Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/12 kk. 28-29
  • Ungakhohlwa Ukuthi Ngiyabonga!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungakhohlwa Ukuthi Ngiyabonga!
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Injabulo Yokupha Ikhuliswa Ukwamukela Ngokubonga
    I-Phaphama!—1987
  • Ukufuna Isipho Esizedlula Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Kungani Kufanele Sibe Nokwazisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • “Isipho Esikhulu Kunazo Zonke”
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 7/12 kk. 28-29

Ungakhohlwa Ukuthi Ngiyabonga!

WAGCINA nini ukuthola incwadi yokubonga? Wagcina nini wena ukuyithumelela othile?

Kuleli zwe elixhumana ngobuchwepheshe be-Internet, imiyalezo yokubonga ebhalwe ngesandla isiyinto eyivela kancane. Kodwa, ukubhala amazwi athi “ngiyabonga” kuyindlela ekhethekile yokwazisa abantu ukuthi uyawazisa umusa wabo. Ukusikisela okulandelayo kuyindlela ongakwenza ngayo lokhu.

1. Yibhale ngesandla incwadi ukuze ikhetheke.

2. Bhala igama lalowo eya kuye.

3. Uma uthole isipho, sisho isipho bese umtshela indlela ohlela ukusisebenzisa ngayo.

4. Phinde ubonge emazwini akho okuphetha.

Incwadi yokubonga ishiya isithombe esihle kulowo oyibhalelwe.

Ngakho, ngesikhathi esilandelayo lapho othile ekubonisa umoya wokungenisa isihambi, isenzo somusa noma ekupha isipho, bonisa ukuthi awuyibukeli neze phansi imizamo yakhe. Ungakhohlwa ukuthi ngiyabonga!

[Ibhokisi/Izithombe emakhasini 28, 29]

Sawubona Malumekaz’ uMary, (2)

Ngiyakubonga kakhulu ngewashi lokucupha (3) isikhathi! Njengoba nginenkinga yokulala ngishiywe yisikhathi, sengiyalisebenzisa kakade. Ngikujabulele kakhulu ukukubona ngesonto elidlule, futhi ngethemba ukuthi uhambe kahle lapho usubuyela ekhaya. Sibheke phambili ekukuboneni esikhathini esingeside ukusukela manje.

Ngiyakubonga kakhulu ngesipho esiwusizo! (4)

Umshana wakho,

UJohn

[Isithombe]

(1)

[Ibhokisi ekhasini 29]

AMACEBISO

● Uma uphiwe imali, ungayigaguli ngokuqondile. Ngokwesibonelo, kunokuba ubonge ngokuqondile inani oliphiwe, ungase uthi: “Ngiyakubonga ngesipho ongiphe sona. Ngizosisebenzisela uku- . . . ”

● Yisho imininingwane ephathelene nesipho kuphela kuhlanganise nokwazisa onakho. Lesi akusona isikhathi sokuningiliza ngeholidi olijabulele noma ngohambo lwakho lwamuva oluya esibhedlela.

● Ungakhalazi neze ngezinkinga obe nazo ngesipho. Ngokwesibonelo, kungaba ukungabi namusa ukubhala into enjengokuthi, “Ngikubonga kakhulu nge-toaster—kodwa ayingeni ekhabetheni lekhishi lami!”

[Ibhokisi ekhasini 29]

IBhayibheli likhuthaza umoya wokubonga. (Luka 17:11-19) Lisinxusa ukuba ‘sithandaze singaphezi’ kuNkulunkulu, bese lithi: “Nibonge ngakho konke.”—1 Thesalonika 5:17, 18.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela