Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp2 isahl. 30 kk. 246-252
  • Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-Computer?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-Computer?
  • Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okubi Ngale Midlalo
  • Okwenza Kubaluleke Lokho Okukhethayo
  • Yimuphi Umdlalo Okufanele Ngiwukhethe?
  • Khetha Ngokuhlakanipha
  • Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-computer?
    I-Phaphama!—2008
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngemidlalo Yama-computer?
    Intsha Iyabuza
  • Ingabe Kufanele Ngidlale Imidlalo Ye-computer Noma Ye-video?
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe Imidlalo Ekwenza Umlingiswa Othile Iyingozi?
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
yp2 isahl. 30 kk. 246-252

ISAHLUKO 30

Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-Computer?

“IMIDLALO yama-computer imnandi kakhulu,” kusho umfana ogama lakhe nguBrian. “Lapho udlala le midlalo wenza izinto obungelokothe uzenze ekuphileni kwangempela—obungeke uzenze ngaphandle kokungena enkingeni.” UDeborah uthi naye uyakujabulela ukudlala imidlalo yama-computer. Nokho, uxwayisa ngalokhu: “Ingadla isikhathi esiningi futhi ikuluthe.”

Ngokungangabazeki, imidlalo yama-computer ayikona nje ukuzijabulisa okwenziwe ngobuchwepheshe. Yiqiniso ukuthi ivivinya ikhono lakho futhi iqeda isizungu. Kodwa yenza okungaphezu kwalokho. Imidlalo yama-computer ingayikhaliphisa ingqondo. Eminye ingase ithuthukise ngisho nekhono lakho lezibalo nelokufunda. Ngaphezu kwalokho, imidlalo yamuva yama-computer kungenzeka ibe undabamlonyeni esikoleni. Uma usuke wayidlala, uba nokuthile ongaxoxa ngakho nontanga.

Ngokuqinisekile, uma ukhetha ngokucophelela, ungakwazi ukuthola umdlalo omnandi nowamukelayo. Nokho, kungani kudingeka uqaphe?

Okubi Ngale Midlalo

Ngeshwa, akuyona yonke imidlalo yama-computer engenangozi. Eminingi yayo namuhla ikhuthaza ngokuqondile lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “imisebenzi yenyama”—imikhuba engcolile elahlwa uNkulunkulu.—Galathiya 5:19-21.

U-Adrian, oneminyaka engu-18, uchaza omunye umdlalo othandwa kakhulu ngokuthi ubonisa “izimpi zamaqembu, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ubulili obenziwa ingcaca, inhlamba, ubudlova obeqisayo nokuchitheka kwegazi.” Eminye imidlalo ikhuthaza ukusebenzelana nemimoya. Futhi umdlalo ngamunye omusha wenza eyangaphambili ibonakale ingemibi uma iqhathaniswa nawo. Eminingi yale midlalo enobudlova ingadlalwa bukhoma kuyi-Internet. Lokhu kwenza kube mnandi ngisho nakakhulu ukudlala imidlalo yama-computer. UJames oneminyaka engu-19 uthi, “Nge-computer yakho endlini, ungadlala nabantu abakwenye indawo emhlabeni.”

Imidlalo ye-Internet enabalingiswa isithandwa kakhulu. Kule midlalo, abadlali bazakhela abalingiswa kuyi-Internet—kungaba umuntu, isilwane noma inhlanganisela yakho kokubili—abahlala ezweni elakhiwe nge-computer elinezinkulungwane zabanye abadlali. Leli zwe linezitolo, izimoto, imizi, izikhungo zokudansa nezezifebe—empeleni, lifana ncamashi nezwe elingokoqobo. Abadlala le midlalo bayakwazi ukuthumelelana imiyalezo ngaleso sikhathi njengoba abalingiswa abazakhele bona nge-computer, okuthiwa ama-avatar, bedlala.

Kubalingiswa abambalwa abatholakala kuleli zwe lama-computer, singabala amaqembu ezigilamkhuba, abaqashi bezifebe, abaphangi, abakhwabanisi kanye nababulali. Abadlali bale midlalo benza izinto abangeke bazenze ekuphileni kwangempela. Ngokuchofoza nje izinkinobho ezimbalwa, abadlala le midlalo bangenza abalingiswa babo benze ubulili ngesikhathi bona bexoxa ngabo ngokuthumelelana imiyalezo. Eminye imidlalo yenza abadlali bakwazi ukwenza abalingiswa abazenzele bona benze ubulili nabanye abalingiswa abafana nezingane. Abagxeki bale midlalo bakhathazeka kufanele ngokuthi abantu bangawenza kanjani umdlalo ngento embi kangaka.

Okwenza Kubaluleke Lokho Okukhethayo

Abantu abadlala le midlalo yama-computer enobudlova noma eveza ubulili bangase bathi: “Ayinangozi. Akwenzeki ngempela. Kumane kuwumdlalo.” Kodwa ungakhohliswa yileyo ndlela yokucabanga eyiphutha!

IBhayibheli lithi: “Ngisho nangemikhuba yakhe umfana uzenza aqashelwe ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile futhi uqotho yini.” (IzAga 20:11) Uma udlala imidlalo yama-computer enobudlova nokuziphatha okubi, ungachazwa yini njengomuntu omsulwa noqotho? Ucwaningo lubonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi ukubukela ukuzijabulisa okunobudlova kwenza abakubukelayo babe nobudlova. Empeleni, abanye ochwepheshe bathi ukudlala imidlalo ye-computer kungaba nethonya elinamandla kumuntu kunokubukela i-TV.

Ukukhetha ukudlala imidlalo enobudlova noma ukuziphatha okubi kunjengokukhetha ukudlala ngodoti okhipha imisebe eyingozi—imiphumela elimazayo ingase ingabonakali ngokushesha, kodwa ayinakugwenywa. Ngayiphi indlela? Ukuchayeka kakhulu ezintweni ezikhipha imisebe eyingozi kungalimaza ulwelwesi lwesisu, kwenze amagciwane asemathunjini angene egazini, bese uyagula. Ngokufanayo, ukuchayeka ebulilini obenziwa ingcaca nasebudloveni obunyantisayo kungalimaza ‘umuzwa wakho wokuziphatha,’ kwenze imicabango nezenzo zakho zibuswe yizifiso zenyama.—Efesu 4:19; Galathiya 6:7, 8.

Yimuphi Umdlalo Okufanele Ngiwukhethe?

Uma abazali bakho bekuvumela ukuba uyidlale imidlalo yama-computer, ungazi kanjani ukuthi yimuphi okufanele uwukhethe nokuthi isikhathi esingakanani okufanele usichithe kuwo? Zibuze le mibuzo elandelayo:

Engiwukhethayo uyoyithinta kanjani indlela uJehova azizwa ngayo ngami? IHubo 11:5 lithi: “UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi, futhi ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova.” Mayelana nalabo abenza izenzo zokusebenzisa imimoya, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Wonke umuntu owenza lezi zinto uyinto enengekayo kuJehova.” (Duteronomi 18:10-12) Uma ufuna ukuba umngane kaNkulunkulu, kudingeka ulandele iseluleko esikumaHubo 97:10: ‘Zonda okubi.’

Lo mdlalo uzoyithinta kanjani indlela engicabanga ngayo? Zibuze, ‘Ingabe ukudlala lo mdlalo kuzokwenza kube lula noma kube nzima ukuba “ngibalekele ubufebe”?’ (1 Korinte 6:18) Imidlalo ekuchaya ezithombeni noma ezingxoxweni ezivusa inkanuko yobulili ngeke ikusize ukuba ugcine ingqondo yakho ezintweni ezilungile, ezihlanzekile nezinhle.—Filipi 4:8.

Ngizochitha isikhathi esingakanani ngidlala lo mdlalo? Ngisho nomdlalo wama-computer ongenangozi ungadla isikhathi esiningi. Ngakho bhala phansi isikhathi osichitha udlala. Ingabe udla isikhathi obuzosisebenzisela ukwenza izinto ezibalulekile? Ukwazi ukuthi isikhathi sakho usichitha wenzani kuyokusiza ukuba uhlele izinto eziza kuqala.—Efesu 5:16.

