Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/10 k. 32
  • Wafunda Kanye Nezingane Zakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wafunda Kanye Nezingane Zakhe
  • I-Phaphama!—2010
I-Phaphama!—2010
g 12/10 k. 32

Wafunda Kanye Nezingane Zakhe

● Umama oseminyakeni yawo-30, ohlala nomyeni wakhe nezingane zabo ezintathu eKentucky, e-U.S.A., wabhala, “Mina nomkhaya wami siye sakujabulela ukufunda zonke izincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova.” Wachaza: “Incwadi engiyithandela izingane zami kakhulu ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli,” wenezela, “empeleni ngazuza njengoba ngangiyifunda nazo.”

Le ncwadi inemifanekiso ekhangayo futhi ilandelanisa izenzakalo zeBhayibheli ngokwezikhathi ezenzeka ngazo. Ngokwesibonelo: Ingxenye 2 ihlanganisa izihloko ezilandelayo: “Inkosi Embi Ibusa IGibhithe,” “Ukusinda Komntwana UMose,” “Okwenza UMose Abaleke,” “UMose No-Aroni Baya KuFaro,” “Izishayo Eziyishumi,” nesithi “Ukuwela ULwandle OluBomvu.”

Ingxenye 6 yale ncwadi enesihloko esithi “Ukuzalwa KukaJesu Kuya Ekufeni Kwakhe,” inezindaba eziningana ezikhuluma ngokuphila kukaJesu kusukela ezalwa kuya ekufeni kwakhe. Phakathi kwazo kukhona ezithi “UJesu Uzalelwa Esitebeleni” nesithi “Amadoda Aholwa Yinkanyezi.” Lesi sihloko sibonisa ukuthi “izazi”—empeleni ababhula ngezinkanyezi—zangena “endlini” zizobona uJesu, hhayi esitebeleni lapho azalelwa khona. Endlini “zambona umntwana noMariya unina.” La madoda ayexwayiswe uNkulunkulu ukuba angabuyeli kuHerode, owayefuna ukubulala uJesu. Lokho kusitshelani ngalowo owathumela lokho okubizwa ngenkanyezi?—Mathewu 2:1, 11, 12, IBhayibheli lesiZulu elivamile.

Nawe uyozuza njengoba uyifunda nezingane zakho le ncwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Inezindaba ezingu-116 ezikhuluma ngabantu nezenzakalo eziseBhayibhelini. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kulawo asekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.

□ Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela