Intsha Iyabuza
Ngingakwenza Kanjani Ukukhulekela UNkulunkulu Kujabulise?
UJosh, oneminyaka engu-16 ucambalele embhedeni wakhe. Unina umi emnyango. Uyamthethisa: “Joshua vuka! Uyazi ukuthi usuku lwemihlangano namuhla!” UJosh ukhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova, futhi ukuya emihlanganweni yobuKristu kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela komkhaya. Kodwa, muva nje akasakuthandisisi kahle ukuya kuyo.
Uyakhononda: “Kodwa mama, ingabe kufanele ngempela ngiye?”
Uyamphendula: “Yeka ukukhononda, gqoka. Angifuni ukufika sekwephuzile futhi!” Uyafulathela ahambe.
Njengoba unina eqeda ukufulathela, uJosh uyaphahluka: “Kodwa Mama inkolo yakho lena, nokho lokho akusho ukuthi ingeyami.” Uyazi ukuthi unina ukuzwile lokho, ngoba izigi zivele zathula. Ngaphandle kokumphendula unina uyaqhubeka nokuhamba.
UJosh udliwa unembeza. Akahlosile ngempela ukuzwisa unina ubuhlungu. Kodwa futhi akafuni ukuxolisa. Okuwukuphela kwento angayenza nje . . . .
Ukuvuka ebubula, aqale ukugqoka. Ube esezitshela enhliziyweni yakhe ukuthi, “Ngokuhamba kwesikhathi kuzodingeka ukuba ngizenzele isinqumo. Angifani nabanye eHholo LoMbuso. Akungifaneli nje ukuba umKristu!”
WAKE wazizwa ngendlela uJosh azizwa ngayo kule ndaba? Ngezinye izikhathi, ingabe kuba sengathi njengoba abanye bejabulela izinto ezenziwa amaKristu, wena umane uyenza nje? Ngokwesibonelo:
◼ Ingabe ukufunda iBhayibheli kufana neminye imisebenzi yasekhaya okufanele uyenze?
◼ Ingabe uyakwesaba ukwenza inkonzo yendlu ngendlu?
◼ Ingabe uvame ukuzithola unesithukuthezi emihlanganweni yamaKristu?
Uma uphendule ngoyebo emibuzweni enjengale, ungadumali. Ngokwenza izinguquko ezimbalwa, ungakufunda ukujabulela ukukhonza uNkulunkulu. Ake sibone ukuthi kanjani.
Inselele #1: Ukufunda IBhayibheli
Okwenza kungabi lula. Mhlawumbe unomuzwa wokuthi awulona “uhlobo olukukhonzile ukufunda.” Awukwazi ukugxila entweni eyodwa isikhathi eside—kunzima ukuzinza ugxilise ingqondo! Ngaphandle kwalokho, awunawo yini umsebenzi omningi wesikole?
Isizathu sokuba ukwenze. Akukhona nje ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu kuphela kodwa futhi ‘liwusizo ekufundiseni, ekusizeni abantu, ekubaqondiseni, nasekubaboniseni indlela okufanele baphile ngayo.’ (2 Thimothewu 3:16, Contemporary English Version) Ukufunda iBhayibheli nokuzindla ngalokho okufundayo kungakwembulela izinto ezintsha. Asivume, yonke into eyinzuzo iyasetshenzelwa. Uma ufuna ukudlala kahle umdlalo othile, kufanele ufunde imithetho yawo futhi uwuprakthize. Uma ufuna ukuba umqemane, kufanele uvocavoce umzimba. Uma ufuna ukufunda ngoMdali wakho, kufanele ufunde iZwi laKhe.
Lokho abanye ontanga yakho abakushoyo. “Ngafika enhlukana-ndlela ekuphileni kwami lapho ngifinyelela esikoleni esiphakeme. Izingane zazenza zonke izinto ezimbi, futhi kwadingeka ngenze izinqumo ezithile: ‘Ingabe yilokhu engifuna ukukwenza? Ingabe abazali bami bangifundisa iqiniso ngempela?’ Kwadingeka ukuba ngizitholele.”—UTshedza.
“Ngangilokhu ngikholelwa ukuthi engangikufundile kuyiqiniso, kodwa kwakudingeka ngizihlolele. Kwakufanele ukuba ngikwenze inkolo yami—kunokuba kube inkolo yasekhaya.”—UNelisa.
Ongase ukwenze. Zenzele olwakho uhlelo lokufunda. Uyazikhethela izihloko ofuna ukuzicwaninga. Ungaqala kuphi? Kungani ungahloli iBhayibheli bese uhlolisisa izinkolelo zakho, mhlawumbe usebenzisa incwadi efana nethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a
Ukwenza okuhlelile. Ukuze uqale, khetha izihloko zeBhayibheli ezimbili noma ezintathu ngezansi ofuna ukufunda okwengeziwe ngazo—noma uma uthanda, zibhalele ezakho.
□ Ingabe ukhona uNkulunkulu?
□ Ngingaqiniseka kanjani ukuthi abalobi beBhayibheli babephefumulelwe uNkulunkulu?
□ Kungani kufanele ngikholelwe endalweni kunasekuziphendukeleni kwemvelo?
□ Uyini uMbuso kaNkulunkulu, futhi ngingakufakazela kanjani ukuba khona kwawo?
□ Ngingayichaza kanjani inkolelo yami ngalokho okwenzeka ekufeni?
□ Kungani kufanele ngiqiniseke ukuthi kuyoba novuko?
□ Ngingaqiniseka kanjani ngokuthi iyiphi inkolo yeqiniso?
□ ․․․․․
Inselele #2: Ukuhlanganyela Enkonzweni Yasensimini
Okwenza kungabi lula. Ukukhuluma nabanye ngeBhayibheli—noma ukuhlangana nofunda naye esikoleni lapho usenkonzweni—kungesabisa.
Isizathu sokuba ukwenze. UJesu wayala abalandeli bakhe: ‘Yenzani abafundi, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.’ (Mathewu 28:19, 20) Kodwa kunezizathu ezengeziwe zokukwenza. Ucwaningo lwembula ukuthi kwezinye izindawo iningi lentsha liyakholelwa kuNkulunkulu naseBhayibhelini. Kodwa, yona leyo ntsha ayinalo ithemba eliqinisekile ngekusasa. Ngokufunda iBhayibheli, unolwazi ontanga yakho abaningi abalufunayo futhi abaludingayo!
Lokho abanye ontanga yakho abakushoyo. “Mina nomngane wami sasilungiselela izingeniso eziphumelelayo, futhi safunda indlela yokunqoba izimpikiswano neyokubuyela kwesixoxe nabo. Lapho ngizikhandla enkonzweni ngaqala ukuyijabulela.”—UNelisa.
“Omuye udade ongumKristu ungisize kakhulu! Ungishiya ngeminyaka eyisithupha, futhi uhamba nami ensimini, ngezinye izikhathi sihambe siyokudla ukudla kwasekuseni. Wangibonisa imiBhalo ekhuthazayo eyangisiza ukuba ngihlele kabusha indlela yami yokucabanga. Manje ngithola ukuthi ngifinyelela abantu abaningi ngenxa yesibonelo sakhe esihle. Anginakumkhokhela ngalutho!”—UShontay.
Ongase ukwenze. Ngemvume yabazali bakho, thola othile ebandleni lakini omdala kunawe ongahamba naye ensimini. (IzEnzo 16:1-3) IBhayibheli lithi: “Insimbi ilolwa ngensimbi. Ngakho umuntu ulola ubuso bomunye.” (IzAga 27:17) Kunezinzuzo eziningi zokujwayelana nabantu abadala abacebile ngolwazi. U-Alexis oneminyaka engu-19 uthi: “Empeleni kuyimpumuzo ukuba phakathi kwabantu abadala kunawe.”
Ukwenza okuhlelile. Ngezansi, bhala igama lothile ebandleni lakini ngaphandle kwabazali bakho ongakusiza enkonzweni yasensimini.
․․․․․
Inselele #3: Ukuya Emihlanganweni YobuKristu
Okwenza kungabi lula. Ngemva kokuchitha usuku lonke nihleli ekilasini, ukulalela izinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini kungase kubonakale kuthatha isikhathi eside.
Isizathu sokuba ukwenze. IBhayibheli linxusa amaKristu: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.”—Hebheru 10:24, 25.
Lokho abanye ontanga yakho abakushoyo. “Ukulungiselela imihlangano yebandla into okumelwe uyenze nakanjani. Ngezinye izikhathi kufanele nje uzikhuthaze. Lapho ulungiselela, uyayijabulela imihlangano ngoba uyakwazi okuxoxwa ngakho, futhi ungaze uhlanganyele nangezimpendulo.”—U-Elda.
“Ngesinye isikhathi, ngaqala ukuphawula ukuthi lapho nginikeza izimpendulo emhlanganweni, leyo mihlangano yayingithakazelisa kakhulu.”—UJessica.
Ongase ukwenze. Zinike isikhathi sokulungiselela kusengaphambili, futhi uma kungenzeka, phendula. Lokhu kuyokwenza uzizwe uhilelekile kulokho okwenzekayo.
Ngokwesibonelo: Yini ejabulisa kakhulu—ukubukela umdlalo othile kuthelevishini noma ukuwudlala enkundleni? Kusobala, ukuwudlala ngokuqondile kungcono kunokuba yisibukeli. Kungani ungenzi kanjalo ngemihlangano yobuKristu?
Ukwenza okuhlelile. Esikhaleni esingezansi, bhala isikhathi ongachitha ngaso imizuzu engu-30 isonto ngalinye ulungiselela umhlangano othile webandla.
․․․․․
Intsha eningi ibona ukuba yiqiniso kweHubo 34:8, elithi: ‘Nambitha ubone ukuthi uJehova muhle.’ Kwanelisa kangakanani ukuzwa ngokudla okumnandi? Akungcono yini ukuzinambithela lokho kudla? Yisimo esifanayo ngokukhulekela uNkulunkulu. Nambitha uzibonele wena ukuthi kwanelisa kangakanani ukuhlanganyela ezintweni ezingokomoya. IBhayibheli lithi umuntu ongagcini nje ngokuzwa kodwa owenza umsebenzi “uyojabula lapho ewenza.”—Jakobe 1:25.
Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Kungani izinto ezingokomoya zingase zibonakale zibangela isithukuthezi kumuntu osemusha?
◼ Iyiphi kulezi zingxenye ezintathu zokukhulekela okuxoxwe ngazo kulesi sihloko ongathanda ukusebenzela kuyo, futhi uzokwenza kanjani lokho?
[Isithombe ekhasini 20, 21]
Uma ufuna ukuba umqemane, kufanele uvocavoce umzimba. Uma ufuna ukuba umqemane ngokomoya, kufanele ufunde iZwi likaNkulunkulu