Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/10 kk. 13-31
  • Ukubukeza Komkhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeza Komkhaya
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kwakuyisinqumo Esihle?
  • YINI OYAZIYO NGOMPHOSTOLI UPETRU?
  • IZINGANE ZIFUNA IZITHOMBE
  • IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
  • IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2010
  • Ubungaphendula Kanjani?
    I-Phaphama!—2009
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2010
  • Ubungaphendula Kanjani?
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 12/10 kk. 13-31

Ukubukeza Komkhaya

Ingabe Kwakuyisinqumo Esihle?

Funda uNumeri 13:1, 2, 25-33; 14:3, 6-12. Manje bheka lesi sithombe, bese ubhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi.

1. Kungani iningi lezinhloli lakhetha ukuletha umbiko omubi?

․․․․․

2. Lokho okwashiwo yizinhloli eziyishumi kwaba namuphi umphumela?

UMKHONDO: Funda uNumeri 14:26-38.

․․․․․

3. Kungani uJoshuwa noKalebi babeqiniseka kangaka ngokuthi bazonqoba?

․․․․․

ENINGAXOXA NGAKHO:

Lapho umkhaya wakini ubhekana nezinselele, ungakugwema kanjani ukufana nezinhloli eziyishumi kunalokho ube njengoJoshuwa noKalebi?

YINI OYAZIYO NGOMPHOSTOLI UPETRU?

4. Yiziphi izindlela ezinhlanu uPetru abizwa ngazo eBhayibhelini?

UMKHONDO: Funda uMathewu 10:2; 16:16; Johane 1:42; IzEnzo 15:14.

․․․․․

5. Ingabe uPetru wayeshadile?

UMKHONDO: Funda 1 Korinte 9:5.

․․․․․

ENINGAXOXA NGAKHO:

Chaza ukuthi yikuphi ukulandisa okukhuluma ngoPetru okuthandayo. Yiziphi izimfanelo ozithandayo ezaboniswa uPetru ongathanda ukuzilingisa futhi ungakwenza kanjani?

IZINGANE ZIFUNA IZITHOMBE

Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.

IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI

Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.

IKHASI 7 Yini okufanele siyikhulume nomakhelwane bethu? Efesu 4:․․․

IKHASI 8 Yini iqiniso eliyokwenzela yona? Johane 8:․․․

IKHASI 11 Yini eyokwenzeka esitheni sokugcina? 1 Korinte 15:․․․

IKHASI 24 Yini okufanele uyibalekele? 1 Korinte 6:․․․

● Izimpendulo zisekhasini 13

IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31

1. Besaba futhi babentula ukholo kuJehova.—Numeri 14:3, 11.

2. Bonke abesilisa abaneminyaka engu-20 nangaphezulu, ngaphandle kukaJoshuwa noKalebi, bafela ehlane.

3. Babe-nokholo lokuthi uJehova wayenabo.—Numeri 14:9.

4. USimo-ni, uPetru, uSimoni Petru, uKhefase, nangoSimeyoni.

5. Yebo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela