Ukuphila Kwakho Kuphikelelephi?
• Abantu abaningi baxinwe izinto zansuku zonke kangangokuthi abacabangi kangako ngokuthi ukuphila kwabo kuphikelelephi.
• IBhayibheli lisitshela ukuthi kunezinto ezinhle kakhulu ezisazokwenzeka. Lixwayisa nangokuthi embulungeni yonke kuzoba nezixakaxaka ezinhlanganweni ezimiswe abantu. Ukuze thina sisizakale futhi singawatholi amachaphazelo, kudingeka siphuthume sithathe izinyathelo ezisheshayo.
• Kunabantu abakwaziyo okushiwo iBhayibheli futhi bazame ukukwenza kodwa bese bevumela izinkathazo zokuphila zibachezukise.
• Ingabe wena uyajabula uma ubona lapho ukuphila kwakho kuya khona? Ngesikhathi uhlela izinto ozozenza, uye ucabange yini ngokuthi zizoyithinta kanjani imigomo yakho yesikhathi esizayo?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9]
Yini Ebaluleke Kakhulu Kuwena?
Kulezi zinto ezilandelayo, iyiphi ongathi ibaluleke kakhulu kunezinye? Awuzilandelanise zonke ngokubaluleka kwazo.
Eziningi zazo ziyadingeka ekuphileni, kodwa uma sekudingeka ukhethe, iyiphi eza kuqala? iyiphi eza isibili? njalo njalo.
․․․ Ezokuzijabulisa/ezikaqed’ isizungu
․․․ Umsebenzi wami wokuziphilisa
․․․ Impilo yami
․․․ Ukuba ngijabule
․․․ Umuntu engishade naye
․․․ Abazali bami
․․․ Izingane zami
․․․ Indlu kanokusho, izingubo ezinhle
․․․ Ukuphuma phambili kukho konke engikwenzayo
․․․ Ukukhulekela uNkulunkulu
[Ibhokisi ekhasini 10, 11]
Ingabe Lokho Okukhethayo Kukuyisa Lapho Ufuna Ukuya Khona Ngempela?
CABANGA NGALE MIBUZO
EZOKUZIJABULISA/EZIKAQED’ ISIZUNGU: Ingabe izinto engikhetha ukuzilibazisa ngazo ziyangivuselela? Ingabe zihlanganisa ukwenza izinto eziyingozi ezingafaka impilo yami engozini noma zingikhubaze nokungikhubaza? Ingabe kusuke “kuwukudlala” okungivusa amadlingozi mhlawumbe amahora ambalwa kodwa okungangibangela usizi olungapheli? Ngisho noma ngikhetha ukuzijabulisa ngezinto ezinhle, ingabe ngichitha isikhathi esiningi kakhulu kuzo zize zidle isikhathi sezinto ezibalulekile kunazo?
UMSEBENZI WAMI WOKUZIPHILISA: Ingabe ngiziphilisa ngawo noma ngiyisigqila sawo? Ingabe ungikhandla kangangokuthi nempilo yami isengozini? Ngingancamela ukusebenza isikhathi esengeziwe emsebenzini kunokuchitha isikhathi nginomngane wami womshado noma izingane zami? Uma umqashi wami engiphoqa ukuba ngenze umsebenzi ongqubuzana nonembeza wami noma ongincisha isikhathi sezinto ezingokomoya njalo, ngizowenza yini lowo msebenzi ukuze ngingadilizwa?
IMPILO YAMI: Ingabe anginandaba nayo, noma ngihlala ngiyigadile? Iyona yini engixoxa ngayo njalo? Indlela engiyinaka ngayo iyabonisa yini ukuthi ngiyawukhathalela umkhaya wami?
UKUBA NGIJABULE: Ingabe yilokhu engicabanga ngakho kuqala? Ikona yini okuza kuqala kunenjabulo yomngane wami womshado noma umkhaya wami? Ingabe indlela engifuna ngayo injabulo iyahambisana nokuba umkhulekeli kaNkulunkulu weqiniso?
UMNGANE WAMI WOMSHADO: Ingabe ngimbheka njengongumngane wami kuphela uma ngithanda ukumbheka kanjalo? Ingabe ngiyamhlonipha umngane wami womshado, ngiyabonisa ukuthi unesithunzi? Ukukholelwa kwami kuNkulunkulu kuyayithinta yini indlela engibheka ngayo umngane wami womshado?
ABAZALI BAMI: Uma ngisemncane, ngiyabalalela yini abazali bami—ngibaphendule ngenhlonipho, ngenze imisebenzi abangithume yona, ngibuyele ekhaya ngesikhathi abasibekile, ngigweme abangane nezinto abangixwayisa ngazo? Uma sengimdala, ingabe ngibalalela ngenhlonipho abazali bami, ngibanikeze usizo olufanele uma beludinga? Ingabe indlela engibaphatha ngayo iya ngokuthi ngizizwa kanjani noma ibuswa iseluleko seZwi likaNkulunkulu?
IZINGANE ZAMI: Ingabe kuwumsebenzi wami ukufundisa izingane zami isimilo, noma ngilindele ukuba kube izikole ezizifundisayo? Ngiyasichitha yini isikhathi nginezingane zami noma ngilindele ukuba amathoyizi, i-TV, noma i-computer izigcine zenza okuthile? Ingabe ngiyaziyala izingane zami njalo lapho zingazinaki izikhumbuzo zikaNkulunkulu, noma ngiziyala ikakhulu uma zingicasulile?
INDLU KANOKUSHO, IZINGUBO EZINHLE: Yini enqumayo ukuthi ngizozilungisa kanjani nokuthi ngizoba nempahla enjani—igama engifuna ukuzenzela lona komakhelwane? inhlalakahle yomkhaya wami? ukuthi ngingumkhulekeli kaNkulunkulu?
UKUPHUMA PHAMBILI KUKHO KONKE ENGIKWENZAYO: Ingabe nginomuzwa wokuthi kubalulekile ukuzenza kahle izinto? Ingabe ngilwela ukuba ngcono kunabanye? Ngiyacikeka yini uma othile enza okuthile kangcono kunami?
UKUKHULEKELA UNKULUNKULU: Ingabe okubaluleke kakhulu kimina ukwamukelwa uNkulunkulu kunokwamukelwa umngane wami womshado, izingane zami, abazali bami, noma umqashi wami? Ukuze ngiqhubeke ngiphila ntofontofo, ingabe ngiyoncamela ukugudluza inkonzo kaNkulunkulu ize isibili?
SICABANGISISE KAHLE ISELULEKO SEBHAYIBHELI
UNkulunkulu unayiphi indawo ekuphileni kwakho?
UmShumayeli 12:13: “Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.”
ZIBUZE: Ingabe ukuphila kwami kubonisa ukuthi izinto ngizibheka ngale ndlela? Ingabe ukulalela imiyalo kaNkulunkulu yikona okunquma indlela engenza ngayo imisebenzi ekhaya, emsebenzini, noma esikoleni? Noma ingabe ezinye izinto noma izingcindezi zokuphila yizona ezinquma ukuthi ngiyasibeka yini eceleni isikhathi sikaNkulunkulu noma cha?
Bunjani ubuhlobo bakho noNkulunkulu?
IzAga 3:5, 6: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”
Mathewu 4:10: “NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.”
ZIBUZE: Ngizizwa kanjalo yini mina ngoNkulunkulu? Ingabe izinto engizenza mihla yonke, kanye nendlela engisingatha ngayo izimo ezibucayi ibonisa loko kumethemba nokuzinikela?
Kubaluleke kangakanani kuwena ukufunda iBhayibheli nokulitadisha?
Johane 17:3: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”
ZIBUZE: Ingabe ukubaluleka engikubeka ekufundeni iZwi likaNkulunkulu nokucabanga ngalo ngijule kubonisa ukuthi ngiyakukholelwa ngempela lokhu?
Kubaluleke kangakanani kuwena ukuba khona emihlanganweni yebandla lobuKristu?
Hebheru 10:24, 25: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, . . . futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.”
IHubo 122:1: “Ngajabula lapho bethi kimi: ‘Masiye endlini kaJehova.’”
ZIBUZE: Ingabe indlela engiphila ngayo ibonisa ukuthi ngiyasazisa lesi siqondiso esiseZwini likaNkulunkulu? Phakathi nenyanga edlule, ukhona yini umhlangano wobuKristu ongiphuthile ngoba ngisuke ngavumela okuthile kwangincisha isikhathi sawo?
Uyakushisekela yini ukuxoxela abanye ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe?
Mathewu 24:14: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi . . . , khona-ke ukuphela kuyofika.”
Mathewu 28:19, 20: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”
IHubo 96:2: “Hlabelelelani uJehova, tusani igama lakhe. Usuku nosuku khulumani ngezindaba ezinhle zensindiso yakhe.”
ZIBUZE: Ingabe lo msebenzi usendaweni ewufanele ekuphileni kwami? Ingabe izinga engiwenza ngalo libonisa ukuthi ngiyaqonda ukuthi zibucayi kangakanani izikhathi esiphila kuzo?