Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/10 kk. 10-13
  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ziyini Izisusa Zami?
  • Ingabe Sengikulungele?
  • Ngiyaphi?
  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?
    Intsha Iyabuza
  • Ukuphila Kwakho Kuphikelelephi?
    Hlalani Nilindile!
  • Lapho Kumelwe Ubuyele Ekhaya
    I-Phaphama!—2015
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 7/10 kk. 10-13

Intsha Iyabuza

Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?

“Ngezinye izikhathi ngiye ngibe nomuzwa wokuthi abantu bangibukela phansi ngoba ngineminyaka engu-19 kodwa ngisahlala ekhaya, njengokungathi ngeke ngikhule ngihlale ngedwa.”—UKatie.a

“Sengizohlanganisa iminyaka engu-20 ubudala, kodwa angijabuli ngokuthi anginazwi endleleni ukuphila kwami okulawulwa ngayo. Ngiye ngacabangela ukuhamba ekhaya ngoba sengikhathele abazali bami abangazinaki izifiso zami belokhu bengitshela ukuthi bazi kangcono.”—UFiona.

UNGASE uqale ukuba nesifiso sokuzimela kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba ukulungele ukuhamba ekhaya. Lowo muzwa ungokwemvelo. Phela, injongo yokuqala kaNkulunkulu yayiwukuba intsha ikhule futhi ekugcineni ishiye oyise nonina izakhele eyayo imikhaya. (Genesise 2:23, 24; Marku 10:7, 8) Kodwa ingabe iqiniso lokuthi ufuna ukuba nenkululeko ethé xaxa lisho ukuthi sekuyisikhathi sokuhamba ekhaya? Mhlawumbe. Kodwa, ungazi kanjani ukuthi usukulungele ngempela yini ukuhamba ekhaya? Cabangela imibuzo emithathu ebalulekile okudingeka uyiphendule. Owokuqala uthi . . . 

Ziyini Izisusa Zami?

Ukuze uthole ukuthi ziyini izisusa zakho zokufuna ukuhamba ekhaya, bheka uhlu olulandelayo. Zibhale ngokulandelana kokubaluleka kwazo izizathu ezikwenza ufune ukuhamba.

․․․ Ukubalekela izinkinga ekhaya

․․․ Ukuthola inkululeko ethé xaxa

․․․ Ukwenza abangane bami bangihloniphe kakhudlwana

․․․ Ukusiza umngane odinga umuntu azohlala naye

․․․ Ukusiza ngomsebenzi wokuvolontiya kwenye indawo

․․․ Ukuzuza okuhlangenwe nakho

․․․ Ukunciphisa umthwalo wezimali kubazali bami

․․․ Ezinye izizathu ․․․․․

Izizathu ezishiwo ngenhla azizimbi. Nokho, isisusa sakho sokuhamba ekhaya singaba nethonya elikhulu endleleni oyojabula ngayo lapho ungasahlali nabazali bakho. Ngokwesibonelo, uma uhamba ngoba nje ubalekela izinkinga ekhaya noma ufuna inkululeko ethé xaxa, cishe kukhona okuyokushiya umangele!

UDanielle, owahamba ekhaya okwesikhashana lapho eseneminyaka engu-20, wafunda okuningi kulokho. Uthi: “Sonke kufanele siphile nezithiyo zohlobo oluthile. Uma uhlala wedwa, isimiso sakho somsebenzi noma ukuswela imali kuyokulinganisela kulokho okwenzayo.” UCarmen, owathuthela kwelinye izwe izinyanga eziyisithupha, uthi: “Ngakujabulela ukwenza kanjalo, kodwa ngangihlale nginomuzwa wokuthi anginaso isikhathi! Kwakudingeka ngenze imisebenzi evamile yasendlini—ukuhlanza indlu, ukulungisa izinto, ukulungisa ingadi, ukuwasha izingubo, ukukolobha nokunye.”

Kuyiqiniso ukuthi ukuhamba ekhaya kungase kukunike inkululeko ethé xaxa, futhi kungase kwenze abangane bakho bakuhloniphe kakhudlwana. Kodwa nguwe okufanele ukhokhe izikweleti, upheke, uhlanze indlu futhi unqume ukuthi uzokwenzani uma abangane bakho namalungu omkhaya bengekho. Ngakho ungabavumeli abanye ukuba bakwenze wenze isinqumo ngokubhuduzela. (IzAga 29:20) Ngisho noma unezizathu ezizwakalayo zokuhamba ekhaya, udinga okungaphezu nje kokuba nezisusa ezinhle. Udinga namakhono okuzinakekela—okusiholela embuzweni wesibili othi . . . 

Ingabe Sengikulungele?

Ukuhlala wedwa kunjengokuhamba ehlane. Ubungaya yini endle ungakwazi ukuhloma itende, ukubasa umlilo, ukupheka noma ukufunda ibalazwe? Cha! Nokho, intsha eningi ithutha ekhaya ingenawo amakhono adingekayo okunakekela umuzi.

Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi “okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:15) Ukuze ubone ukuthi usukulungele yini ukuhlala wedwa, cabangela izihlokwana ezilandelayo. Faka u-✔ eceleni kwamakhono osunawo kakade kanye no-X kulawo okusadingeka uwathuthukise.

◯ Ukusebenzisa imali USerena oneminyaka engu-19 uthi: “Akukaze kudingeke ukuba ngikhokhele noma yini. Ngiyesaba ukuhamba ekhaya nokwenza uhlelo lokusebenzisa eyami imali.” Ungafunda kanjani ukusebenzisa imali?

Isaga seBhayibheli sithi: “Umuntu ohlakaniphile uyolalela amukele imfundo eyengeziwe.” (IzAga 1:5) Ngakho, kungani ungabuzi abazali bakho ukuthi kungabiza malini inyanga ngayinye ngomuntu ukukhokhela indawo yokuhlala, athenge ukudla, anakekele imoto, noma akhokhele izindleko zokuhamba eyedwa? Yibe usubacela abazali bakho ukuba bakusize bakufundise indlela ongahlela ngayo imali yakho nokukhokha izikweleti. Kungani kubalulekile ukufunda ukuphila ngendlela ohlele ngayo imali? UKevin, oneminyaka engu-20, uthi: “Uma usuhlala wedwa, kuba nezindleko eziningi ongazilindele. Uma ungaqaphile, ungabulawa umsebenzi uzama ukukhokha izikweleti.”

Uzimisele yini ukubhekana neqiniso? Uma usebenza, ake unike abazali bakho imali yokudla okudlayo, ukhokhele indawo yokuhlala nezinye izindleko njalo ngenyanga okwesikhathi esithile. Uma ungakwazi noma ungazimisele ukukhokhela lezi zindleko zokunakekelwa kwakho usesekhaya, cishe uyobe ungakulungele kahle ukuhlala wedwa.—2 Thesalonika 3:10, 12.

◯ Amakhono emisebenzi yasekhaya UBrian oneminyaka engu-17 ubudala, uthi into ayesaba kakhulu ngokuhamba ekhaya ukuthi kuyofanele aziwashele. Wazi ngani uma usukulungele ukuzinakekela? U-Aron oneminyaka engu-20, usikisela lokhu: “Zama ukuqeda isonto lonke uphila njengokungathi uhlala wedwa. Yidla ukudla oziphekele kona kuphela, ozithengele kona nokukhokhele ngemali yakho. Gqoka izingubo oziwashile futhi wazi-ayina wena. Zenzele wonke umsebenzi wokuhlanza indlu, uzame nokuya ezindaweni okufanele uye kuzo ngaphandle kokuhanjiswa noma ukulandwa othile.” Ukulandela lokho kusikisela kuzokusiza ngezinto ezimbili: (1) Kuyokufundisa amakhono awusizo, (2) futhi kukwenze uwazise kakhudlwana umsebenzi owenziwa abazali bakho.

◯ Amakhono okusebenzelana nabanye Ingabe uyezwana nabazali bakho nezingane zakini? Uma kungenjalo, ungase ucabange ukuthi ukuphila kuyoba lula uma uthutha uyohlala nomngane. Mhlawumbe kuyoba njalo. Kodwa cabangela lokho okushiwo u-Eve oneminyaka engu-18: “Abangane bami ababili banquma ukuhlala ndawonye. Babengabangane abakhulu bengakahlali ndawonye, kodwa kwaba nzima ngempela ukuhlala bobabili. Omunye wayeyinono, omunye eyidlabha. Omunye wayethanda izinto ezingokomoya, kanti omunye wayengazikhonzile kangako. Akuzange kulunge nhlobo!”

U-Erin oneminyaka engu-18 ufuna ukuhamba ekhaya. Noma kunjalo, uthi: “Ungafunda okuningi ngendlela yokusebenzelana nabanye abantu lapho usahlala ekhaya. Ufunda ukuxazulula izinkinga nokuzidela. Ngiphawule ukuthi labo abahamba ekhaya ukuze bagweme ukuxabana nabazali babo bafunda ukubalekela izinkinga, hhayi ukuzixazulula.”

◯ Isimiso sokuzondla ngokomoya Abanye bahamba ekhaya ngenxa yokuthi umgomo wabo oyinhloko uwukubalekela isimiso sezinto ezingokomoya esilandelwa abazali babo. Abanye bazimisela ngokugcwele ukulondoloza isimiso esihle somuntu siqu sokutadisha iBhayibheli nokukhulekela kodwa ngokushesha bangene emikhubeni emibi. Ungakugwema kanjani ‘ukuphukelwa umkhumbi wokholo lwakho’?—1 Thimothewu 1:19.

Ungamane nje wamukele izinkolelo zabazali bakho ngaphandle kokucabanga ngazo. UJehova uNkulunkulu ufuna ukuba sonke sizitholele ngokwethu ubufakazi bezinto esizikholelwayo. (Roma 12:1, 2) Ngakho yiba nesimiso esihle somuntu siqu sokutadisha iBhayibheli nokukhulekela bese unamathela kuso. Kungani ungabhali isimiso sakho sezinto ezingokomoya ekhalendeni bese ubona ukuthi unganamathela yini kuso isikhathi esingangenyanga ngaphandle kosizo lwabazali bakho?

Okokugcina, umbuzo wesithathu okufanele uwucabangele uthi . . . 

Ngiyaphi?

Abanye abahambayo ekhaya basuke bebalekela izinkinga noma befuna ukugqashula egunyeni labazali. Bagxila kakhulu kulokho abakushiyayo hhayi ekutheni baya kuphi. Kodwa ukwenza kanjalo kuwubuwula obunjengokuzama ukushayela ube ubheke emuva. Uma umshayeli egxile kulokho akushiya ngemuva, akakuboni okuza ngaphambili. Yini esiyifundayo kulokhu? Ukuze uphumelele, ungagxili nje ekuhambeni ekhaya kuphela—gxilisa amehlo akho emgomweni onenzuzo.

Enye intsha esikhulile engoFakazi BakaJehova iye yathutha ukuze iyoshumayela kwezinye izindawo ezikude emazweni akubo ngisho nakwamanye amazwe. Enye iyathutha ukuze iyosiza ngokwakha izindawo zokukhulekela noma iyosebenza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Kanti enye inomuzwa wokuthi kufanele ihlale yodwa okwesikhashana ngaphambi kokuba ishade.b

Bhala umgomo ongathanda ukuwufinyelela ngokuhamba ekhaya. ․․․․․

Kwezinye izimo, umuntu angahlala ekhaya isikhathi eside kakhulu futhi angakufinyeleli ukuvuthwa namakhono adingekayo ukuze akwazi ukuhlala yedwa. Noma kunjalo, ungenzi isinqumo ngokubhuduzela. Cabangisisa. Isaga seBhayibheli sithi: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.” (IzAga 21:5) Lalela iseluleko sabazali bakho. (IzAga 23:22) Thandaza ngalolu daba. Njengoba wenza isinqumo, cabangela nezimiso zeBhayibheli esisanda kuxoxa ngazo.

Umbuzo wangempela awukhona ukuthi, Ingabe sengikulungele yini ukuhamba ekhaya? kodwa uwukuthi, Ingabe sengikulungele yini ukunakekela umuzi wami? Uma impendulo yombuzo wesibili inguyebo, khona-ke kungenzeka ukuthi sekuyisikhathi sokuba uhambe ekhaya.

Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

b Kweminye imiphakathi, kuyinto evamile ukuba ingane, ikakhulukazi indodakazi ihlale ekhaya ize ishade. IBhayibheli alinikezi seluleko esithe ngqo kule ndaba.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

● Ngisho noma ukuphila kwasekhaya kunzima, kungakuzuzisa kanjani ukuhlala ekhaya isikhathi esithile?

● Lapho usahlala ekhaya, yini ongayenza engakuzuzisa wena nomkhaya wakini futhi ikusize ukuba ulungele ukunakekela owakho umkhaya?