Yiqiniso, iBhayibheli alisho ukuthi kufanele uchithe konke ukuphila kwakho ufunda noma usebenza. Kunalokho, lisikhumbuza sonke ukuthi ‘kunesikhathi sokuhleka nesikhathi sokutshakadula.’ (UmShumayeli 3:4) Kuhle ukuphawula ukuthi igama elithi ‘ukutshakadula’ alisho ukudlala kuphela kodwa nokunyakazisa umzimba. Kungani-ke ungasebenzisi esinye sesikhathi sakho udlale imidlalo enyakazisa umzimba kunokuba ugqolozele i-computer?

Khetha Ngokuhlakanipha

Ngokungangabazeki, kungaba mnandi ukudlala imidlalo yama-computer, ikakhulukazi uma usunekhono lokuyidlala. Yileso sizathu-ke esenza kufaneleke ukuba uyikhethe ngokuhlakanipha imidlalo oyidlalayo. Zibuze, ‘Yiziphi izifundo engiphuma phambili kuzo esikoleni?’ Akuzona yini lezo ozijabulelayo? Empeleni, lapho usijabulela isifundo esithile, sihlala nakakhulu engqondweni yakho. Manje zibuze: ‘Yimuphi umdlalo wama-computer engiwujabulela kakhulu? Yiziphi izifundo zokuziphatha engizithola kulo mdlalo?’

Esikhundleni sokudlala umdlalo ngoba nje ontanga bewuthanda, zimisele ukwenza esakho isinqumo esisekelwe olwazini. Okubaluleke nakakhulu, sebenzisa lesi seluleko seBhayibheli: ‘Qhubeka uqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.’—Efesu 5:10.

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Uyawuthanda umculo futhi kuhle lokho. Kodwa ingabe uyisigqila sawo?

UMBHALO OYINHLOKO

“Nina enithanda uJehova, zondani okubi.”—IHubo 97:10.

ICEBISO

Bhala kafushane ngomdlalo ngamunye ofuna ukuwudlala, uchaze injongo yawo nezindlela zokufinyelela leyo njongo. Qhathanisa lokho okubhalile nezimiso zeBhayibheli okukhulunywe ngazo kulesi sahluko, bese unquma ukuthi uyafaneleka yini lowo mdlalo.

UBUWAZI . . . ?

Umtholampilo wokuqala emhlabeni onakekela kuphela imilutha yemidlalo yama-computer wavulwa e-Amsterdam, eNetherlands, ngo-2006.

ENGIZOKWENZA!

Uma umngane wami engicela ukuba ngidlale umdlalo wama-computer onobudlova noma ukuziphatha okubi, ngizothi ․․․․․

Ngizonciphisa isikhathi engidlala ngaso imidlalo ye-computer sibe ․․․․․ ngesonto, futhi ngingakwazi ukunamathela kulokhu uma ngi-

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Yiliphi ithonya imidlalo yama-computer engaba nalo endleleni yokucabanga nasemizweleni yomuntu?

● Kungani kubalulekile ukucabangela izindinganiso zikaJehova zokuziphatha lapho sikhetha umdlalo we-computer?

● Ungayisiza kanjani ingane yakini encane engumlutha womdlalo we-computer owaziyo ukuthi awulungile?

[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 249]

“Imidlalo eminingi ithuntubeza imizwa yakho ezintweni ezinjengobudlova, inhlamba nokuziphatha okubi, futhi ingakwenza uyekelele nakwezinye izici zokuphila. Kufanele uqaphele kakhulu ukuthi yimiphi okhetha ukuyidlala.”—U-Amy

[Isithombe ekhasini 250]

Ukudlala imidlalo enobudlova noma enokuziphatha okubi kunjengokudlala ngodoti okhipha imisebe eyingozi—imiphumela elimazayo ingase ingasheshi ibonakale, kodwa ayinakugwenywa

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela