Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 7 kk. 49-54
  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ziyini Izisusa Zami?
  • Ingabe Sengikulungele?
  • Ngiyaphi?
  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?
    I-Phaphama!—2010
  • Ngingayisebenzisa Kanjani Imali Yami?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ukubhujiswa KweSodoma NeGomora
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Ngingasisebenzisa Kanjani Ngokuhlakanipha Isikhathi Sami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 7 kk. 49-54

ISAHLUKO 7

Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?

“Ngezinye izikhathi ngiye ngibe nomuzwa wokuthi abantu bangibukela phansi ngoba ngineminyaka engu-19 kodwa ngisahlala ekhaya, njengokungathi ngiyoze ngibe mdala ngoba sengihlala ngedwa.”—UKatie.

“Sengizohlanganisa iminyaka engu-20 ubudala, kodwa kuyangidina ukuthi angikwazi ukuziphilela ngendlela engi-yithandayo. Ngiye ngacabanga ukuhamba ekhaya.”—UFiona.

UNGASE uqale ukuba nesifiso sokuzimela kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba ukulungele ukuhamba ekhaya. Lowo muzwa ungokwemvelo. Phela, njengoba sifundile eSahlukweni 3, injongo kaNkulunkulu ekuqaleni yayiwukuba intsha ikhule futhi ekugcineni ishiye abazali izakhele eyayo imizi. (Genesise 2:23, 24; Marku 10:7, 8) Kodwa ungazi kanjani ukuthi usukulungele ngempela ukuhamba ekhaya? Cabangela imibuzo emithathu ebalulekile okudingeka uyiphendule. Owokuqala uthi . . . 

Ziyini Izisusa Zami?

Bheka uhlu olulandelayo. Zilandelanise ngokubaluleka kwazo izizathu ezikwenza ufune ukuhamba.

․․․․․ Ukubalekela izinkinga ekhaya

․․․․․ Ukuthola inkululeko ethé xaxa

․․․․․ Ukwenza abangane bami bangihloniphe

․․․․․ Ukusiza umngane odinga umuntu azohlala naye

․․․․․ Ukusiza ngomsebenzi wokuzithandela kwenye indawo

․․․․․ Ukufunda ukuziphilela ngedwa

․․․․․ Ukunciphisa izindleko zabazali bami

․․․․․ Ezinye izizathu ․․․․․

Izizathu ezishiwo ngenhla azizimbi. Kodwa nawu umbuzo, Siyini isisusa sakho? Ngokwesibonelo, uma uhamba ngoba nje ufuna inkululeko ethé xaxa, cishe iyokusa inkungu!

UDanielle, owahamba ekhaya okwesikhashana lapho eseneminyaka engu-20, wafunda okuningi kulokho. Uthi: “Sonke kufanele siphile nemingcele yohlobo oluthile. Uma uhlala wedwa, isimiso sakho somsebenzi noma ukuswela imali kuyokulinganisela kulokho ofuna ukukwenza.” UCarmen, owathuthela kwelinye izwe izinyanga eziyisithupha, uthi: “Ngakujabulela ukuhlala kwelinye izwe, kodwa ngangihlale nginomuzwa wokuthi anginaso isikhathi! Kwakudingeka ngenze imisebenzi evamile yasendlini—ukuhlanza indlu, ukulungisa izinto, ukulungisa ingadi, ukuwasha izingubo, ukukolobha nokunye.”

Ungabavumeli abanye ukuba bakwenzise isinqumo ngokuxhamazela. (IzAga 29:20) Ngisho noma unezizathu ezizwakalayo zokuhamba ekhaya, ngeke kukusize ukuba nezisusa ezinhle kuphela. Udinga namakhono okuziphilisa—okusiholela embuzweni wesibili othi . . . 

Ingabe Sengikulungele?

Ukuhlala wedwa kunjengokuhamba ogwadule. Ubungahamba yini ogwadule ungakwazi ukuhloma itende, ukubasa umlilo, ukupheka noma ukufunda ibalazwe? Cha! Nokho, intsha eningi ithutha ekhaya ingenawo amakhono adingekayo okuphatha umuzi.

Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi “okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:15) Ukuze ubone ukuthi usukulungele yini ukuhlala wedwa, cabangela amaphuzu alandelayo. Faka u-✔ eceleni kwamakhono osunawo kakade, ufake u-X kulawo okusadingeka uwathuthukise.

□ Ukusebenzisa imali: USerena oneminyaka engu-19 uthi: “Akukaze kudingeke ngizikhokhele izindleko. Ngikhathazwa ukuthi uma ngihamba ekhaya kuzodingeka ngizenzele uhlelo lokusebenzisa imali.” Ungafunda kanjani ukusebenzisa imali?

Isaga seBhayibheli sithi: “Umuntu ohlakaniphile uyolalela amukele imfundo eyengeziwe.” (IzAga 1:5) Ngakho, kunganjani ubuze abazali bakho ukuthi kungabiza malini isonto ngalinye ngomuntu ukukhokhela indawo yokuhlala, athenge ukudla, anakekele imoto noma akhokhele izindleko zokuhamba ngezinto zomphakathi? Yibe usucela abazali bakho ukuba bakufundise indlela ongahlela ngayo imali yakho nokukhokha izikweletu.a

□ Amakhono emisebenzi yasekhaya: UBrian oneminyaka engu-17 ubudala, uthi into emkhathaza kakhulu ngokuhamba ekhaya ukuthi kuyofanele aziwashele. Wazi ngani uma usukulungele ukuzinakekela? U-Aron oneminyaka engu-20 usikisela lokhu: “Zama ukuqeda isonto lonke uphila njengokungathi uhlala wedwa. Yidla ukudla oziphekele kona kuphela, ozithengele kona nokukhokhele ngemali yakho. Gqoka izingubo oziwashele zona futhi wazi-ayina wena. Zenzele wonke umsebenzi wokuhlanza indlu. Zama ukuziyela ezindaweni okudingeka uye kuzo ngaphandle kokuhanjiswa noma ukulandwa othile.” Ukwenza kanjalo kuzokusiza ngezinto ezimbili: (1) Kuyokufundisa amakhono awusizo futhi (2) kuyokwenza uwazise ngokwengeziwe umsebenzi owenziwa abazali bakho.

□ Amakhono okusebenzelana nabanye: Ingabe uyezwana nabazali bakho nezingane zakini? Uma ningezwani, ungase ucabange ukuthi ukuphila kuyoba lula uma uthutha uyohlala nomngane wakho. Kodwa cabangela lokho okushiwo u-Eve oneminyaka engu-18: “Abangane bami ababili banquma ukuhlala ndawonye. Babengabangane abakhulu bengakahlali ndawonye, kodwa izinto azihambanga kahle lapho sebehlala bobabili. Omunye wayeyinono, omunye eyidlabha. Omunye wayethanda izinto ezingokomoya, omunye engazikhonzile kangako. Akuzange kulunge nhlobo!”

Liyini ikhambi? U-Erin oneminyaka engu-18 uthi: “Kuningi ongakufunda ngokusebenzelana nabanye abantu lapho usahlala ekhaya. Ufunda ukuxazulula izinkinga nokubonelela. Ngiphawule ukuthi izingane ezihamba ekhaya ukuze zigweme ukuxabana nabazali bazo zifunda ukubalekela izinkinga, hhayi ukuzixazulula.”

□ Isimiso sokuzondla ngokomoya: Abanye bahamba ekhaya ngenjongo yokubalekela isimiso sezinto ezingokomoya sabazali babo. Abanye basuke bezimisele ngokugcwele ukulondoloza isimiso esihle somuntu siqu sokutadisha iBhayibheli nokukhulekela kodwa ngokushesha bangene emikhubeni emibi. Ungakugwema kanjani ‘ukuphukelwa umkhumbi wokholo lwakho’?b—1 Thimothewu 1:19.

UJehova uNkulunkulu ufuna sonke sizitholele ngokwethu ubufakazi bezinto esizikholelwayo. (Roma 12:1, 2) Yiba nesimiso esihle somuntu siqu sokutadisha iBhayibheli nokukhulekela bese unamathela kuso. Bhala isimiso sakho sezinto ezingokomoya ekhalendeni bese ubona ukuthi unganamathela yini kuso isikhathi esingangenyanga ngaphandle kokuba abazali bakho bakugqugquzele.

Okokugcina, umbuzo wesithathu okufanele uwucabangele uthi . . .

Ngiyaphi?

Ingabe ufuna ukuhamba ekhaya ukuze ubalekele izinkinga? Noma ufuna ukukhululeka egunyeni labazali? Uma kunjalo, ugxile kulokho okushiya ngemuva hhayi lapho uya khona. Ukwenza kanjalo kuwubuwula njengokuzama ukushayela ube ubheke isibuko esibonisa emuva—unake kakhulu izinto ozishiya emuva, awuboni lapho uya khona. Sifundani kulokhu? Ungagxili nje ekuhambeni ekhaya kuphela—gxilisa amehlo akho emgomweni onenzuzo.

Enye intsha esikhulile engoFakazi BakaJehova iye yathutha ukuze iyoshumayela kwezinye izindawo emazweni akubo ngisho nakwamanye amazwe. Enye iyathutha ukuze iyosiza ngokwakha izindawo zokukhulekela noma iyosebenza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Kanti enye inomuzwa wokuthi kufanele ihlale yodwa okwesikhashana ngaphambi kokuba ishade.c

Kungakhathaliseki ukuthi umgomo wakho uyini, cabangisisa ngawo. Isaga seBhayibheli sithi: “Ngokuqinisekile amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.” (IzAga 21:5) Lalela iseluleko sabazali bakho. (IzAga 23:22) Thandaza ngalolu daba. Njengoba wenza isinqumo, cabangela nezimiso zeBhayibheli esisanda kuxoxa ngazo.

Umbuzo wangempela awukhona ukuthi, Ingabe sengikulungele yini ukuhamba ekhaya? kodwa uwukuthi, Ingabe sengikulungele yini ukuphatha umuzi wami? Uma impendulo yombuzo wesibili inguyebo, khona-ke kungenzeka ukuthi usukulungele ukuba uhambe ekhaya.

[Imibhalo yaphansi]

a Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka uMqulu 2, iSahluko 19.

b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka uMqulu 2, iZahluko 34 no-35.

c Kwezinye izindawo, kuyinto evamile ukuba ingane, ikakhulukazi intombazane, ihlale ekhaya ize ishade. IBhayibheli alinikezi seluleko esithé ngqo kule ndaba.

UMBHALO OYINHLOKO

“Indoda iyoshiya uyise nonina.”—Mathewu 19:5.

ICEBISO

Okwesikhathi esithile, nikeza abazali bakho yonke imali yokudla okudlayo, indawo yokuhlala nezinye izindleko. Uma ungakwazi noma ungazimisele ukukhokhela izindleko zakho usahlala ekhaya, kusho ukuthi awukakulungeli nhlobo ukuhamba ekhaya.

UBUWAZI . . . ?

Isisusa sokushiya kwakho ikhaya singanquma izinga oyojabula ngalo uma usuhlala wedwa.

ENGIZOKWENZA!

Injongo yokuhamba kwami ekhaya iwukuba ngi- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Ngisho noma ukuphila komkhaya wakini kunzima, ukuhlala ekhaya isikhathi esithile kungakusiza kanjani?

● Lapho usahlala ekhaya, yini ongayenza eyosiza umkhaya wakini futhi isize nawe ukuba uzilungiselele ukuphatha umuzi wakho?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 52]

“Kungokwemvelo ukufuna ukuzimela. Kodwa uma isisusa sokuhamba siwukubalekela imithetho, kusho ukuthi awukakulungeli ngempela ukuhamba ekhaya.”—U-Aron

[Isithombe emakhasini 50, 51]

Ukushiya ikhaya kufana nokuhamba ogwadule—kudingeka ufunde amakhono okuziphilisa ngaphambi kokuqala uhambo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela