Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/09 k. 32
  • Izingane Ziyayithanda Le Ncwadi!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izingane Ziyayithanda Le Ncwadi!
  • I-Phaphama!—2009
I-Phaphama!—2009
g 4/09 k. 32

Izingane Ziyayithanda Le Ncwadi!

◼ Izingane zabo bonke ubudala ziyayithanda ngempela incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Intombazane ethile yathi: “Le ncwadi inezinto eziningi engizithandile. Ngokwesibonelo, ngizithande ngempela zonke izithombe. Imibala egqamile ikhanga iso lomfundi. Lapho ngifunda le ncwadi, ngazinika isikhathi sokuhlaziya izithombe ukuze ngibone ukuthi zihlobana kanjani nendaba!

“Enye into engiyithandile ngale ncwadi, amagama asetshenzisiwe. Kulula ukuwaqonda futhi enza kujabulise ukufunda.

“Lapho ngifunda le ncwadi ngahlabeka umxhwele ngendlela echaza ngayo ezinye zezinkinga zanamuhla nendlela esingazigwema ngayo. Izahluko engizijabulele kakhulu ezithi ‘Kudingeka Silwe Nezilingo,’ ‘Isifundo Sokuba Nomusa,’ nesithi ‘Ingabe Njalo Nje Ufuna Ukuba Phambili?’”

Ungayicela ikhophi yale ncwadi enamakhasi angu-256 nezithombe ezinhle, enamakhasi alingana nawo lo magazini. Mane ugcwalise lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela