Amangqamuzana Egazi Abomvu Amangalisayo
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENINGIZIMU AFRIKA
Ingqamuzana elivamile emgudwini wakho wegazi lenza igazi libe nombala obomvu futhi ngenxa yalokho libizwa ngokuthi ingqamuzana legazi elibomvu. Iconsi elilodwa nje legazi liqukethe amakhulu ezinkulungwane zala mangqamuzana. Lapho ehlolwa ngesibonakhulu, abukeka njengezindilinga eziyisicaba ezifacakile phakathi. Ingqamuzana ngalinye linamakhulu ezinkulungwane zezinhlayiya okuthiwa ama-hemoglobin. Inhlayiya ngayinye ye-hemoglobin iyindilinga enhle eyakhiwa ama-athomu angaba ngu-10 000 e-hydrogen, carbon, nitrogen, umoya-mpilo ne-sulfur kanye nama-athomu amane ensimbi asindayo, anikeza igazi amandla okuthwala umoya-mpilo. I-hemoglobin ilawula ukuthuthwa kwesikhutha kusuka ezicutshini zomzimba kuya emaphashini, wona abese esikhiphela ngaphandle.
Enye ingxenye ebalulekile yamangqamuzana abomvu isikhumba sawo, okuthiwa ulwelwesi. Lesi sembozo esimangalisayo senza amangqamuzana akwazi ukuncipha abe mancane kakhulu, ukuze akwazi ukudlula emithanjeni yegazi emincane kakhulu kanjalo asekele zonke izingxenye zomzimba.
Amangqamuzana abomvu akhiqizwa emnkantsheni. Ngemva kokuba ingqamuzana elisha selingenile emgudwini wegazi, lingase lijikeleze enhliziyweni nakuwo wonke umzimba izikhathi ezingaphezu kuka-100 000. Ngokungafani namanye amangqamuzana, amangqamuzana egazi abomvu awanayo i-nucleus. Lokhu kwenza ukuba abe nesikhala esanele sokuthwala umoya-mpilo futhi kuwenza angasindi, okusiza inhliziyo ukuba impompe izigidigidi zamangqamuzana abomvu egazi ajikeleze kuwo wonke umzimba. Kodwa njengoba engenayo i-nucleus, awakwazi ukuzivuselela. Ngakho, ngemva kwezinsuku ezingu-120, amangqamuzana egazi abomvu aqala ukuwohloka angabe esakwazi nokunwebeka. Amangqamuzana egazi amhlophe amakhulu abizwa ngokuthi ama-phagocyte adla la mangqamuzana asephelelwe amandla abese ekhipha ama-athomu ensimbi. La ma-athomu ensimbi ayivelakancane azinamathelisa ezinhlayiyeni eziwathwala ziwayise emnkantsheni ukuze asetshenziswe ekukhiqizeni amanye amangqamuzana egazi abomvu. Emzuzwini ngamunye, umnkantsha ukhiqiza amangqamuzana egazi abomvu ayizigidi ezimbili kuya kwezintathu bese uwayisa kuwo wonke umzimba!
Ukube izigidigidi zamangqamuzana egazi abomvu bezingavele ziyeke ukusebenza kungazelelwe, umuntu ubengafa emizuzwini engemingaki. Yeka ukuthi kufanele simbonge kangakanani uJehova uNkulunkulu ngalesi sici esimangalisayo sendalo yakhe, esisenza sikwazi ukuphila futhi sikujabulele! Akungabazeki ukuthi uvumelana ngazwilinye nomhubi owathi: “O Jehova, ungihlolisisile, futhi uyangazi. Ngizokudumisa ngoba ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo. Imisebenzi yakho iyamangalisa, njengoba nje umphefumulo wami ukuqaphela kahle.”—IHubo 139:1, 14.
[Umdwebo ekhasini 24]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ingqamuzana legazi elibomvu
Ulwelwesi
I-hemoglobin (ikhulisiwe)
Umoya-mpilo