Ubungaphendula Kanjani?
Chaza Lo Mfanekiso
1. Emfanekisweni olotshwe kuLuka 18:9-14, umFarisi wayeluhlobo luni lomuntu?
(Faka uqhwishi ebhokisini elilodwa noma ngaphezulu.)
□ Wayethobekile □ Wayezisola □ Wayeqhosha
2. Umthelisi wayeluhlobo luni lomuntu?
Faka uqhwishi ebhokisini elilodwa noma ngaphezulu.)
□ Wayethobekile □ Wayezisola □ Wayeqhosha
3. Iyiphi kula madoda eyabonakala ilungile?
․․․․․
OKUNGAXOXWA NGAKO:
Yini ongase uyisho noma uyenze engakwenza ufane nomFarisi? Ungamlingisa kanjani umthelisi?
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
AMAKHASI 8-9 Ikusasa lomhlaba lisezandleni zikabani? Isaya 11:________
IKHASI 20 UNkulunkulu uzibheka kanjani izithombe zenkolo? Eksodusi 20:________
IKHASI 21 Yini umphostoli uJohane asixwayisa ukuba siziqaphe kuyo? 1 Johane 5:________
IKHASI 27 Yini ngisho nomuntu oqotho ayoyiqaphela ngezinye izikhathi? 1 Johane 2:________
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Obani Abayingxenye Yozalo LukaJesu?
Cabangela izici ezinikeza umkhondo. Funda imibhalo bese ubhala amagama anembile ezikhaleni ezifakiwe.
4. ․․․․․
UMKHONDO: Ngangikwazi ukusho izaga eziyizinkulungwane ezintathu, futhi izingoma zami “zaba inkulungwane nesihlanu.”
Funda eyoku-1 AmaKhosi 4:30-32.
5. ․․․․․
UMKHONDO: Ngangiyinkosi yokugcina yombuso ohlangene wakwa-Israyeli.
Funda eyoku-1 AmaKhosi 12:1-3, 16-20.
6. ․․․․․
UMKHONDO: Ibutho lami lanqoba ibutho elikhulu likaJerobowamu nge-nxa yokuthi ‘sasincike kuJehova.’
Funda eyesi-2 IziKronike 13:13-20.
◼ Izimpendulo zisekhasini 19
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Wayeqhosha.
2. Wayethobekile futhi ezisola.
3. Umthelisi.
4. USolomoni.—Mathewu 1:6.
5. URehobowamu.—Mathewu 1:7.
6. U-Abhiya.—Mathewu 1:7.