ESINGAKWENZA NJENGOBA IZINTO ZIMBA EQOLO
Vuma Ukuthi Kunezinto Ongeke Uzilawule
Lapho izinto zikhuphuka kancane kancane singase singanaki, ikakhulukazi uma imali esiyiholayo nayo ikhuphuka kancane kancane. Nokho, lapho izinto zinyuka kakhulu kodwa imali esiyiholayo inganyuki singakhathazeka futhi sicindezeleke, ikakhulukazi uma sinemindeni okumele siyinakekele.
Akukho esingakwenza ngokunyuka kwezinto. Kodwa siyobe siyazisiza uma samukela ukuthi ayikho into esingayenza.
OKWENZA KUBALULEKE UKUVUMA UKUTHI KUNEZINTO ONGEKE UZILAWULE
Abantu abavumayo ukuthi ngeke bakulawule ukunyuka kwezinto, bangakuthola kulula . . .
ukungathatheli izinto phezulu. Uma sehlisa umoya, singakwazi ukucabanga kahle bese senza izinqumo ezinhle.
ukugwema izinto ezingabafaka enkingeni. Ngokwesibonelo, kungaba ubuwula ukungazikhokheli izikweletu nokuthenga izinto esingazidingi.
ukungaxabani namalungu omndeni kubangwa imali.
ukuthola izindlela zokubhekana nalesi simo, ezihlanganisa ukungayimoshi imali nokunquma ukuthi yiziphi izinto eziyisidingo ngempela.
ONGAKWENZA
Kulungele ukuzivumelanisa nezimo. Kuwukuhlakanipha ukungathengi izinto eziningi, uma kungenzeka, lapho izinto zikhuphuka kakhulu. Abanye abantu bazama ukuphila impilo esezingeni eliphezulu abangeke bakwazi ukuyimela, okufana nokubhukuda emfuleni ogeleza ngokushesha uphambane nomsinga wawo! Ngokwenza kanjalo, bazigqilaza bona. Kuyavunywa ukuthi uma unomndeni, uyakhathazeka ngawo futhi ufuna ukuwunakekela kahle. Kodwa ungakhohlwa ukuthi amalungu omndeni wakho adinga uthando lwakho, isikhathi sakho futhi afuna uhlale uwanakile ngaphezu kwanoma yini enye.
Ukuzama ukuphila impilo kanokusho kodwa ube ungakwazi ukuyikhokhela kufana nokubhukuda emfuleni ogelezayo kodwa uphambane nomsinga wawo