Isiqondiso Ngesikhathi Sokulila
◼ Owesifazane othile washonelwa uyise eseneminyaka engu-12 kuphela ubudala. Iminyaka eminingi ngemva kwalokho, wayekhathazekile futhi ecindezelekile. Encwadini ayibhalela ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eCanada, wachaza:
“Angitholanga nduduzo kwaze kwaba yilapho ngifunda incwajana ethi Lapho Ufelwa Othandekayo futhi yangisiza ngesikhathi sokulila. Ngisakhala uma ngicabanga indlela engimkhumbula ngayo ubaba. Kodwa ngemva kokufunda le ncwajana kanye nemibhalo, ukuzindla, ukuthandaza nokuzivumela ukuba ngikhale, akusebuhlungu njengakuqala futhi manje izithembiso zikaNkulunkulu ziyangiduduza.
“Ngiyawathanda amazwi nemibhalo ekule ncwajana, ngoba angisiza ukuba ngiduduze inhliziyo yami eyaphukileyo. Sengizizwa ngingcono. Ngiyayitusa le ncwadi njengesiqondiso esihle kakhulu ngesikhathi sokulila.”
Ingabe ushonelwe othile othandekayo? Ingabe usamlilela? Uyaludinga yini usizo lokubhekana nosizi? IBhayibheli linikeza liphi ithemba ngabafileyo? Mhlawumbe wena noma othile omaziyo angathola induduzo ngokufunda le ncwajana enamakhasi angu-32 enesihloko esithi Lapho Ufelwa Othandekayo. Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningithumelele ikhophi yencwajana eboniswe lapha.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli samahhala.