Ukubukeza Komkhaya
Yini Engekho Kulesi Sithombe?
Funda uMarku 1:9-11. Bheka lesi sithombe. Yiziphi izinto ezingekho kuso? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi, bese udweba izinto ezingekho.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Yiziphi ezinye zezizathu ezenza amaKristu abhapathizwe?
UMKHONDO: Funda uMarku 8:34; 1 Petru 2:21; 3:21.
Ucabanga ukuthi kufanele ube mdala kangakanani ngaphambi kokuba ubhapathizwe? Kungani uphendula kanjalo?
YINI OYAZIYO NGOMPHOSTOLI UJUDA ISKARIYOTHE?
3. Yiliphi ilungelo elikhethekile uJuda ayenalo okuthiwa abanye abaphostoli babengenalo?
UMKHONDO: Funda uJohane 13:29.
․․․․․
4. Wavumela siphi isilingo uJuda?
UMKHONDO: Funda uJohane 12:6.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Ucabanga ukuthi yini eyabangela ukuba uJuda enze ubugebengu? Kunini lapho ungase ubhekane nesilingo esifanayo? Ukucabanga ngesibonelo sikaJuda kungakusiza kanjani ukuba wenze izinqumo ezinhle?
IZINGANE ZIFUNA IZITHOMBE
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
PAGE 4 Usuku ngalunye lunani eyanele lona? Mathewu 6:․․․
PAGE 9 Yini uBaba wethu wasezulwini asithembisa ukuthi ngeke ayenze? Hebheru 13:․․․
PAGE 10 Injongo kaNkulunkulu yokuqala yayiwukuba umuntu enzeni? Marku 10:․․․
PAGE 29 Abesifazane asebekhulile bangasiza abasebasha ukuba benzeni? Thithu 2:․․․
● Izimpendulo zisekhasini 17
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. UJohane uMbhapathizi.
2. Ijuba.
3. Wayenakekela imali.
4. Wayeyifuna le mali ngakho wayeyeba.