Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/08 k. 19-k. 21 isig. 13
  • Ingabe Kufanele Ngimcebe Umngane Wami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Ngimcebe Umngane Wami?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kufanele Ngisho Noma Ngingasho?
  • ‘Isikhathi Sokukhuluma’
  • Ingabe Uyimpimpi?
  • Kufanele Ngenzeni Uma Umngane Wami Engena Enkathazweni?
    I-Phaphama!—1996
  • UNkulunkulu Ucela Ukuba Ube Umngane Wakhe
    Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Obani Abangane Bami Bangempela?
    I-Phaphama!—2011
  • Kungani Umngane Wami Angiphatha Kabi?
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 12/08 k. 19-k. 21 isig. 13

Intsha Iyabuza

Ingabe Kufanele Ngimcebe Umngane Wami?

“Kwakunzima kakhulu. Lo muntu wayengumngane wami omkhulu.”—UJames.a

“Ekuqaleni sasishube ngempela isimo. Ngaphathwa kabi ngenxa yokuthi ngangibhekwa njengempimpi.”—U-Ann.

IBHAYIBHELI lithi: “Kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.” (IzAga 18:24) Ingabe usumtholile umngane onjalo? Uma usumtholile, uzitholele into eyigugu kakhulu.

Kodwa kuthiwani uma umngane othi ungumKristu eseke wangena enkingeni? Ngokwesibonelo, kuthiwani uma ehileleke ekuziphatheni okubi, ekubhemeni, ekuphuzeni utshwala esemncane, ekusebenziseni kabi izidakamizwa noma ukona okungathi sina? (1 Korinte 6:9, 10; 1 Thimothewu 1:9, 10) Kufanele wenzenjani? Umtshele ukuthi uyakwazi akwenzile? Utshele abazali bakho? Utshele abazali bakhe? Ubikele abadala bebandla?b Uma umceba, kuzokwenzekani ebunganini benu? Ingabe kungaba ngcono ukuvele uzithulele?

Ingabe Kufanele Ngisho Noma Ngingasho?

Sonke siyawenza amaphutha. Impela iBhayibheli lithi: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Kodwa, abanye bawela ezonweni ezingathi sina. Abanye “bathatha isinyathelo” okungathi uma singanakiwe siholele enkingeni. (Galathiya 6:1) Cabanga nganazi izibonelo ezingokoqobo.

◼ UmKristu osemusha ogama lakhe linguSusan wathola ukuthi umngane wakhe, naye ongumKristu, wayeneyakhe ingosi ye-Internet eyayinezithombe ezivusa inkanuko yobulili nomculo onezosha ezikhuluma ingcaca ngobulili.

Cabanga ngalokhu: Wena wawuyokwenzenjani ukube wawunguSusan? Kukhona owawuyokwenza ngalesi simo? Noma wawuyophetha ngokuthi lokho okufakwa umngane wakho engosini yakhe ye-Internet kuyindaba yakhe engathinti muntu? Uma uSusan ebengeza kuwe akucele ukuba umcebise, yini obungayisho kuye?

․․․․․

Lokho uSusan akhetha ukukwenza: Ngemva kokucabangisisa ngale ndaba, wakhetha ukutshela abazali bomngane wakhe. Uthi: “Kwakunzima, ngoba nabo bangabangane bami abakhulu. Kwakunzima ukubatshela kangangokuba ngavele ngakhala.”

Ucabangani? Ingabe uSusan wenza into enhle? Noma ingabe kwakuyoba ngcono ukuvele azithulele?

Ukuze sikusize ucabangisise kahle ngale ndaba, nazi izinto okufanele uzicabangele:

Ubeyokwenzenjani umngane wangempela? IzAga 17:17 zithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.” Lapho umuntu othile elandela inkambo ephula izimiso zeBhayibheli, lowo muntu ‘usosizini,’ azi noma engazi. Nakuba kuyiphutha ‘ukuba olunge ngokwedlulele’ ngokunokondisa indaba ngezinto eziwubala, umngane wangempela ngeke ashalazele ukuziphatha okungamfanele umKristu. (UmShumayeli 7:16) Awunakusishalazela neze isimo.—Levitikusi 5:1.

Kuthiwani uma bekungaba nguwe owenze iphutha? Zibuze: ‘Ukube bengingumzali futhi indodana noma indodakazi ibe nengosi yayo ye-Internet enezithombe ezivusa inkanuko, bengingathanda yini ukutshelwa ngakho? Bengingazizwa kanjani uma indodana noma indodakazi yami inomngane osaziyo isimo kodwa angasho lutho?’

Kuthiwani ngezindinganiso zikaNkulunkulu? Uma kunesimiso okufanele silandelwe, akusona esokuba uthule. Kunalokho kufanele ulandele isimiso sikaNkulunkulu sokuziphatha esichazwe eBhayibhelini. Iqiniso liwukuthi lapho umelela okulungile, ujabulisa inhliziyo yoMdali wakho. (IzAga 27:11) Ngaphezu kwalokho, uzizwa kangcono ngoba uyazi ukuthi umsize ngempela umngane wakho.—Hezekeli 33:8.

‘Isikhathi Sokukhuluma’

IBhayibheli lithi ‘kunesikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.’ (UmShumayeli 3:7) Abantwana abasebancane abakwazi ukubona ukuthi iyiphi inkambo efanele esimweni esithile. Lapho umngane enza okuthile okungalungile, bavame ukuzitshela ukuthi: ‘Angifuni ukufaka umngane wami enkingeni’ noma ‘Angifuni ukuxabana nomngane wami.’ Ukube bekuyilezi zinto kuphela okufanele zicatshangelwe, bekuyoba lula ukwenza isinqumo—lesi bekuyoba “isikhathi sokuthula.”

Kodwa njengoba ukhula, uqala ukubheka izinto ezinjalo ngombono ovuthiwe. Uyaqaphela ukuthi umngane wakho usesenkingeni kakade futhi udinga usizo—mhlawumbe ongamsiza ukuba aluthole. Kodwa yini ongayenza ngokuqondile, uma uzwa ukuthi umngane wakho uziphathe ngendlela engqubuzana nemithetho noma nezimiso zeBhayibheli?

Qala ngokuqiniseka ukuthi lokho okuzwile kuyiqiniso. Kungase kube inzwabethi nje. (IzAga 14:15) Osemusha ogama lakhe linguKatie uyakhumbula: “Umngane wami othile waqala ukusakaza amanga ngami, futhi abantu ababesondelene nami bacabanga ukuthi wayekhuluma iqiniso. Ngangesaba ukuthi akekho owayeyongikholwa!” IBhayibheli labikezela ukuthi uJesu wayengeke “amane asole ngokwento ayizwe ngezindlebe”—noma njengoba kusho i-Contemporary English Version, ‘ngeke alalele inzwabethi.’ (Isaya 11:3) Sifunda siphi isifundo? Ungasheshi uphethe ngokuthi yonke into oyizwayo iyiqiniso. Zama ukuthola amaqiniso. Cabanga ngesimo esenzeka ngokoqobo.

◼ UJames, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko, wezwa ukuthi umngane wakhe omkhulu wayedle izidakamizwa emcimbini othile.

Cabanga ngalokhu: Wena wawuyokwenzenjani ukube wawunguJames? Wawuyothola kanjani ukuthi lokho okuzwile kuyiqiniso?

․․․․․

Lokho uJames akhetha ukukwenza. Ekuqaleni, uJames wenza sengathi akakezwa futhi akazi lutho. Uthi: “Ngemva kwalokho unembeza wami waqala ukungikhathaza. Ngangazi ukuthi kuzodingeka ukuba ngimbuze umngane wami ngale ndaba.”

Ucabangani? Ziyini izinzuzo zokuqale ukhulume nomuntu okuthiwa uziphathe ngendlela engqubuzana nezimiso zobuKristu?

․․․․․

Uma ungakhululeki ukuxoxa nalowo muntu, yini enye ongayenza?

․․․․․

Umngane kaJames wavuma ukuthi wayezidlile ngempela izidakamizwa emcimbini. Kodwa wamncenga uJames ukuba angatsheli muntu. UJames wayefuna ukwenza okulungile. Kodwa wayefuna nokuba umngane wakhe enze okulungile. Ngakho watshela umngane wakhe ukuthi uzomnika isonto elilodwa ukuba abikele abadala ebandleni lakubo ngalolu daba. Uma ayengakwenzi lokho, khona-ke uJames wayezobabikela.

Ucabanga ukuthi lokho uJames akwenza kwakufanele? Kungani uthi yebo noma cha?

․․․․․

Umngane kaJames akayanga kubadala, ngakho uJames wayibika le ndaba. Kodwa, kamuva umngane wakhe wasanguluka. Abadala bamsiza ukuba abone isidingo sokuphenduka futhi abuyisele ubuhlobo obuhlanzekile noJehova.

Ingabe Uyimpimpi?

Noma kunjalo, ungase uzibuze: ‘Ngeke yini ngibe impimpi uma sengiceba umngane wami? Bekungeke yini kube lula ukwenza sengathi angazi lutho?’ Uma uzithola usesimweni esinjalo, yini okufanele uyenze?

Okokuqala, khumbula ukuthi into okulula ukuyenza akuyona into ethandwayo ngaso sonke isikhathi nokuthi akulula ngaso sonke isikhathi ukwenza into ethandekayo. Kudingeka isibindi ukuze ubike isenzo esibi somngane wakho. Kungani ungathandazi ukhulume noNkulunkulu ngale ndaba? Mcele akunike ukuhlakanipha nesibindi osidingayo. Uyokusiza.—Filipi 4:6.

Okwesibili, cabanga ngokuthi ukubika ngaleso simo kuyomzuzisa kanjani umngane wakho. Ngokwesibonelo, ake sithi wena nomngane wakho ninyuka ummango, bese umngane wakho ekhubeka awe agingqike abheke eweni. Ngokusobala, umngane wakho udinga usizo. Kodwa kuthiwani uma ngenxa yamahloni ekutshela ukuthi uzozama ukuzikhuphukela? Ubungamvumela yini ukuba abeke ukuphila kwakhe engozini ngaleyo ndlela?

Kuyinto efanayo nalapho umngane wakho ephambuka endleleni yobuKristu. Lowo muntu angase abe nomuzwa wokuthi angakwazi ukusimama ngokomoya ngaphandle kokusizwa. Kodwa ukucabanga kanjalo kuwubuwula. Kuyiqiniso, umngane wakho angase abe namahloni ngalokho okwenzekile. Kodwa ‘ngokutshela othile’ ungasindisa ukuphila kwakhe!—Jakobe 5:15.

Ngakho-ke, ungesabi ukukhuluma lapho umngane wakho ehileleke ekwenzeni okubi. Ngokumtholela usizo, ubonisa ubuqotho bakho kuJehova uNkulunkulu kanye nobuqotho kumngane wakho, ongase akubonge ngelinye ilanga ngokumsiza ngothando.

Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype

[Imibhalo yaphansi]

a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

b Phakathi koFakazi BakaJehova, abadala banikeza usizo olungokomoya kunoma ngubani owele esonweni esingathi sina.—Jakobe 5:14-16.

OKUDINGA UKUCATSHANGELWA

◼ Kungani ukuceba umngane wakho owenze okubi kuwubufakazi bokuba qotho kuye?

◼ Yibaphi abantu eBhayibhelini obacabangayo okwavivinywa ubuqotho babo kubangane babo? Yini ongayifunda kubo?

[Isithombe ekhasini 20]

Uma umngane ephambukile endleleni yobuKristu, kumelwe uqiniseke ukuthi uyaluthola usizo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela