Ubungaphendula Kanjani?
Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
Funda uJoshuwa 2:15-18; 6:15-21; 7:1, 20, 21. Bheka lesi sithombe. Yini enganembile kuso? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
4. ․․․․․
ENINGAXOXA NGAKO:
Kubaluleke kangakanani ukungayithathi into yomunye umuntu?
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 5 UDaniyeli wayaziwa ngani? Daniyeli 6:․․․
IKHASI 6 Yini okufanele uyazise bonke abantu? Filipi 4:․․․
IKHASI 28 Abantu bebonke kufanele bawubheke kanjani umshado? Hebheru 13:․․․
IKHASI 28 Lapho isifiso sesakhekile, sizalani? Jakobe 1:․․․
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Yini Oyaziyo Ngabaprofethi?
Funda eyesi-2 IziKronike 18:1–19:3 bese uphendula imibuzo elandelayo.
5. ․․․․․
Lalingubani igama lomprofethi owayezondwa iNkosi u-Ahabi?
6. ․․․․․
U-Ahabi wayemzondelani lowo mprofethi?
7. ․․․․․
Yini umprofethi ayitshela u-Ahabi, futhi wasabela kanjani?
ENINGAXOXA NGAKO:
Kunini lapho kungase kudingeke khona ukuba ulingise isibindi salo mprofethi?
◼ Izimpendulo zisekhasini 14
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Izindonga zaseJeriko zawa ngaphambi kokuba ama-Israyeli ahlasele.
2. Intambo eyehliswa uRahabi yayingeluhlaza kodwa yayibomvu.
3. U-Akhani weba ingubo, igolide namashekeli esiliva, hhayi isithombe.
4. Akuzange kuhlaselwe ebusuku.
5. UMikhaya.
6. Wamemezela izahlulelo zikaJehova ngokumelene no-Ahabi.
7. Ukuthi u-Ahabi wayeyofela empini. U-Ahabi wayala ukuba uMikhaya aphonswe etilongweni.