Uthisha Wakhe Wayitusa
◼ Intsha ingasitholaphi iseluleko nesiqondiso? UCheren wase-Italy, oneminyaka engu-13 ubudala, wakujabulela ukufunda incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Muva nje, ube nethuba lokuhlanganyela injabulo yakhe nezingane afunda nazo ekilasini.
Uyachaza: “Ngifunda ibanga lesithupha, futhi ekilasini sasixoxa ngezinkinga intsha ebhekana nazo. Ngolunye usuku uthisha weza kimi wathi wayezwe ukuthi izincwadi zethu ziyayisiza intsha. Wangicela ukuba ngimtholele ezithile. Ngakho ngamnika incwadi ethi Intsha Iyabuza.
“Ngemva kwezinsuku ezimbalwa wasebenzisa le ncwadi, wagxila esahlukweni 10 lapho exoxa nekilasi, esinesihloko esithi ‘Kubaluleke Kangakanani Ukubukeka?’ Waze wasinika nomsebenzi wasekhaya osekelwe ebhokisini elithi ‘Imibuzo Yengxoxo’ elisekugcineni kwesahluko. Wathi, ‘Le ncwadi ibhalwe kahle kakhulu, kuyishwa nje ukuthi akunina nonke eninamakhophi.’
“Ngamtshela ukuthi izingane ezifuna amakhophi ngizozinikeza, futhi ezingu-16 zawacela. Lapho ngiza nalezi zincwadi, ngisho nabafundi ekuqaleni ababethe abanasithakazelo bashintsha umqondo futhi bazifuna!”
Incwadi ethi Intsha Iyabuza inanezahluko ezithi “Kungani Ngicindezeleka Kangaka?,” “Ngazi Kanjani Uma Kuwuthando Lwangempela?,” “Kungani Kufanele Ngenqabe Izidakamizwa?,” nesithi “Ngingayilawula Kanjani Imikhuba Yami Yokubuka I-TV?” Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningithumelele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.