Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gf isif. 12 k. 20
  • Yini Eyenzeka Ekufeni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Eyenzeka Ekufeni?
  • Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kwenzekani Lapho Umuntu Eshona?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Bakuphi Okhokho Bethu?
    Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade
  • Ingabe Kufanele Ubesabe Abafileyo?
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
Ungaba Umngane KaNkulunkulu
gf isif. 12 k. 20

ISIFUNDO 12

Yini Eyenzekayo Ekufeni?

Ukufa kuphambene nokuphila. Ukufa kufana nokulala ubuthongo obujulile. (Johane 11:11-14) Abafileyo abezwa, ababoni, abakhulumi futhi abacabangi lutho. (UmShumayeli 9:5, 10) Inkolo yamanga ifundisa ukuthi abafileyo baya ezweni lemimoya bayohlala nokhokho babo. IBhayibheli alikufundisi lokho.

UJesu uvusa indodakazi kaJayiru

Abafileyo ngeke basisize, futhi ngeke basilimaze. Kuvamile ukuba abantu benze amasiko futhi bahlabe ngoba bekholelwa ukuthi kuzothokozisa abafileyo. UNkulunkulu akakuthandi lokhu ngoba kusekelwe emangeni kaSathane. Akubathokozisi nabafileyo ngoba abaphili. Akufanele sibesabe abafileyo noma sibakhulekele. Kufanele sikhulekele uNkulunkulu kuphela.—Mathewu 4:10.

Abafileyo bayophinde baphile. UJehova uyobavusela emhlabeni oyipharadesi abafileyo. Leso sikhathi siseza. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) UNkulunkulu angabavusa abafileyo njengoba nje nawe ungavusa umuntu olele.—Marku 5:22, 23, 41, 42.

Umqondo wokuthi asifi ungamanga asakazwa uSathane uDeveli. USathane namademoni akhe benza abantu bacabange ukuthi imimoya yabafileyo iyaphila futhi ibangela ukugula nezinye izinkinga. USathane ukhohlisa abantu, ngezinye izikhathi ubakhohlisa ngamaphupho nangemibono. UJehova uyabalahla labo abazama ukukhuluma nabafileyo.—Duteronomi 18:10-12.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela