Ubungaphendula Kanjani?
Kwenzeka Kuphi?
1. UMose watholakala kumuphi umfula esewusana?
UMKHONDO: Funda u-Eksodusi 2:1-10.
Kokelezela impendulo ebalazweni.
I-Ewufrathe
IJordani
INayile
◼ Ubani owayegade uMose ebuqamama?
․․․․․
◼ Ubani owathola uMose entanta emfuleni?
․․․․․
◼ Kwakhethwa bani ukuba anakekele uMose?
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Udadewabo kaMose wabonisa ziphi izimfanelo? Uma unomfowenu noma udadewenu, ungamlingisa kanjani udadewabo kaMose?
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 8 Yini wonke umuntu onokuqonda ayoyenza? IzAga 13:________
IKHASI 8 Yini eyokwenzeka uma uzihlukanisa? IzAga 18:________
IKHASI 9 Yini eyenziwa umama okahle? IzAga 31:________
IKHASI 9 Kungani kufanele uhlakulele ikhono lokucabanga? IzAga 2:________
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Ubani Oyingxenye Yozalo LukaJesu?
Cabangela imikhondo. Funda imiBhalo bese ubhala amagama anembile ezikhaleni ezinikeziwe.
2. ․․․․․
UMKHONDO: Ngashaywa ngo-choko lapho ngizama ukushisa impepho e-altare likaJehova.
Funda eyesi-2 IziKronike 26:16-19.
3. ․․․․․
UMKHONDO: Ngangiyinkosi elungile eyakha isango elingenhla lendlu kaJehova.
Funda eyesi-2 IziKronike 27:1-4.
4. ․․․․․
UMKHONDO: Ngashisa ama-dodana ami siqu njengomhla-tshelo eSigodini sikaHinomu.
Funda eyesi-2 IziKronike 28:1, 3, 4.
◼ Izimpendulo zisekhasini 12
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. INayile.
◼ Udadewabo kaMose.
◼ Indodakazi kaFaro.
◼ Unina kaMose.
2. U-Uziya.—Mathewu 1:8.
3. UJothamu.—Mathewu 1:9.
4. U-Ahazi.—Mathewu 1:9.