Siza Izingane Zakho Zibe Nesiqalo Esihle Ekuphileni
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ECANADA
◼ “Ithelevishini ingaba ithuluzi elihle lokufunda,” kusho umbiko we-New York Times. Kodwa, “ukuhlala phambi kwayo ungenzi lutho amahora amaningi kuyayilimaza imizimba nezingqondo zezingane,” kuziphuce amathuba okuthuthukisa ukusebenza kwengqondo, ukufunda nokusebenzelana nabanye.
Ngemva kokuhlaziya imikhuba yokubukela ithelevishini yezingane ezingu-2 500, abacwaningi baseChildren’s Hospital eSeattle, eWashington, e-U.S.A., “bathola ukuthi uma ojahidada abanonyaka kuya kwemithathu ubudala bebuka i-TV kakhulu, ziyanda izinkinga zokungakwazi ukugxilisa ingqondo lapho sebeneminyaka engu-7 ubudala,” ngokusho kwaleli phephandaba. Izingane ezinjalo zinolaka futhi azinaso isineke, kanti azikwazi nokugxilisa ingqondo isikhathi eside. Ngokwesazi sokusebenza kwengqondo kwezemfundo uDkt. Jane M. Healy, “abazali abaningi abanezingane okwatholakala ukuthi azikwazi ukugxilisa ingqondo bathola ukuthi le nkinga iyadamba kakhulu ngemva kokuzinqabela ukuba zibukele ithelevishini.”
Yini abazali abangayenza ukuze banciphise isikhathi esichithwa yizingane zabo zibukele ithelevishini? Lo mbiko wanikeza ukusikisela okulandelayo: Beka imingcele yokuthi ingane yakho ingayibukela nini ithelevishini futhi isikhathi esingakanani usuku ngalunye. Gwema ukusebenzisa ithelevishini njengomnakekeli wezingane. Kunalokho, hilela ingane yakho emisebenzini yasendlini eminingi ngangokunokwenzeka. Khetha izinhlelo ingane engazibukela, futhi uyicime ithelevishini uma seziphelile lezo zinhlelo. Uma kungenzeka, bukela izinhlelo ozikhethile nayo futhi nixoxe ngalokho enikubonayo. Ekugcineni, nawe nciphisa isikhathi osichitha ubukele ithelevishini.
Ukukhuthaza ukusebenza kwengqondo namakhono okusebenzelana nabanye ezinganeni kudinga isikhathi nokuzimisela. Imiphumela emihle etholakalayo iwufanele umzamo. Lokhu kufakazelwa isaga sasendulo esithi: “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.” (IzAga 22:6) Ingxenye ebalulekile yokuqeqesha okunjalo ihilela ukufundisa izingane ngezindinganiso ezifanele zokuziphatha.
OFakazi BakaJehova bayisebenzisa ngokuphumelelayo incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu ekugxiliseni izifundo zokuziphatha okufanele ezinganeni zabo. Yebo, ukukhulumisana okuhle nokunaka okunothando kwabazali lapho ingane isencane ngokuqinisekile kuletha imivuzo ehlala njalo. Yini engaletha ukwaneliseka okungaphezu kokuba abazali babone izingane zabo zikhula ziba abantu abadala abahlonishwayo nabanokwethenjelwa?