Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/12 kk. 20-22
  • Kungani Kufanele Uye Emihlanganweni YobuKristu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Uye Emihlanganweni YobuKristu?
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungakuzuzisa Ngani Ukuya Emihlanganweni YoFakazi BakaJehova?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Indlela UJehova Asihola Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye Ukuze Sikhulekele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Kungani Kufanele Ngiye Emihlanganweni Eba SeHholo LoMbuso?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 4/12 kk. 20-22

Intsha Iyabuza

Kungani Kufanele Uye Emihlanganweni YobuKristu?

UYAYIJABULELA YINI IMIHLANGANO YOBUKRISTU?

YEBO → QHUBEKA WENZA KANJALO

CHA → YINI ONGAYENZA NGALOKHO?

IBHAYIBHELI liyala amaKristu ukuba ahlangane ndawonye ngenjongo yokukhulekela. (Hebheru 10:25) Kodwa kuthiwani uma ungakujabuleli ukuba semhlanganweni? Kuthiwani uma uzithola uphupha ngezinto obungase uzenze ukuba ubukwenye indawo? Yenza ushintsho ngokuzama ukusikisela okukodwa noma ngaphezulu kokusemakhasini alandelayo.

1. YIBA KHONA NJALO

UmBhalo oyisihluthulelo: “Abanye abantu sebewuyekile umkhuba wokuhlangana ukuze kukhulekelwe, kodwa akumelwe sikwenze lokho.”—Hebheru 10:25, Contemporary English Version.

Kungani ungafuna ukuba khona njalo entweni okubonakala ungayijabuleli? Kalula nje, ukuthi yilokho okuyokwenza ufunde ukuyithanda! Cabanga ngalokhu: Belingathuthuka kangakanani ikhono lakho emdlalweni—futhi ubungawujabulela kangakanani—ukube ubuziqeqesha kuphela uma nje kwenzekile? Kusebenza isimiso esifanayo nasemihlanganweni yobuKristu. Uma uba khona njalo, kuba yilapho ingokomoya lakho liqina khona. Lokho, kuyokwenza ufune ukuba khona nangokulandelayo!—Mathewu 5:3.

Amacebiso: Ngemva komhlangano ngamunye, tshela okungenani oyedwa obenenkulumo ukuthi yini oyithandile enkulumweni yakhe. Bhala phansi into eyodwa oyizuzile ngokuba khona emhlanganweni. Njengoba ukwaziswa okuningi emhlanganweni kumayelana nenkonzo yobuKristu, kwenze umgomo wakho ukuthuthukisa ikhono lokukhuluma nabanye ngokholo lwakho. Lokho kuyokwenza izinto okuxoxwa ngazo emihlanganweni zikuthinte kakhudlwana.

“Ngafundiswa ngisemncane ukuthi imihlangano akuyona into ongaya kuyo uma uthanda. Ngisho nalapho ngiseyingane, akukaze kwenzeke ukuba ngivele ngiphuthe nje. Lesi simo sengqondo ngisenaso ngisho namanje.”—UKelsey.

Isiphetho sendaba: Labo ababakhona njalo emihlanganweni bayijabulela ngokwengeziwe—futhi bazuza kakhulu kuyo!

2. LALELISISA

UmBhalo oyisihluthulelo: “Nakani indlela enilalela ngayo.”—Luka 8:18.

Abacwaningi bathi ekupheleni kosuku, isilaleli esivamile esithamele inkulumo sikhohlwa okungamaphesenti angu-60 alokho esikuzwile. Ukube imali yakho ibinyamalala ngokushesha okunjalo, ubungeke yini wenza okuthile ukuze ingakuphunyuki?

Amacebiso: Hlala nabazali bakho phambili, lapho ungeke waphazamiseka khona kalula. Bhala amaphuzu. Nakuba abantu bengafundi ngendlela efanayo, ukubhala amaphuzu kungakugcina ugxile esikhulumini—futhi ayokusiza lapho usubukeza.

“Ngangivame ukukuthola kunzima ukugxilisa ingqondo emihlanganweni, kodwa isimo sesithuthukile. Ngizama ukukhumbula ukuthi kungani ngilapho. Akuwona nje umkhuba, njengokuya esontweni. Ngiya emihlanganweni ukuze ngikhulekele futhi ngifunde, ngithole okuthile engingakusebenzisa ekuphileni kwami.”—UKathleen.

Isiphetho sendaba: Ukuya emhlanganweni kodwa ungalalelisisi kufana nokuya edilini kodwa ungadli.

3. YIBA NENGXENYE

UmBhalo oyisihluthulelo: “Abantu bafunda komunye nomunye, njengoba nensimbi ilola insimbi.”—IzAga 27:17, Good News Translation.

Njengosemusha, unendima ebalulekile emihlanganweni yebandla. Ungakudeleli ukubaluleka kokuba khona kwakho nokuba kwakho nengxenye, kungaba ngokunikeza izimpendulo engxenyeni yemibuzo nezimpendulo noma ngokuba nobudlelwane nokholwa nabo.

Amacebiso: Zenzele umgomo wokunikeza okungenani impendulo eyodwa engxenyeni enemibuzo nezimpendulo. Zenze utholakale lapho kuhlanzwa noma kweminye imisebenzi edinga ukwenziwa ngaphambi, phakathi noma ngemva komhlangano. Xoxa nothile ongajwayele ukuthola ithuba lokukhuluma naye.

“Lapho ngiseyibhobhodleyana, ngangihambisa imibhobho futhi ngihlela indawo yesikhulumi emihlanganweni. Leyo mithwalo yemfanelo yangenza ngazizwa ngidingeka futhi yayingikhuthaza ukuba ngiye emhlanganweni futhi ngifike ngesikhathi. Lokho kwangisiza ngazazisa ngokujulile izinto ezingokomoya.”—UMiles.

Isiphetho sendaba: Musa ukuvele uhlale nje—yenza okuthile! Ukuba nengxenye kuhlale kunomvuzo omkhulu kunokumane ube yisibukeli.

Izihloko ezengeziwe zesithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ethi www.watchtower.org/ype

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 21]

UYAMENYWA!

Ungathanda yini

● Ukufunda iqiniso ngoNkulunkulu?

● Ukuba umuntu ongcono?

● Ukuthola abangane abangcono?

Imihlangano yoFakazi BakaJehova ingakusiza wenze lezo zinto—kanye nokunye okuningi! Kabili ngesonto, oFakazi BakaJehova bayahlangana ukuze bakhulekele emaHholo abo oMbuso. Kungenwa mahhala futhi izivakashi zihlale zamukelekile.

Ungaphuthelwa! AmaHholo OMbuso awafani nanoma iliphi isonto oke waya kulo. Ezindaweni okuhlangana kuzo oFakazi BakaJehova, kugxilwa emfundweni yeBhayibheli futhi uyofunda ukuthi iZwi likaNkulunkulu lingakusiza kanjani ukuba ube nokuphila okungcono kakhulu!—Duteronomi 31:12; Isaya 48:17.

USai—Lapho ngiqala ukungena eHholo LoMbuso, ngamangazwa ukuthi kwakungekho zithombe, kungekho muntu ogqoke njengompristi futhi kungekho muntu ongitshela ukuthi ngikhiphe inkongozelo. Bonke bangamukela futhi ngazizwa ngiphephile. Okwakuxoxwa ngakho emhlanganweni kwakuqondakala kalula futhi kunengqondo. Leli kwakuyiqiniso engangilifuna!

UDeyanira—Ngangineminyaka engu-14 lapho ngiqala ukuya emhlanganweni woFakazi BakaJehova. Wonke umuntu wavele wangemukela zisuka nje. Kwabonakala sengathi kwakubalulekile kubo ukuba khona kwami futhi babenesithakazelo esiqotho ngempela kimi. Ngenxa yalokho okuhle okwenzeka lapho ngiqala ukuba khona, angibanga namahloni okubuyela!

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 22]

Thola ukuthi kuzoxoxwa ngani emhlanganweni webandla olandelayo. Khetha ingxenye eyodwa yesimiso oyithandayo . . . 

YISIKE BESE WENZA AMAKHOPHI

Gcwalisa lokhu okulandelayo

ngaphambi kokuya ngemva kokuba

emhlanganweni. leyo ngxenye seyenziwe.

Igama lengxenye: Engikufundile:

․․․․․ ․․․․․

⇩ ⇩

Engingathanda ukukwazi Engikuthandile

ngalesi sihloko: engingakutshela isikhulumi

ngengxenye yaso:

․․․․․ ․․․․

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela