“Inqolobane Yezifundo Eziwusizo Neziyigugu”
● Umbhangqwana othile waseNew Hampshire, e-U.S.A., wabhala: “Sifisa ukunibonga ngokujulile ngezihloko eziningi enizibhalela thina esikhulisa izingane. Sinendodakazi eneminyaka emine okuthiwa uSophia, futhi sizizwa njengokungathi sithola imfundo yomuntu siqu esisiza ukuba sigxilise amaqiniso abalulekile engqondweni nasenhliziyweni yayo njengoba isencane.”
Incwadi yabo iyaqhubeka: “Incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu iyinqolobane yezifundo eziwusizo neziyigugu endodakazini yethu, nakithi imbala. Izithombe ezisesahlukweni sokugcina ziyimifanekiso emihle kakhulu yePharadesi esake sayibona! Intombazanyana yethu iziphenya njalo izibuke, ukuze ifunde ngezithembiso zeBhayibheli.”
Isahluko sokugcina sencwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu esithi “Ungaphila Ezweni Elisha LikaNkulunkulu Elinokuthula,” siziveza ngokucacile izithembiso zikaNkulunkulu ezitholakala eZwini lakhe, iBhayibheli.
Ungacela ikhophi yale ncwadi enamakhasi angu-256 alingana nawalo magazini. Mane nje ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.
[Isithombe ekhasini 32]
Lesi sithombe sitholakala ekhasini 254 lale ncwadi