Ungaphendula Kanjani?
Kwenzeka Kuphi?
1. UJesu wayekuyiphi indawo lapho enyukela ezulwini?
UMKHONDO: Funda izEnzo 1:6-12.
Kokelezela impendulo ebalazweni.
INtaba iKarmeli
INtaba iGerizimu
INtaba Yeminqumo
IHebroni
◼ Ngaphambi nje kokuba uJesu enyukele ezulwini, abafundi bakhe bambuza ngayiphi indaba?
․․․․․
◼ Yini uJesu athi abafundi bakhe babeyoyenza?
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Agcwaliseke kanjani amazwi engelosi asencwadini yezEnzo 1:11? Yini ongayenza ukuze ube nengxenye emsebenzini uJesu awunika abalandeli bakhe, njengoba kulotshiwe encwadini yezEnzo 1:8?
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 4 IBhayibheli limchaza kanjani u-Eliya? Jakobe 5:________
IKHASI 7 Umuntu kufanele aphile ngani? Mathewu 4:________
IKHASI 19 Ubani onganamathela ngaphezu komfowenu? IzAga 18:________
IKHASI 20 Yini okunesikhathi sokuba yenziwe? UmShumayeli 3:_________
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Obani Abayingxenye Yozalo LukaJesu?
Cabangela izici ezinikeza umkhondo, Funda imibhalo bese ubhala amagama anembile ezikhaleni ezinikeziwe.
2. ․․․․․
UMKHONDO: Phakathi nokubusa kwami, uHilikiya wathola “incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose.”
Funda eyesi-2 IziKronike 34:1,14.
3. ․․․․․
UMKHONDO: Ngaba umbusi wokuqala wamaJuda abuyela kwa-Israyeli evela eBhabhiloni.
Funda uHagayi 1:4.
4. ․․․․․
UMKHONDO: Ngangingumbazi.
Funda uMathewu 1:16; 13:55.
◼ Izimpendulo zisekhasini 14
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. INtaba Yeminqumo.
◼ Babuza ukuthi uJesu wayezowubuyisela nini uMbuso.
◼ UJesu wathi abafundi bakhe babeyofakaza ngaye ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.
2. UJosiya.—Mathewu 1:10.
3. UZerubhabhele.—Mathewu 1:12.
4. UJosefa.—Mathewu 1:16.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Center circle: Oxford Scientific/photolibrary