisesifundweni eHholo LoMbuso.
22 Abantu abaningi abasha bangena ngokushesha enhlanganweni kaNkulunkulu kule ngxenye yokugcina yezinsuku zokugcina. Lokhu kuwubufakazi besibusiso sikaJehova. (Isaya 60:8, 10, 11, 22) Ngakho sifuna ukusekela amalungiselelo okuthola izindawo zokukhulekela bese sizigcina zicocekile futhi zithokomele. Ngokwenza kanjalo, sibonisa ukwazisa ngendima efezwa yilezo zindawo ekusisizeni sikhuthazane ikakhulu njengoba sibona usuku lukaJehova lusondela.