Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/10 kk. 4-5
  • Ingabe Abantu Bangathembeka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Abantu Bangathembeka?
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimiso Eziphakeme Zokuziphatha
  • Ukwethemba Abanye Kubalulekile Ukuze Ujabule
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ingabe Kulungile Ukukopela Ukuze Uthole Amamaki Aphakeme?
    I-Phaphama!—2012
  • Kungani Abazali Bami Bengangethembi?
    I-Phaphama!—2008
  • Ungabethemba Abafowenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 10/10 kk. 4-5

Ingabe Abantu Bangathembeka?

Wayebhekwa njengengqalabutho ekwelapheni izinhlungu. Kodwa, kwase kuphele iminyaka eyishumi kusukela ngo-1996, lo dokotela obulala izinzwa uma kuhlinzwa eqamba amanga ngemiphumela yocwaningo lwakhe olwanyatheliswa ezincwadini ezethenjwayo zodokotela.

“NGIYAHLULEKA ukuqonda ukuthi kungani umuntu engenza into enje,” kusho uDkt. Steven L. Shafer, ocashunywe kuyi-Anesthesiology News.

Yini ebingenza ukuba uchwepheshe ohlonishwayo akhohlise abanye abantu? Ake ucabangele izinto ezine okungenzeka zibe yimbangela.

● Ubugovu. Embikweni we-New York Times, uDkt. Jerome Kassirer, owayengumhleli we-New England Journal of Medicine uyachaza: “Lapho abacwaningi bencike ezinkampanini [zemithi] ukuze bathole ingxenye enkulu yeholo labo, kuba nokuthambekela okukhulu kokufuna imiphumela evuna leyo nkampani abayisebenzelayo.”

● Ukuphumelela kumnyama kubomvu. Kuthiwa abafundi bezesayensi eJalimane bakhokha izinkulungwane zamaRandi befumbathisa othisha ukuze “bathole” isiqu sobuDokotela, esiwuphawu lokuphumelela kuleli zwe. Ucwaningo oluchazwe kuyi-New York Times lwembula ukuthi abafundi ababefumbathisa bathi ‘babezimisele ukulandela imithetho eqinile yokuziphatha’ ngemva kokuthola iziqu noma impumelelo.

● Ukuntula abantu abayizibonelo. Ngokuphathelene nabafundi basesikoleni esiphakeme, omunye uprofesa wacashunywa kuyi-New York Times ethi: “Singase silingeke ukuba sithi sebelahlekelwe izindinganiso zokuziphatha . . . Cishe kungcono ukuba sithi othisha babo nabeluleki kuhlanganise nomphakathi wonkana abazange basize ekwakheni nasekusebenziseni izindinganiso ezinhle zokuziphatha kusukela ekuqaleni.”

● Imikhuba engahambisani nezindinganiso ezinhle zokuziphatha. Ocwaningweni olwenziwa kubafundi abanga ngu-30 000, abangamaphesenti angu-98 bathi bakholelwa ukuthi ukwethembeka kubalulekile ebuhlotsheni nabanye abantu. Kodwa, abafundi abangu-8 kwabayishumi bavuma ukuthi babeke babakhohlisa abazali babo, kanti abangamaphesenti angu-64 bavuma ukuthi babeke bakopela lapho bebhala isivivinyo phakathi nonyaka owandulele.

Izimiso Eziphakeme Zokuziphatha

Njengoba kuphawuliwe ebhokisini elikuleli khasi, kubonakala sengathi abantu badalwa benomuzwa wokwethemba abanye abantu. Noma kunjalo, iBhayibheli lisho kufanele ukuthi “ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu kubi kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke.” (Genesise 8:21) Ungalwa kanjani nalokho kuthambekela futhi umelane negagasi lokungathembeki eligcwele yonke indawo namuhla? Izimiso zeBhayibheli ezilandelayo zingakusiza:

● “Ungacebi okubi ngomuntu wakini, lapho ehlezi nawe ezizwa elondekile.”—IzAga 3:29.

Uthando ngomakhelwane wethu lusishukumisela ukuba simfunele okuhle, singakusebenzisi kabi ukusethemba kwakhe. Lesi simiso singaqeda izinhlobo eziningi zokuxhashazwa kwabantu ngenxa yobugovu, njengokwanda kwemithi mbumbulu okuxoxwe ngakho ekuqaleni kwalolu chungechunge.

● “Iqiniso liyohlala phakade; amanga adalulwa ngokushesha.”—IzAga 12:19, “Contemporary English Version.”

Iningi namuhla likholelwa ukuthi abantu abathembekile abaphumeleli. Kodwa zibuze, ‘Yini eyigugu kakhulu—ukuthola umvuzo wesikhashana ngokushesha noma izinzuzo ezihlala njalo, kuhlanganise nokuzihlonipha?’ Umfundi angase abakhohlise abanye abenze bacabange ukuthi unolwazi noma amakhono athile ngokukopela isivivinyo esithile, kodwa kuyomhambela kanjani lapho esesebenza?

● “Olungile uhamba ebuqothweni bakhe. Ayajabula amadodana akhe ngemva kwakhe.”—IzAga 20:7.

Uma ungumzali, yiba isibonelo esihle ezinganeni zakho ‘ngokuhamba ngobuqotho.’ Zichazele ukuthi uzuze kanjani ngokulandela inkambo yokuphila ngobuqotho. Lapho izingane zibona umzali ephila ngokwethembeka, cishe nazo ziyolandela inkambo yokwethembeka.—IzAga 22:6.

Ingabe ziyasebenza ngempela izimiso zeBhayibheli ezingenhla? Ingabe basekhona abantu abathembekile namuhla?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

Ngokwephephandaba i-Figaro, iningi labantu baseFrance “licabanga ukuthi abantu abaholayo emphakathini—kwezombangazwe, kwezomnotho, kwezenhlalo nakwezamasiko—abanazo izindinganiso ezinhle, futhi alisiboni isidingo sokuthi kungani kufanele lona libe nazo.”

[Ibhokisi ekhasini 5]

INGABE SADALWA SINOKWETHEMBA?

Ucwaningo olwenziwa uMichael Kosfeld, uprofesa wezokuqondiswa kwamabhizinisi eFrankfurt University eJalimane, lwamenza waphetha ngokuthi ukwethemba abanye “kuyingxenye engokwemvelo yobuntu.” UKosfeld wathola nokuthi lapho kukhona ukukhulumisana phakathi kwabantu ababili, ingqondo yomuntu ikhiqiza i-oxytocin, okuyi-hormone ebangela ukuba umuntu abethembe abanye. Uthi: “Empeleni, ingesinye sezici ezihlukanisa abantu ezilwaneni. Uma singabethembi abanye, ngandlela-thile silahlekelwa ubuntu.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela