Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gf isif. 13 k. 21
  • Imilingo Nokuthakatha Kubi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imilingo Nokuthakatha Kubi
  • Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iqiniso Ngomlingo Nokuthakatha
    Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade
  • Ingabe Ikhona Ingozi Ekwenzeni Umlingo?
    I-Phaphama!—1993
  • Okufanele Ukwazi Ngobuthakathi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Shiya Inkolo Yamanga; Ngena Enkolweni Yeqiniso
    Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade
Bheka Okunye
Ungaba Umngane KaNkulunkulu
gf isif. 13 k. 21

ISIFUNDO 13

Imilingo Nokuthakatha Kubi

ugebhezi lomuntu, umuthi okuthiwa owokwenza imilingo nabantu abathakathayo

USathane ufuna wenze imilingo. Abantu abaningi bahlabela okhokho noma imimoya ukuze bazivikele emashweni. Lokhu bakwenza ngoba besaba amandla emimoya. Bafaka izindandatho zemilingo noma iziphandla. Baphuza izintelezi okuthiwa zinamandla emilingo noma bazigcobe ngazo emzimbeni. Abanye abantu babethela imizi yabo, bekholelwa ukuthi ukubethela kunamandla okuvikela. Abanye bayagqaba ngoba bekholelwa ukuthi bazophumelela emabhizinisini, ezivivinyweni zesikole noma kwezothando.

Isivikelo esingcono kunazo zonke ekumelaneni noSathane siwukwenza uJehova abe umngane wakho. UJehova uNkulunkulu nezingelosi zakhe banamandla ngaphezu kukaSathane namademoni akhe. (Jakobe 2:19; IsAmbulo 12:9) UJehova uzimisele ukubonisa amandla akhe ngenxa yabangane bakhe—labo abaqotho ngokuphelele kuye.—2 IziKronike 16:9.

IZwi likaNkulunkulu lithi: “Akumelwe nenze imilingo.” UJehova akakufuni ukwenza imilingo nokuthakatha ngoba le mikhuba ingenza umuntu alawulwe ngokuqondile amandla kaSathane uDeveli.—Levitikusi 19:26.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela