ESINGAKWENZA NJENGOBA IZINTO ZIMBA EQOLO
Yaneliseka
Abantu abanelisekile bayakujabulela ukuphila kwabo. Lapho izimo zabo zishintsha, nabo bashintsha indlela abaphila ngayo ukuze ingabi ngaphezu kwamandla abo.
OKWENZA KUBALULEKE UKUBA WANELISEKE
Udokotela wengqondo uJessica Koehler waphawula ukuthi abantu abanelisekile bavame ukuba nesimo sengqondo esihle. Wathola nokuthi abanawo umona ngabanye abantu. Shono nje abantu abanelisekile behlale bejabule futhi bengakhathazeki kakhulu. Empeleni, abantu abaningi abajabula ngempela yilabo abanezinto ezincane. Kodwa okubajabulisa ngempela ukuthi bagxila ezintweni ezibalulekile ezingathengwa ngemali, njengenjabulo etholakala ngokuchitha isikhathi nomndeni nabangani.
ONGAKWENZA
Ungaziqhathanisi nabanye abantu. Ungase uqale ukunganeliseki uze ube nomona uma uqhathanisa ukuphila kwakho nokuphila komunye umuntu okubukeka kuntofontofo. Nokho, okucabangayo kungase kungabi iqiniso ngoba abanye abanezinto eziningi empeleni bacwile ezikweletini. UNicole, ohlala eSenegal, uthi: “Angidingi ukuba nezinto eziningi ukuze ngijabule. Uma nganelisekile, ngingajabula ngisho noma abanye benezinto eziningi kunalezo enginazo.”
Zama lokhu: Gwema ukubuka izikhangiso noma izinto ezifakwe ezinkundleni zokuxhumana eziveza izinto zabantu zikanokusho nokuthi banemali eningi kangakanani.
Bonga. Abantu ababongayo ngokuvamile bayaneliseka futhi abahlale becabanga ukuthi badinga noma bafanelwe okwengeziwe. URoberton, waseHaiti, uthi: “Ngizinika isikhathi sokucabanga ngomusa abantu abawubonise mina nomndeni wami. Ngibe sengibatshela labo bantu ukuthi ave ngibonga ngalokho abangenzele kona. Ngifundisa nomfana wami oneminyaka engu-8 ukuba athi ngiyabonga uma ethola okuthile.”
Zama lokhu: Usuku ngalunye, bhala phansi ebhukwini ozibekele lona izinto obonga ngazo. Ungabonga ukuthi uyaphila awuguli, unomndeni ozwanayo nabangani beqiniso. Ungabonga ngisho nangobuhle belanga lapho seliyozilahla kunina.
Ngezinye izikhathi, siyahluleka ukwaneliswa yizinto esinazo. Kodwa uma sizama ukwaneliseka ngalokho esinakho, siyojabula! Uma sikhetha ukwaneliseka siyojabula, ngisho nemali ayisoze yayithenga leyo njabulo!