Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/08 k. 18
  • Nansi I-coati Enelukuluku

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Nansi I-coati Enelukuluku
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2008
  • Izinyoni Ezimangalisayo ZeChibi LaseBogoria
    I-Phaphama!—1992
  • Ake Ubone Nansi Inyoni Enezinkophe
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 7/08 k. 18

Nansi I-coati Enelukuluku

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRAZIL

UZISHAYELWA umoya ehlathini lapho uthuka uzithela eqenjini lama-coati (isilwane esithi asifane negqalashu). Uthukile, uyazibuza ukuthi ingabe azokuhlasela yini. Khululeka! Nakuba bekulokhu kwaziwa ukuthi ama-coati ayabaluma abantu, lezi zilwanyana ezinelukuluku zifuna isikhwama osiphethe. Ama-coati ahlale efuna okuya ethunjini. Empeleni, adla cishe yonke into ayitholayo, kuhlanganise imiswenya, izibankwa, izicabucabu, amagundane, izithelo ngisho namaqanda ezinyoni.

Ama-coati ahlobene nama-raccoon, kodwa anomzimba nomsila omude kanye nekhala elide elithambile. Njengoba zinobude obungaba amasentimitha angu-66—kuhlanganise nomsila ocishe ube nobude obufanayo—lezi zilwane ezincelisayo zasemazweni ashisayo aseMelika zitholakala ngokuyinhloko kusukela eningizimu-ntshonalanga ye-United States kuya enyakatho ye-Argentina.

Izinsikazi zihamba ngamaqembu ezilwane ezingafinyelela kwezingu-20, kanti amaduna ahlala wodwa. Unyaka ngamunye ngenkathi yokukhwelana, iduna elilodwa lizihlanganisa neqembu lezinsikazi. Ngemva kwamasonto angu-7 kuya kwangu-8, izinsikazi ezimithi ziyalishiya iqembu ziyokwakha izidleke ezihlahleni. Insikazi ngayinye izala amazinyane amathathu noma amane. Cishe ngemva kwamasonto ayisithupha bezele, lab’ omama abasha—kanye namazinyane abo—babuyela eqenjini. Ama-coati amancane ayizibutubutwana ezinoboya.

Ama-coati ahlale ehogela umoya eqhwanda nasenhlabathini njengoba ehla enyuka emahlathini. Abalimi abawafuni neze, ngoba adala umonakalo emasimini ommbila nasemahhokweni ezinkukhu. Lapho ezingelwa, ama-coati ayakwazi ukuzivikela. Lezi zilwanyana ezihlakaniphile zibalekela ezidlekeni zazo ezisezihlahleni. Zinayo nenye indlela yokubaleka. Lapho zizwa ukuqhuma kwesibhamu noma umuntu eshaya izandla, ziyaziwisa zishaye sengathi zifile! Uma umzingeli esesondele ezozibamba, zivuka zidle phansi!

Ngokuzayo lapho uvakashela eBrazil, mhlawumbe uyohlangana neqembu lama-coati. Uma kuba njalo, ungethuki. Cishe ngeke akulimaze. Kodwa ayojabula kakhulu uma ungawaphonsela okuthile okumnandi!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela