Umbono WeBhayibheli
Ubani Ongaguqula Umhlaba?
“Abantu emhlabeni bafuna izimpendulo kubaholi babo. Balindele izixazululo, hhayi imizamo nje engatheni noma izaba.”—UNOBHALA JIKELELE WEZIZWE EZIHLANGANE UBAN KI-MOON.
SIPHILA kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Izindaba zigcwele imibiko eyethusayo yezimpi, ubuphekula, izinkinga zezomnotho nokucekelwa phansi kwemvelo okusondelayo.
Ingabe likhona ithemba lokuthi izinto zizoba ngcono? Ingabe ohulumeni babantu bangazixazulula izinkinga zomhlaba? Noma kudingeka sibheke komunye umthombo ukuze sithole usizo?
Lokho Izizwe Eziningi Ezikushoyo
Izizwe eziningi zithi zisekelwa uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, eSivumweni sayo Sokuzinikela ezweni, i-United States of America ithi “iyisizwe esibumbene esibuswa uNkulunkulu,” kanti imali engamaphepha newuhlweza kulelo zwe inamazwi athi “Sithembele KuNkulunkulu.”
Kuyiqiniso ukuthi iningi labantu abahlala e-United States alikholwa ngisho nokukholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona—futhi isimo siyefana nakwamanye amazwe athi asekelwa uNkulunkulu. Ngisho nabantu abakholelwayo kuNkulunkulu banemibono engefani mayelana nezinga angenela ngalo ezindabeni zesintu.
● Abanye bathi uNkulunkulu akanandaba nomuntu futhi kumelwe azibuse.
● Abanye bathi uNkulunkulu usebenzisa ohulumeni babantu futhi angayibusisa imizamo yabo yokuguqula umhlaba wethu.
Yikuphi kulokhu okuveza umbono wakho, uma kukhona?
Cabanga ngalokhu: Ukuba lokhu kokuqala bekuyiqiniso, bekuyosho ukuthi sisobishini. Ukube yilokhu kwesibili obekuyiqiniso, khona-ke bekuyodingeka sizibuze: ‘Ingabe uNkulunkulu uthanda esinye isizwe ukudlula esinye? Uma izizwe ezimbili zilwa futhi ngasinye sithandazela ukunqoba, uNkulunkulu usekela siphi?’ Kungenzeka yini ukuthi alukho uhlangothi aluthathayo?
Okufundiswa YiBhayibheli
1. Umuntu akadalelwanga ukuzibusa. IBhayibheli lithi: “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Umlando uyakufakazela ukuba yiqiniso kwalawo mazwi. Ohulumeni babantu bahlulekile ukuletha izwe elingcono, ngisho nalapho ababusi benemigomo emihle nezisusa ezinhle. Kunalokho, ‘umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.
2. UNkulunkulu unendaba nosizi lwethu. Akukhona ukuthi akaqondi noma akanandaba nokwenzeka ekuphileni kwethu. Ngaphezu kwalokho, uzothatha isinyathelo ukuze asisize. Kanjani? Uzosebenzisa uMbuso wakhe, “ongeke neze uchithwe.”—Daniyeli 2:44.
3. UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni ongokoqobo. Yiwo lo Mbuso izigidi zabantu abaqotho eziwuthandazela njalo lapho ziphindaphinda uBaba Wethu noma uMthandazo WeNkosi. Kulowo mthandazo abantu banxusa uNkulunkulu: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Phawula ukuthi uMbuso kaNkulunkulu awupheleli ezulwini nje kuphela; wenza nokuba intando kaNkulunkulu yenzeke nasemhlabeni.
4. Esebenzisa uMbuso wakhe, uNkulunkulu angakwazi ukuguqula umhlaba futhi uzowuguqula. Uma ukungabaza lokho, cabangela lokho iBhayibheli elikufundisayo.
● UNkulunkulu wanika abantu isiqalo esiphelele ngaphansi kwezimo ezinokuthula.—Genesise 1:27-31.
● Naphezu kwezinkinga esizibonayo, uNkulunkulu akayikhohliwe injongo yakhe ngomhlaba.—IHubo 37:11, 29.
● UNkulunkulu usesithathile kakade isinyathelo ukuze umhlaba wethu—kuhlanganise nomkhaya wesintu—ubuyiselwe esimweni owawuhloselwe sona ekuqaleni.—Johane 3:16.
Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu nokuthi uyowuguqula kanjani umhlaba wethu? OFakazi BakaJehova, abanyathelisi balo magazini bangakujabulela ukukusiza. Kungani ungaxoxi nabo ngalezi zihloko ezilandelayo uma befika lapho uhlala khona esikhathini esizayo?
● Uyini uMbuso kaNkulunkulu?
● Uyoletha ziphi izinguquko?
● UMbuso kaNkulunkulu uzoziletha nini futhi kanjani lezo zinguquko?
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Kungani kulinganiselwe lokho ohulumeni babantu abangakwenza?—Jeremiya 10:23.
● UNkulunkulu ukubonise kanjani ukuthi uyasikhathalela?—Johane 3:16.
● UMbuso kaNkulunkulu uyobangela ukuba kwenzekeni emhlabeni nakulabo abahlala kuwo?—IHubo 37:11, 29.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]
Ingabe ohulumeni babantu bangazixazulula izinkinga zomhlaba? Noma ingabe kudingeka sibheke komunye umthombo ukuze sithole usizo?