Ukubuka Okwezwe
“Abesifazane abahlala emazweni ampofu banamathuba aphindwe izikhathi ezingu-300 okufa lapho bekhulelwe noma bebeletha kunokuba bebehlala emazweni acebile.”—I-BUSINESSWORLD, EPHILIPPINES.
Ngokocwaningo lwaseJalimane, amaphesenti angu-40 entsha eneminyaka engu-11 kuya kwengu-15 awazi ukuthi ilanga liphuma empumalanga; amaphesenti angu-60 awazi ukuthi inkathi ephakathi kwezinyanga ezigcwele ezilandelanayo ingamasonto amane.—I-WELT ONLINE, EJALIMANE.
Abavubukuli bathole ithempeli lamaFilisti eGati yasendulo. Lesi sakhiwo, esibambelele ezinsikeni ezimbili, sivumelana nokulandisa kweBhayibheli okuphathelene noSamsoni, owabambelela ezinsikeni ezinjengazo, wadiliza ithempeli.—I-JERUSALEM POST, KWA-ISRAEL.
Ukuthathwa Komakoti Base-Asia
“Ayanda amadoda ase-Asia avela emazweni acebile njengeJapane neNingizimu yeKorea afuna omakoti emazweni [ase-Asia] ampofu anjengeVietnam nePhilippines,” kusho iphephandaba le-Internet lasePhilippines i-BusinessWorld. Kusukela ngo-1995 kuya ku-2006, inani lamadoda aseJapane ashada nabesifazane bakwamanye amazwe ase-Asia lenyuka ngamaphesenti angu-73. Kungani? “Abesifazane bendawo abazimele ngokwezimali bayaziqhenya” futhi bayakungabaza ukushada, kusho lo mbiko. Ngakolunye uhlangothi, abesifazane abavela emazweni ampofu balungele ngisho nokushada namadoda asebenzayo asemazweni acebile ngoba “babona ithuba lokuphila okungcono.”
Ingabe Kuthuthukiswa Ukungethembeki Emshadweni?
Ingosi ye-Internet yokushelana ebangela izimpikiswano, esetshenziswa emazweni amahlanu inesiqubulo esithi “Ukuphila kufushane. Yiba neshende.” Ngokusho komsunguli wale ngosi, ayenzi abantu bangathembeki kwabashade nabo ngoba labo abayivakashelayo “basuke sebesenzile kakade leso sinqumo.” Uthi, “Izinkinga eziningi ezihlobene nokushendeza zibangelwa ukuthi abantu bayabanjwa. Sisiza abantu abafuna ukushendeza ukuba bakwenze ngokucophelela. Asizange sikusungule ukungathembeki emshadweni—simane nje sakuthuthukisa.” Okwamanje le ngosi ibika ukuthi inamalungu ayizigidi ezingu-6,4.
Ingabe Bazalelwa Ukudansa?
“Abantu banekhono eliyingqayizivele lokuvumelanisa ukunyakaza kwabo nemisindo abayizwayo, njengokunyakaza konyawo okubangelwa umculo noma ukudansa,” kusho umbiko owakhishwa abacwaningi basemanyuvesi aseYork, eNgilandi naseJyväskylä, eFinland. La bacwaningi bathola ukuthi ngisho nangaphambi kokuba izingane zizalwe zifunda ukukhuluma, ukusabela esigqini esithile somculo futhi ziyazama ukunyakaza zihambisane nesigqi. Lapho ziphumelela ukwenza lokhu, zimomotheka isikhathi eside. Lokhu kusho ukuthi ukuzwa isigqi nesifiso sokunyakaza ngokuhambisana nomculo akuzona izinto esizifundayo kodwa zenzeka ngokwemvelo.