Ukubukeza Komkhaya
Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
Funda u-Eksodusi 12:1-8, 17-20, 24-27; Marku 14:12, 22-26; Johane 13:1, 21-30 bese ubheka isithombe seSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Yini enganembile kuso? Bhala izimpendulo emigqeni engezansi.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Kungani uJesu asebenzisa isinkwa esingenamvubelo ethi simelela umzimba wakhe?
UMKHONDO: Funda eyoku-1 Korinte 5:6-8; Hebheru 4:14, 15.
YINI OYAZIYO NGENKOSI USOLOMONI?
4. Wayengubani unina kaSolomoni?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 Samuweli 12:24.
․․․․․
5. Mangaki amanye amadodana uDavide nonina kaSolomoni ababa nawo?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 Samuweli 11:26, 27; 1 IziKronike 3:5.
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Kungani uSolomoni ayehlakaniphe kangaka?
UMKHONDO: Funda eyoku-1 AmaKhosi 3:5-14.
Ungakuthola kanjani ukuhlakanipha?
IZINGANE ZIFUNA IZITHOMBE
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 19 Ukuzindla ngezinto ngasese kuwuphawu lwani? IzAga 1:․․․
IKHASI 19 UJesu weluleka abafundi bakhe ukuba bathandaze bekuphi? Mathewu 6:․․․
IKHASI 28 Yini “imibhalo engcwele” ekwazi ukuyenza? 2 Thimothewu 3:․․․
IKHASI 29 Yini “induduzo evela emiBhalweni” engasinikeza yona? Roma 15:․․․
● Izimpendulo zisekhasini 14
IZIMPENDULO ZEMBUZO ESEKHASINI 31
1. Kufanele kube nabaphostoli abangu-11 kuphela, hhayi abangu-12.
2. Isinkwa kufanele singabi namvubelo ngakho kufanele sibe yisicaba, singakhukhumali.
3. Inyama kwakungeyemvu, hhayi eyengulube.
4. UBhati-sheba.
5. UDavide noBhati-sheba baba namanye amadodana amane ngaphandle kukaSolomoni.