Ukubuka Okwezwe
◼ “Ubuningi beqhwa [lase-Arctic] eliye lancibilika kulo nyaka [ka-2007] buye basishaqisa ngempela ngoba abuzange bube ngaphezu kweminye iminyaka kuphela kodwa buye baqopha umlando.”—UMARK SERREZE, WE-NATIONAL SNOW AND ICE DATA CENTER, U.S.A.
◼ Ochwepheshe be-New Economics Foundation balinganisela ukuthi “uma bonke abantu emhlabeni bebengasebenzisa imithombo yamandla ngezinga abase-United States abenza ngalo bekuyodingeka amaplanethi angu-5,3 angangomhlaba ukuze abasekele . . . Leli nani lalingamaplanethi angu-3,1 kwabaseFrance naseBrithani, angu-3,0 kwabaseSpain, angu-2,5 kwabaseJalimane nangu-2,4 kwabaseJapane.”—I-REUTERS NEWS SERVICE, EBRITHANI.
“Kungalimaza Kunokuba Kusize”
Umbiko waseDuke University Medical Center, eDurham, eNyakatho Carolina, e-U.S.A., uthi: “Ukumpontshelwa igazi ebeligciniwe kungalimaza kunokuba kusize iziguli eziningi.” Ucwaningo luthole ukuthi iziguli ezimpontshelwe “zivame kakhulu ukuhlaselwa isifo senhliziyo, ukumelwa inhliziyo, ukushaywa unhlangothi ngisho nokufa” kunezingazange zimpontshelwe. Ngani? “I-nitric oxide emangqamuzaneni abomvu egazini iqala ukuwohloka cishe ngokushesha ngemva kokuba amangqamuzana abomvu egazi ephume emzimbeni.” I-nitric oxide ibalulekile ekugcineni imithambo yegazi ivulekile kanjalo amangqamuzana abomvu akwazi ukuthuthela umoya-mpilo ezicutshini zomzimba. Lo mbiko uthi: “Izigidi zeziguli cishe zimpontshelwa igazi elingenakukwazi ukuthwala umoya-mpilo.”
Ukuluthwa I-TV EBhutan
Sekuphele amashumi eminyaka izwe elincane laseBhutan eHimalaya limelene nokuyenga kwemithombo yezindaba yesimanje. Kodwa ngemva kokuba izakhamuzi eziningi zikhononde ngokuthi azikwazi ukubuka umqhudelwano kanobhutshuzwayo weNdebe Yomhlaba Ka-1998, uhulumeni wavumela ukuba kungene amathelevishini ezweni ngo-1999. Umbiko waseBhutan uthi manje abantu bangabukela iziteshi ezingu-40 futhi kakade sebeyimilutha yamabhayisikobho aseHollywood nemidlalo yamaNdiya ewuchungechunge. Esikhundleni sokuhlala ndawonye ihlabelele futhi ixoxe njengoba yayenza ngaphambili, imikhaya ihlangana ndawonye ukuze ibuke i-TV. Owesifazane othile ukhononda ngokuswela isikhathi sokwenza noma yini enye—kuhlanganise nokuthandaza. Iphephandaba lansuku zonke laseQatar i-Peninsula lithi lona wesifazane wathi: “Nakuba ngiphendula isondo lami lomthandazo, ingqondo yami ihlale ikuyi-TV. Kodwa abaningi banovalo ngokuthenga izinto abangazidingi okukhuthazwa yizwe langaphandle. ‘Ithelevishini nezikhangiso kwakha izifiso ezingenakwaneliswa uma ubheka isimo sabantu somnotho.’”
Izisebenzi Eziphazamisekayo
Umagazini i-New Scientist uthi: “Ukusebenza ehhovisi ngezinye izikhathi kungafana nokuphilela izingcingo, imiyalezo nokuphazanyiswa.” Abacwaningi bathole ukuthi iqembu elahlolwa lezisebenzi zezokwaziswa lalikwazi ukusebenza imizuzu emithathu kuphela ngaphambi kokuba liphazanyiswe. Njengoba iziphazamiso zingadla cishe amahora amabili omsebenzi usuku ngalunye, ezinye izisebenzi zasehhovisi ezimatasa zisebenzisa ama-computer ukuze zihlukanise phakathi kwezinto eziphuthumayo nezingaphuthumi. Ukusikisela okungase kusetshenziswe yibo bonke abantu kuhlanganisa nalokhu: “Batshele iqiniso abantu, . . . batshele ukuthi awunasikhathi uma singekho,” futhi ube nesibindi “sokuvala i-E-mail yakho, ucingo noma ingosi yemiyalezo esheshayo uze uqede umsebenzi.”