Amandla Akhohlisayo Ezikhangiso
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EPOLAND
UTomek ugqolozele ithelevishini, emangele. Ubukele njengoba isikhangiso sezentengiselwano sikhuthaza izibukeli: “Uma indodana yakho igqoka lokhu, izoba namandla nobungqabavu futhi abangane bayo bazoyithanda. Kumelwe ukuthenge!” UTomek ugijimela kuyise, ecula ingoma enethonya asanda kuyizwa. Uyacela, “Baba, uzongithengela angithi?”
◼ Kungani abantwana befuna izinto ezikhangiswayo? Uthisha othile owacashunwa kumagazini wesiPolish i-Rewia uthi: “Ngenxa yokuthi nabanye banazo lezo zinto, nabo bayazifuna. Bafuna ukulondoloza idumela labo eqenjini.” Lapho abantwana becela, bekhala, bequdula, abanye abazali ngokuvamile bayathamba bese bebathengela lokho abakufunayo.
Yini eyenza isikhangiso esihloselwe abantwana sikhohlise? Isazi sokusebenza kwengqondo uJolanta Wąs sichaza ukuthi lokho okuqukethwe isikhangiso “akugxili entengweni, esimweni somkhiqizo noma ekubeni usizo kwawo.” Isikhangiso siklanyelwe “ukuthonya imizwelo.” UWąs uthi: “Abantwana abayihlaziyi indaba okukhangiswa ngayo. . . . Abayiqhathanisi imininingwane yesikhangiso nalokho abakwazi kuyiqiniso.” Ngisho noma benza kanjalo, ukuqonda kwabo kulinganiselwe kakhulu ngaleyo ndlela abanakuwuhlolisisa ngokunembile umkhiqizo.
Ungamvikela kanjani umntanakho emandleni akhohlisayo ezikhangiso? I-Rewia ithi: “Okokuqala kufanele uchithe isikhathi nomntanakho futhi uqhubeke umchazela ukuthi ukubaluleka komuntu akunqunywa uhlobo lwezicathulo [noma lwezimpahla] alugqokayo. Yenza umntanakho azi ukuthi angaba umntwana ojabule ngaphandle kokuba namathoyizi aphambili. Okwesibili, abazali ngokwabo kufanele baqonde indlela izikhangiso ezingathonya ngayo izingane zabo. UWąs uthi inqobo ukuba “singazivumeli izikhangiso zisinqumele ukuthi yini elungele ingane yethu.”
Ekugcineni, bonke abazali bangazuza eselulekweni esiseBhayibhelini. Umphostoli uJohane wabhala: “Konke okusezweni—isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho—akuveli kuBaba, kodwa kuvela ezweni.”—1 Johane 2:15, 16.
Awuvumi yini ukuthi izikhangiso eziningi zivusa “isifiso samehlo” futhi zishukumisa abancane nabadala ukuba ‘bagabise ngalokho abaziphilisa ngakho’? Ngokuthakazelisayo, umphostoli uJohane waqhubeka neseluleko sakhe, ebhala: “Izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.
Abazali abavame ukuchitha isikhathi benezingxoxo ezakhayo nabantwana babo bangagxilisa kubo izimiso zokuhlonipha uNkulunkulu nezindinganiso eziyinzuzo. (Duteronomi 6:5-7) Khona-ke abantwana ngeke zibathonye kalula izikhangiso ezikhohlisayo zaleli zwe eziklanyelwe ukubenza bacindezele abazali babo ukuba babathengele izinto.