INGXENYE 8
Ukuzilibazisa
Uzijabulela kangaki izinhlobo ezithile zokuzilibazisa ezifana nemidlalo, umculo, amabhayisikobho, i-TV noma imidlalo yama-computer?
□ Akuvamile
□ Kanye ngosuku
□ Kaningana ngosuku
Ubani noma yini enethonya elikhulu ezintweni okhetha ukuzilibazisa ngazo?
□ Ontanga
□ Umzali (abazali) wakho
□ Izikhangiso
Wena nontanga ninezinto eziningi eningazilibazisa ngazo kunanoma yisiphi isizukulwane esake saba khona. Kodwa unamahora ambalwa nje kuphela ngosuku. Futhi uhlobo lokuzilibazisa olukhethayo lungathonya ukucabanga kwakho nesimo sakho sengqondo. Ngakho, singakanani isikhathi ongasichitha ekuzilibaziseni? Futhi unganquma kanjani ukuthi yikuphi ukuzilibazisa okufanele ukukhethe? Izahluko 30-33 zizokusiza ukuba uyibhekisise indlela okhetha ukuzijabulisa ngayo.
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 244, 245]