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 11]

LOKHO OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

“Uma abazali bakho bekuphathisa imithwalo yemfanelo—obuzoba nayo ukube ubuhlala wedwa—khona-ke ukuhlala ekhaya kuyindlela ephephile yokufunda ukuthi uyophila kanjani kamuva uma usuzimele.”

“Kuyinto engokwemvelo ukufuna ukuzimela. Kodwa uma umgomo wakho wokuhamba ekhaya uwukubalekela imithetho nje, konke lokho kubonisa ukuthi awukakulungeli ukuyohlala wedwa.”

[Izithombe]

USarah

U-Aron

[Ibhokisi ekhasini 13]

Okufanele Kuphawulwe Abazali

USerena, ocashunwe esihlokweni esihambisana naleli bhokisi, uyakwesaba ukuhamba ekhaya. Siyini isizathu sakhe? Uthi: “Ngisho noma ngifuna ukuthenga okuthile ngemali yami, ubaba akavumi. Uthi kuwumsebenzi wakhe lokho. Ngakho kuyangesabisa ukucabanga ukuthi kuyofanele ngizikhokhele izikweleti ngokwami.” Akungabazeki ukuthi uyise kaSerena unezisusa ezinhle, kodwa ingabe ucabanga ukuthi uyayisiza yini indodakazi yakhe ukuba ilungele ukunakekela umkhaya wayo?—IzAga 31:10, 18, 27.

Ingabe izingane zakho zitotoswa ngokweqile futhi ngenxa yalokho azikulungele ukuphila zodwa? Ungazi kanjani? Cabangela amakhono afanayo amane okukhulunywe ngawo esihlokweni, kodwa ngokombono womzali.

Ukusebenzisa imali. Ingabe izingane zakho ezindala ziyakwazi ukugcwalisa amaphepha entela noma lokho okudingeka zikwenze ukuze zihambisane nemithetho yentela? (Roma 13:7) Ingabe ziyakwazi ukunakekela izikweleti ngendlela efanele? (IzAga 22:7) Zingalwenza yini uhlelo lokusebenzisa umholo wazo bese ziphila ngalokho ezinakho? (Luka 14:28-30) Ingabe ziyayazi injabulo elethwa ukuba nento eziyithenge ngemali yazo? Ziyayazi yini injabulo enkulu nangokwengeziwe elethwa ukunikela ngesikhathi nengcebo yazo ukuze zisize abanye?—IzEnzo 20:35.

Amakhono emisebenzi yasekhaya. Ingabe amadodakazi kanye namadodana akho ayakwazi ukupheka? Usuwafundisile yini ukuwasha noku-ayina izingubo zokugqoka? Uma izingane zakho zinezimoto, ziyakwazi yini ukwenza imisebenzi elula yokuzinakekela, njengokushintsha izibani, uwoyela noma isondo eliphantshile?

Amakhono okusebenzelana nabanye. Uma izingane zakho esezikhulile zixabana, ingabe njalo uyazilamula, uzitshele ikhambi lenkinga eliwujuqu? Noma ingabe usuziqeqeshile ukuba zithole isixazululo senkinga ngokuthula bese zikutshela ukuthi ziyixazulule kanjani?—Mathewu 5:23-25.

Isimiso sokuzondla ngokomoya. Ingabe utshela izingane zakho ukuthi yini okufanele ziyikholelwe, noma ingabe uzithonya ngokubeka izizathu? (2 Thimothewu 3:14, 15) Esikhundleni sokuba njalo uphendule imibuzo yazo ephathelene nenkolo nokuziphatha, ingabe uyazifundisa ukuhlakulela “ikhono lokucabanga” ‘nokuqeqesha amandla azo okuqonda ukuze zihlukanise okulungile nokungalungile’? (IzAga 1:4; Hebheru 5:14) Ungathanda yini ukuba zilandele isimiso sakho sokutadisha iBhayibheli, noma ufuna ukuba zenze okuthile okungcono?

Akungabazeki ukuthi ukuqeqesha izingane zakho kulezi zici ezingenhla kudinga isikhathi nomzamo omkhulu. Kodwa imivuzo iyoba mihle kakhulu mhla kufika olungaliyo lokuba uzivalelise.

[Isithombe ekhasini 12]

Ukuhamba ekhaya kunjengokuhamba ehlane—kudingeka ufunde amakhono azokugcina uphila ngaphambi kokuba uqale uhambo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela