Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/09 k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuvunjululwe Igama EliseBhayibhelini
  • Kusetshenziswa Ubuchwepheshe Ekwambuleni Ubugebengu
  • Izinyoni Okuthiwa Ama-magpie Ziyakwazi Ukuzibona
  • Ingabe I-magpie Iyisela Ngempela?
    I-Phaphama!—1994
  • Uphawu ‘LukaJukhali’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Liyini Ikusasa Lamaphoyisa?
    I-Phaphama!—2002
  • Ukuvikelwa Amaphoyisa—Amathemba Nokwesaba
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 6/09 k. 29

Ukubuka Okwezwe

◼ “Sibhekene nenkinga enkulu [inhlekelele yezombangazwe eGeorgia] . . . UNkulunkulu unathi futhi iNcasakazi uMariya izosivikela, kodwa yinye into esikhathaza kakhulu—ukuthi amaRashiya angama-Orthodox adubula abaseGeorgia abangama-Orthodox ngamabhomu.”—UMFUNDISI WAMAKATOLIKA ASEGEORGIA U-ILLIA II.

◼ “Inani labantu abaya kudokotela beyofuna iphilisi lokuvimbela inzalo ezimweni eziphuthumayo liye laphindeka kathathu kulezi zinyanga eziyisithupha ezidlule, [futhi] ukudayiswa kwalo kuye kwanda ngamaphesenti angaphezu kuka-200 kusukela ngo-2004. . . . Inani lezingcingo ezingenayo liba phezulu ngeMisombuluko. Abaningi abashayayo kusuke kuyintsha.”—I-CLARÍN, E-ARGENTINA.

◼ Abantu abasebenzisa omakhalekhukhwini eMelika abaneminyaka ephakathi kwengu-13 nengu-17 “bathumela noma bamukela imiyalezo engaba ngu-1 742 ngenyanga umuntu ngamunye engxenyaneni yesibili [ka-2008].”—I-NEW YORK TIMES, E-U.S.A.

◼ “Izifo zengqondo zithinta cishe amaphesenti angu-12 abantu emhlabeni.”—I-WORLD FEDERATION FOR MENTAL HEALTH, E-U.S.A.

◼ “Cishe umuntu oyedwa kwabahlanu abadala eYurophu uke wayibhema [insangu] esikhathini esithile ekuphileni kwakhe.”—I-EUROPEAN MONITORING CENTRE FOR DRUGS AND DRUG ADDICTION, EPORTUGAL.

Kuvunjululwe Igama EliseBhayibhelini

Abavubukuli ababemba eMzini KaDavide eJerusalema lasendulo bathole isigxivizo sobumba, noma i-bulla, esineminyaka engu-2 600, esinegama “likaGedaliya indodana kaPhashuri.” UGedaliya kukhulunywa ngaye eBhayibhelini kuJeremiya 38:1, njengoba kunjalo ngoYehukhali—okuthiwa “uJukali [okuwukufushaniswa kwelithi Jehukhali] indodana kaShelemiya”—igama lakhe elatholakala esigxivizweni endaweni efanayo ngo-2005. Womabili la madoda ayeyizikhulu esigodlweni seNkosi uSedekiya. I-Jerusalem Post iyabika: “Lokhu kungokokuqala ngqa ezincwadini zemivubukulo yakwa-Israyeli ukuba kutholakale izigxivizo ezimbili zobumba ezinamagama amabili aseBhayibhelini evesini elifanayo.”

Kusetshenziswa Ubuchwepheshe Ekwambuleni Ubugebengu

UMnyango Wamaphoyisa WaseNew York uthola izingcingo eziningi eziphuthumayo ezivela ezakhamuzini. Intuthuko kwezobuchwepheshe muva nje ikwenze kwaba nendlela yokuxhumana namaphoyisa ngokuwabhalela umyalezo. I-New York Times iyabika: “Manje izakhamuzi zikhuthazwa ukuba zithwebule izenzo zobugebengu ngomakhalekhukhwini bese zithumela lawo ma-video emaphoyiseni.” Leli phephandaba lithi kuthathwa nezinyathelo “zokusiza iReal Time Crime Center ukuba ithumele izithombe kuzo zonke izimoto zamaphoyisa endaweni okwenziwe kuyo ubugebengu.”

Izinyoni Okuthiwa Ama-magpie Ziyakwazi Ukuzibona

Umbiko we-Reuters uthi: “Bekucatshangwa ukuthi yizinkawu, amahlengethwa nezindlovu kuphela ezikwazi ukubona imizimba yazo esibukweni njengabantu.” Manje, izinyoni zase-Eurasia okuthiwa ama-magpie sezifakwe kuleli “qembu,” okwakucatshangwa ukuthi liyingqayizivele. Abacwaningi baphawula imizimba yama-magpie ngechashazi elinombala elibonakala kuphela phambi kwesibuko. Lo mbiko uthi: “Lezi zinyoni zaziluphala kaningi lolu phawu olusemzimbeni, okubonisa ukuthi zaziqaphela ukuthi kwakuyizo ezibonakala esibukweni hhayi esinye isilwane.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela