ESINGAKWENZA NJENGOBA IZINTO ZIMBA EQOLO
Yisebenzise Ngokuhlakanipha Imali Yakho
Sonke sixakekile ngenxa yokuthi izinto ziyabiza. Kodwa zikhona izinto ongazenza ukuze isimo sakho sibe ngcono. Ungapheli amandla.
OKWENZA KUBALULEKE UKUSEBENZISA IMALI NGOKUHLAKANIPHA
Uma ungayisebenzisi kahle imali yakho, izinkinga zakho zizokwanda futhi ucindezeleke. Ngisho noma ungenayo imali eningi, ziningi izinto ongazenza ezingakusiza uyisebenzise kahle yona le ekhona.
ONGAKWENZA
Phila ngalokho onakho. Uma wenza kanjalo, uzokwazi ukulawula izimali zakho ukwazi nokukhokhela izimo eziphuthumayo ezingalindelekile.
Ukuze ukwazi ukonga imali onayo, yiba nohlelo lokuyisebenzisa. Kulolu hlelo, ungabhala phansi imali ozoyihola nozoyisebenzisa. Uma usukwenzile lokho, hlola ukuthi imali ozoyisebenzisa, uzoyisebenzisela ezintweni ozidinga ngempela yini. Namathela ohlelweni lwakho, udamane ululungisa njengoba umholo nokubiza kwezinto kushintsha. Kusobala ukuthi uma ushadile, lezi zinqumo uyozenza nomuntu oshade naye.
Zama lokhu: Kunokuthenga izinto ngesikweletu, zithenge ngokheshi uma kungenzeka. Abanye bathole ukuthi uma bekhokhela izinto ngale ndlela bayakwazi ukunamathela ohlelweni lwabo, bagweme ngisho nezikweletu. Okunye ongakwenza ukuzinika isikhathi sokuhlola isitatimende sakho sasebhange. Kuzothi ukwehla ukukhathazeka uma wazi ukuthi unamalini ngempela.
Ukuphila ngalokhu onakho kungaba nzima ngezinye izikhathi. Kodwa uhlelo lokusebenzisa imali olucatshangelwe kahle nolusebenzayo lungaba usizo. Ungakwazi ngisho ukuyibona kahle imali yakho engenayo nephumayo.
Sebenza kanzima ukuze ungaphelelwa umsebenzi. Yiziphi izinto ongazenza ukuze ungalahlekelwa umsebenzi? Nazi ezimbalwa: Gcina isikhathi. Wuthande umsebenzi wakho. Yiba wusizo futhi usebenze kanzima. Hlonipha abanye. Landela imithetho futhi uzame ukuthuthukisa amakhono akho.
Gwema ukumosha imali yakho. Zibuze, ‘Kungenzeka yini nginomkhuba wokuthenga izinto ezibizayo nezingenasidingo?’ Ngokwesibonelo, abantu abaningi bamosha imali yabo abayisebenzele kanzima ngokuthenga izidakamizwa, ukugembula, ukubhema nokuthenga utshwala obuningi. Lezi zinto zingabenza balahlekelwe imisebenzi futhi bagule ngisho nokugula.
Beka imali ozoyisebenzisa lapho kuvela izimo ezingalindelekile. Uma kungenzeka, yiba nemadlana oyibeke eceleni ozoyisebenzisa lapho kunezimo eziphuthumayo. Le madlana ingakusiza ube nokuthula kwengqondo lapho wena noma elinye ilungu lomndeni ligula, lilahlekelwa umsebenzi noma kwenzeka okuthile okungalindelekile.