UJesu Wanikela Ngokuphila Kwakhe Ngenxa Yabaningi
UJesu watshela abafundi bakhe ukuthi akezanga emhlabeni ukuze ‘azokhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Wanikela ukuphila kwakhe ngokuzithandela ukuze kuzuze abanye.
Waba kanjani yisihlengo uJesu ngokufa kwakhe? Kungani kwakudingeka lokhu? Wakunikelela obani ukuphila kwakhe? Kungasho ukuthini ukufa kwakhe kuwe?
OFakazi BakaJehova bayakumema ukuba uhlanganyele ekuhloleni izimpendulo eziseBhayibhelini zale mibuzo. Kulo nyaka ukukhunjulwa kokufa kukaJesu kuzoba ngoLwesibili, ngo-March 30, ngemva kokushona kwelanga. Kuleso senzakalo, kuyonikezwa izimpendulo ezingokomBhalo zale mibuzo engenhla.
Ungaya eHholo LoMbuso eliseduze nalapho uhlala khona. Sicela uxhumane noFakazi BakaJehova endaweni yakini ukuze uthole isikhathi esifanele nendawo.