Abantu Ongabethemba
USantiago, ongumshayeli wetekisi e-Argentina, akazange anqikaze ngokuphathelene nokuthi yini okufanele ayenze. Lapho othile eshiye isikhwama sakhe etekisini, wavele wasibuyisela kuye. Lesi senzo sikaSantiago singase sibonakale siyinto evamile, ngaphandle nje kokuthi empeleni kulesi sikhwama kwakunemali engaphezu kuka-R237 000!
AKE ubone ngeso lengqondo izwe eligcwele abantu abathembekile! Yeka ukuthi ukuphila bekuyoshintsha kanjani! Ubungakwazi ukushiya ingane yakho nomzanyana ngaphandle kokwesaba. Ubungeke udinge izihluthulelo zendlu nezingidi zokuhluthulela iminyango. Ingabe lokho kumane kuyiphupho nje?
Imiphumela Yezindinganiso Zokuziphatha Okufanele
Umphostoli uPawulu ongumKristu washo okulandelayo ngaye nangamanye amaKristu: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Hebheru 13:18) Yilokho oFakazi BakaJehova abalwela ukukwenza. Umgomo wabo uwukulwela ukuba nezimfanelo ezichazwe eBhayibhelini ku-Isaya 33:15: “Ukhona ohamba ngokulunga okuqhubekayo nokhuluma okuqondile, owala inzuzo engenabulungisa etholakala ngokuphamba, othuntutha izandla zakhe ukuba zingabambi isifumbathiso.” Bayilandele kanjani abanye le nkambo yokwethembeka?
● ‘Khuluma okuqondile.’ UDomingo, ongomunye woFakazi BakaJehova, usebenza emasimini e-copra ePhilippines. Uthi: “Abantu abaningi abathembekile kubaqashi babo. Ngokwesibonelo, uma sebevune i-copra, abamtsheli umqashi wabo inani langempela lamasaka esivuno. Ngokwenza kanjalo, bangaweba amanye bazidayisele wona eceleni.”
UDomingo nomkhaya wakhe bacishe baxoshwa kwelinye ipulazi ngenxa yokuthi babengafuni ukuqamba amanga ngokuphathelene nesivuno. Noma kunjalo, uDomingo uthi: “Satshela umqashi wethu ukuthi ngisho noma singaxoshwa, sasingeke siwaqambe amanga. Ekugcineni, umqashi wethu wathi oFakazi BakaJehova bangabantu abalungile futhi abanokwethenjelwa, wabe esesinika indawo eyengeziwe yokulima.”
● ‘Yale inzuzo engenabulungisa.’ UPierre, isikhulu sentela esigodini esithile saseCameroon, ube namathuba amaningi okuzitholela imali ngokungathembeki. Lapho abelwa ukuba aholele izisebenzi zesikhashana, waphawula okuthile okungavamile. Uyachaza: “Kwakuholelwa abantu okwase kunesikhathi beyekile ukusebenzela inkampani noma abase befile. Kunokuba ngicabange ukuthi ngingazidlela yona le mali, ngawagcina kahle amarekhodi ezimali nemali eyayisele esisefweni.”
Waba yini umphumela? UPierre uthi, “Ngemva kweminyaka emibili, kwabalwa izimali ukuze kuhlolwe lesi simo. Ngaziqhenya kakhulu lapho ngibanika amarekhodi aqondile nemali, eyayisiyisizumbulu esikhulu. Ababali bezimali bangincoma ngokwethembeka kwami.”
● Gwema ‘ukufunjathiswa.’ Phakathi naso sonke isikhathi uRicardo ayesebenza ngaso njengommeli wokulungisa izivumelwano eRio de Janeiro, eBrazil, baningi abaye bazama ukumfumbathisa. Uyakhumbula, “Kwesinye isehlakalo, ummeli wazama ukungifumbathisa. Ngingazi, wathumela umshini wokudlala ama-CD kwami. Ngalezo zikhathi, lo mshini wawuyinto engavamile nephambili.”
Yini uRicardo ayenza? Uthi, “Mina nomkami sanquma ukuthi ngeke silivule nokulivula leli phasela. Ngaya ehhovisi lalo mmeli, ngalibeka phezu kwetafula lakhe, okuyinto eyammangalisa kakhulu. Kwaba yithuba elihle lokuba ngichaze ukuthi ngangilibuyiselani. Unobhala wakhe wahlabeka umxhwele kakhulu ngalesi senzo sami.”
Nakuba kungebona oFakazi BakaJehova kuphela abazama ukuphila ngobuqotho, baye bazuza idumela elihle lokuba abantu abathembekile. Kungaleso sizathu muva nje inkampani enkulu yezingubo ePoland isiqasha oFakazi BakaJehova kuphela. Umphathi wezokuthengisa wathi: “Yonke indawo bakhona abantu abathembekile, kodwa oFakazi BakaJehova banezimiso futhi bayabambelela kuzo.”
Ukwethembeka Naphezu Kokuba Mpofu
Ezingqondweni zabantu abaningi, ububha benza umuntu angabopheki ukuba athembeke. Ngokwesibonelo, umbiko othile we-CNN ukhuluma ngomfana waseNigeria oneminyaka engu-14 ochitha izinsuku eziningi eqola abantu kuyi-Internet. Nakhu akushoyo ukuze azithethelele, “Ufuna ngenzeni? Ngondla abakithi—udadewethu, umama [nobaba]. Umuntu kufanele aphile.”
Kuyiqiniso, iBhayibheli alibathembisi ingcebo labo abalondoloza ubuqotho, kodwa liyabaqinisekisa ukuthi bayozithola izidingo zokuphila. U-Isaya 33:16 uthi: “Ngokuqinisekile uyonikwa isinkwa sakhe; umthombo wamanzi akhe uyoba ongapheliyo.”
Nokho, abanye bangase babuze: ‘Ukwethembeka kungabasiza kanjani labo abantula kakhulu? Kuthiwani ngalabo abalwa kanzima usuku nosuku ukuze nje bathole okudliwayo?’
Cabanga ngoBerthe, umfelokazi waseCameroon onesitodlwana se-miando, umdumbula owomisiwe ohlonywe ezintini. Uthi: “Ngokuvamile, kuba nezinti zama-miando ezingu-20 ephaketheni ngalinye. Kuvamile ukuba abaninizitolo bafake ezingu-17 noma ezingu-18 emaphaketheni amaningi abawadayisayo, kodwa mina ngikhetha ukungabaqoli abantu ngenjongo yokuthola imali.”
Ingabe ibhizinisi likaBerthe liqhuba kahle? Hhayi njalo. Uthi: “Ngokuvamile kuphela usuku lonke kungathengwanga lutho. Kodwa uma ngicela ukudla kwabanye engidayisa nabo ngibatshele ukuthi angikadayisi lutho, bayanginika ngoba bayazi ukuthi ngizobakhokhela ngokushesha nje lapho senginayo imali. Bayangethemba, futhi ukwethenjwa kuyasetshenzelwa.”
UNkulunkulu Okufanele Simethembe
Ukwethemba kwethu umuntu kuyakhula lapho simbona enza ngokuvumelana namazwi akhe. UJoshuwa, umholi ka-Israyeli wasendulo, washo okulandelayo ngoNkulunkulu: “Asikho nesisodwa isithembiso esaphutha kuzo zonke izithembiso ezinhle uJehova ayezenzile . . . zagcwaliseka zonke.” (Joshuwa 21:45) Ingabe nathi sinazo izizathu zokumethemba uNkulunkulu?
Izithembiso zikaNkulunkulu zinokwethenjelwa ngempela kangangokuba ufanisa izwi lakhe nemvula. (Isaya 55:10, 11) Empeleni, yini engavimba imvula ingani, imatise umhlabathi futhi ibangele ukuba izitshalo zikhule? Ayikho! Ngendlela efanayo, akukho okungavimba uNkulunkulu ukuba agcwalise izithembiso zakhe.
Esinye salezo zithembiso silotshwe kweyesi-2 Petru 3:13, ethi: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.” Injongo kaNkulunkulu iwukususa bonke abaxhaphaza abanye abantu. Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe mayelana nokuthi uNkulunkulu uzoyifeza kanjani injongo yakhe? Thintana noFakazi BakaJehova lapho uhlala khona, noma ubhalele ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]
UKUVUZWA KWENKAMBO YOKWETHEMBEKA
ULucio, ongomunye woFakazi BakaJehova ePhilippines, wayengakhetha ukungathembeki. Wathola imali engu-R204 000 ekhabetheni lehhovisi ayecelwe ukuba alihlanze. Leli hhovisi nemali kwakungeyomphathi wakhe owayehambe ngebhizinisi. ULucio uthi: “Ngangiqala ngqa ukubona i-dollar!”
Lapho umphathi wakhe ebuya, uLucio wamnika imali yakhe. Waba yini umphumela? Uthi: “Ngaphathiswa umthwalo owengeziwe. Empeleni, umphathi wami wasitholela indawo yokuhlala mina nomkhaya wami. Nakuba ukuphila kunzima kulo lonke elasePhilippines, nginomuzwa wokuthi ngenxa yokuthi silalela imithetho yakhe, uJehova uNkulunkulu uyasinakekela.”
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
IZIKALI ZOKWETHEMBEKA
Isitolo sikaMoïse saziwa kakhulu emakethe yaseDouala, eCameroon, lapho edayisa khona izinhlanzi. Uthi, “Ngaqamba isitolo sami esincane ngokuthi Izikali, ngenxa yokuthi izikali zami ziphakathi kwezimbalwa kakhulu kuyo yonke imakethe ezisebenza ngokunembile. Ngiyazi ukuthi abantu bangivivinya njalo. Uma becela ikhilogremu lenhlanzi, ngibanika lona. Bayayithola indlela yokuyikala kwenye indawo. Uma sebeyikalile, baye bathole ukuthi ngibanike okubonakala kukuningi kunekhilogremu elilodwa! Babe sebebona ukuthi angizamanga ukubakhohlisa! Abantu abaningi bavame ukuthi kimi, ‘Sizothenga kuwe ngoba siyazi ukuthi uthembekile.’”
[Isithombe ekhasini 7]
“Satshela umqashi wethu ukuthi ngisho noma singaxoshwa, sasingeke siwaqambe amanga.”—UDomingo, ePhilippines.
[Isithombe ekhasini 7]
“Ababali bezimali bangincoma ngokwethembeka kwami.”—UPierre, eCameroon.
[Isithombe ekhasini 7]
“Ummeli wazama ukungifumbathisa. . . . Mina nomkami sanquma ukuthi ngeke silivule nokulivula leli phasela.”—URicardo, eBrazil.
[Isithombe ekhasini 7]
Ngokuvamile kuphela usuku lonke uBerthe engadayisanga lutho. Kodwa abanye adayisa nabo bayamnika ukudla ngoba bayazi ukuthi uzobakhokhela ngokushesha nje lapho esenemali.