ISAHLUKO 31
Ngingawugcina Kanjani Umculo Usendaweni Yawo?
Ubaluleke kangakanani umculo kuwe?
□ Ngingaphila ngaphandle kwawo.
□ Ngingafa ngaphandle kwawo.
Uwulalela nini umculo?
□ Lapho ngisendleleni
□ Lapho ngitadisha
□ Ngaso sonke isikhathi
Yiluphi uhlobo lomculo oluthandayo, futhi ngani? ․․․․․
KUBONAKALA sengathi sonke siyawujabulela umculo. Futhi entsheni eningi umculo uyisidingo. “Angikwazi ukuphila ngaphandle kwawo,” kusho u-Amber oneminyaka engu-21. “Umculo ngiwudlala cishe ngaso sonke isikhathi—ngisho nalapho ngihlanza indlu, ngipheka, ngithunyiwe, noma ngitadisha.”
Umculo ungase uphindaphinde isigqi esisodwa, kodwa udlulela ngalé kwalokho, usithinta ngaphakathi ekujuleni kwethu. Njengoba nje ‘nezwi ngesikhathi salo esifanele lilihle,’ nengoma ngesikhathi esifanele ingakuqabula! (IzAga 15:23) “Ngezinye izikhathi ucabanga ukuthi akekho oqonda imizwa yakho,” kusho uJessica oneminyaka engu-16. “Kodwa lapho ngilalela iqembu engilithandayo lomculo, ngiyabona ukuthi akumina ngedwa ocindezelekayo.”
Uyanixabanisa noma Uyanisondelanisa?
Nakuba kusobala ukuthi uyawuthanda umculo, abazali bakho bangase babe nombono ohlukile. “Ubaba uthi, ‘Vala lowo msindo! Ungivala izindlebe!’” kusho umfana oweve eshumini nambili. Lapho usukhathele ukuthethiswa kanje, ungase ube nomuzwa wokuthi abazali bakho benza into encane ibe nkulu. “Kanti kwakunjani ngesikhathi bona besebasha?” Ababo abazali babengacabangi yini ukuthi umculo wabo awufaneleki?” kubuza intombazane ethile. U-Ingred, oneminyaka engu-16 uyakhononda: “Kubonakala sengathi abantu abadala basadla ngoludala. Bekungaba ngcono ukube bebeqaphela ukuthi isizukulwane sethu naso sinawo umculo omnandi!”
U-Ingred unephuzu. Njengoba kungenzeka uyazi, kuwo wonke umlando, abantu abadala nentsha bavame ukuxatshaniswa yizinto abazithandayo. Kodwa ukungathandi izinto ezifanayo akusho ukuthi kumelwe baxatshaniswe umculo njalo nje. Ikhambi liwukuzama ukuthola okuthile enivumelana ngakho nabazali bakho. Kungcono nakakhulu uma abazali bakho belihlonipha iBhayibheli. Ngani? Ngoba iZwi likaNkulunkulu linganisiza wena nabazali bakho nibone okungafaneleki nhlobo nalokho eningazikhethela kukho. Ukuze wenze lokhu, kudingeka uhlaziye izici ezimbili ezibalulekile: (1) umyalezo womculo (2) nesikhathi osichitha uwulalela. Okokuqala, ake sicabangele lo mbuzo . . .
Lo Mculo Unamuphi Umyalezo?
Umculo unjengokudla. Uhlobo olufanele ngesilinganiso esifanele, lulungile. Uhlobo olungafanele, ngisho noma lungakanani, luyingozi. Ngokudabukisayo, umculo ongafanele yiwona ongase uzwakale umnandi kakhulu. “Kwenziwa yini ukuthi izigqi ezimnandi zibe nezosha ezimbi kangaka?” kubalisa uSteve osemusha.
Uma usithanda isigqi, ingabe umyalezo waleyo ngoma ubalulekile ngempela? Ukuze uphendule lowo mbuzo, zibuze: ‘Uma umuntu ebefuna ukungidlisa ushevu, yini abengayenza? Ubengawucwilisa kuviniga noma ubengawumboza ngoswidi?’ Indoda ethembekile uJobe yabuza: “Indlebe ayiwavivinyi yini amazwi njengoba ulwanga lunambitha ukudla?” (Jobe 12:11) Ngakho, kunokuba umane ulalele ingoma ngoba uthanda isigqi sayo—uswidi omboze ushevu—‘vivinya amazwi’ ngokuhlola isihloko nezosha zayo. Ngani? Ngoba amazwi engoma ayoyithinta indlela ocabanga ngayo nesimo sakho sengqondo.
Ngeshwa, umculo omningi wanamuhla unezosha ezikhuthaza ubulili, ubudlova, nokusebenzisa kabi izidakamizwa. Uma ucabanga ukuthi ukulalela izosha ezinjalo akukuthonyi, kusho ukuthi “ushevu” usuqalile ukusebenza kuwe.
Zenzele Esakho Isinqumo
Ontanga bangase bakucindezele kanzima ukuba ulalele umculo owonakalisayo. Imboni yomculo nayo iletha okunye ukucindezela. Ngosizo lomsakazo, i-Internet, nethelevishini, umculo uye waba ibhizinisi elikhulu, elenza izindodla zemali. Kuqashwa ongoti bezokudayisa ukuze balawule indlela okhetha ngayo umculo.
Kodwa uma uvumela ontanga noma abezindaba ukuba bakunqumele ukuthi yini ozoyilalela, ulahlekelwa ilungelo lakho lokuzikhethela. Uba yisigqila esingakwazi ukuzicabangela. (Roma 6:16) IBhayibheli likunxusa ukuba umelane nethonya lezwe ezindabeni ezinjengalezi. (Roma 12:2) Ngakho, uyobe wenza kahle uma uqeqesha ‘amandla akho okuqonda uwenze aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Ungawasebenzisa kanjani amandla akho okuqonda lapho ukhetha umculo? Cabangela ukusikisela okulandelayo:
Hlola isembozo. Ngokuvamile, ukuthi nhla isembozo noma izikhangiso kwanele ukuba wazi okungaphakathi. Izithombe ezibonisa ubudlova, ubulili obenziwa ingcaca, noma ukusebenzelana nemimoya kufanele zibe isixwayiso. Cishe nomculo ongaphakathi awufaneleki.
Hlola izosha. Zithini? Uyafuna ngempela ukulalela noma ukuphindaphinda lawo mazwi? Imibono edluliselwayo iyavumelana yini nezindinganiso zakho nezimiso zobuKristu?—Efesu 5:3-5.
Phawula ithonya. “Ngathola ukuthi umculo omningi nezosha engangizilalela kwakungicindezela,” kusho uPhilip osemusha. Yiqiniso, umculo ungathinta abantu ngezindlela ezihlukahlukene. Ukwenza uzizwe kanjani umculo owulalelayo? Zibuze: ‘Ingabe ngicabangana nezinto ezingalungile ngemva kokulalela lowo mculo noma izosha? Ingabe isitsotsi esisetshenziswa kuwo sesingena isinyenyela endleleni engikhuluma ngayo?’—1 Korinte 15:33.
Cabangela abanye. Bazizwa kanjani abazali bakho ngomculo owulalelayo? Cela ukuzwa umbono wabo. Cabanga nangendlela amanye amaKristu angase azizwe ngayo. Ingabe amanye angakhubeka lapho ewuzwa? Ukushintsha indlela owenza ngayo ngoba uhlonipha imizwa yabanye kuwuphawu lokuvuthwa.—Roma 15:1, 2.
Ngokuzibuza le mibuzo engenhla, uyokwazi ukukhetha umculo okujabulisayo emoyeni kodwa ungalibulali ingokomoya lakho. Kunanesinye isici okufanele usicabangele.
Kunini Lapho Sekuwukweqisa Khona?
Umculo omnandi, njengokudla okumnandi, ungaba yinzuzo. Nokho, isaga esihlakaniphile siyaxwayisa: “Ingabe uthole uju? Yidla okwanele wena, ukuze ungazigcingci ngalo bese kudingeka uluhlanze.” (IzAga 25:16) Uju lunezakhi zokwelapha ezaziwayo. Noma kunjalo, ngisho nokweqisa entweni ewusizo kungakulimaza. Siyini isifundo? Izinto ezimnandi kufanele zijatshulelwe ngokulinganisela.
Enye intsha ivumela umculo ukuba ulawule ukuphila kwayo. Ngokwesibonelo, uJessica ocashunwe ngaphambili, uyavuma: “Ngiwulalela ngaso sonke isikhathi umculo—ngisho nalapho ngitadisha iBhayibheli. Ngitshela abazali bami ukuthi uyangisiza ngikwazi ukugxila kwengikufundayo. Kodwa abangikholwa.” Usuke wakuzwa yini lokhu okushiwo uJessica?
Ungabona kanjani ukuthi usulalela umculo ngokweqile? Zibuze le mibuzo elandelayo:
Ngichitha isikhathi esingakanani ngilalela umculo usuku ngalunye? ․․․․․
Yimalini engithenga ngayo umculo inyanga ngayinye? ․․․․․
Ingabe umculo engiwulalelayo uphazamisa ubuhlobo enginabo namalungu omkhaya wakithi? Uma kunjalo, bhala ngezansi ukuthi ungasilungisa kanjani lesi simo. ․․․․․
Ukulungisa Indlela Olalela Ngayo Umculo
Uma umculo udla isikhathi sakho esiningi, uyobe wenza kahle uma ubeka imingcele futhi ulinganisele nasendleleni owulalela ngayo. Ngokwesibonelo, kungase kudingeke uyeke umkhuba wokufaka ama-headphone usuku lonke noma ukuvula umculo lapho ungena nje endlini.
Empeleni, kungani ungafundi ukujabulela izikhathi okuthule cwaka ngazo? Ukwenza kanjalo kungakusiza ezifundweni zakho. “Uyofeza okuningi kuzo uma umculo uwucishile,” kusho uSteve ocashunwe ngaphambili. Zama ukutadisha ngaphandle komculo, ubone ukuthi iyathuthuka yini indlela ogxilisa ngayo ingqondo.
Uyofuna nokuhlela isikhathi sokufunda nokutadisha iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo. Ngezinye izikhathi uJesu Kristu wayefuna indawo ethule ukuze athandaze futhi azindle. (Marku 1:35) Ingabe indawo otadishela kuyo nawe ithule cwaka futhi inokuthula? Uma kungenjalo, uyobe ubambezela intuthuko yakho engokomoya.
Khetha Kahle
Ngempela, umculo uyisipho esivela kuNkulunkulu, kodwa kumelwe uqikelele ukuba ungasisebenzisi kabi. Ungafani nentombazane enguMarlene evumayo: “Nginomculo engaziyo ukuthi kumelwe ngiwulahle. Kodwa awuve umnandi.” Cabanga ngomonakalo ewenzayo engqondweni nasenhliziyweni yayo ngokulalela umculo ongcolile! Lugweme lolo gibe. Ungawuvumeli umculo ukonakalise noma ubuse ukuphila kwakho. Namathela ezindinganisweni zobuKristu eziphakeme lapho ukhetha umculo. Thandazela isiqondiso nosizo lukaNkulunkulu. Funa abangane abanezinkolelo ezifana nezakho.
Umculo ungakusiza ukuba uphumule. Ungaqeda isizungu. Kodwa lapho uphela, izinkinga zakho zisuke zisekhona. Futhi izingoma azisivali isikhala sabangane beqiniso. Ngakho ungavumeli umculo ube iyona nto ebalulekile ekuphileni kwakho. Wujabulele, kodwa uwugcine usendaweni yawo.
Ngezikhathi ezithile kuyadingeka uphumule. Izimiso zeBhayibheli zingakusiza kanjani ukuba ujabulele lezo zikhathi ezimnandi?
UMBHALO OYINHLOKO
“Indlebe ayiwavivinyi yini amazwi njengoba ulwanga lunambitha ukudla?”—Jobe 12:11.
ICEBISO
Uma ufuna abazali bakho baqonde ukuthi kungani wena uthanda ingoma noma iqembu elithile lomculo, thatha isinyathelo sokuzama ukuthanda umculo othandwa yibona.
UBUWAZI . . . ?
Uma ungabaza ukulalelisa abazali bakho umculo owuthandayo, kungaba uphawu lokuthi kukhona okushaya amanzi ngomculo owuthandayo.
ENGIZOKWENZA!
Ngingakwazi ukulawula umculo uma ngi- ․․․․․
Uma ontanga bengiphoqelela ukuba ngilalele umculo ongafaneleki, ngizothi ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani uhlobo lomculo olukhethayo lubaluleke kangaka?
● Unganquma kanjani ukuthi ingoma iyamukeleka yini noma cha?
● Yini ongayenza ukuze uthande nezinye izinhlobo zomculo?
[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 259]
“Ngezinye izikhathi ngithuka sengilalele ingoma engaziyo ukuthi ayilungile. Ngiyicisha ngaso leso sikhathi. Uma ngingayicishi, ngiqala ukubeka izaba zokuyilalela.”—UCameron
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 258]
funda ezinye izinhlobo zomculo
Ingabe usuthanda izinhlobo ezengeziwe zokudla manje kunangesikhathi uneminyaka emihlanu ubudala? Uma kunjalo, kungenxa yokuthi usuye wanambitha ezinye izinhlobo zokudla. Kuyafana nangomculo. Musa ukunamathela ohlotsheni olulodwa. Zama ukufunda ezinye izinhlobo zomculo.
Enye indlela yokwenza lokhu iwukufunda ukudlala insimbi yomculo. Lokhu ngeke kugcine ngokuba yinselele noma into eyanelisayo, kodwa kuyokunika nethuba lokulalela umculo ohlukile kulowo ovame ukudlalwa. Ungasitholaphi isikhathi sokufunda? Ungathengisisa isikhathi obuka ngaso i-TV noma odlala ngaso imidlalo yama-computer. Phawula lokho okushiwo yile ntsha.
“Ukudlala insimbi yomculo kumnandi ngempela futhi kungaba indlela enhle kakhulu yokuveza imizwa yakho. Ukufunda ukudlala izingoma ezintsha kuye kwangifundisa ukuthanda izinhlobo ezihlukahlukene zomculo.”—UBrian, oneminyaka engu-18, odlala isiginci, isigubhu nopiyano.
“Kudingeka uprakthize uma ufuna ukwazi ukudlala kahle insimbi yomculo. Ukuprakthiza-ke akumnandi ngaso sonke isikhathi. Kodwa lapho usukwazi ukudlala kahle ingoma ethile kuthi cosololo, uba nomuzwa wokuthi ufeze okuthile.”—UJade, oneminyaka engu-13, odlala i-“viola”.
“Lapho izinto zingangihambeli kahle noma umoya wami uphansi, ukudlala isiginci kuyangisiza ngiphumuze ingqondo. Kuyanelisa ukudlala umculo omnandi nopholile.”—UVanessa oneminyaka engu-20, odlala isiginci, upiyano negekle.
“Ngangivame ukucabanga, ‘Angisoze ngakwazi ukudlala kahle njengalo muntu noma njengalowaya.’ Kodwa ngaqhubeka ngifunda, futhi manje ngithola ukwaneliseka kwangempela lapho ngiyidlala kahle ingoma ethile. Sengiwazisa nakakhulu amakhono abanye abadlali bomculo.”—UJacob, oneminyaka engu-20, odlala isiginci.
[Isithombe ekhasini 255]
Umculo ufana nokudla. Uhlobo olufanele ngesilinganiso esifanele lukulungele. Uhlobo olungafanele, noma ngabe lungakanani, luyingozi